Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Wanuleké Kangakanani Othandweni?

Wanuleké Kangakanani Othandweni?

Wanuleké Kangakanani Othandweni?

“Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”—MATHEWU 22:39.

1. Uma simthanda uJehova, kungani kumelwe futhi sithande nomakhelwane wethu?

LAPHO uJesu ebuzwa ukuthi yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke, waphendula: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke.” Wabe esecaphuna umyalo wesibili ofuze owokuqala: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:37, 39) Yebo, uthando ngomakhelwane luwuphawu lomKristu. Ngempela, uma simthanda uJehova, kumelwe sithande umakhelwane wethu. Ngani? Ngoba sibonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu ngokulalela iZwi lakhe, futhi iZwi lakhe lisiyala ukuba sithande umakhelwane wethu. Ngakho, uma singabathandi abafowethu nodadewethu, uthando lwethu ngoNkulunkulu alunakuba qotho.—Roma 13:8; 1 Johane 2:5; 4:20, 21.

2. Luhlobo luni lothando okufanele sithande ngalo umakhelwane wethu?

2 Lapho uJesu ethi kumelwe sithande umakhelwane wethu, wayengakhulumi nje ngobungane. Wayebhekisela othandweni oluhlukile kulolo oluba khona ngokwemvelo emikhayeni noma phakathi kowesilisa nowesifazane. Wayekhuluma ngohlobo lothando uJehova analo ngezinceku zakhe ezizinikezele, nazo ezinalo ngaye. (Johane 17:26; 1 Johane 4:11, 19) Umbhali othile ongumJuda—owayekhuluma ngokuhlakanipha, njengoba uJesu amphawula—wavumelana noJesu ngokuthi uNkulunkulu kumelwe umthande “ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke nangezikhwepha zakho zonke.” (Marku 12:28-34) Wayeqinisile. Uthando umKristu aluhlakulelayo ngoNkulunkulu nangomakhelwane luhilela imizwelo yethu nengqondo yethu. Luzwakala enhliziyweni futhi luqondiswe yingqondo.

3. (a) UJesu wamfundisa kanjani ‘umuntu ojwayelene kahle nomthetho’ ukuthi kwakufanele abe nombono ovulekile ngokuthi ubani ongumakhelwane wakhe? (b) Umzekeliso kaJesu usebenza kanjani kumaKristu namuhla?

3 Njengoba kubika uLuka, lapho uJesu ethi kufanele sithande umakhelwane wethu, “umuntu othile ojwayelene kahle noMthetho” wabuza: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” UJesu waphendula ngomzekeliso. Umuntu othile washaywa, waphangwa, washiywa eceleni kwendlela kucatshangwa ukuthi ufile. Kwaqale kwadlula umpristi, kwabe sekudlula umLevi. Bobabili abamnakanga. Ekugcineni kwaqhamuka umSamariya, wayibona le ndoda elimele, wayeseyenzela umusa omkhulu. Ubani kulaba abathathu owayengumakhelwane wendoda elimele? Impendulo yayisobala. (Luka 10:25-37) Kungenzeka ukuthi washaqeka lo muntu ojwayelene kahle noMthetho lapho ezwa uJesu ethi umSamariya wayengase abe umakhelwane ongcono kunompristi nomLevi. Ngokusobala, uJesu wayesiza lowo muntu ukuba athande umakhelwane wakhe ngendlela ejule ngokwengeziwe. NamaKristu anothando olunjalo. Cabanga ngabo bonke abahlanganiswe othandweni lwawo.

Uthando Ekhaya

4. Kukuphi lapho umKristu ebonisa khona uthando kuqala?

4 AmaKristu ayawathanda amalungu emikhaya yawo—amakhosikazi ayabathanda abayeni, abayeni bayawathanda amakhosikazi, abazali bayazithanda izingane. (UmShumayeli 9:9; Efesu 5:33; Thithu 2:4) Yiqiniso, iningi lemikhaya linazo izibopho zothando lwemvelo. Nokho, imibiko yemishado echithekile, yokuhlukunyezwa komngane womshado neyezingane ezinganakwa noma ezihlukunyezwayo ibonisa ukuthi umkhaya ubhekene nokucindezeleka namuhla, futhi imizwa yomkhaya yemvelo ingase inganeli ukuze iwugcine ubumbene. (2 Thimothewu 3:1-3) Ukuze kuphumelele ngempela ukuphila kwemikhaya yawo, amaKristu kudingeka abonise uhlobo lothando uJehova noJesu abanalo.—Efesu 5:21-27.

