Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uzithanda Ngokwedlulele Izikhumbuzo ZikaJehova?

Ingabe Uzithanda Ngokwedlulele Izikhumbuzo ZikaJehova?

Ingabe Uzithanda Ngokwedlulele Izikhumbuzo ZikaJehova?

“Umphefumulo wami uzigcinile izikhumbuzo zakho, Futhi ngizithanda ngokwedlulele.”—IHUBO 119:167NW.

1. Yikuphi lapho kukhulunywa khona kaningi ngokukhethekile ngezikhumbuzo zikaJehova?

UJEHOVA ufuna abantu bakhe bajabule. Ukuze sijabule ngempela, kumelwe sihambe emthethweni kaNkulunkulu futhi sigcine imiyalo yakhe. Ukuze senze lokho, usinika izikhumbuzo. ImiBhalo ikhuluma kaningi ngazo, ikakhulu iHubo 119, okungenzeka laqanjwa yinkosana yakwaJuda esencane uHezekiya. Le ngoma emnandi iqala ngala mazwi: “Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. Babusisiwe abagcina [“izikhumbuzo zakhe,” NW], abamfuna ngenhliziyo yonke.”—IHubo 119:1, 2.

2. Izikhumbuzo zikaNkulunkulu zihlobene kanjani nenjabulo?

2 ‘Sihamba ngemithetho kaJehova’ ngokungenisa ulwazi olunembile lweZwi lakhe nangokulusebenzisa ekuphileni. Nokho, njengoba singaphelele, sidinga izikhumbuzo. Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “izikhumbuzo” libonisa ukuthi uNkulunkulu usikhumbuza imithetho, imiyalo nezimiso zakhe. (Mathewu 10:18-20) Siyohlale sijabula kuphela uma siqhubeka sigcina lezo zikhumbuzo, ngoba zisisiza ukuba sigweme izingibe ezingokomoya ezibangela inhlekelele nosizi.

Namathela Ezikhumbuzweni ZikaJehova

3. NgokweHubo 119:60, 61, yini esiqiniseka ngayo?

3 Izikhumbuzo zikaNkulunkulu zazithandeka kumhubi owahlabelela: “Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho.” (IHubo 119:60, 61) Izikhumbuzo zikaJehova zisisiza ukuba sikhuthazelele ukushushiswa ngoba siyaqiniseka ukuthi uBaba wethu osezulwini angazigqashula izintambo zokusikhinyabeza esiboshwa yizitha ngazo. Ngesikhathi esifanele, uyasikhulula kulezo zithiyo ukuze sikwazi ukuqhubeka nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso.—Marku 13:10.

4. Kufanele sisabele kanjani ezikhumbuzweni zikaNkulunkulu?

4 Ngezinye izikhathi, izikhumbuzo zikaJehova ziyasilungisa. Kwangathi singakwazisa njalo ukulungiswa okunjalo, njengoba kwenza umhubi. Ethandaza kuNkulunkulu wathi: “Ngiyazithanda izikhumbuzo zakho . . . Ngizithandile izikhumbuzo zakho.” (IHubo 119:24, 119, NW) Sinezikhumbuzo zikaNkulunkulu eziningi kunalezo umhubi ayenazo. Izingcaphuno zemiBhalo YesiHeberu ezingamakhulu ezisemiBhalweni YesiGreki azigcini ngokusikhumbuza iziyalezo zikaJehova kubantu bakhe ngaphansi koMthetho kodwa futhi zisikhumbuza nangezinjongo zakhe mayelana nebandla lobuKristu. Lapho uNkulunkulu ekubona kufaneleka ukusikhumbuza ngezinto ezihlobene nemithetho yakhe, siyasazisa leso siqondiso. Futhi ‘ngokunamathela ezikhumbuzweni zikaJehova,’ sigwema izinto eziyengela esonweni ezingamjabulisi uMdali wethu futhi ezisiphuca injabulo.—IHubo 119:31.

5. Singazithanda kanjani ngokwedlulele izikhumbuzo zikaJehova?

5 Kufanele sizithande kangakanani izikhumbuzo zikaJehova? Umhubi wahlabelela: “Umphefumulo wami uzigcinile izikhumbuzo zakho, futhi ngizithanda ngokwedlulele.” (IHubo 119:167, omalukeke sizenzele.) Siyozithanda ngokwedlulele izikhumbuzo zikaJehova uma sizibheka futhi sizamukela njengesiyalo sikaBaba osikhathalela ngempela. (1 Petru 5:6, 7) Siyazidinga izikhumbuzo zakhe, futhi uthando lwethu ngazo luyokhula lapho sibona indlela ezisizuzisa ngayo.

