Bashukunyiselwa Ukukhonza
Bashukunyiselwa Ukukhonza
YINI engashukumisela imibhangqwana eshadile engu-24 esemisha ngeminyaka ukuba ishiye imikhaya yakubo, abangane nezindawo ezijwayele iyokwenza umsebenzi wezithunywa zevangeli kwamanye amazwe? Yini engabenza bajabulele ukuya ezindaweni ezinjengePapua New Guinea neTaiwan, kanye nasemazweni ase-Africa nawaseLatin-America? Ingabe kungaba ukuthanda ukubona izindawo ezintsha? Cha. Kunalokho, bashukunyiswa uthando oluqotho ngoNkulunkulu nangomakhelwane.—Mathewu 22:37-39.
Ngobani laba bantu? Yilabo abathweswe iziqu ekilasini le-109 le-Watchtower Bible School of Gilead. NgoMgqibelo, ngo-September 9, 2000, kwakubuthene ingqikithi yabangu-5 198 eWatchtower Educational Center—esePatterson, eNew York—nasezindaweni ezazixhunywe nge-satellite, belalele iseluleko sothando esingase sisize ababethweswa iziqu ukuba babe yizithunywa zevangeli eziphumelelayo.
Usihlalo wesimiso kwakunguStephen Lett, ilungu leKomiti Yokufundisa yeNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Amazwi akhe okuvula wawasekela kuMathewu 5:13, othi “Nina ningusawoti womhlaba.” UMfoweth’ uLett wachaza ukuthi amazwi kaJesu ayasebenza ngempela kulaba bafundi ababethweswa iziqu. Ngokwesibonelo, usawoti wenza izinto zinambitheke. Ngokufanayo, ngomsebenzi wazo wokushumayela ophumelelayo, izithunywa zevangeli zinjengosawoti ngomqondo ongokomfanekiso.
Isikhuthazo Sokuvalelisa
UMfoweth’ uLett wabe esethula ezinye zezinceku zikaJehova esezingomakad’ ebona ezanikeza izinkulumo ezingokomBhalo ezimfushane kodwa ezinamandla. Esokuqala kwakunguJohn Wischuk, okhonza eMnyangweni Wokubhala. Isihloko sakhe, esithi “IHubo Elifushane Kunawo Wonke Likhuthaza Umoya Wezithunywa Zevangeli,” sasisekelwe kuyiHubo 117. Namuhla, emhlabeni wonke kunesidingo sokunikeza ubufakazi ngoJehova noMbuso wakhe ‘ezizweni nakubantu.’ Abafundi bakhuthazwa ukuba bafeze lokho okushiwo yiHubo 117 ngokunxusa abanye ukuba ‘badumise uJah.’
Usihlalo wabe esethula uGuy Pierce weNdikimba Ebusayo. Wanikeza inkulumo ethi “Vumelana Nezimo, Nokho Uqine.” IZwi likaNkulunkulu ligxilile. KuDuteronomi 32:4, uJehova uNkulunkulu ubizwa ngeDwala, nokho iZwi lakhe liyakuvumela ukuhlukahluka ngoba labhalelwa abantu bazo zonke izilimi namasiko—yebo, sonke isintu. Abafundi bayalwa ukuba bashumayele iZwi likaNkulunkulu, bavumele isigijimi salo ukuba sithinte izinhliziyo nonembeza babantu. (2 Korinte 4:2) “Zisekele ngokuqinile izimiso zokulungile, kodwa uvumelane nezimo. Ungabeyi abantu basesabelweni sakho ngoba amasiko abo ehlukile,” kuyala uMfoweth’ uPierce.
UKarl Adams, omunye wabafundisa eGileyadi, oseneminyaka ecela ku-53 ekhonza endlunkulu yomhlaba wonke, wanikeza inkulumo enesihloko esishukumisa ingqondo, esithi “Nizoyaphi Uma Nisuka Johane 8:29; 10:16.
