Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ongabakha Ngayo Abangane

Indlela Ongabakha Ngayo Abangane

Indlela Ongabakha Ngayo Abangane

“UKUBA NOMNGANE OYEDWA EKUPHILENI KONKE KUYINTO ENKULU; ABABILI BANINGI; UKUBA NABATHATHU CISHE AKWENZEKI.”—UHenry Brooks Adams.

AMAZWI anjalo asikisela ukuthi abangane beqiniso bayivelakancane. Amazwi anjengokuthi “Anginamuntu engingakhalela kuye,” “Angithembi muntu,” noma “Inja yami nguyena mngane wami omkhulu” avame kakhulu ukuzwakala kubantu abanesizungu esikhulu abafuna ubungane.

Ukwakha nokulondoloza ubungane obuhlala njalo kuyinselele. Ucwaningo oluthile lwembula ukuthi “e-United States amaphesenti angu-25 abantu abadala ‘anesizungu esingapheli’ futhi . . . eFrance isigamu sabantu sike saba nesizungu esikhulu.” Ukwanda kwamaqembu okuphola, izingosi zengevu kuyi-computer nezikhangiso zamaphephandaba zalabo abafuna abangane kubonisa ukuthi abantu bakunxanele ukusondelana nabanye abantu.

UDkt. David Weeks, oyisazi sezinzwa zengqondo, uthi isizungu asithinti nje kuphela isimo sengqondo somuntu kodwa futhi nempilo yakhe engokomzimba. “Ngineziguli eziningi kakhulu ezikhathazwa ukwesaba nokucindezeleka ezingase zichazwe ngokuthi zinesizungu. Kunokuhlobana phakathi kobukhulu bokucindezeleka nobukhulu besizungu.”

Isehlukaniso nokuwohloka kokuphila komkhaya kwenza abantu abengeziwe bahlale ngabodwa. Ukuhlola okwenziwa eBrithani kwaphetha ngokuthi ekuqaleni kwekhulu lama-21, kuyobe kunabantu abangaba ngamaphesenti angu-30 alelo zwe abayobe besemakhaya anomuntu ohlala yedwa.

ImiBhalo ephefumulelwe yabikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina” kuyokwanda umoya wobugovu. (2 Thimothewu 3:1-5) Kubonakala sengathi abaningi banesithakazelo kakhulu ezintweni ezibonakalayo, njengendlu noma imoto, noma emisebenzini yabo kunasekuhlakuleleni ubuhlobo nabanye abantu. Umlobi u-Anthony Storr uyaphawula: “Kunokuba kugxile kumlingane wabo womshado nasezinganeni zabo, ukuphila kwabo kugxile ehhovisi.”

ABANGANE BEQINISO BAYIGUGU KAKHULU

Isimo sokuphila kwakho sixhomeke kakhulu esimweni sobungane bakho nabanye. Ngokuvamile labo abaziphilela bona abajabuli ngoba abanamngane abangahlanganyela naye izinto zabo noma imicabango yabo. Ayiqiniso amazwi kaJesu Kristu athi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Inanela leli qiniso, imbongi eyiNgisi uGeorge Byron yabhala: “Wonke umuntu othola injabulo kumelwe ayihlanganyele nabanye.”

Uyini umngane? Isichazamazwi esithile sithi umngane “umuntu osondelene nomunye ngenxa yokumthanda noma ukumazisa.” Umngane weqiniso angakusiza ekuqondiseni imicabango yakho ezintweni ezinhle. Angakukhuthaza futhi akwakhe lapho ukudinga. Angahlanganyela ngisho nosizi lwakho. INkosi uSolomoni yathi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17, NW) Nakuba ngokuvamile inani lezinto ezibonakalayo lincipha ngokuhamba kwesikhathi, ubungane beqiniso buyakhula futhi buchume njengoba isikhathi sihamba.

ImiBhalo iyala amaKristu ukuba ‘anuleke’ othandweni lwawo. (2 Korinte 6:13) Kuwukuhlakanipha ukuzama ukwakha ubungane nabanye. KumShumayeli 11:1, 2, siyafunda: “Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi. Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili, ngokuba awukwazi okubi okuyakuba semhlabeni.” Lesi simiso sisebenza kanjani ebunganeni? Uma uye wahlakulela ubungane nabantu abaningi, abanye babo bangase bakusize lapho kuvela izinkinga.

Abangane beqiniso bayisivikelo kuwe nangenye indlela. IzAga 27:6 zithi: “Amanxeba othandayo athembekile.” Nakuba abantu abaningi bengase bakutuse, abangane beqiniso yibo kuphela abayokwazisa ngokwanele ukuba bakubonise iphutha elikhulu futhi bakunikeze iseluleko esakhayo ngendlela enothando.—IzAga 28:23.

