Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Anazi Ukuthi Ukuphila Kwenu Kuyoba Yini Kusasa”

“Anazi Ukuthi Ukuphila Kwenu Kuyoba Yini Kusasa”

Indaba Yokuphila

“Anazi Ukuthi Ukuphila Kwenu Kuyoba Yini Kusasa”

NJENGOBA ILANDISWA NGUHERBERT JENNINGS

“Ngangiphindela ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society laseGhana ngisuka edolobheni laseTema elinechweba, ngase ngima ngigibelisa insizwa eyayiya edolobheni. Ngasebenzisa leli thuba ukuze ngishumayele kuyo. Ngangicabanga ukuthi ngiza kahle kakhulu! Nokho, lapho sifika lapho le nsizwa yayiya khona, yagxuma yaphuma evenini yathathela ngejubane.”

LESI senzakalo sanginika inkomba yokuthi kukhona okungavamile okwakwenzeka ekuphileni kwami. Ngaphambi kokuba ngikuxoxele okwenzeka, ake ngikuxoxele ukuthi kwenzeka kanjani ukuba ngibe seGhana ngibe ngingowaseCanada.

Kwakuphakathi no-December 1949 ngaphandle nje kwedolobha enyakatho yeToronto, eCanada. Sasisanda kuqeda ukumba umgodi ocishe ube yimitha ukujula eqhweni ukuze sifake amanzi endlini entsha. Ligodola futhi likhathele, iqembu lethu laququbala emlilweni wamapulangwe ayizinsalela, silinde ukulandwa yiloli. Kungalindele muntu, u-Arnold Lorton, esinye sezisebenzi, waqala ukukhuluma ‘ngezimpi namahemuhemu ezimpi’ ‘nokuphela kwaleli zwe,’ nokusho ezinye izinkulumo engangingazazi nhlobo. Kwathi cwaká ngokushesha, wonke umuntu waba namahloni futhi abanye bamhilizisa imbala. Ngikhumbula ngicabanga ukuthi, ‘Lo muntu unesibindi bo! Akekho ofuna ukulalela, kodwa yena uyaqhubeka.’ Kodwa lokho ayekusho kwangihlaba umxhwele. Kwakusadlule iminyaka embalwa kuphelé iMpi Yezwe II, futhi ngangingakaze ngizwe izinto ezinjena enkolweni yaseChristadelphia okwase kunezizukulwane eziningana zomndeni wakithi ezisonta kuyo. Ngalalelisisa, ngithathwé yizincazelo zakhe.

Akubangaphi, ngaya ku-Arnold ngifuna ulwazi olwengeziwe. Uma sengicabanga ngako manje, ngiyabona ukuthi yena nomkakhe, uJean, babengibekezelela kangakanani, ngiyibhungu elineminyaka engu-19 ubudala elingazi lutho olutheni. Ngangivamile ukufika ngingashongo futhi ngingamenywanga emzini wabo ngizoxoxa nabo. Bangifaka emgqeni futhi bangisiza ukuba ngilungise izindinganiso nezimiso zokuziphatha ezingqubuzanayo ezaziyaluzisa ingqondo yami esencane. Ngemva kwezinyanga eziyishumi kubé naleya ngxoxo yokuqala emlilweni, ngabhapathizwa ngo-October 22, 1950, njengomunye woFakazi BakaJehova futhi ngahlanganyela neBandla LaseWillowdale eNorth York, manje eyingxenye yeToronto.

Ukuthuthuka Nabakhulekeli Esasikanye Nabo

Ukuphila kwasekhaya kwaya kuba muncu lapho ubaba ebona ukuthi ngizimisele ukuqhubeka nenkolo yami engangisanda kuyithola. Ubaba wayesanda kuhileleka engozini yemoto eyayibangelwe umshayeli odakiwe futhi ngenxa yalokho wayevame ukuba umuntu ongenamusa. Ukuphila kwakunzima kumama, abafowethu ababili nodadewethu ababili. Ukunganambithisisani ngenxa yeqiniso leBhayibheli kwakhula. Ngakho ngakubona kuwukuhlakanipha ukuba ngihambe ekhaya ukuze ngigcine ukuthula nabazali bami futhi nami ngigxile ‘endleleni yeqiniso.’—2 Petru 2:2.

