Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Unika Okhatheleyo Amandla

UJehova Unika Okhatheleyo Amandla

UJehova Unika Okhatheleyo Amandla

“[UJehova] unika okhatheleyo amandla; kongenamandla wenza kuvame amandla aphelele.”—ISAYA 40:29NW.

1. Bonisa ubukhulu bamandla asezintweni ezidalwe nguNkulunkulu.

UJEHOVA unamandla angenamkhawulo. Futhi yeka amandla asezintweni azidalile! I-atom encanyana—isakhi sazo zonke izinto—incane kangangokuthi iconsi elilodwa lamanzi linama-atom ayizinkulungwane zezigidi zezinkulungwane zezigidi eziyikhulu. * Konke ukuphila embulungeni yethu kuxhomeke emandleni akheka ngokuhlangana kwama-atom elangeni. Kodwa angakanani amandla elanga adingekayo ukuze kuqhubeke kunokuphila emhlabeni? Umhlaba uthola ingxenyana encane yamandla akhiqizwa yilanga. Nokho, le ngxenyana encane yamandla elanga efikayo emhlabeni inkulu ngokungenakulinganiswa kunamandla asetshenziswa ezimbonini zomhlaba ewonke.

2. Ngokuyisisekelo, u-Isaya 40:26 uthini ngamandla kaJehova?

2 Kungakhathaliseki ukuthi sicabanga nge-atom noma ngomkhathi omkhulukazi, amandla kaJehova esabekayo asihlaba umxhwele. Yingakho ayengathi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa”! (Isaya 40:26) Yebo, uJehova unamandla amaningi futhi unguMthombo wamandla ásetshenziselwa ukuveza indawo yonke.

Kudingeka Amandla Angaphezu Kwavamile

3, 4. (a) Yiziphi ezinye zezici ezingasenza sikhathale? (b) Yimuphi umbuzo odinga ukucatshangelwa?

3 Nakuba uNkulunkulu enamandla angenamkhawulo, abantu bona bayakhathala. Yonke indawo sibona abantu abakhathele. Bavuka bekhathele, baye emsebenzini noma esikoleni bekhathele, babuyele emakhaya bekhathele baze bayolala bengakhathele nje kuphela kodwa betubekile. Abanye bafisa sengathi bangaya ndawana-thile, bathole ukuphumula abakudinga ngamnyama. Njengezinceku zikaJehova, nathi siyakhathala, ngoba ukuphila kwethu kokuzinikela kuNkulunkulu kudinga ukuzikhandla okukhulu. (Marku 6:30, 31; Luka 13:24; 1 Thimothewu 4:8) Futhi kunezinye izici eziningi ezisiphundla amandla.

4 Nakuba singamaKristu, asigomekile ezinkingeni abantu ngokuvamile ababhekana nazo. (Jobe 14:1) Ukugula, izinkinga zezimali noma obunye ubunzima obuvamile ekuphileni bungabangela ukudumala, nokudikibala okuwumphumela wako. Ngaphezu kwalezi zinselele, kunokulingwa kwalabo kuphela abashushiswa ngenxa yokulunga. (2 Thimothewu 3:12; 1 Petru 3:14) Ngenxa yezingcindezi zansuku zonke ezivela ezweni nokuphikiswa komsebenzi wethu wokushumayela ngoMbuso, abanye bethu bangase bakhathale kangangokuba bazizwe sengathi banganciphisa enkonzweni kaJehova. Ngaphezu kwalokho, uSathane uDeveli usebenzisa zonke izindlela angazisebenzisa ekuzameni ukuphula ubuqotho bethu kuNkulunkulu. Singawathola kanjani-ke amandla angokomoya adingekayo ukuze singakhathali bese siphonsa ithawula?

