Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli—Incwadi Okungaphilwa Ngayo

IBhayibheli—Incwadi Okungaphilwa Ngayo

IBhayibheli—Incwadi Okungaphilwa Ngayo

“IZWI likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili . . . futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Heberu 4:12) Incazelo yalokho okungafezwa yiZwi likaNkulunkulu ngempela kubonisa ukuthi iBhayibheli lingaphezu nje kokuba incwadi enhle.

“Isigijimi salo sibaluleke njengokuphefumula ekuphileni kwethu,” wakubeka ngamafuphi kanjalo omunye umbhali wenkolo. Wabe esenezela: “Uma ucabangela isifiso nesidingo sethu sokuphulukiswa namuhla bese ufunda iBhayibheli unalowo mbono, kulandela imiphumela emangalisayo.” Njengesibani esikhanya bhá, iBhayibheli lixazulula imibuzo nezinkinga eziningi zokuphila zosuku lwanamuhla.—IHubo 119:105.

Ngempela, ukuhlakanipha okuvezwa eBhayibhelini kunamandla okulolonga ukucabanga kwethu, kusisize sixazulule izinkinga, kuthuthukise izinga lokuphila kwethu futhi kusihlomise ngamakhono okubhekana nezimo esingenakuzishintsha. Ngaphezu kwakho konke, iBhayibheli lisisiza ukuba sazi futhi sithande uNkulunkulu.

Incwadi Enikeza Injongo

UMlobi weBhayibheli, uJehova uNkulunkulu, ‘wazana nezindlela zonke zethu.’ Wazi kangcono ngezidingo zethu ezingokwenyama, ezingokomzwelo nezingokomoya ngaphezu kwethu. (IHubo 139:1-3) Ngokusicabangela, ubeka imingcele ecacile yokuziphatha kwesintu. (Mika 6:8) Kunengqondo ukufuna ukuqonda leyo mingcele neziqondiso bese sifunda ukuphila ngayo. Uyajabula umuntu “okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova,” kusho umhubi. “Konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.” (IHubo 1:1-3) Ithemba elinjalo liyakufanelekela ngempela ukuhlolwa.

UMaurice, uthisha osethathe umhlala-phansi, wayelokhu ekholelwa ukuthi iBhayibheli linobugugu bomlando nokulotshwa kwalo. Nokho, wayekungabaza ukuphefumulelwa kwalo ngokwaphezulu. Ngemva kokulalela incazelo yokuthi kungani uNkulunkulu anikeza isintu iZwi lakhe elibhaliwe, uMaurice wahlola iziprofetho zeBhayibheli ezihlukahlukene. Lapho eseyinsizwa, wayefunde umlando wasendulo, izincwadi zezinkondlo, isayensi nokuma kwezwe. Uyavuma ukuthi wayezibona ehlakaniphe kakhulu ukuba aqaphele izibonelo eziningi ezisekela ubuqiniso beBhayibheli. “Ngangibanjwe ukusukela utalagu lokufuna ukunethezeka, ingcebo nezinjabulo zokuphila. Okubuhlungu ukuthi ngahlala ngingazi lutho futhi ngingenalwazi ngobuhle neqiniso lencwadi enkulu kunazo zonke eyake yabhalwa.”

Manje uMaurice oseminyakeni yawo-70, enanela indaba kaJesu lapho ebonakala kuTomase, ngokukhulu ukwazisa uthi: “Isandla sami siye safakwa ‘enxebeni elophayo’ eliyokususa phakade engqondweni yami ukungabaza kwami ubuqiniso beBhayibheli.” (Johane 20:24-29) Njengoba umphostoli uPawulu asho kufanele, iBhayibheli lembula izisusa zenhliziyo, futhi linikeza injongo ekuphileni. Ngempela liyincwadi okungaphilwa ngayo.

Ukuletha Ukusimama Ekuphileni Okukhathazekile

IBhayibheli liphinde linikeze iseluleko esisiza abantu ukuba bayeke imikhuba emibi. UDaniel wakwazi ukunqoba umkhuba ongcolile wokubhema, kuhlanganise nokuhamba imibuthano exokozelayo kanye nokusebenzisa kabi uphuzo oludakayo. (Roma 13:13; 2 Korinte 7:1; Galathiya 5:19-21) Kuyiqiniso ukuthi ukusiphula imikhuba emibi kanjalo nokugqoka “ubuntu obusha” kudinga umzamo wokuzimisela. (Efesu 4:22-24) UDaniel uthi: “Kwakuyinselele ngoba asiphelele.” Nokho, waphumelela. Manje uDaniel ufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, futhi limgcina esondelene noJehova.

Lapho esakhula, uDaniel wayelihlonipha kakhulu iBhayibheli—nakuba ayengakaze alifunde—futhi wayethandaza kuNkulunkulu njalo ebusuku. Nokho, kukhona okwakuntuleka. Wayengajabule. Ushintsho lwenzeka lapho ebona igama likaNkulunkulu ngokokuqala ngqá eBhayibhelini. (Eksodusi 6:3; IHubo 83:18) Kusukela lapho, wasebenzisa igama elithi Jehova lapho ethandaza, futhi imithandazo yakhe yaba nengqondo kakhudlwana. “UJehova waba ngumngane wami oseduze kakhulu, futhi usenguye.”