Okwenza Sizidinge Izikhumbuzo ZikaNkulunkulu

6. Yisiphi esinye sezizathu ezenza sizidinge izikhumbuzo zikaJehova, futhi yini eyosisiza ukuba sizikhumbule?

6 Esinye sezizathu ezenza sizidinge izikhumbuzo zikaJehova ukuthi siyakhohlwa. I-World Book Encyclopedia ithi: “Ngokuvamile, abantu baya bekhohlwa ngokwengeziwe njengoba isikhathi sihamba. . . . Cishe kwake kwenzeka ukuba ungalikhumbuli igama elithile noma ukwaziswa okuthile okwakubuya nje emlonyeni. . . . Ukukhohlwa kwesikhashana okunjalo, okwenzeka njalo, kubizwa ngokuthi ukuhluleka ukubuyisa ukwaziswa. Ososayensi bakufanisa nokuzama ukuthola into elahlekile endlini emafuhlufuhlu. . . . Indlela enhle yokuqiniseka ukuthi uyakukhumbula ukwaziswa okuthile iwukukutadisha isikhathi eside ngemva kokuba usuzitshela ukuthi ukwazi kahle.” Ukutadisha nokuphindaphinda ngenkuthalo kuyosisiza sikhumbule izikhumbuzo zikaNkulunkulu futhi sizivumelanise nazo ukuze sizuze.

7. Kungani izikhumbuzo zikaNkulunkulu zidingeka namuhla kunanoma yinini ngaphambili?

7 Izikhumbuzo zikaJehova sizidinga kakhulu namuhla kunanoma yinini ngaphambili ngoba ububi sebufinyelele izinga elikhulu kunawo wonke emlandweni wesintu. Uma sizinaka izikhumbuzo zikaNkulunkulu, sithola ukuqonda okudingekayo ukuze sigweme ukuyengelwa ezindleleni ezimbi zezwe. Umhubi wathi: “Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla [“ngezikhumbuzo zakho,” NW]. Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho.” (IHubo 119:99-101) Ngokugcina izikhumbuzo zikaNkulunkulu, siyogwema ‘zonke izindlela zokubi’ sigweme nokuba njengoquqaba lwesintu ‘olusebumnyameni ngengqondo, futhi oluhlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu.’—Efesu 4:17-19.

8. Singakuhlomela kanjani kangcono ukubhekana ngokuphumelelayo novivinyo lokholo?

8 Izikhumbuzo zikaNkulunkulu ziyadingeka futhi ngoba ziyasiqinisa ukuze sikhuthazelele ukuvivinywa okuningi kulesi ‘sikhathi sokugcina.’ (Daniyeli 12:4) Ngaphandle kwezikhumbuzo ezinjalo besiyoba ‘abezwayo abayizikhohlwa.’ (Jakobe 1:25) Kodwa ukutadisha imiBhalo ngenkuthalo ngokomuntu siqu nanjengebandla ngosizo lwezincwadi ezivela ‘esigqileni esikholekile nesiqondayo’ kuyosisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo novivinyo lokholo. (Mathewu 24:45-47) Amalungiselelo anjalo angokomoya asisiza ukuba sibone ukuthi kumelwe senzeni ukuze sijabulise uJehova lapho sizithola sisezimweni ezivivinyayo.

Indima Ebalulekile Yemihlangano Yethu

9. Zingobani ‘izipho ezingabantu,’ futhi zibasiza kanjani labo ezikholwa nabo?

9 Ngokwengxenye, isidingo esinaso sezikhumbuzo zikaNkulunkulu saneliswa emihlanganweni yobuKristu, lapho kufundisa khona abazalwane abamisiwe. Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi lapho uJesu “enyukela phezulu wathumba izithunjwa; waphana ngezipho ezingabantu.” UPawulu wanezela: “[UKristu] waphana ngabanye njengabaphostoli, abanye njengabaprofethi, abanye njengabavangeli, abanye njengabelusi nanjengabafundisi, enombono wokulungiswa kwabangcwele, ngenjongo yomsebenzi wokukhonza, ngenjongo yokwakhiwa komzimba kaKristu.” (Efesu 4:8, 11, 12) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi lezi “zipho ezingabantu”—ezingabadala abamisiwe—ziqondisa ukunaka kwethu ezikhumbuzweni zikaJehova lapho sihlanganela ukukhulekela!