5. Kungani ukufeza inkonzo yobuKristu kudinga okungaphezu kwamandla omuntu?

5 Ukuze sithole amandla angokomoya, kumelwe sithembele kuJehova, uMdali onamandla onke. Umphostoli uPawulu waphawula ukuthi inkonzo yobuKristu yayiyodinga amandla angaphezu kwavamile abantu abangaphelele abanawo. Wabhala: “Sinalomcebo ezitsheni zobumba, ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu futhi angabi ngavela kithi.” (2 Korinte 4:7) AmaKristu agcotshiwe afeza “inkonzo yokubuyisana” esekelwa abangane bawo abanethemba lasemhlabeni. (2 Korinte 5:18; Johane 10:16; IsAmbulo 7:9) Njengoba thina bantu abangaphelele senza umsebenzi kaNkulunkulu sibhekene nokushushiswa, asinakuwenza ngamandla ethu kuphela. UJehova usisiza ngomoya wakhe ongcwele, kanjalo ubuthakathaka bethu benza kubonakale amandla akhe. Futhi yeka indlela esisiduduza ngayo isiqinisekiso sokuthi “uJehova uyabaphasa abalungileyo”!—IHubo 37:17.

‘UJehova Ungamandla Ethu’

6. ImiBhalo isiqinisekisa kanjani ukuthi uJehova unguMthombo wamandla ethu?

6 UBaba wethu osezulwini ‘unamandla amaningi’ futhi angasinika wona kalula. Eqinisweni, siyatshelwa: “[UJehova upha] oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.” (Isaya 40:29-31) Ngenxa yezingcindezi ezandayo, ngezinye izikhathi singase sizizwe njengomgijimi osekhathele, okusengathi imilenze yakhe ayisavumi aqhubeke. Kodwa intambo isiseduze emjahweni wokuphila, futhi akumelwe siyeke. (2 IziKronike 29:11) ISitha sethu, uDeveli, sizulazula “njengengonyama ebhongayo,” sifuna ukusivimba. (1 Petru 5:8) Masikhumbule ukuthi ‘uJehova ungamandla ethu nesihlangu sethu,’ futhi wenze inala yamalungiselelo ‘okupha oyethileyo amandla.’—IHubo 28:7.

7, 8. Kunabuphi ubufakazi bokuthi uJehova waqinisa uDavide, uHabakuki noPawulu?

7 UJehova wanika uDavide amandla ayewadinga lapho ebhekene nezithiyo ezinkulu. Ngakho-ke, enokholo nokuqiniseka okugcwele, uDavide wabhala: “NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.” (IHubo 60:12) UJehova wanika noHabakuki amandla ukuze aphothule isabelo sakhe njengomprofethi. UHabakuki 3:19 uthi: “UJehova, iNkosi yami, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi, angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo.” Siyaphawuleka nesibonelo sikaPawulu, owabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa [kaNkulunkulu] odlulisela amandla kimi.”—Filipi 4:13.

8 NjengoDavide, uHabakuki noPawulu, kufanele sibe nokholo emandleni kaNkulunkulu okusiqinisa nokusisindisa. Njengoba siqaphela ukuthi uJehova iNkosi EnguMbusi unguMthombo wamandla, manje ake sihlole ezinye zezindlela zokuthola amandla angokomoya enaleni yamalungiselelo kaNkulunkulu.

Amalungiselelo Angokomoya Okusinika Amandla

9. Izincwadi zobuKristu zifeza yiphi indima ekusondleni?

9 Ukutadisha imiBhalo ngenkuthalo ngosizo lwezincwadi zobuKristu kungasinika amandla futhi kusisekele. Umhubi wahlabelela: “Ubusisiwe umuntu . . . okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo [“kuyophumelela,” NW].” (IHubo 1:1-3) Njengoba nje kumelwe sidle ukuze sihlale sinamandla ngokwenyama, kudingeka sidle ukudla okungokomoya okulungiselelwa nguNkulunkulu ngeZwi lakhe nangezincwadi zobuKristu ukuze sihlale sinamandla ngokomoya. Ngakho-ke, ukutadisha nokuzindla ngendlela enenjongo kusemqoka.

