Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova—Baqhubekela Phambili Benokuqiniseka Okuqinile!

OFakazi BakaJehova—Baqhubekela Phambili Benokuqiniseka Okuqinile!

OFakazi BakaJehova—Baqhubekela Phambili Benokuqiniseka Okuqinile!

Umbiko Womhlangano Waminyaka Yonke

KULEZI ZINSUKU zokungathembisisi nokungabaza, oFakazi BakaJehova bahlukile njengamaKristu anokuqiniseka okuqinile. Lokhu kwenziwa kwacaca emhlanganweni waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, owawuseHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova LaseJersey City, eNew Jersey, ngoMgqibelo, ngo-October 7, 2000. *

Emazwini akhe okuvula, usihlalo, uJohn E. Barr, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wathi: “Phakathi kwezinkulungwane zezigidi ezisemhlabeni, thina siyazi futhi siyakholwa ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, uKristu Jesu, manje isibekwe esihlalweni sobukhosi emazulwini, ibusa phakathi kwezitha zayo.” Ubufakazi bokuqiniseka okuqinile okunjalo banikezwa emibikweni eyisithupha evusa amadlingozi evela emhlabeni wonke.

Ukusebenzelana Nemimoya Kunqotshwa Ngeqiniso LeBhayibheli EHaiti

Ukusebenzelana nemimoya kudlangile eHaiti. Umqondisi weKomiti Yegatsha uJohn Norman walandisa: “Ngokuvamile abantu baba abathakathi (voodoo) ukuze bazivikele.” Omunye umthakathi waqala ukungabaza ngemva kokuba enqamuke umlenze engozini ethile. Wazibuza: ‘Kungenzeka kanjani kimi lokhu ngibe ngivikelwe yimimoya?’ Njengabaningi abanye, le ndoda yafundiswa iqiniso oFakazi BakaJehova futhi yasizwa ukuba igqashule ekusebenzelaneni nemimoya. Ithuba lokwanda eHaiti liboniswa ukuthi ngo-April 19, 2000, ababa khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu babeyinani eliphindwe kane enanini labamemezeli boMbuso bakulelo zwe.

Intshiseko Ensimini YaseKorea Enkulukazi

EKorea, amaphesenti angu-40 oFakazi BakaJehova asenkonzweni yesikhathi esigcwele. “Njengoba sinefu elikhulu kangaka,” kusho umqondisi weKomiti Yegatsha uMilton Hamilton, “insimu yethu yabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-47 ihlanganiswa cishe kanye ngenyanga.” Ukwanda emabandleni olimi lwezandla kuphawuleka ngokukhethekile. Kwesinye isifunda solimi lwezandla, kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezingu-800. Lesi yisilinganiso sesifundo esisodwa kummemezeli emunye. Ngokudabukisayo, abazalwane abasebasha basaboshwa ngenxa yokungathathi kwabo uhlangothi. Nokho, la maKristu athembekile aphathwa kahle, futhi avame ukunikwa imisebenzi edinga ukwethembeka.

Ukuhlangabezana Nezidingo Zokwanda EMexico

Inani eliphakeme labamemezeli boMbuso abangu-533 665 labika inkonzo yasensimini eMexico ngo-August 2000. Ababa khona eSikhumbuzweni babengaphezu kwalelo nani liphindwe kathathu. Umqondisi weKomiti Yegatsha uRobert Tracy wathi: “Umgomo wethu kulo nyaka uwukwakha amaHholo OMbuso engeziwe angu-240.” Wanezela: “Yize kunjalo, sisadinga amanye amaningi.”

Intsha ephakathi koFakazi BakaJehova eMexico iyisibonelo. Ekhuluma ngomusha othile, umpristi ongumKatolika wathi: “Ngingathanda ukuba noyedwa nje onjengaye phakathi kwabalandeli bami. Ngiyabahlonipha laba bantu ngenxa yokuzimisela kwabo okunamandla nendlela abalisebenzisa ngokuhlakanipha ngayo iBhayibheli. Baye bavikela uNkulunkulu, ngisho nalapho kungase kusho ukufa kubo.”