5. Abazali babheka kubani ukuze bathole usizo ekukhuliseni izingane zabo, futhi iye yaba yini imiphumela kwabaningi?

5 Abazali abangamaKristu babheka izingane zabo njengabaziphathiswe nguJehova, futhi babheka kuye ukuze bathole usizo ekuzikhuliseni. (IHubo 127:3-5; IzAga 22:6) Ngale ndlela bahlakulela uthando lobuKristu, olubasiza ukuba bavikele izingane zabo emathonyeni onakalisayo angase abambe intsha. Ngenxa yalokho, abazali abaningi abangamaKristu baye bathola injabulo efana nekamama othile waseNetherlands. Ngemva kokubukela indodana yakhe ibhapathizwa—ingomunye wabangu-575 ababhapathizwa eNetherlands ngonyaka odlule—wabhala okulandelayo: “Njengamanje, ngivuna izithelo zomsebenzi wami weminyaka engu-20 edlule. Sonke leso isikhathi namandla—kanye nobuhlungu, ukuzikhandla nosizi—sekukhohlakele.” Yeka indlela ajabula ngayo ngokuthi indodana yakhe yazinqumela yona ngokwayo ukukhonza uJehova. Inani eliphakeme labamemezeli abangu-31 089 ababika eNetherlands ngonyaka odlule lihlanganisa nabaningi abakufunda kubazali babo ukuthanda uJehova.

6. Uthando lobuKristu lungasiza kanjani ekuqiniseni isibopho somshado?

6 UPawulu wabiza uthando ngokuthi “isibopho esiphelele sobunye,” futhi lungalondoloza ubunye bomshado ngisho nasezikhathini ezinzima. (Kolose 3:14, 18, 19; 1 Petru 3:1-7) Lapho indoda ethile eRurutu, isiqhingana esiqhele ngamakhilomitha angaba ngu-700 kusuka eTahiti, iqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, umkayo wayiphikisa kakhulu. Ekugcineni, wathatha izingane wahamba, wayohlala eTahiti. Noma kunjalo, le ndoda yabonisa uthando lwayo ngokumthumelela imali njalo nangokumshayela ucingo ibuze ukuthi ikhona yini into abayidingayo yena nezingane. Kanjalo yenza konke eyayingakwenza ukuze ifeze isibopho sayo sobuKristu. (1 Thimothewu 5:8) Yayithandaza njalo ukuba umkhaya wayo uphinde ube ndawonye, futhi ekugcineni umkayo wabuya. Lapho ebuya, yamphatha ‘ngothando, ukukhuthazela, nobumnene bomoya.’ (1 Thimothewu 6:11) Ngo-1998, yabhapathizwa futhi kamuva yajabula kakhulu lapho umkayo evuma ukutadisha iBhayibheli. Leso sifundo sasingesinye sezingu-1 351 ezaqhutshwa ensimini engaphansi kwegatsha laseTahiti ngonyaka odlule.

7. Ngokwendoda ethile yaseJalimane, yini eyaqinisa umshado wayo?

7 EJalimane, indoda ethile yayiphikisana nesithakazelo somkayo eqinisweni leBhayibheli futhi iqiniseka ukuthi oFakazi BakaJehova babefuna ukumkhohlisa. Nokho, kamuva yabhalela uFakazi wokuqala owaxoxa nomkayo: “Ngiyabonga ngokwazisa umkami ngoFakazi BakaJehova. Ekuqaleni, ngangikhathazekile ngoba ngangizwe izinto eziningi ezimbi ngabo. Kodwa manje, njengoba sengike ngaya emihlanganweni nomkami, ngiyabona ukuthi nganginephutha kangakanani. Ngiyazi ukuthi yiqiniso leli engilizwayo, futhi liye lawuqinisa kakhulu kunakuqala umshado wethu.” OFakazi BakaJehova abangu-162 932 eJalimane—nabangu-1 773 eziqhingini ezingaphansi kwegatsha laseTahiti—bahlanganisa imikhaya eminingi ehlanganiswe uthando lokuhlonipha uNkulunkulu.