Ngaphambi kokufunda iBhayibheli, umbono kaDaniel ngekusasa wawulufifi. Uthi: “Akudingeke buhlakani obutheni ukuze ubone ukuthi kwenzekani emhlabeni. Ngangesaba, futhi ngazama ukuzigcina ngimatasa ukuze ngikukhiphe engqondweni.” Wabe esezwa ukuthi uNkulunkulu uzoletha ubulungisa emhlabeni ohlanziwe, lapho isintu esilalelayo singajabulela khona ukuthula nenjabulo yaphakade. (IHubo 37:10, 11; Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:3, 4) UDaniel manje unethemba eliqinisekile. Leli thonya leBhayibheli eliletha ukuthula limsiza ukuba akwazi ukulondoloza umbono oqondile ekuphileni.

Usizo Ekunqobeni Izinkinga Ezingokomzwelo

UGeorge wayeneminyaka engu-7 lapho unina eshona. Wayekwesaba ukulala ebusuku, engazi noma uzovuka yini ngakusasa. Wabe esefunda lokho uJesu akusho ngokufa novuko: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [likaJesu] baphume.” Wathintwa futhi amazwi kaJesu: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.” (Johane 5:28, 29; 11:25) Le micabango yezwakala inengqondo futhi iduduza. Uthi: “Leli qiniso alikhangi nje ingqondo, kodwa lithinta nenhliziyo.”

UDaniel okukhulunywe ngaye ekuqaleni, naye wayesaba. Unina wahluleka ukumkhulisa eyedwa, ngakho wayiswa emikhayeni eminingi yokutholwa. Wayezizwa ekhishwe inyumbazane futhi efisa ukulondeka nokuba ilungu lomkhaya onothando. Ekugcineni wakuthola lokho ayekufuna ngesifundo seBhayibheli. UDaniel wazihlanganisa nebandla lobuKristu loFakazi BakaJehova futhi waba yingxenye yomkhaya ongokomoya, lapho athola khona umuzwa wokwamukeleka nokuthandwa ngabanye. Ngempela, iBhayibheli lizuzisa ngokoqobo futhi liyindlela yokwaneliseka ngokomzwelo.

Khumbula ukuthi uJehova ubona okusezinhliziyweni zethu futhi uyazi ukuthi sifunani. UNkulunkulu “ulinganisa izinhliziyo,” futhi ‘unika yilowo nalowo njengezindlela zakhe.’—IzAga 21:2; Jeremiya 17:10.

Iseluleko Esisebenzayo Ekuphileni Komkhaya

IBhayibheli linikeza iseluleko esisebenzayo lapho kuziwa ezindabeni zokusebenzelana kwabantu. UGeorge uthi: “Ukungezwani nokungaqondani kobuntu kuphakathi kwezimo ezicindezela kakhulu ekuphileni.” Ubhekana kanjani nako? “Uma nginomuzwa wokuthi othile unenxa nami, ngisebenzisa iseluleko esingagwegwesi kuMathewu 5:23, 24: “Yenza ukuthula nomfowenu.” Iqiniso elisobala lokuthi ngingaxoxa ngokungezwani liveza imiphumela. Ngingakuzwa ukuthula kukaNkulunkulu iBhayibheli elikhuluma ngako. Siyasebenza ngempela.”—Filipi 4:6, 7.

Lapho indoda nomkayo bengavumelani, bobabili badinga ‘ukushesha ngokuphathelene nokuzwa, bephuze ngokuphathelene nokukhuluma, bephuze ngokuphathelene nolaka.’ (Jakobe 1:19) Iseluleko esinjalo sithuthukisa ukukhulumisana. UGeorge uyanezela: “Lapho ngisebenzisa iseluleko sokuthanda nokuphatha umkami njengoba ngenza kimina, ngithola imiphumela esheshayo. Kulula ngaye ukungihlonipha.” (Efesu 5:28-33) Yebo, iBhayibheli lisifundisa indlela yokuvuma nokubhekana nokungapheleli kwethu nokuthi singaphumelela kanjani ekubhekaneni nokwabanye.

Iseluleko Esihlala Njalo

Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” (IzAga 3:5, 6) Awalukhuni la mazwi, kodwa yeka ukujula kwawo!

IBhayibheli liyithonya lokuhle. Lisiza abathandi bakaNkulunkulu ukuba bavumelanise ukuphila kwabo nentando yakhe bathole nenjabulo ‘ngokuhamba ngemithetho kaJehova.’ (IHubo 119:1) Kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu ziyini, iBhayibheli liqukethe isiqondiso neseluleko esisidingayo. (Isaya 48:17, 18) Lifunde nsuku zonke, zindla ngalokho okufundayo, ukusebenzise. Kuyogcina ingqondo yakho ivulekile futhi igxile ezintweni ezihlanzekile futhi ezinhle. (Filipi 4:8, 9) Ngeke ufunde nje kuphela ngendlela yokuphila nokukujabulela, kodwa nendlela yokuthanda uMdali wokuphila.

Ngokulandela inkambo enjalo, iBhayibheli liyoba ngaphezu kokumane libe incwadi enhle nje njengoba liye laba njalo kwabanye abayizigidi. Liyoba yincwadi ongaphila ngayo!

[Isithombe ekhasini 6]

IBhayibheli lingaqinisa ukuzimisela kwakho ukunqoba imikhuba elimazayo

[Isithombe ekhasini 7]

IBhayibheli likufundisa indlela yokusondelana noNkulunkulu