Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izindaba Ezinhle Zokuthula Zifinyelela Izinkangala ZaseChiapas

Izindaba Ezinhle Zokuthula Zifinyelela Izinkangala ZaseChiapas

Izindaba Ezinhle Zokuthula Zifinyelela Izinkangala ZaseChiapas

“Ekucekeni okubi kakhulu umuntu angakukhumbula esifundazweni saseChiapas, iqembu lamadoda ahlomile labulala abalimi abangu-45 ababengenakuzivikela, kuhlanganise nezinsana ezingu-13.” Labika kanjalo iphephandaba i-“Universal” ngalokho okwenzeka e-Acteal, eSifundazweni saseChiapas, ngo-December 22, 1997.

ICHIAPAS iyisifundazwe saseMexico esiseningizimu impela, igudle iGuatemala. Ngenxa yomlando omude wobumpofu nokuswela, iqembu lamaNdiya omdabu aseMaya lahlela ukuvukela ngezikhali ngo-January 1994, lizibiza ngelithi Ejército Zapatista de Liberación Nacional (EZLN, National Liberation Zapatista Army). Izingxoxo zokufuna isixazululo sokuthula ziye zadonsa isikhathi eside. Ukuphanga nokuhlasela kwamahlubuka nohulumeni, kuye kwaholela ekuchithekeni kwegazi nokufa. Lesi siyaluyalu sabangela abalimi endaweni ukuba babalekele endaweni ephephile.

Ezimweni ezinjalo zokungaqiniseki, kuneqembu elilodwa labathandi bokuthula elahlala lingathathi hlangothi kulo mzabalazo wezombangazwe. Ngentshiseko laqondisa ukunaka eMbusweni kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lokuxazulula izinkinga abantu ababhekana nazo endaweni nasembulungeni yonke. (Daniyeli 2:44) Ngobani labo? NgoFakazi BakaJehova. Belalela umyalo kaJesu, bazama ukuyisa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ezingxenyeni ezingazodwa zezinkangala zaseChiapas. (Mathewu 24:14) Kwakunjani ukushumayela ngaphansi kwezimo ezinjalo, futhi yaba yini imiphumela?

“Ngingomunye WoFakazi BakaJehova”

U-Adolfo, insizwa eyayisanda kuba ummemezeli woMbuso, yayisebenza esiteshini somsakazo e-Ocosingo. Kungazelelwe kwaba nokungqongqoza okukhulu emnyango. Iqembu lamadoda afake izifihla-buso lafuhleleka ngaphakathi endlini, lamkhomba ngezibhamu ekhanda. Laphuthuma endlini ye-transmitter lathatha ngodlí imishini yokusebenza futhi lamemezela emoyeni ukuthi lingenela impi nohulumeni.

Ephendukela ku-Adolfo, la madoda ahlomile athi akajoyine inhlangano yawo. Nakuba ayengakabhapathizwa, u-Adolfo wathi, “Ngingomunye woFakazi BakaJehova.” Wachaza ukuthi ukuphela kwethemba lokuthula nguMbuso kaNkulunkulu, futhi wayenqaba ngokuphelele iyunifomu nesibhamu ayemnika kona. Ebona ukuma kwakhe kokuzimisela amyeka. Ekhumbula lesi senzakalo u-Adolfo uthi: “Leso senzakalo saluqinisa ngempela ukholo lwami.”

Ekugcineni isimo saba ngcono, kodwa indawo yayisaqashwe amasosha. Naphezu kwalokho, u-Adolfo wamukela isimemo sabadala bebandla lendawo sokuba ayosebenza neqembu lamaKristu elingalodwa endaweni. Ezindaweni zezivimba-mgwaqo okwakudingeka adlule kuzo, amasosha ayemhlonipha lapho ethi ungomunye woFakazi BakaJehova. Kamuva wabhapathizwa futhi uye waba nokwaneliseka kokusiza lelo qembu elingalodwa libe ibandla loFakazi BakaJehova. U-Adolfo uthi: “Manje njengoba sengibhapathiziwe, ngingasho kugcwale umlomo ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova!”

“UJehova Wasiqinisa”

Ngokushesha ngemva kokuba i-EZLN imemezele ukulwa nohulumeni emsakazweni, abantu bedolobha babaleka. UFrancisco, isikhonzi sesikhathi esigcwele, noma iphayona, wachaza indlela uJehova amqinisa ngayo yena nomkakhe kulokho okwadingeka babhekane nako.