10. Liyini iphuzu eliyinhloko lamaHeberu 10:24, 25?

10 Umuzwa wokubonga ngamalungiselelo aphezulu uyosishukumisela ukuba sibe khona emihlanganweni yethu yebandla emihlanu isonto ngalinye. UPawulu wasigcizelela isidingo sokuhlangana njalo ndawonye. Wabhala: “Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye, njengoba abanye benaleyonkambiso, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”—Heberu 10:24, 25.

11. Umhlangano ngamunye wamasonto onke usizuzisa kanjani?

11 Ingabe uyakwazisa lokho imihlangano yethu esenzela kona? ISifundo Se-Nqabayokulinda samasonto onke siqinisa ukholo lwethu, sisisize ukuba sizivumelanise nezikhumbuzo zikaJehova futhi sisiqinisele ukumelana ‘nomoya wezwe.’ (1 Korinte 2:12; IzEnzo 15:31) EMhlanganweni Weningi, izikhulumi zifundisa ngeZwi likaNkulunkulu, kuhlanganise nezikhumbuzo zikaJehova “namazwi okuphila okuphakade” kaJesu amangalisayo. (Johane 6:68; 7:46; Mathewu 5:1–7:29) ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini amakhono ethu okufundisa ayalolongwa. UMhlangano Wenkonzo ubaluleke kakhulu ekusisizeni ukuba sithuthukise indlela esidlulisela ngayo izindaba ezinhle endlini ngendlu, ezimpindelweni, ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya nakwezinye izici zenkonzo yethu. Iqembu elincane eSifundweni Sencwadi Sebandla lisinika ithuba elikhudlwana lokunikeza izimpendulo ngokuvamile ezihlanganisa izikhumbuzo zikaNkulunkulu.

12, 13. Abantu bakaNkulunkulu kwelinye izwe lase-Asia baye bakubonisa kanjani ukwazisa imihlangano yobuKristu?

12 Ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla kusikhumbuza imiyalo kaNkulunkulu futhi kusize ekusigcineni siqinile lapho sibhekene nempi, izinkinga zezomnotho nokunye ukuvivinywa kokholo lwethu. AmaKristu angaba ngu-70 ayebaleke emizini yawo futhi aphoqeleka ukuba ahlale ehlathini ezweni elithile lase-Asia akuqaphela ngokukhethekile ukubaluleka kwemihlangano. Ezimisele ukuqhubeka ehlangana njalo ndawonye, abuyela edolobhaneni lawo elicekelwe phansi yimpi, adiliza izinsalela zeHholo LoMbuso lawo, ayolakha kabusha ehlathini.

13 Ngemva kokukhuthazelela iminyaka eminingi yempi kwenye ingxenye yalo lelo zwe, abantu bakaJehova basakhonza ngentshiseko. Omunye wabadala kuleyo ndawo wabuzwa: “Yini eye yaba usizo kunakho konke ekugcineni abazalwane bendawonye?” Wathini? “Phakathi neminyaka engu-19, asikaze singabi nawo umhlangano. Ngezinye izikhathi, ngenxa yokuqhunyiswa kwamabhomu noma ezinye izinkinga, abanye abazalwane babehluleka ukufika endaweni yomhlangano, kodwa asikaze singabi nawo umhlangano.” Ngokuqinisekile laba bazalwane nodade abathandekayo bayakwazisa ukubaluleka ‘kokungakuyeki ukuhlangana kwabo ndawonye.’

14. Yini esingayifunda enkambisweni ka-Ana owayesekhulile?

14 Umfelokazi owayeneminyaka engu-84 ubudala, u-Ana “wayengakaze aphuthe ethempelini.” Ngenxa yalokho, wayekhona lapho usana olunguJesu lulethwa ethempelini ngemva nje kokuzalwa kwalo. (Luka 2:36-38) Ingabe uyazimisela ukuba ungaphuthi emihlanganweni? Ingabe uzama ngokusemandleni akho ukuba khona kuzo zonke izingxenye zesimiso semihlangano yethu emikhulu? Imfundo ezuzisayo ngokomoya etholakala kule mibuthano isinika ubufakazi obucacile bokuthi uBaba wethu osezulwini uyabanakekela abantu bakhe. (Isaya 40:11) Izikhathi ezinjengalezo zithuthukisa nenjabulo, futhi ukuba khona kwethu kubonisa ukwazisa esinako ngezikhumbuzo zikaJehova.—Nehemiya 8:5-8, 12.