10. Singase sisithole nini isikhathi sokutadisha nokuzindla?

10 Kuyavuza ngempela ukuzindla ‘ngezinto ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10) Kodwa singasithola nini isikhathi sokuzindla? Indodana ka-Abrahama u-Isaka ‘yaphuma ntambama iyozindla endle.’ (Genesise 24:63-67) Umhubi uDavide ‘wayezindla ngoNkulunkulu emilindweni yasebusuku.’ (IHubo 63:6) Singase sitadishe iZwi likaNkulunkulu bese sizindla ngalo ekuseni, kusihlwa, ebusuku—yebo, noma nini. Ukutadisha nokuzindla okunjalo kuholela kwelinye ilungiselelo likaJehova elinikeza amandla ngokomoya—umthandazo.

11. Kungani kufanele sikubheke njengokubaluleke kakhulu ukuthandaza njalo?

11 Ukuthandaza njalo kuNkulunkulu kuyasiza ekusinikezeni amandla. Ngakho-ke, ‘masiphikelele emthandazweni.’ (Roma 12:12) Ngezinye izikhathi, kudingeka sicele ngokukhethekile ukuhlakanipha namandla adingekayo ukuze sibhekane nokulingwa okuthile. (Jakobe 1:5-8) Masimbonge futhi simdumise uNkulunkulu nalapho sibona ukufezeka kwezinjongo zakhe noma sibona ukuthi uye wasinika amandla okuqhubeka enkonzweni yakhe. (Filipi 4:6, 7) Uma sihlala sisondelene noJehova ngomthandazo, akasoze asishiya. UDavide wahlabelela: “Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami.”—IHubo 54:4.

12. Kungani kufanele sicele umoya ongcwele kuNkulunkulu?

12 UBaba wethu osezulwini usinika amandla futhi asiqinise ngomoya wakhe ongcwele, noma amandla asebenzayo. UPawulu wabhala: “Ngiguqa kuBaba . . . [ukuze] nenziwe nibe namandla kumuntu eninguye ngaphakathi ngamandla esebenzisa umoya wakhe.” (Efesu 3:14-16) Kufanele sithandazele umoya ongcwele, siqiniseka ukuthi uJehova uyosibusisa ngawo. UJesu waphawula: Uma ingane icela inhlanzi, ingabe uyise onothando uyoyinika inyoka? Cha. Ngakho, waphetha: “Uma nina, nakuba [ninesono futhi ngenxa yalokho] nibabi [ngezinga elithile], nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uBaba osezulwini uyonika umoya ongcwele kulabo abacela kuye!” (Luka 11:11-13) Masithandaze sinalokho kuqiniseka futhi sikhumbule njalo ukuthi izinceku ezithembekile zikaNkulunkulu ‘zingenziwa zibe namandla’ ngomoya wakhe.

Ibandla Liwusizo Oluqinisayo

13. Kufanele siyibheke kanjani imihlangano yobuKristu?

13 UJehova usinika amandla ngemihlangano yebandla lobuKristu. UJesu wathi: “Lapho kukhona khona ababili noma abathathu bebuthene ndawonye egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” (Mathewu 18:20) Lapho uJesu enza leso sithembiso, wayekhuluma ngezindaba ezazidinga ukunakekelwa yilabo abaholayo ebandleni. (Mathewu 18:15-19) Nokho, isimiso samazwi akhe sisebenza kuyo yonke imihlangano yethu, emincane nemikhulu, evulwa futhi iphethwe ngomthandazo owenziwa egameni lakhe. (Johane 14:14) Ngakho kuyilungelo ukuba semibuthanweni yobuKristu enjalo, kungakhathaliseki ukuthi kukhona idlanzana noma izinkulungwane. Ngakho-ke, masibonise ukubonga ngalezi zenzakalo eziklanyelwe ukusiqinisa amandla ngokomoya nokusishukumisela othandweni nasemisebenzini emihle.—Heberu 10:24, 25.