Abangane abahle nabaseduze baphakathi kwezipho eziyivelakancane ezingaba nethonya elihle kuwe. KuzEnzo isahluko 10, sifunda ngesenzakalo esenzeka esikhulwini sebutho saseRoma uKorneliyu, esasaziswe yingelosi ukuthi imithandazo yaso yayizwiwe. Elindele ukuvakasha komphostoli uPetru, uKorneliyu ‘wabizela ndawonye izihlobo zakhe nabangane abaseduze.’ Labo bangane bakaKorneliyu abaseduze baba phakathi kwabokuqala babeZizwe abangasokile abamukela izindaba ezinhle futhi bagcotshwa ngomoya ongcwele, baba nethemba lokubusa noKristu eMbusweni kaNkulunkulu. Yeka isibusiso okwakuyiso kubangane bakaKorneliyu abaseduze!—IzEnzo 10:24, 44.

Nokho, ungabakha kanjani abangane? IBhayibheli, eliqukethe okuningi mayelana nobungane, liphendula ngeseluleko esisebenzisekayo. (Bheka ibhokisi ngezansi.)

LAPHO ONGAKHA KHONA ABANGANE BEQINISO

Ibandla lobuKristu liyindawo engcono kakhulu ongakha kuyo abangane beqiniso. Okokuqala, ungasebenzisa ithuba lokwakha ubungane noJehova, uMdali wakho noYihlo osezulwini, kanye noJesu Kristu, uMsindisi wakho. UJesu, okumema ukuba ube umngane wakhe, wathi: “Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.” (Johane 15:13, 15) Ngokwakha ubungane noJehova noJesu Kristu, ungaqiniseka ukuthi ‘bayokwamukela ezindaweni zokuhlala ezimi phakade.’ Yebo, ubungane noJehova noJesu busho ukuphila okumi phakade.—Luka 16:9; Johane 17:3.

Ungabuthola kanjani ubungane babo obufudumele? Izimfuneko zokuba yisimenywa etendeni likaJehova njengomunye wabangane bakhe zivezwe kuyiHubo 15. Livule eBhayibhelini bese ufunda amavesi alo amahlanu. Ngaphezu kwalokho, uJesu Kristu wathi: “Ningabangane bami uma nenza lokho enginiyala ngakho.”—Johane 15:14.

Yebo, ngokutadisha nangokusebenzisa ngobuqotho isiqondiso esiseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, ubonisa ukuthi ufuna ukuba umngane kaJehova noJesu. Ukuze wenze lokho, kumelwe futhi ube khona njalo emihlanganweni yobuKristu, lapho kunikezwa khona ulwazi ngoJehova uNkulunkulu. Zikhandle ngokwethembeka ekulaleleni uJehova, futhi uyodonsekela eduze naye neNdodana yakhe.

Emihlanganweni, ungajwayelana futhi nabantu abathanda uJehova futhi ababonisa izithelo zomoya ekuphileni kwabo—uthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Uma uzimisele ngempela ukwakha abangane nokuhlukana nesizungu, yiba khona njalo emihlanganweni yobuKristu masonto onke. Ukwenza kanjalo kukwenza ube sendaweni efanele ngesikhathi esifanele ukuze uhlakulele ubungane obuhlala njalo nabantu bakaNkulunkulu ababusisekile.

UKUBA ABANGANE PHAKADE

Ubungane beqiniso buyisipho esimangalisayo esivela kuJehova uNkulunkulu. Bubangelwa ubuntu bakhe nalokho ayikho. Ngenxa yomoya wakhe wothando nowokupha, uye wagcwalisa umhlaba ngezidalwa ezihlakaniphile ongakha ubungane nazo. Zihlanganise namaKristu okanye nawo. Wakhuthaze. Sebenza nawo enkonzweni. Thandaza nawo futhi uwathandazele njalo. Kanjalo uyobe ulingisa uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu.

Ubungane buyisipho wonke umuntu akwaziyo ukuphana ngaso nokusamukela. Maduze nje, uyoba nethuba lokwandisa abangane bakho. Ungakha ubungane nezigidi eziphila manje, kanye nezizukulwane ezidlule ezilele ekufeni, zilindele uvuko lapho ‘ukufa kungeke kusaba khona.’ (IsAmbulo 21:4; Johane 5:28, 29) Yenza umzamo kusemanje wokuba nobungane, futhi wakhe ubungane nalabo abathanda uJehova. Phishekela ubungane noJehova uNkulunkulu noJesu Kristu ngokulalela iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Khona-ke, ngeke uphinde ube nesizungu naphakade.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 22, 23]