Izikhumbuzo ZikaJehova Zisenza Sihluke

15, 16. Ukugcina izikhumbuzo zikaJehova kukuthonya kanjani ukuziphatha kwethu?

15 Ukulalela izikhumbuzo zikaNkulunkulu kusisiza ukuba sihluke kuleli zwe elibi. Ngokwesibonelo, ukulalela izikhumbuzo zikaNkulunkulu kuyasivikela ekuhlanganyeleni ekuziphatheni okubi kobulili. (Duteronomi 5:18; IzAga 6:29-35; Heberu 13:4) Isilingo sokuqamba amanga, sokungathembeki, noma sokweba singacindezelwa ngokuphumelelayo ngokuzivumelanisa nezikhumbuzo zaphezulu. (Eksodusi 20:15, 16; Levitikusi 19:11; IzAga 30:7-9; Efesu 4:25, 28; Heberu 13:18) Ukugcina izikhumbuzo zikaJehova kuyasinqanda futhi ekuziphindiseleleni, ekubambeni igqubu nasekunyundeleni noma ubani.—Levitikusi 19:16, 18; IHubo 15:1, 3.

16 Ngokulalela izikhumbuzo zikaNkulunkulu, sihlala singcwele, noma sihlukaniselwe inkonzo yakhe. Futhi yeka indlela okubaluleke ngayo ukuhluka kuleli zwe! Ethandaza kuJehova ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe kwasemhlabeni, uJesu wacelela abalandeli bakhe: “Ngibaniké izwi lakho, kodwa izwe liye labazonda, ngoba bengeyona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe. Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe. Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:14-17) Masiqhubeke silazisa iZwi likaNkulunkulu elisihlukanisela inkonzo yakhe engcwele.

17. Kungenzekani uma sizishaya indiva izikhumbuzo zikaNkulunkulu, ngakho kufanele senzeni?

17 Njengezinceku zikaJehova, sifuna ukuhlala samukelekela inkonzo yakhe. Nokho, uma singase sizishaye indiva izikhumbuzo zikaNkulunkulu, singanqotshwa umoya waleli zwe, okhuthazwa kakhulu inkulumo, izincwadi, ukuzijabulisa nokuziphatha kwalo. Futhi ngokuqinisekile asifuni ukuba abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abangabongiyo, abangathembekile, abanolaka, abanenkani, abakhukhumele ngokuziqhenya, abangabathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu—uma sibala ezimbalwa nje zezici eziboniswa yilabo abazihlukanise noNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1-5) Njengoba sesingene shí ezinsukwini zokugcina zalesi simiso sezinto esibi, masithandazele usizo lwaphezulu njalo ukuze sikwazi ukuqhubeka sigcina izikhumbuzo zikaJehova futhi kanjalo ‘siqaphele okwezwi lakhe.’—IHubo 119:9.

18. Ukugcina izikhumbuzo zikaNkulunkulu kuyosishukumisela ukuba sithathe ziphi izinyathelo eziqondile?

18 Izikhumbuzo zikaJehova zenza okungaphezu kokusixwayisa ngezinto okungamelwe sizenze. Ukugcina izikhumbuzo zakhe kuyosenza sithathe isinyathelo esiqondile, kusishukumisele ukuba sithembele ngokuphelele kuJehova futhi simthande ngayo yonke inhliziyo, umphefumulo, ingqondo namandla ethu. (Duteronomi 6:5; IHubo 4:5; IzAga 3:5, 6; Mathewu 22:37; Marku 12:30) Izikhumbuzo zikaNkulunkulu zisishukumisela futhi ukuba sithande umakhelwane wethu. (Levitikusi 19:18; Mathewu 22:39) Uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane silubonisa ngokukhethekile ngokwenza intando yaphezulu nokuhlanganyela nabanye “ulwazi ngoNkulunkulu” olunika ukuphila.—IzAga 2:1-5, qhathanisa ne-NW.