14. Sizuzani emizamweni yabadala abangamaKristu?

14 Abadala abangamaKristu bawusizo nesikhuthazo ngokomoya. (1 Petru 5:2, 3) UPawulu wasiza futhi wakhuthaza amabandla ayewakhonza, njengoba kwenza ababonisi abajikelezayo namuhla. Eqinisweni, wayekulangazelela ukuba nayekholwa nabo ukuze kube khona ukukhuthazana okwakhayo. (IzEnzo 14:19-22; Roma 1:11, 12) Kwangathi njalo singabonisa ukwazisa ngabadala bebandla lethu nabanye ababonisi abangamaKristu, abafeza ingxenye enkulu ekusiqiniseni ngokomoya.

15. Esikholwa nabo ebandleni lethu baba kanjani “usizo oluqinisayo”?

15 Esikholwa nabo abangamalungu ebandla lethu bangaba “usizo oluqinisayo.” (Kolose 4:10, 11) ‘Njengabangane beqiniso’ bangasisiza ezikhathini zokucindezeleka. (IzAga 17:17) Ngokwesibonelo, lapho izinceku zikaNkulunkulu ezingu-220 zisuswa ekamu lokuhlushwa laseSachsenhausen zigadwé amaNazi ngo-1945, zazibhekene nohambo lwamakhilomitha angu-200 ngezinyawo. Zahamba njengeqembu, futhi abanamandla kakhudlwana babedonsa ababuthakathaka ngezinqodlana ezimbalwa. Waba yini umphumela? Ohambweni lokufa okwafa kulo iziboshwa zasekamu lokuhlushwa ezingaphezu kuka-10 000, akukho noyedwa koFakazi BakaJehova owafa. Ukulandisa okunjalo okusezincwadini ze-Watch Tower Society, kuhlanganise ne-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova nethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, kufakazela ukuthi uNkulunkulu uyabanika abantu bakhe amandla ukuze bangayeki.—Galathiya 6:9. *

Siqiniswa Yinkonzo Yethu Yasensimini

16. Ukuhlanganyela njalo enkonzweni kusiqinisa kanjani ngokomoya?

16 Ukuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso kuyasiqinisa ngokomoya. Lo msebenzi usisiza ukuba sigxile eMbusweni kaNkulunkulu futhi sihlale sinombono wengunaphakade namathemba alo abusisekile. (Jude 20, 21) Izithembiso ezingokomBhalo esikhuluma ngazo enkonzweni yethu zisinika ithemba futhi zingasenza sizimisele njengomprofethi uMika, owathi: “Siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.”—Mika 4:5.

17. Yikuphi ukusikisela okunikezwayo mayelana nezifundo zeBhayibheli zasekhaya?

17 Ubuhlobo bethu noJehova buyaqina njengoba sisebenzisa imiBhalo kakhudlwana ekufundiseni abanye. Ngokwesibonelo, lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli ngosizo lwencwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, kuwukuhlakanipha ukufunda nokuxoxa ngemibhalo eminingana ekhonjiwe. Lokhu kusiza umfundi futhi kuqinise nokwethu ukuqonda okungokomoya. Uma umfundi engawuzwa kahle umqondo noma umfanekiso othile oseBhayibhelini, kungase kudingeke izifundo ezingaphezu kwesisodwa ukuze sihlanganise isahluko esisodwa sencwadi Ulwazi. Yeka ukuthi sikujabulela kangakanani ukulungiselela kahle nokwenza umzamo owengeziwe ukuze sisize abanye basondele kuNkulunkulu!

18. Bonisa indlela incwadi Ulwazi esetshenziswa ngayo ngokuphumelelayo.

18 Unyaka ngamunye, incwadi Ulwazi isetshenziswa ngokuphumelelayo ekusizeni izinkulungwane ukuba zibe yizinceku zikaJehova ezizinikezele, futhi lokhu kuhlanganisa abaningi ababengajwayelene neBhayibheli. Ngokwesibonelo, lapho iseyingane, insizwa ethile engumHindu eSri Lanka yezwa uFakazi othile ekhuluma ngePharadesi. Ngemva kweminyaka ethile yaya kuye, futhi ngokushesha umyeni walo Fakazi waqala isifundo seBhayibheli nayo. Eqinisweni, le nsizwa yayiza izofunda nsuku zonke, futhi incwadi Ulwazi yaqedwa ngesikhathi esifushane. Yaqala ukuya kuyo yonke imihlangano, yazihlukanisa nenkolo yayo yakuqala futhi yaba ummemezeli woMbuso. Lapho ibhapathizwa, yayisiqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya nomngane wayo.