Ngasekupheleni kwehlobo lika-1951, ngazinza ebandleni elincane eColeman, e-Alberta. Izinsizwa ezimbili, uRoss Hunt noKeith Robbins, zazimatasa ekushumayeleni obala isikhathi esigcwele, okwaziwa ngokuthi ubuphayona obuvamile. Zangisiza ngokungiqondisa kuleyo nkonzo yokuzithandela. Ngo-March 1, 1952, ngaqala ukuba yisikhonzi esiyiphayona elivamile.

Ngithinteka inhliziyo uma ngikhumbula isikhuthazo engasithola. Kwakunezinto eziningi okwakufanele ngizifunde, futhi lapha kwakunjengasenkundleni yokuzivivinya kimi. Kamuva, ngemva kokuba senkonzweni yokuphayona isikhathi esingaba unyaka eBandleni LaseLethbridge, e-Alberta, ngathola isimemo esingalindelekile sokukhonza njengombonisi ojikelezayo. Ngangizokhonza amabandla oFakazi BakaJehova agudle ugu olusempumalanga eCanada ukusuka eMoncton, eNew Brunswick, kuyoshaya eGaspé, eQuebec.

Njengoba ngangineminyaka engu-24 kuphela ubudala futhi ngisemusha emaqinisweni ngokuqhathaniswa, ngangizizwa ngingafaneleki neze, ikakhulu lapho ngibheka oFakazi abavuthiwe okwakufanele ngibakhonze. Ezinyangeni eziningana ezalandela ngenza umzamo oqotho. Kwabe sekwenzeka okunye futhi engangingakulindele.

ISikole SaseGileyadi Nokuya EGold Coast

Ngo-September 1955, ngamenywa kanye nabanye abafundi abangaba yikhulu ukuba ngiye ekilasini lama-26 le-Watchtower Bible School of Gilead eSouth Lansing, eNew York. Ngangikudinga ngempela ukuqeqeshwa nokutadisha okunzulu izinyanga ezinhlanu. Ukuba neqembu elizimisele kakhulu kangaka kwaqinisa intshiseko yami. Phakathi nalesi sikhathi, kwenzeka enye into eye yacebisa ukuphila kwami kuze kube namuhla.

Kwakunodade othile osemusha, u-Aileen Stubbs, phakathi kwabafundi ababezilungiselela umsebenzi wezithunywa zevangeli. U-Aileen ngambona engumuntu ozinzile, othatha izinto njengoba zinjalo kodwa ebe engazithathi kalula, othobekile noweneme. Ngicabanga ukuthi ngamethusa lapho ngizibika ngobubhimbi kuye. Nokho, akaziqhathululanga! Savumelana ngokuthi u-Aileen wayezoya esabelweni sakhe sezithunywa zevangeli eCosta Rica, mina ngiye kwesami eGold Coast (manje eyiGhana), eNtshonalanga Afrika.

Ekuseni ngolunye usuku ngo-May 1956, ngazithola ngisehhovisi likaMfoweth’ uNathan Knorr elisesitezi seshumi eBrooklyn, eNew York. Ngaleso sikhathi wayengumongameli we-Watch Tower Society. Wayengabela ukwengamela umsebenzi wokushumayela njengenceku yegatsha eGold Coast, eTogoland (esiyiTogo), e-Ivory Coast (esiyiCôte d’Ivoire), e-Upper Volta (esiyiBurkina Faso) naseGambia.

Amazwi oMfoweth’ uKnorr ngiwakhumbula sengathi ubewasho zolo lokhu. Wathi: “Akudingekile uqale zisuka nje. Zinike isikhathi; ufunde kubazalwane asebenokuhlangenwe nakho khona. Kuyothi uma usuzizwa usukulungele, uqale-ke ukukhonza njengenceku yegatsha. . . . Nansi incwadi yokutuswa kwakho. Ngemva kwezinsuku ezingu-7 ufikile, kufanele uqale.”

‘Izinsuku ezingu-7 nje kuphela,’ ngicabanga. ‘Ingani ubethé “zinike isikhathi”!’ Ngaphuma lapho ngiphambene ikhanda.

Izinsuku ezimbalwa ezalandela zadlula ngokuphazima kweso. Kungakabiphi ngase ngisemkhunjini wezimpahla kuyi-East River ngidlula amahhovisi eNhlangano aseBrooklyn, ngiqala uhambo lomkhumbi olwaluzothatha izinsuku ezingu-21 oluya eGold Coast.

