Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Inkulungwane Entsha Yeminyaka Izoba Nokuthula?

Ingabe Inkulungwane Entsha Yeminyaka Izoba Nokuthula?

Ingabe Inkulungwane Entsha Yeminyaka Izoba Nokuthula?

NGO-SEPTEMBER 14, 1999, eParis naseNew York City kwethulwa uNyaka Womhlaba Wonke Wenkambiso Yokuthula. UMkhandlu-jikelele weZizwe Ezihlangene wamemezela ukuthi lokhu kwakuzoqala ngonyaka ka-2000. UFederico Mayor, owayengumqondisi-jikelele we-UNESCO, wanxusa ngobuqotho ukuba “kwakhiwe umzabalazo wembulunga yonke wenkambiso yokuthula nokungabi nabudlova.”

I-UNESCO inesisho esithi “njengoba izimpi ziqala ezingqondweni zabantu, kusezingqondweni zabantu lapho kumelwe kwakhiwe khona izivikelo zokuthula.” Ngokuvumelana nalokhu, le nhlangano ihlose ukukhuthaza inkambiso yokuthula ‘ngokufundisa, ukuxoxisana nokubambisana.’ UMnu. Mayor wathi akwanele “ukuthanda ukuthula, noma ngisho ukuphikisana nempi, kodwa [kudingeka] ukuba abenzi bokuthula.”

Ngokudabukisayo, unyaka ka-2000 ubungenako neze ukuthula. Umlando wanamuhla—kuhlanganise nezenzakalo zonyaka ka-2000—uye wakwenza kwacaca ukuthi umuntu akanakuyivimbela impi nobudlova naphezu kwemizamo eqotho yokwenza kanjalo.

Nokho, kuyaphawuleka ukuthi ukuthula kuhlobene ngempela nokufundiswa. Eminyakeni engaba ngu-2 700 edlule, umprofethi u-Isaya wabikezela: “Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.” (Isaya 54:13) Yena lowo mprofethi wasibona kusengaphambili isikhathi lapho abantu bazo zonke izizwe babeyogobhozela ekukhulekeleni okuhlanzekile kukaJehova uNkulunkulu ukuze bafunde izindlela zaKhe. Kube namuphi umphumela? “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” (Isaya 2:2-4) Ngokuvumelana naleso siprofetho, oFakazi BakaJehova benza umsebenzi wokufundisa emhlabeni wonke osusizé izigidi ukuba zinqobe inzondo ngezinye izizwe nezinhlanga, okuyiyona mbangela eyisisekelo yezimpi eziningi.

Ekugcineni, izimpi ziyophela ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, oyoletha ukuthula nokulondeka okuhlala njalo emhlabeni. (IHubo 72:7; Daniyeli 2:44) Kuyobe sekugcwaliseka amazwi omhubi athi: “Wozani nibone izenzo zikaJehova . . . azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 46:8, 9.