IZINYATHELO EZIYISITHUPHA ZOKWAKHA UBUNGANE OBUHLALA NJALO

1. YIBA UMNGANE. U-Abrahama wabizwa ngokuthi “umngane kaJehova” ngenxa yokholo Iwakhe olungantengantengi. (Jakobe 2:23) Kodwa kwakunesinye futhi isizathu. IBhayibheli lithi u-Abrahama walubonisa uthando Iwakhe ngoNkulunkulu. (2 IziKronike 20:7) Wathatha isinyathelo sokuvezela uJehova imizwa yakhe. (Genesise 18:20-33) Yebo, ukubonisa ubufakazi bobungane bakho kudinga ukuba uthathe isinyathelo kuqala. UJesu wathi: “Yenzani ukupha kube umkhuba, futhi abantu bayonipha.” (Luka 6:38) Ukukhuthaza ngamazwi noma ukusiza kokuthile kungase kube yimbewu okuyohluma kuyo ubungane obukhulu. Umlobi waseMelika uRalph Waldo Emerson wake wathi: “Okuwukuphela kwendlela yokuba nomngane ukuba nguye.”

2. ZINIKE ISIKHATHI SOKUHLAKULELA UBUNGANE. Iningi labantu liyazifisa izinzuzo zobungane. Nokho, limatasa kakhulu ukuba lisebenzise isikhathi esidingekile. AmaRoma 12:15, 16 asikhuthaza ukuba sihlanganyele injabulo nempumelelo, usizi nokudumala kwabanye. Athi: “Jabulani nabantu abajabulayo; khalani nabantu abakhalayo. Yibani nomqondo ofanayo ngabanye onjengalowo eninawo ngani.” Nakuba uJesu Kristu ayengumuntu omatasa, wayehlale ezinika isikhathi sokuba nabangane bakhe. (Marku 6:31-34) Khumbula, ubungane, njengesitshalo esiqhakaza izimbali, budinga ukuniselwa nokunakekelwa ukuze buchume futhi lokho kudinga isikhathi.

3. BANAKE ABANYE LAPHO BEKHULUMA. Abantu abalalelisisa kahle nabanakayo ngokuvamile bakuthola kulula ukuba nabangane. Umfundi uJakobe uthi: “Wonke umuntu kumelwe asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma.” (Jakobe 1:19) Lapho uxoxa nabanye, bonisa isithakazelo somuntu siqu emizweni yabo. Bakhuthaze ukuba baxoxe ngabo siqu. Hola ekubaboniseni udumo. (Roma 12:10) Khona-ke bayofuna ukuba nawe. Ngokuphambene, uma ulawula njalo lapho kuxoxwa, noma uhlale wenza kunakwe wena, kuyoba nzima ukuba uthole umuntu okulungele ukukulalela noma oyikhathalelayo imizwa nezidingo zakho.

4. YIBA NGOXOLELAYO. UJesu wake watshela uPetru ukuba azimisele ukuthethelela “kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.” (Mathewu 18:21, 22) Umngane weqiniso uyashesha ukushalazela amaphutha angasho lutho. Ngokwesibonelo: Abanye bangase bangathandi ukudla amajikijolo ngenxa yezinhlamvana zawo. Nokho, labo abasijabulelayo lesi sithelo abazinaki lezi zinhlamvu. Abangane beqiniso bathandwa ngenxa yezimfanelo zabo ezinhle; amaphutha abo amancane ayashalazelwa. UPawulu wasiyala: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.” (Kolose 3:13) Labo abafundayo ukuba abathethelelayo baba nabangane abahlala njalo.

5. NIKA ABANYE ITHUBA LOKUBA BABE BODWA. Wonke umuntu uyakudinga ukuba nesikhathi sakhe eyedwa, kuhlanganise nabangane bakho. IzAga 25:17 zeluleka ngokuhlakanipha: “Unyawo Iwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho, funa adinwe nguwe, abuye akuzonde.” Ngakho, yiba olinganiselayo mayelana nobuningi nanobude bezikhathi ovakashela ngazo abangane. Gwema ukubenza abakho wedwa, okungaholela esikhweleni. Sebenzisa ukwahlulela okuhle lapho uveza okuthandwa nguwe nemibono yakho ezintweni ezithile. Lokhu kunengxenye ekwenzeni ubungane buqabule futhi buthandeke.

6. YIBA NGOPHANAYO. Ubungane buhlakulelwa ngomoya wokupha. Iseluleko somphostoli uPawulu siwukuba ˈnesandla esivulekile, silungele ukwabelana izinto nabanye.ˈ (1 Thimothewu 6:18) Ngokwesibonelo, hlanganyela amazwi akhuthazayo nabanye. (IzAga 11:25) Tusa ngobuqotho nangokukhululekile futhi ukhulume ngendlela eyakhayo. Lapho ubonisa isithakazelo esiqotho enhlalakahleni yabanye badonsekela kuwe. Cabanga ngokuthi ungabenzelani kunokuba ugxile ekutheni bangakwenzelani.