Sasibhalelana njalo no-Aileen. Saphinde sabonana ngo-1958 sase sishada ngo-August 23 walowo nyaka. Ngimbonga njalo uJehova ngomngane omangalisa njengo-Aileen.

Ngalazisa ilungelo lokukhonza nezithunywa zevangeli esasikanye nazo nabafowethu nodadewethu base-Afrika iminyaka engu-19 ehhovisi legatsha leNhlangano. Umkhaya waseBethel wanda usuka edlanzaneni nje uya kwabangaba ngu-25 phakathi naleso sikhathi. Lezo zinsuku zazinezinselele, izigigaba nezithelo kithi. Nokho, kumelwe ngilimise ngesihloko. Mina ngokwami, ngangikuthola kuyinselele enkulu ukushisa nokuswakama. Ngangizibona ngihlale ngijuluka, nginamfuka, futhi ngezinye izikhathi ngihluthuka ngokushesha. Nokho, kwakujabulisa ngempela ukukhonza, njengoba amanani ethu eGhana anda ukusuka kubamemezeli boMbuso abangaphezudlwana kuka-6 000 ngo-1956 kuya kwabangu-21 000 ngo-1975. Futhi kwanelisa isibili ukubona oFakazi abangaphezu kuka-60 000 abamatasa kulelo zwe manje.

‘Ikusasa’ Esasingalilindele

Cishe ngo-1970, ngaqala ukuba nenkinga yempilo okwaba nzima kakhulu ukuthola ukuthi iyini. Ngangihlolwa ngokuphelele, bese ngitshelwa ukuthi ‘ngiphila saká.’ Pho kungani ngangihlale ngizizwa ngingemnandi, ngitubekile futhi ngingahlaliseki? Izinto ezimbili zanginika impendulo, futhi zangethusa lapho zenzeka. Ngempela, njengoba uJakobe abhala: “Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.”—Jakobe 4:14.

Uphawu lokuqala kwaba yisenzakalo sensizwa engangiyishumayeza lapho ngiyigibelisile siya edolobheni. Ngangingaqaphele ukuthi ngangithemeleza ngingayeki, ngiya ngikhuluma ngokushesha nangomdlandla nakakhulu. Lapho sifika lapho le nsizwa eyayiya khona, ngamangala lapho igxuma iphuma evenini ithathela ngejubane. Ngokwemvelo, iningi labantu baseGhana linomoya ophansi, lizolile futhi alihluthuki kalula. Indlela le nsizwa eyasabela ngayo yavele yaxaka. Ngahlala lapho ngacabanga. Ngabona ukuthi nginenkinga. Ukuthi kwakuyini, angazanga. Kodwa yona inkinga nakanjani nganginayo.

Okwesibili, ngemva kwengxoxo yokuzihlolisisa ngokujulile, u-Aileen wasikisela: “Uma le nkinga ingeyona engokomzimba, kusho ukuthi ingokwengqondo.” Ngakho ngabhala ngokucophelela zonke izimpawu enganginazo ngase ngiya kudokotela wezifo zengqondo. Lapho ngimfundela uhlu lwami, waphendula wathi: “Yisimo esivamile lesi. Unesifo sengqondo semizwa eguquguqukayo.”

Ngathi khimililí! Lapho ngizabalaza eminyakeni eyalandela, isimo sami saya siba sibi nakakhulu. Ngafunana nekhambi. Kodwa kwakungekho muntu owayazi ukuthi kufanele ngenze njani ngempela. Yeka indlela lo mzabalazo owawukhungathekisa ngayo!

Selokhu kwathi nhló kwakuwumgomo wethu ukubambelela elungelweni lenkonzo yesikhathi esigcwele ekuphileni kwethu, futhi kwakunokuningi okwakudinga ukwenziwa. Ngathandaza kaningi ngentshiseko nangokusuka enhliziyweni: “Jehova, uma uthanda, ‘ngizophila futhi ngenze lokhu.’” (Jakobe 4:15) Kodwa akwenzekanga. Ngakho, sabhekana namaqiniso, sahlela ukuhamba eGhana sishiye abangane bethu abaningi abaseduze sibuyele eCanada ngo-June 1975.