“Sanquma ukubalekela endaweni eqhele ngamahora amathathu uma uhamba ngezinyawo. Kwakunebandla lapho, ngakho sasizoba nabazalwane. Ngokushesha kwafika isikhathi somhlangano wethu wesifunda ePalenque. Mina nomkami sasingafuni ukulahlekelwa umhlangano okhethekile wamaphayona, kodwa sezwa ukuthi indlela eya emhlanganweni yayivinjwe ama-EZLN. Sanquma ukuhamba ngendlela edlula ehlathini, okwasithatha amahora angu-9. Safika ngesikhathi ukuze sibe khona emhlanganweni wamaphayona esawujabulela kakhulu kuhlanganise naso sonke isimiso somhlangano.

“Lapho sesibuya, sathola ukuthi umuzi wethu ushisiwe nemfuyo yethu intshontshiwe. Okwakusele nje kwakuyisikhwama esincane sezingubo zokugqoka. Sadumala ngokulahlekelwa, kodwa abazalwane e-Ocosingo basamukela ngomusa emizini yabo. Basibonisa nokuthi singasebenza kanjani ngezinto thina balimi esasingakaze sisebenze ngazo. Omunye umzalwane wangifundisa ukuthatha izithombe, omunye wangifundisa ukukhanda izicathulo. Siye sazisekela ngaleyo ndlela nomkami kuze kube manje, ngaphandle kokuyeka inkonzo yamaphayona. Uma sicabanga ngalokho okuye kwenzeka, siyabona ukuthi nakuba kwakungelula ngathi ukukhuthazela, uJehova wasiqinisa.”

Izithelo Zomsebenzi Wokushumayela

OFakazi eSifundeni saseChiapas abazange babuvumele ubunzima nengozi ukuba kubathiye ekubeni nengxenye emzamweni okhethekile wokuyisa izindaba ezinhle kubantu bendawo. Ngokwesibonelo, emuva ngo-April no-May 1995 bahlanganyela namanye amaKristu emhlabeni wonke emkhankasweni wokusakaza i-Kingdom News No. 34, eyayinesihloko esifaneleka kakhulu esithi, Kungani Ukuphila Kugcwele Izinkinga Kangaka?

Phakathi nomkhankaso—endaweni ebizwa ngokuthi i-Pueblo Nuevo—uCiro, iphayona elivamile, wathola umkhaya owabonisa isithakazelo. Lapho ebuyela ngemva kwezinsuku ezintathu wakwazi ukuqala isifundo seBhayibheli nawo. Kodwa lapho uCiro nomngane wakhe bebuyela ukuze baqhubeke nesifundo nalo mkhaya, ubaba wekhaya wayengekho ekhaya. Kunalokho, kwakuneqembu lamadoda afake izifihla-buso elinde ukumlimaza. Abuza uCiro nomngane wakhe ukuthi bafunani futhi babasongela ngokubabulala. Ngemva kokuthandaza buthule kuJehova, la maKristu amabili achaza ngesibindi ukuthi ayezele ukuzofundisa umkhaya iBhayibheli. La madoda afihle ubuso abayeka. Ngasizathu simbe, ubaba wekhaya akazange abuye ngalolo suku.

Ngolunye usuku, cishe ngemva kweminyaka emithathu, uCiro wamangala ukubona le ndoda ifika kwakhe. Yeka ukuthi wajabula kanjani uCiro uma ezwa ukuthi wonke umkhaya wawusubhapathiziwe nokuthi manje wawusuhlanganyela nebandla laseGuatemala! Enye yamadodakazi yayisize ikhonza njengephayona elivamile.

Ukwazisa Ukudla Okungokomoya

Naphezu kobunzima obuqhubekayo eChiapas, umbonisi wesigodi ubika ukuthi oFakazi endaweni bakwazisa ngempela ukubaluleka kokuhlangana ndawonye. (Heberu 10:24, 25) Ulandisa ngalokho okwenzeke emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa muva nje, owawuhlelelwe ukuba uqale ekuseni ukuze labo abakhona bakwazi ukubuyela emakhaya kusakhanya bephephile. Nakuba abaningi kwadingeka bahambe amahora angaphezu kwamathathu bedabula ehlathini ukuze bafike enkundleni yomhlangano, ngo-7:00 ekuseni bonke base behlezi. Ezilalelini kwakunamalungu ayisithupha eqembu le-EZLN, elalele futhi eshaya nezandla, ngokusobala ejabulela isimiso. Nawo ahamba amahora amathathu ukuze abe khona emhlanganweni. Angamashumi amabili awo aba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu eHholo LoMbuso lendawo.