Ukugcina Izikhumbuzo ZikaJehova Kusho Ukuphila!

19. Singababonisa kanjani abanye ukuthi kuyenzeka futhi kuyazuzisa ukulalela izikhumbuzo zikaJehova?

19 Uma sigcina izikhumbuzo zikaJehova futhi sisiza nabanye ukuba benze kanjalo, siyozisindisa thina nalabo abasilalelayo. (1 Thimothewu 4:16) Singababonisa kanjani abanye ukuthi ukulalela izikhumbuzo zikaJehova kuyenzeka futhi kuyazuzisa ngempela? Ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu siqu. Kanjalo labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’ bayoba nobufakazi bokuthi inkambo evezwe eZwini likaNkulunkulu iyona engcono ngempela yokuphishekelwa. (IzEnzo 13:48) Bayobona futhi ukuthi ‘uNkulunkulu ngempela uphakathi kwethu’ kubashukumisele ukuba bazihlanganise nathi ekukhulekeleni iNkosi EnguMbusi uJehova.—1 Korinte 14:24, 25.

20, 21. Izikhumbuzo zikaNkulunkulu nomoya wakhe ziyosenza sikwazi ukwenzani?

20 Ngokuqhubeka sitadisha imiBhalo, sisebenzisa esikufundayo futhi siwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo kaJehova angokomoya, siyozithanda ngokwedlulele izikhumbuzo zakhe. Uma sizilalela, lezi zikhumbuzo ziyosisiza ukuba sigqoke “ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.” (Efesu 4:20-24) Izikhumbuzo zikaJehova nomoya wakhe ongcwele kuyosenza sikwazi ukubonisa uthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba—izimfanelo ezihluke kakhulu ezicini zezwe elisemandleni kaSathane! (Galathiya 5:22, 23; 1 Johane 5:19) Ngakho-ke, singabonga lapho sikhunjuzwa ngezimfuneko zikaJehova esifundweni sethu somuntu siqu, ngabadala abamisiwe nangemihlangano yethu emincane nemikhulu.

21 Ngenxa yokuthi sigcina izikhumbuzo zikaJehova, siyakwazi ukujabula ngisho nalapho sihlupheka ngenxa yokulunga. (Luka 6:22, 23) Sibheka kuNkulunkulu ukuba asisindise ezimweni ezisongela kunazo zonke. Lokho kubaluleke ngokukhethekile manje njengoba zonke izizwe zibuthelwa “empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eHar–​Magedoni.—IsAmbulo 16:14-16.

22. Yini okufanele sizimisele ukuyenza ngezikhumbuzo zikaJehova?

22 Ukuze sithole isipho esingafanelwe sokuphila okumi phakade, kumelwe sizithande ngokwedlulele izikhumbuzo zikaJehova futhi sizigcine ngenhliziyo yonke. Ngakho-ke, kwangathi singaba nomoya womhubi owahlabelela: “Ukulunga kwezikhumbuzo zakho kuhlala phakade. Ngenze ngiqonde, ukuze ngiqhubeke ngiphila.” (IHubo 119:144, NW) Futhi kwangathi singabonisa ukuzimisela okubonakala emazwini omhubi: “Ngikhala kuwe [Jehova]. Ngisindise! Ngizozigcina izikhumbuzo zakho.” (IHubo 119:146, NW) Yebo, masibonise ngezwi nangezenzo ukuthi sizithanda ngokwedlulele ngempela izikhumbuzo zikaJehova.

Ungaphendula Kanjani?

• Umhubi wayezibheka kanjani izikhumbuzo zikaJehova?

• Kungani sizidinga izikhumbuzo zikaNkulunkulu?

• Iyiphi indima efezwa yimihlangano yethu mayelana nezikhumbuzo zaphezulu?

• Izikhumbuzo zikaJehova zisenza kanjani sihluke kuleli zwe?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Umhubi wayezithanda ngokwedlulele izikhumbuzo zikaJehova

[Izithombe ekhasini 16, 17]

Ingabe uyaqikelela ukuba ungaphuthi emihlanganweni, ulingisa isibonelo sika-Ana?

[Isithombe ekhasini 18]

Ukulalela izikhumbuzo zikaJehova kusihlukanisela inkonzo yakhe njengabahlanzekile nabamukelekayo