Ukuthanda Abafowethu AbangamaKristu

8, 9. (a) Ubani osifundisa ukuthanda abafowethu, futhi uthando lusishukumisela ukuba senzeni? (b) Nikeza isibonelo sendlela uthando olungasiza ngayo abazalwane ukuba basekelane.

8 UPawulu wathi kumaKristu aseThesalonika: “Nina ngokwenu nifundiswa uNkulunkulu ukuba nithandane.” (1 Thesalonika 4:9) Yebo, labo ‘abafundiswa nguJehova’ bayathandana. (Isaya 54:13) Uthando lwabo lubonakala ngezenzo, njengoba uPawulu abonisa lapho ethi: “Ngothando yibani izigqila omunye komunye.” (Galathiya 5:13; 1 Johane 3:18) Ngokwesibonelo, lokhu bakwenza lapho bevakashela abazalwane nodade abagulayo, bekhuthaza abacindezelekile nalapho besekela ababuthakathaka. (1 Thesalonika 5:14) Uthando lwethu lobuKristu oluqotho lunengxenye ekwandeni kwepharadesi lethu elingokomoya.

9 EBandleni Lase-Ancón—elinye lamabandla angu-544 e-Ecuador—abazalwane babonisa uthando lwabo ngendlela engokoqobo. Isimo sezomnotho sabashiya bengasebenzi futhi bengenamali, ngakho abamemezeli banquma ukuqongelela imali ngokudayisela abadobi bendawo ukudla lapho bebuyela emakhaya ngemva kokudoba ebusuku. Babambisana bonke, kuhlanganise nezingane. Kwakudingeka baqale ngo-1:00 ekuseni ukuze ukudla kube sekulungile ngo-4:00 ekuseni lapho abadobi bebuya. Imali abayizuza abazalwane babelana ngayo ngokwezidingo zabo. Ukusizana okunjalo kwabonisa uthando lobuKristu lwangempela.

10, 11. Singalubonisa kanjani uthando ngabazalwane esingabazi?

10 Nokho, uthando lwethu alugcini kumaKristu esiwaziyo kuphela. Umphostoli uPetru wathi: “Yibani nothando ngayo yonke inhlangano yabafowethu.” (1 Petru 2:17) Sibathanda bonke abafowethu nodadewethu ngoba bonke bangabakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu kanye nathi. Izikhathi zezinhlekelele zingase ziveze ithuba lokubonisa lolu thando. Ngokwesibonelo, phakathi nonyaka wenkonzo ka-2000, izikhukhula ezinkulu zacekela phansi elaseMozambique, futhi impi yombango eqhubekayo e-Angola yashiya abaningi bempofu. Inani elikhulu labazalwane abangu-31 725 eMozambique nabangu-41 222 e-Angola liye lathinteka kulezi zenzakalo. Ngakho, oFakazi eNingizimu Afrika engumakhelwane baye bathumela izinto eziningi zokudambisa usizi lwabafowabo kulawo mazwe. Ukuzimisela kwabo ukunikela “insalela” yabo kubafowabo abaswele kwabonisa uthando lwabo.—2 Korinte 8:8, 13-15, 24.