Lapha?” Yiqiniso, le mibhangqwana engu-24 yayithole izabelo zezithunywa zevangeli emazweni angu-20 ahlukahlukene emhlabeni wonke, kodwa kwabuzwa umbuzo othi, Uma senifikile lapho futhi nabona, kuyobe sekwenzekani? Siphila ezweni elinomoya wokungahlaliseki. Abantu bafuna ukuya ezindaweni ezintsha nokwenza izinto ezintsha, bezama ukuzijabulisa. Ngakolunye uhlangothi, abafundi babethole isabelo esivela kuJehova sasendaweni afuna babe kuyo ukuze banakekele “izimvu” zakhe ngaphandle kobugovu. Akufanele babe njengabakwa-Israyeli basendulo abaphuthelwa yithuba lokusetshenziswa nguJehova ekubusiseni sonke isintu ngenxa nje yobugovu. Kunalokho, kufanele balingise uJesu Kristu, owayenza intando kaYise ngaso sonke isikhathi ngokungabi nabugovu futhi owayelalela kuzo zonke izimo ayebhekana nazo.—Isihloko sikaWallace Liverance, obhalisayo eSikoleni SaseGileyadi, sasithi “Zazise Izinto Ezijulile ZikaNkulunkulu.” ImiBhalo ikhuluma ngokuphindaphindiwe ngeZwi likaNkulunkulu njengeliyingcebo, amagugu enani elikhulu nezinto ezaziswayo futhi ezifunwa kakhulu. IzAga 2:1-5 zibonisa ukuthi ukuze sithole “ukumazi uNkulunkulu,” kumelwe sikufune “njengamagugu afihliweyo.” Isikhulumi sakhuthaza abafundi ukuba baqhubeke bemba ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu lapho bekhonza ezabelweni zabo ezintsha. UMfoweth’ uLiverance wathi: “Lokhu kuyasiza, ngoba kwakha ukholo nokuthembela kuJehova futhi kuyokwenza uzimisele nakakhulu ukunamathela esabelweni sakho. Kuyokusiza ukuba ukhulume ngokuqiniseka futhi ube yisikhulumi esiphumelela nakakhulu lapho uchazela abanye izinjongo zikaNkulunkulu.”
Esebenzisa ikilasi, omunye ofundisayo eSikoleni SaseGileyadi wabukeza indlela uJehova aye wawubusisa ngayo umsebenzi walaba bafundi wenkonzo yasensimini phakathi nezinyanga ezinhlanu ezidlule. ULawrence Bowen wabhekisela emazwini omphostoli uPawulu kuzEnzo 20:20 aphathelene nenkonzo yakhe yasobala e-Efesu, waqokomisa ukuthi uPawulu wayewasebenzisa kahle wonke amathuba okunikeza ubufakazi. Okuhlangenwe nakho kwabafundi kwabonisa ukuthi, njengomphostoli uPawulu, labo abashukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane esikhathini sethu abalokothi bazigodle ekukhulumeni iqiniso nasekuvumeleni amandla eZwi likaNkulunkulu asebenze kwabanye. Lokhu kuphumela esibusisweni sikaJehova esicebile.
Abanokuhlangenwe Nakho Bathi Qaphu Qaphu
Phakathi nesikhathi sabo sesikole, abafundi bakuleli kilasi laseGileyadi bazuza ngokukhethekile ngokuba namalungu amaKomiti Amagatsha avela emazweni angu-23, nawo ayesePatterson Educational Center ezothola ukuqeqeshwa okukhethekile. ULeon Weaver noMerton Campbell boMnyango Wenkonzo baxoxa namalungu ahlukahlukene amaKomiti Amagatsha, amanye awo ayethweswe iziqu eGileyadi kwawona. Kwabamisa idolo abafundi nemikhaya yabo nabangane ukuzwa amazwi alezi zithunywa zevangeli esezingomakad’ ebona.
