Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Abamelana Ngayo Nethonya Lontanga

Indlela Abamelana Ngayo Nethonya Lontanga

Indlela Abamelana Ngayo Nethonya Lontanga

ISIFISO sokufuna ukwamukeleka sithonya abaningi ukuba bavumelane nokucabanga nezenzo zontanga yabo. Intsha iwadinga nakakhulu amandla okwenqaba ukuhlanganyela emikhubeni elimazayo, enjengokusebenzisa kabi izidakamizwa nokuziphatha okubi ngokobulili. Ingamelana kanjani nethonya lontanga?

Muva nje amantombazane amabili asevile eminyakeni eyishumi nambili asePoland abhala: “Umoya wezwe usobala kontanga yethu abaningi. Bayakopela ezivivinyweni zabo, bakhuluma ulimi olungcolile futhi bathanda imfashini nomculo , okhuthaza ukuziphatha okubi. Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuba nalezi zihloko ezibhekiswe kwabasebasha futhi ezisivikela emathonyeni entsha enganeliswa nevukelayo!

“Siswele amazwi okubonisa ukwazisa kwethu ngezihloko ze-Nqabayokulinda eziye zakugxilisa emiqondweni yethu thina basha ukuthi siyadingeka futhi siyaziswa. Iseluleko seBhayibheli esisitholile siye sasisiza ukuba siqondise izinyathelo zethu ngokufanele ukuze siqhubeke sijabulisa uJehova uNkulunkulu. Siyaqiniseka ukuthi inkonzo yokwethembeka kuJehova iyindlela engcono kakhulu yokuphila.”

Yiqiniso, intsha ingamelana nethonya lontanga. Ngokuqeqesha ‘amandla ayo okuqonda,’ intsha engamaKristu ifunda ukwenza izinqumo ezihlakaniphile ezibonisa “umoya ovela kuNkulunkulu” hhayi “umoya wezwe.”—Heberu 5:14; 1 Korinte 2:12.