11 Uthando luyabonakala futhi lapho abazalwane emazweni amaningi benikelela ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso namaHholo Omhlangano emazweni angamile kahle. Esinye sezibonelo yiSolomon Islands. Naphezu kweziyaluyalu ezinkulu, eSolomon Islands kwaba nokwanda kwamaphesenti angu-6 enanini labamemezeli ngonyaka odlule, nenani eliphakeme elingu-1 697. Babehlela ukwakha iHholo Lomhlangano. Nakuba izakhamuzi eziningi zazibaleka kuleli zwe, kwafika izisebenzi zokuzithandela zivela e-Australia zizosiza ekwakheni. Ekugcineni, lezi zisebenzi kwadingeka zihambe, kodwa zahamba seziqeqeshe abazalwane bendawo ukuze baqedele isisekelo. Uhlaka lwensimbi lwaleli hholo olwakhiwa kusengaphambili lwathunyelwa ngomkhumbi lusuka e-Australia, futhi ukuphothulwa kwalesi sakhiwo esihle sokukhulekela—ngesikhathi lapho izakhiwo eziningi zishiywe zingaphelile—kuyoba ubufakazi obuhle egameni likaJehova nobothando lwabazalwane.

NjengoNkulunkulu, Siyalithanda Izwe

12. Simlingisa kanjani uJehova ngesimo sethu sengqondo ngakulabo abangekho enkolweni yethu?

12 Ingabe uthando lwethu lugcina emikhayeni yethu nakubazalwane bethu kuphela? Cha, akunjalo uma ‘singabalingisi bakaNkulunkulu.’ UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Efesu 5:1; Johane 3:16) NjengoJehova uNkulunkulu, sibonisa uthando kubo bonke—kuhlanganise nalabo abangekho enkolweni yethu. (Luka 6:35, 36; Galathiya 6:10) Ngokuqondene nalokhu ngokukhethekile, sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso futhi sitshele abanye ngesenzo esikhulu sothando uNkulunkulu abenzela sona. Lokhu kungaphumela ekusindisweni kwanoma yibaphi abalalelayo.—Marku 13:10; 1 Thimothewu 4:16.

13, 14. Yikuphi okunye kokuhlangenwe nakho kwabazalwane ababonisa uthando kwabangebona oFakazi, yize kwakusho ukuzidela okukhulu kubo?

13 Cabanga ngezikhonzi ezine ezingamaphayona akhethekile eNepal. Zabelwa edolobheni eliseningizimu-ntshonalanga yezwe, futhi eminyakeni emihlanu edlule, ziye zabonisa uthando lwazo ngokushumayela ngokubekezela edolobheni nasezindaweni ezingaphandle. Ukuze zihlanganise insimu yazo, ngokuvamile zihamba amahora amaningi ngamabhayisekili ekushiseni okungaphezu kuka-40°C. Uthando ‘nokukhuthazela kwazo emsebenzini omuhle’ kwaveza imiphumela emihle lapho kwakhiwa iqembu lesifundo sencwadi kwenye yalezi zindawo ezingaphandle. (Roma 2:7) Ngo-March 2000, abantu abangu-32 beza enkulumweni yeningi eyayinikezwa ngumbonisi wesifunda owayehambele. ENepal kwaba nenani labamemezeli eliphakeme elingu-430 ngonyaka odlule—okuwukwanda ngamaphesenti angu-9. Ngokusobala uJehova uyayibusisa intshiseko nothando lwabazalwane kulelo zwe.

14 EColombia, amaphayona akhethekile esikhashana aya koshumayela emaNdiyeni angamaWayuu. Ukuze enze lokhu, kwadingeka afunde ulimi olusha, kodwa isithakazelo sawo esiqhutshwa uthando savuzwa lapho kuba khona abangu-27 enkulumweni yeningi nakuba laliyidliva. Intshiseko yothando enjengalena eyaboniswa yila maphayona yaba nengxenye ekwandeni okwaba ngamaphesenti angu-5 eColombia nasenanini eliphakeme labamemezeli abangu-107 613. EDenmark, udade osekhulile wayefuna ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye, kodwa wayekhubazekile. Engakuvumeli kumdikibalise, wathintana nabantu abathakazelayo ngokubhala izincwadi. Njengamanje, ubhalelana nabantu abangu-42 futhi uqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-11. Ungomunye wenani eliphakeme labamemezeli abangu-14 885 ababika eDenmark ngonyaka odlule.

Zithande Izitha Zakho

15, 16. (a) UJesu wathi uthando lwethu kufanele luhlanganise nobani? (b) Abazalwane abanomthwalo wemfanelo basebenzelana kanjani ngothando nomuntu owamangalela oFakazi BakaJehova ngokungamanga?