Iseluleko esanikwa ikilasi elalithweswa iziqu ukuze lisizwe lijwayele izabelo zalo zakwamanye amazwe sasihlanganisa amazwi anjengalawa: “Yiba nombono oqondile. Uma wehlelwa yinto ekuxakayo noma ongayiqondi, ungayeki. Ncika kuJehova”; “funda ukujabulela lokho okutholakalayo, futhi uthembele ekutheni uJehova uyokulungiselela izidingo zokuphila.” Amanye amazwi ayegxile ekusizeni abafundi ukuba balondoloze injabulo ezabelweni zabo. Ambalwa awo ayethi: “Ungasiqhathanisi isabelo sakho nendawo osuka kuyo”; “funda ulimi lwendawo futhi ulukhulume kahle ukuze ukwazi ukukhulumisana nabantu”; “funda amasiko nezinkambiso zabantu, ngoba lokhu kuyokusiza ukuba unamathele esabelweni sakho.” La mazwi azikhuthaza kakhulu izithunywa zevangeli ezintsha.
Ngemva kwalezi zingxoxo, uDavid Splane, owayekade eyisithunywa sevangeli, nowathweswa iziqu ekilasini lama-42 laseGileyadi futhi manje okhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wanikeza inkulumo eyisihluthulelo enesihloko esivusa isithakazelo esithi “Ningabafundi Noma Niyizazi Eziphothulile—Niyikuphi?” Wabuza ikilasi elalithweswa iziqu: “Nizozibheka kanjani njengoba niya ezabelweni zenu zezithunywa zevangeli? Njengezazi eziphothulile nezazi konke ngomsebenzi wezithunywa zevangeli noma njengabafundi abasenokuningi okufanele bakufunde?” UMfoweth’ uSplane waveza ukuthi umuntu othweswa iziqu ohlakaniphile uzibheka njengomfundi. Izithunywa zevangeli kufanele zibe nombono wokuthi wonke umuntu ezihlangana naye esabelweni sazo sezithunywa zevangeli angazifundisa okuthile. (Filipi 2:3) Abafundi bakhuthazwa ukuba babambisane ngokuseduze nezithunywa zevangeli abazoba kanye nazo, ihhovisi legatsha nebandla lendawo. “Niphumelele ezivivinyweni zenu zokugcina, kodwa anikayeki ukuba abafundi. Kwenzeni kucace kuwo wonke umuntu ukuthi nizele ukuzofunda,” kunxusa uMfoweth’ uSplane.
Ngemva kwale nkulumo, abafundi bathola ama-diploma abo kwase kumenyezelwa izabelo zabo ezilalelini. Kwakuthinta inhliziyo kubafundi abathweswa iziqu lapho omelele ikilasi efunda izwi lesinqumo elalikhuluma ngokuzimisela kwababethweswa iziqu ukuvumela lokho ababekufunde eZwini likaNkulunkulu ukuba kubashukumisele ezenzweni ezinkulu nakakhulu zenkonzo engcwele.
Bonke ababekhona bangavuma ukuthi iseluleko esanikezwa sabaqinisa ababethweswa iziqu ekuzimiseleni kwabo ukubonisa uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane. Sabenza futhi bazimisela kunanini ngaphambili ukusiza abantu ngokomoya ezabelweni zabo zezithunywa zevangeli.
[Ibhokisi ekhasini 25]
IMINININGWANE YEKILASI
Inani lamazwe amelelwe: 10
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 20
Inani labafundi: 48
Isilinganiso seminyaka yobudala: 33,7
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16,2
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 12,5
[Isithombe ekhasini 26]
Ikilasi Le-109 Elithweswe Iziqu Le-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Collins, E.; Miles, L.; Alvarado, A.; Lake, J. (2) Van Dusen, L.; Biharie, A.; Heikkinen, H.; Koós, S.; Smith, H. (3) Ashford, J.; Ashford, C.; Boor, C.; Richard, L.; Wilburn, D.; Lake, J. (4) Chichii, K.; Chichii, H.; Ramirez, M.; Baumann, D.; Becker, G.; Biharie, S.; Ramirez, A. (5) Van Dusen, W.; Lemâtre, H.; Pisko, J.; Cutts, L.; Russell, H.; Johnson, R. (6) Becker, F.; Baumann, D.; Johnson, K.; Pifer, Á.; Madsen, C.; Lemâtre, J.; Heikkinen, P. (7) Smith, R.; Russell, J.; Collins, A.; Pisko, D.; Wilburn, R.; Koós, G. (8) Cutts, B.; Boor, J.; Madsen, N.; Pifer, S.; Richard, E.; Miles, B.; Alvarado, R.