Ubuqotho Phakathi Kwezibhelu ESierra Leone

Kusukela ngo-April 1991, lapho kubheduka impi yombango eSierra Leone, izinkulungwane zabantu ziye zabulawa, zalinyazwa noma zagogwa. “Impi nokuhlupheka kuye kwaba nethonya elijulile kubantu,” kubika umqondisi weKomiti Yegatsha uBill Cowan. “Abaningi ababengasigqizi qakala isigijimi sethu sebelalela ngesithakazelo manje. Akuyona into engavamile ukuba abantu bazizele emaHholo OMbuso beqala ngqá ukuzothamela umhlangano. Abazalwane bavame ukumiswa emgwaqweni bacelwe isifundo seBhayibheli.” Yize isimo esimanzonzo sisaqhubeka kuleli zwe, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso uyathela eSierra Leone.

Isimiso Esikhulu Sokwakha ENingizimu Afrika

Njengamanje, kunesidingo samaHholo OMbuso ayizinkulungwane eziningana ensimini enakekelwa yigatsha laseNingizimu Afrika. Kunamakhulukhulu amahholo asakhiwe kakade. “Esikhundleni sokuhlanganyela emjondolo noma ngaphansi kwesihlahla, njengoba babenza ngaphambili, abafowethu bayakwazi ukuhlanganyela endaweni ekahle futhi enezinto zokuhlala,” kusho ilungu leKomiti Yegatsha uJohn Kikot. “Yize amaningi ala maHholo OMbuso engadlé ngabunkimbinkimbi, avame ukuhluka endaweni, abe yisakhiwo esihlonipheke kunazo zonke. Kwezinye izindawo, kuye kwatholakala ukuthi ngemva kokwakha iHholo LoMbuso, ibandla landa ngokuphindwe kabili nangaphezulu ngonyaka olandelayo.”

Isizukulwane Esisha SoFakazi E-Ukraine

Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2000, abamemezeli bafinyelela inani eliphakeme labangu-112 720 kuleli zwe. Abangaphezu kuka-50 000 babo bafundé iqiniso leBhayibheli phakathi neminyaka emihlanu edlule. “Ngempela, uJehova ukhulise isizukulwane soFakazi esisha nesisesincane ukuze simemezele igama lakhe!” kusho uJohn Didur, umqondisi weKomiti Yegatsha. “Phakathi neminyaka emibili edlule,” enezela, “siye sahambisa omagazini abangaphezu kwezigidi ezingu-50, okuyinani elilingana nelabantu abakuleli zwe. Ngokwesilinganiso, inyanga ngayinye sithola izincwadi eziyinkulungwane ezivela kubantu abathakazelayo abacela ukwaziswa okwengeziwe.”

Ezinye Izici Ezishukumisayo Zesimiso

UDaniel Sydlik, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo eheha ingqondo. Isihloko esithi “Indlela INdikimba Ebusayo Ehluke Ngayo Enhlanganweni Engokomthetho,” esikulo magazini, sisekelwe kuleyo nkulumo efundisayo.

UTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo ethakazelisayo enesihloko esithi “Ababonisi Nezinceku Ezikhonzayo Bamiswa Ngokwasezulwini.” Esinye sezihloko ezikulo magazini sisekelwe kuleyo nkulumo.

Umhlangano waminyaka yonke wahlanganisa nenkulumo eshukumisayo eyanikezwa yilungu leNdikimba Ebusayo uDavid Splane yombhalo wonyaka ka-2001. Njengoba usekelwe emazwini kaPawulu, uthi: ‘Yimani niphelele futhi ninokuqiniseka okuqinile kuyo yonke intando kaNkulunkulu.’ (Kolose 4:12) OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bazimisele ukwenza kanjalo njengoba beshumayela ngokwethembeka izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuwo wonke umhlaba.—Mathewu 24:14.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 Kwakunezindawo eziningana ezazixhunywe ngocingo kulesi simiso, okwenza ingqikithi yababesithamele yaba ngu-13 082.