19. Njengoba sifuna uMbuso kuqala, yini esingaqiniseka ngayo?

19 Ukufuna uMbuso kuqala kusilethela injabulo esiqinisayo. (Mathewu 6:33) Nakuba sibhekana nokuvivinywa okuhlukahlukene, siqhubeka ngenjabulo nangentshiseko simemezela izindaba ezinhle. (Thithu 2:14) Abaningi bethu bayahlangabezana nezimfuneko zenkonzo yamaphayona yesikhathi esigcwele, futhi abanye bakhonza lapho kunesidingo esikhudlwana sabashumayeli bevangeli. Kungakhathaliseki ukuthi izithakazelo zoMbuso sizithuthukisa ngenjabulo ngalezi zindlela noma ngezinye, siyaqiniseka ukuthi uJehova ngeke awukhohlwe umsebenzi wethu nothando esilubonisa kulo igama lakhe.—Heberu 6:10-12.

Qhubekani Ngamandla KaJehova

20. Singabonisa kanjani ukuthi sibheka kuJehova ukuze asiqinise?

20 Masibonise ngazo zonke izindlela ukuthi sithembela kuJehova futhi sibheka kuye ukuze asiqinise. Lokho singakwenza ngokuzuza ngokugcwele emalungiselelweni angokomoya awenza ‘ngesigqila esikholekile.’ (Mathewu 24:45) Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu ngokomuntu siqu nanjengebandla ngosizo lwezincwadi zobuKristu, ukuthandaza ngokusuka enhliziyweni, usizo olungokomoya lwabadala, izibonelo ezinhle zesikholwa nabo abathembekile nokuhlanganyela njalo enkonzweni kungamanye amalungiselelo aqinisa ubuhlobo bethu noJehova futhi asinike amandla okuqhubeka enkonzweni yakhe engcwele.

21. Umphostoli uPetru noPawulu basibonisa kanjani isidingo samandla avela kuNkulunkulu?

21 Naphezu kobuthakathaka bethu bobuntu, uJehova uyosiqinisela ukuba senze intando yakhe uma sincika kuye ukuze sithole usizo. Eqaphela isidingo sosizo olunjalo, umphostoli uPetru wabhala: “Uma noma ubani ekhonza, makakhonze njengoncike ezikhwepheni ezinikezwa nguNkulunkulu.” (1 Petru 4:11) Futhi uPawulu wabonisa ukuncika kwakhe emandleni avela kuNkulunkulu lapho ethi: “Ngiyajabula ngobuthakathaka, ngokwethukwa, ngokuswela, ngokushushiswa nangobunzima, ngenxa kaKristu. Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (2 Korinte 12:10) Kwangathi singabonisa ukuqiniseka okufanayo futhi sikhazimulise uJehova iNkosi EnguMbusi, onika okhatheleyo amandla.—Isaya 12:2.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 1 Leli nani lingu-1 olandelwa amaqanda angu-20.

^ par. 15 Zinyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani abantu bakaJehova bedinga okungaphezu kwamandla avamile?

• Kunabuphi ubufakazi obungokomBhalo bokuthi uNkulunkulu unika izinceku zakhe amandla?

• Yimaphi amanye amalungiselelo angokomoya uJehova awenzile ukuze asiqinise?

• Singabonisa kanjani ukuthi sibheka kuNkulunkulu ukuze sithole amandla?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 12]

Lapho sisebenzisa iBhayibheli ekufundiseni abanye, nobethu ubuhlobo noJehova buyaqina