Insizwa ethile yeqembu labalwa ngabodwa yabelwa ngabaphathi bayo ukuba iqaphe ngasehlathini elithile. Lapho ifika kulowo mphakathi, yathola ukuthi zonke izakhamuzi, eziningi zazo ezazingoFakazi BakaJehova, zazibalekile. Ngakho yahlala komunye wemizi engasahlali bantu. Ingenalutho lokulwenza, yathatha ezinye zezincwadi eyazithola endlini futhi yaqala ukufunda. Kwakuyizincwadi ze-Watch Tower ezazishiywe oFakazi. Ihlezi yodwa, le nsizwa yayinesikhathi sokuzindla ngalokho eyayikufunda. Yanquma ukushintsha ukuphila kwayo futhi yayeka ukulwa. Ngokushesha nje lapho ithuba livela, yathola oFakazi futhi kwaqala isifundo seBhayibheli. Kungakapheli izinyanga eziyisithupha yayisitshela abanye ngezindaba ezinhle. Yona namalungu amathathu omkhaya wakubo, nawo ayezwelana nenhlangano yomzabalazo yabalwa ngabodwa manje bangamaKristu abhapathiziwe.

Ukubona Uhlangothi Oluhle

Nakuba kwakusho ubunzima obukhulu, le nxushunxushu yaba nethonya elihle esimweni sabantu ngasemsebenzini wokushumayela. Umdala othile kulo kanye idolobha lapho kwaqala khona isiphithiphithi uthi: “Cishe ngemva kwezinsuku ezinhlanu kuqale impi, sahlela umsebenzi wokushumayela ngaphakathi nangaphandle kwedolobha. Abantu babemagange ukusilalela. Sahambisa izincwadi zeBhayibheli eziningi saqala nezifundo zeBhayibheli eziningana. Kwenye indawo, abaningi babephikisa, kodwa ngenxa yezinxushunxushu, manje bayalalela, batadishe iBhayibheli futhi baba khona emihlanganweni yebandla nemikhulu.”

Abazalwane bayajabula ngokuthi bakwazile ukugcina imisebenzi yabo engokwasezulwini iqhubeka naphezu kwezimo eziguquguqukayo. Bayaqhubeka beba nemihlangano yabo ebaqinisayo ngokomoya kanti namabutho kahulumeni ne-EZLN bayakwazi lokho. Ukuhambela kwababonisi abajikelezayo nako kuye kwaba yisikhuthazo esinamandla ekuqhubekeni nomsebenzi wokushumayela. Ngokuthakazelisayo, isikhuthazo sivela ngisho nakulabo abangene shí kule nxushunxushu, bavame ukunxusa oFakazi ukuba baqhubeke nomsebenzi wabo wokushumayela.

Nakuba uvivinyo nobunzima abantu baseChiapas okuye kwadingeka babhekane nako kuye kwadamba ngokuhamba kwesikhathi, akukapheli. Noma kunjalo, yinye into eqinisekile—oFakazi BakaJehova bazimisele ukuqhubeka ngaphandle kokuyekethisa emizamweni yabo yokuhambisela abantu izindaba ezinhle zokuthula ezivela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (IzEnzo 10:34-36; Efesu 6:15) Njengoba kwasho umprofethi uJeremiya, bayaqaphela ukuthi “indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) NguMbuso kaNkulunkulu kuphela, ezandleni zeNdodana yakhe uJesu Kristu, ongaletha ikhambi ekuntulekeni kobulungisa nasebumpofwini emhlabeni.—Mathewu 6:10.

[Ibalazwe ekhasini 9]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IGulf of Mexico

ICHIAPAS

IGUATEMALA

IPacific Ocean

[Umthombo]

Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.

[Isithombe ekhasini 9]

OFakazi beya enkonzweni ezinkangala zaseChiapas