UJehova Unikeza Usizo Ngabantu Bakhe

Ngokushesha ngaqaphela ukuthi izinto zingaqhubeka ngaphandle kwami, futhi inkinga enganginayo yayingaqali ngami. Amazwi eyoku-1 Petru 5:9 angikhanyela ngokunye: “[Yazini] ukuthi izinto ezifanayo eziyizinhlupheko ziyafezwa kuyo yonke inhlangano yabafowenu ezweni.” Lapho sengikuqonda lokhu, ngaqala ukubona indlela uJehova ayesisekela ngayo ngempela sobabili naphezu kwalolu shintsho esasingalufuni. Yeka ukuthi ‘inhlangano yabafowethu’ yasisiza kahle kanjani ngezindlela eziningi!

Nakuba sasingenalutho olutheni ngokwezinto ezibonakalayo, uJehova akasishiyanga. Washukumisa abangane bethu baseGhana ukuba basisize ngokwezinto ezibonakalayo nangezinye izindlela. Sinemizwa ejulile engqubuzanayo, sabashiya labo esase sibakhonzile, sabhekana naleli “kusasa” elalingalindelekile.

Udadewabo ka-Aileen, uLenora, nomyeni wakhe, u-Alvin Friesen basikhoselisa ngomusa emzini wabo futhi banakekela izidingo zethu izinyanga eziningana. Udokotela oqavile wezifo zengqondo wabikezela ngokuqiniseka: “Uzovuka qingqó ngezinyanga eziyisithupha.” Mhlawumbe lokho wayekusholo ukunginika ithemba, kodwa lokho ayekushilo akufezekanga nangemva kweminyaka eyisithupha. Kuze kube namuhla, ngisabhekene nalokho osekuhlonishiswa ngokuthi ukuphazamiseka kokuzizwa ngendlela eguquguqukayo (bipolar mood disorder). Kona kuyigama elinesizotha, kodwa njengoba abanaso bazi kahle, igama elingconywana alizidambisi neze izimpawu ezikhungathekisayo zalesi sifo.

Ngaleso sikhathi, kwase kumbambile kakade uMfoweth’ uKnorr ukugula okwagcina kuholele ekushoneni kwakhe ngo-June ka-1977. Yize kunjalo, wayeba naso isikhathi namandla okungibhalela izincwadi ezinde ezikhuthazayo, ezinamazwi aduduzayo nayiseluleko. Ngisazazisa lezo zincwadi. Amazwi akhe enza lukhulu ekunciphiseni imizwa engafanele yokuba yisehluleki eyayilokhu ingifikela.

Ekupheleni kuka-1975, kwadingeka siwadedele amalungelo ethu ayigugu enkonzo yesikhathi esigcwele futhi sigxile ekuthuthukiseni impilo yami. Ukukhanya okuvamile kwasemini kwakuhlaba kabuhlungu emehlweni. Imisindo ezumayo yayiduma njengesibhamu endlebeni. Ukuphithizela kwezixuku kwakungehlula. Kwaba umzabalazo wangempela ngisho nokuya emihlanganweni yobuKristu. Nokho, ngangiqiniseka ngokugcwele ngokubaluleka kobudlelwane obungokomoya. Ukuze ngibhekane nesimo, ngangivame ukungena eHholo LoMbuso ngemva kokuba isixuku sizinzile bese ngihamba ngaphambi nje kokuba siqale ukuyaluza ngemva kwesimiso.

Ukuhlanganyela enkonzweni yasobala kwaba enye inselele. Ngezinye izikhathi, kwakuthi sengifikile emzini othile, kumane kungavumi ngingqongqoze. Nokho, ngangingaliphonsi ithawula ngoba ngangiqaphela ukuthi inkonzo yethu isho insindiso kithi nakunoma yibaphi abasabela kahle. (1 Thimothewu 4:16) Ngemva kwesikhashana, ngangikwazi ukulawula imizwelo yami, ngiye emzini olandelayo, ngiphinde ngizame. Ngokuqhubeka ngihlanganyela enkonzweni, ngazigcina ngiphilile ngokomoya ngokusesilinganisweni, futhi lokho kwangenza ngabhekana kangcono nesimo.

Ngenxa yokungelapheki kokuphazamiseka kokuzizwa ngendlela eguquguqukayo, ngiye ngaqaphela ukuthi cishe ngiyolokhu nginaso lesi sifo kulesi simiso sezinto. Ngo-1981 kwaphuma uchungechunge lwezihloko ezinhle kakhulu kuyi-Phaphama! * Ngosizo lwazo, ngaqala ukukuqonda kangcono loku kugula nokufunda amasu aphumelela kakhudlwana okubhekana nako.