15 UJesu watshela indoda ejwayelene kahle noMthetho ukuthi umSamariya wayengase abhekwe njengomakhelwane. ENtshumayelweni Yasentabeni, uJesu washo nokungaphezu kwalokho lapho ethi: “Nezwa ukuthi kwathiwa, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho futhi uzonde isitha sakho.’ Nokho, mina ngithi kini: Qhubekani nithanda izitha zenu futhi nithandazela labo abanishushisayo; ukuze nizibonakalise ningamadodana kaYihlo osemazulwini.” (Mathewu 5:43-45) Ngisho noma umuntu esiphikisa, sizama ‘ukuqhubeka sinqoba okubi ngokuhle.’ (Roma 12:19-21) Uma kungenzeka, sihlanganyela naye impahla yethu eyigugu kakhulu, iqiniso.

16 E-Ukraine, isihloko sephephandaba i-Kremenchuk Herald sakhuluma ngoFakazi BakaJehova njengabayihlelo eliyingozi. Lokhu kwakuyinto engathi sína ngoba eYurophu abanye bakhuluma ngale ndlela ngoFakazi BakaJehova ukuze benze abantu bakholwe ukuthi imisebenzi yoFakazi kufanele ibekelwe imingcele noma ivinjelwe. Ngakho, kwayiwa kumhleli futhi wacelwa ukuba ashicilele umbiko olungisa lokho ayekushilo esihlokweni sakhe. Wavuma, kodwa kanye nalowo mbiko, washicilela amazwi athi isihloko sokuqala sasisekelwe emaqinisweni. Ngakho abazalwane abanomthwalo wemfanelo baphinde baya kuye nokwaziswa okwengeziwe. Ekugcineni, umhleli waqaphela ukuthi isihloko sokuqala sasingalungile, wayeseshicilela esihoxisa esokuqala. Ukusebenzelana naye ngokungagwegwesi nokho ngomusa kwakuyindlela yothando yokusingatha lesi simo, futhi kwaholela emphumeleni omuhle.

Singaluhlakulela Kanjani Uthando?

17. Yini ebonisa ukuthi kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi ukuphatha abanye ngendlela yothando?

17 Lapho kuzalwa umntwana, abazali bamthanda ngokushesha. Ukusebenzelana ngothando nabantu abadala akuzenzakaleli kanjalo ngaso sonke isikhathi. Cishe kungaleso sizathu iBhayibheli lisitshela ngokuphindaphindiwe ukuba sithandane—kuyinto okufanele sisebenzele kuyo. (1 Petru 1:22; 4:8; 1 Johane 3:11) UJesu wayazi ukuthi uthando lwethu luyovivinywa lapho ethi kufanele sithethelele umfowethu “kuze kube izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.” (Mathewu 18:21, 22) NoPawulu wasinxusa ukuba ‘siqhubeke sibekezelelana.’ (Kolose 3:12, 13) Akumangazi ukuthi siyatshelwa: “Phishekelani uthando”! (1 Korinte 14:1) Singakwenza kanjani lokhu?

18. Yini eyosisiza sihlakulele uthando ngabanye?

18 Okokuqala, singahlala njalo sikhumbula uthando esinalo ngoJehova uNkulunkulu. Lolu thando luyisisusa esinamandla sokuba sithande umakhelwane wethu. Ngani? Ngoba lapho senza kanjalo, lokhu kummelela kahle uBaba wethu osezulwini futhi kuletha inkazimulo nodumo kuye. (Johane 15:8-10; Filipi 1:9-11) Okwesibili, sizama ukubheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo. Njalo lapho sona, sona kuJehova; nokho, usithethelela ngokuphindaphindiwe futhi aqhubeke esithanda. (IHubo 86:5; 103:2, 3; 1 Johane 1:9; 4:18) Uma sihlakulela umbono kaJehova, siyothambekela ekuthandeni abanye futhi sibaxolele lapho besona. (Mathewu 6:12) Okwesithathu, singasebenzelana nabanye ngendlela esifuna basebenzelane nathi ngayo. (Mathewu 7:12) Njengoba singaphelele, sidinga ukuxolelwa njalo. Ngokwesibonelo, lapho sisho izinto ezibaphatha kabi abanye, sifisa sengathi bangakhumbula ukuthi wonke umuntu uyona ngolimi ngezikhathi ezithile. (Jakobe 3:2) Uma sifuna abanye basebenzelane nathi ngothando, kufanele nathi sisebenzelane nabo ngothando.

