Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Ulungiselela Abantu Bakhe Indawo Yokuphumula

UJehova Ulungiselela Abantu Bakhe Indawo Yokuphumula

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

UJehova Ulungiselela Abantu Bakhe Indawo Yokuphumula

UKUBONA indawo yokuphumula enomthunzi endleleni egudla entabeni kujabulisa kakhulu esihambini esikhathele. ENepal, izindawo zokuphumula ezinjalo zibizwa ngokuthi ama-chautara. I-chautara evamile ingase ibe seduze kwesihlahla esenile se-banyan, umthunzi wokuhlala uphumule. Ukwakha i-chautara kuyisenzo somusa, futhi iningi labawakhayo ligcina lingaziwa.

Okuhlangenwe nakho kwaseNepal kubonisa indlela uJehova uNkulunkulu aye waletha ngayo injabulo nokuqabuleka okungokomoya “ezihambini” eziningi ezikhathele kulesi simiso sezinto.—IHubo 23:2.

• ULil Kumari uhlala edolobheni elihle lasePokhara, okwazi ukubona kahle kulo iziNtaba ZaseHimalaya ezilele iqhwa. Kodwa njengoba ayekhathazeke ngezimali zomndeni, uLil Kumari wayezizwa engenathemba. Lapho evakashelwa omunye woFakazi BakaJehova, ithemba eliqhakazile leBhayibheli lamthinta futhi wacela isifundo seBhayibheli sasekhaya ngokushesha.

Nakuba uLil Kumari ayesijabulela isifundo, kwakungelula ukuqhubeka ngenxa yokuphikisa okukhulu komndeni. Kodwa akaliphonsanga ithawula. Wayeya njalo emihlanganweni yobuKristu futhi ekusebenzisa akufundayo, ikakhulukazi endabeni yokuzithoba kwamakhosikazi. Ngenxa yalokho, umyeni wakhe nonina baqaphela ukuthi isifundo seBhayibheli sikaLil Kumari sasizuzisa wonke umkhaya.

Umyeni wakhe nezihlobo eziningana manje batadisha iZwi likaNkulunkulu. Emhlanganweni wesifunda obusePokhara muva nje, uLil Kumari wajabulela isimiso kanye nezihlobo zakhe ezingu-15. Uthi: “Umuzi wami usuyindawo yokuphumula ngoba umkhaya wami usunobunye ekukhulekeleni kweqiniso, futhi ngiye ngathola ukuthula kwengqondo kwangempela.”

• Nakuba ukubandlululana ngezigaba kungekho emthethweni eNepal, kusenethonya elinamandla endleleni yokuphila yabantu. Ngakho, abaningi banesithakazelo kulokho iBhayibheli elikushoyo ngokulingana nokungakhethi. Ukufunda ukuthi “uNkulunkulu akakhethi” kwakushintsha kakhulu ukuphila kukaSurya Maya nomkhaya wakhe.—IzEnzo 10:34.

USurya Maya wayekhathazekile ngokungabi nabulungisa kobandlululo lwezigaba nangenxa yomthwalo osindayo wamasiko nezinkambiso ezigxilile. Njengoba ayengowesifazane ozinikele enkolweni, uSurya Maya wayeseneminyaka ecela usizo konkulunkulu bakhe abayizithombe. Kodwa imithandazo yakhe yayingaphendulwa. Ngolunye usuku lapho ecela usizo, umzukulu wakhe oneminyaka eyisithupha uBabita weza kuye wafike wambuza: “Yin’ indaba ucela usizo ezithombeni ezingakwazi kwenza lutho?”

Kwavela ukuthi unina kaBabita wayetadisha iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova. UBabita wamemela ugogo wakhe ngentshiseko emhlanganweni wobuKristu. Lapho uSurya Maya eya khona, kwamhlaba umxhwele ukubona abantu bezigaba ezihlukahlukene bejabulela ubudlelwane bengabandlululani. Wacela isifundo seBhayibheli sasekhaya ngokushesha. Nakuba lokhu kwabangela ukuba omakhelwane bakhe bamkhiphe inyumbazane, akazange adikibale; futhi ukungakwazi kwakhe ukufunda nokubhala kahle akumvimbanga ekubeni athuthuke ngokomoya.

Sekudlule iminyaka engu-8, futhi amalungu ayisithupha omndeni wakhe, kuhlanganise nomyeni wakhe nezingane zabo ezintathu, asengoFakazi BakaJehova. USurya Maya manje uyisikhonzi sesikhathi esigcwele, iphayona elivamile, usiza abanye ngenjabulo ukuba bethule imithwalo esindayo endaweni yokuphumula yangempela okunguJehova kuphela ongayilungiselela.