Ukufunda Ukubhekana Nesimo

Konke lokhu kuye kwadinga ukuba umkami azidele futhi alungise okuthile. Uma ungumnakekeli wothile futhi usesimweni esifanayo, cishe uzokwazisa lokho umkami akuphawulayo:

“Ukuphazamiseka kwemizwa eguquguqukayo kuba sengathi kushintsha umuntu ngokuzumayo. Ngamahora ambalwa, angashintsha ekubeni umuntu onomdlandla, okhuthazayo nonamasu nemibono emisha, abe umuntu okhathele, ogxekayo nothukuthele imbala. Uma kungaqashelwa njengokugula, kungadala imizwa yokucasuka nokudideka kwabanye. Kusobala ukuthi kudingeka kushintshwe izinto ezihleliwe ngokushesha, futhi kuqalwe ukulwa nemizwa yokudumala noma ukungafunwa.”

Lapho ngizizwa ngiphatheke kahle ngendlela engavamile, ngifikelwa ukwesaba. Ngiyazazela ukuthi ngemva kokwenama kulandela ukuba lusizi. Kimina kungcono ukuba lusizi kunokwenama ngoba ukuba lusizi kungenza ngingahambi okwezinsuku ezithile, futhi cishe ngeke ngihileleke entweni engafanele. U-Aileen usiza kakhulu ngokungixwayisa ukuba ngingesasi kakhulu nangokungiduduza futhi angisekele lapho ngikhungathwa yimizwa yosizi.

Kunengozi yangempela yokuzinaka wena wedwa, ungabashayi mkhuba abanye lapho lesi sifo sivuke ngamandla. Umuntu angazihlukanisa ngokuphelele nabanye lapho ecindezelekile noma angayiqapheli imizwa yabanye nendlela abasabela ngayo lapho kufiké ukwenama. Esikhathini esidlule kwakunzima kimi ukwamukela ubufakazi bokuthi nginenkinga engokwengqondo nengokomzwelo. Kwakudingeka ngilwe nomcabango wokuthi inkinga ikokuthile okungaphandle, njengomsebenzi ongaphumeleli noma omunye umuntu. Kuye kwadingeka ngizikhumbuze kaningi ukuthi, ‘Akukho lutho olushintshile ezimweni zami. Inkinga ingaphakathi, hhayi ngaphandle.’ Kancane kancane, ukucabanga kwami kuye kwalungiseka.

Phakathi neminyaka edlule, sobabili siye safunda ukungafihli nokwethembeka kithi ngokwethu nakwabanye mayelana nesimo sami. Sizama ukuhlala sinombono oqhakazile, singavumeli lesi sifo ukuba sibuse ukuphila kwethu.

‘Ikusasa’ Elingcono

Ngemithandazo yentshiseko nokushikashikeka okuningi, siye sazuza esibusisweni nasekusekeleni kukaJehova. Sobabili sesikhulile manje. Nginakekelwa njalo ngokwempilo ngithole nemithi esesilinganisweni kodwa ephuzwa njalo, futhi impilo yami izinzile ngokwezinga elithile. Sazisa noma yimaphi amalungelo enkonzo esingaba nawo. Ngisaqhubeka ngikhonza njengomdala ebandleni. Ngaso sonke isikhathi sizama ukusekela abanye okholweni.

Yiqiniso, njengoba uJakobe 4:14 esho: “Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.” Lokho kuyoba njalo uma nje lesi simiso sezinto sisekhona. Nokho, amazwi kaJakobe 1:12 nawo ayiqiniso: “Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila, uJehova awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda.” Kwangathi sonke singama siqinile namuhla futhi sibone izibusiso zekusasa uJehova azithembisayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 35 Bheka izihloko zesiNgisi ezithi “Ungabhekana Nokuphila,” kuyi-Phaphama! ka-August 8, 1981; “Ungalwa Nokucindezeleka,” kweka-September 8, 1981 nesithi “Ukulwa Nokucindezeleka Okukhulu,” kweka-October 22, 1981.

[Isithombe ekhasini 26]

Ngijabulela ukuba ngedwa e-“studio” sami sezobuciko

[Isithombe ekhasini 26]

Nginomkami, u-Aileen

[Isithombe ekhasini 28]

SiseMhlanganweni “Wezindaba Ezinhle Zaphakade” owawuseTema, eGhana, ngo-1963