19. Singalufuna kanjani usizo lomoya ongcwele ekuhlakuleleni uthando?

19 Okwesine, singafuna usizo lomoya ongcwele ngoba uthando luyingxenye yezithelo zomoya. (Galathiya 5:22, 23) Ubungane, ukusondelana komkhaya nothando lokukhangana ngokuvamile kuyazenzakalela. Kodwa sidinga usizo lomoya kaJehova ukuze sihlakulele uthando uJehova analo, uthando oluyisibopho esiphelele sobunye. Singafuna usizo lomoya ongcwele ngokufunda iBhayibheli eliphefumulelwe. Ngokwesibonelo, uma sitadisha ukuphila kukaJesu, siyobona indlela ayesebenzelana ngayo nabantu, futhi singafunda ukumlingisa. (Johane 13:34, 35; 15:12) Ngaphezu kwalokho, singacela umoya ongcwele kuJehova, ikakhulukazi ezimweni ezikwenza kube nzima kithi ukwenza ngendlela yothando. (Luka 11:13) Ekugcineni, singaphishekela uthando ngokuhlala siseduze nebandla lobuKristu. Ukuba nabazalwane nodade abanothando kusisiza ukuba sihlakulele uthando.—IzAga 13:20.

20, 21. Yikuphi ukubonakaliswa kothando okuvelele okwenziwa oFakazi BakaJehova phakathi nonyaka wenkonzo ka-2000?

20 Ngonyaka odlule, kwaba nenani eliphakeme labamemezeli bezindaba ezinhle abangu-6 035 564 emhlabeni wonke. OFakazi BakaJehova basebenzisa ingqikithi yamahora angu-1 171 270 425 befuna abantu ukuze babatshele ngalezo zindaba ezinhle. Kwakuwuthando olwabenza babekezelela ukushisa, imvula namakhaza njengoba benza lo msebenzi. Kwakuwuthando olwabashukumisela ukuba bakhulume nabafunda nabo nabasebenza nabo nanabantu abangabazi nhlobo emigwaqweni nakwezinye izindawo. Abaningi abavakashelwa oFakazi babengenandaba, abambalwa babephikisa. Nokho, abanye babonisa isithakazelo, kangangokuba kwenziwa izimpindelo ezingu-433 454 049, kwaqhutshwa nezifundo zeBhayibheli ezingu-4 766 631. *

21 Yeka ukuthi konke lokhu kwakuwukubonakaliswa okunjani kothando oFakazi BakaJehova abanalo ngoNkulunkulu wabo nangomakhelwane wabo! Lolo thando alusoze lwaphola. Siyaqiniseka ukuthi ngonyaka wenkonzo ka-2001 kuzonikezwa ubufakazi obukhulu nakakhulu esintwini. Kwangathi uJehova angaqhubeka ebusisa abakhulekeli bakhe abaqotho nabashisekayo njengoba benza ‘zonke izindaba zabo zenzeke ngothando’!—1 Korinte 16:14.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 20 Ukuze uthole imininingwane egcwele yoMbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-2000, bheka ishadi elisemakhasini 18-21.

Ungachaza?

• Silingisa bani lapho sithanda umakhelwane wethu?

• Uthando lwethu kufanele luhlanganise nobani?

• Yikuphi okunye kokuhlangenwe nakho okubonisa uthando lobuKristu?

• Singaluhlakulela kanjani uthando lobuKristu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ishadi ekhasini 18-21]

UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-2000 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE

(Bheka umqulu)

[Izithombe ekhasini 15]

Uthando lobuKristu lungagcina umkhaya unobunye

[Izithombe ekhasini 17]

Uthando lusishukumisela ukuba sihlanganyele ithemba lethu nabanye