Udokotela Wezibuko Zamehlo Uhlwanyela Imbewu
Udokotela Wezibuko Zamehlo Uhlwanyela Imbewu
Imizamo kadokotela wezibuko zamehlo ihlangene ngani nokwakhiwa kwebandla loFakazi BakaJehova lesiRashiya eHaifa, kwa-Israel, ezweni eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-2 000? Le ndaba ifakazela ukuba yiqiniso kwamazwi eBhayibheli akumShumayeli 11:6: “Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela.”
INDABA yethu iqala ngo-1990 lapho u-Ella, intokazi engumJuda, ayehlala eLviv. U-Ella nomkhaya wakhe babelungiselela ukuthuthela kwa-Israel. Ngaphambi nje kokuba bahambe, u-Ella wayezobonana nodokotela wezibuko zamehlo ongomunye woFakazi BakaJehova. Ngaleso sikhathi, umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe e-Ukraine. Nokho, lo dokotela wathatha isinyathelo, waxoxa no-Ella ngezinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini. U-Ella wamangala lapho lo dokotela ethi uNkulunkulu unegama.
Lokho kwenza u-Ella waba nelukuluku lokwazi, kwase kuqala ingxoxo enhle yeBhayibheli.U-Ella wayijabulela kakhulu le ngxoxo kangangokuba wacela ukuba baphinde baxoxe ngesonto elilandelayo nangelinye futhi elilandelayo. Isithakazelo sakhe sasikhula, kodwa kwakunenkinga. Isikhathi sokuba umkhaya wakhe uthuthele kwa-Israel sasisondela ngokushesha. U-Ella wayesenokuningi ayesafuna ukukwazi! Ukuze asisebenzise ngokugcwele isikhathi esasisasele, wacela ukuba babe nesifundo seBhayibheli nsuku zonke kuze kube yilapho ehamba. Nakuba u-Ella engaqhubekanga nesifundo sakhe lapho efika kwa-Israel, imbewu yeqiniso yayimile izimpande enhliziyweni yakhe. Kwathi uqambe uphela unyaka, wayesephindé waqala ukutadisha iBhayibheli ngobuqotho.
Kwasuka impi ePersian Gulf, futhi i-Israel yahlaselwa yi-Iraq ngamabhomu acitshwayo. Lena kwakuyindaba esematheni. Ngolunye usuku lapho esesitolo, u-Ella wezwa umkhaya okhuluma isiRashiya osanda kufika uxoxa. Nakuba ayesatadisha iBhayibheli ngokwakhe, u-Ella waya kuwo lo mkhaya wayesexoxa nawo ngesithembiso seBhayibheli sezwe elinokuthula. Ngenxa yalokho, ugogo, uGalina; umama, uNatasha; indodana, uSasha (u-Ariel); nendodakazi, u-Ilana, bonke bahlanganyela esifundweni seBhayibheli sika-Ella.
USasha waba yilungu lokuqala kulo mkhaya ukufinyelela iqophelo lokubhapathizwa—naphezu kovivinyo olukhulu. Nakuba ayengumfundi ophuma phambili, waxoshwa esikoleni ngoba unembeza wakhe wobuKristu ungamvumeli ukuba ahlanganyele ekuqeqeshweni kokulungiselelwa impi, okwakuyingxenye efunekayo yohlelo lwezifundo zesikole. (Isaya 2:2-4) Icala likaSasha lafika eNkantolo Ephakeme yaseJerusalem, eyakhipha umyalo wokuba uSasha abuyiselwe esikoleni ukuze aqedele lowo nyaka esikoleni. Lelo cala laduma ezweni lonke. Ngenxa yalokho, abantu abaningi kwa-Israel baqala ukwazi izinkolelo zoFakazi BakaJehova. *
Ngemva kokuphothula esikoleni esiphakeme, uSasha wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele yoFakazi BakaJehova. Namuhla ukhonza njengephayona elikhethekile nomdala webandla. Udadewabo, u-Ilana, naye uye wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Unina nogogo wabo bobabili bangoFakazi ababhapathiziwe. Imbewu eyahlwanyelwa udokotela wezibuko zamehlo yayisathela!
Phakathi naleso sikhathi, u-Ella wayeqhubeka ethuthuka ngokomoya futhi ngokushesha wayeseshumayela endlini ngendlu. Lapho eqala ngqá ukuxoxa nothile endlini ngendlu, u-Ella wahlangana noFaina, owayesanda kufika evela e-Ukraine. UFaina wayecindezelekile. Kamuva u-Ella wathola ukuthi ngaphambi nje kokuba angqongqoze endlini kaFaina, lona wesifazane ocindezelekile wayethandaze kuNkulunkulu ethi: “Angazi ukuthi ungubani, kodwa uma ungizwa, ngisize.” Baba nengxoxo ethakazelisayo no-Ella. UFaina wabuza imibuzo eminingi futhi wacabangisisa ngezimpendulo ayezinikwa. Ngokuhamba kwesikhathi wagculiseka ukuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso eliseBhayibhelini. Walungisa isimiso sakhe sezifundo zaseyunivesithi ukuze akwazi ukuba nesikhathi esengeziwe esebandleni nasemsebenzini wokushumayela. Ngo-May 1994, uFaina wabhapathizwa. Naye wangenela inkonzo yokuphayona,
ezisekela ngokusebenza izinsuku ezithile emkhakheni wama-computer.Ngo-November 1994, lapho esemsebenzini wokushumayela, u-Ella wavele wazizwa ephelelwa amandla. Waya esibhedlela lapho ukuhlolwa kwaveza khona ukuthi wayenesilonda esophayo ethunjini. Kusihlwa, isilinganiso somthamo wegazi lakhe (i-hemoglobin) sase sehle safika ku-7,2. Umdala wasebandleni lika-Ella, ongusihlalo weKomiti yendawo Yokubonisana Nezibhedlela (HLC), wanikeza odokotela ukwaziswa mayelana nezinqubo zezokwelapha eziningana ezingadingi ukuba kusetshenziswe igazi. * U-Ella wahlinzwa ngokuphumelelayo ngaphandle kwegazi, futhi walulama ngokugcwele.—IzEnzo 15:28, 29.
Udokotela ka-Ella wezifo zabesifazane, uKarl, ongumJuda owazalelwa eJalimane, wahlabeka umxhwele kakhulu. Wabe esekhumbula ukuthi abazali bakhe, ababesinde eKuqothulweni Kwesizwe, babebazi oFakazi BakaJehova emakamu okuhlushwa. UKarl wabuza imibuzo eminingi. Nakuba ematasa kakhulu emsebenzini wakhe wokwelapha, uKarl wazinika isikhathi sokuba nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Ngonyaka olandelayo, wayeseba khona emihlanganweni yobuKristu yamasonto onke.
Uye waba yini umphumela wembewu eyahlwanyelwa udokotela wezibuko zamehlo? Sesikubonile okwenzeka kuSasha nomkhaya wakubo. U-Ella yena uyisikhonzi esiyiphayona elikhethekile. Indodakazi yakhe, u-Eina, esanda kuqeda esikoleni esiphakeme, iqala umsebenzi wayo omusha wokuphayona. UFaina naye ukhonza njengephayona elikhethekile. UKarl, udokotela ka-Ella, usenguFakazi obhapathiziwe nenceku ekhonzayo, wabelana neziguli zakhe nabanye amandla aphulukisayo eqiniso leBhayibheli.
Iqembu elincane lezifiki ezikhuluma isiRashiya elaqala liyingxenye yeBandla LaseHaifa LesiHeberu manje seliyibandla lesiRashiya elishisekayo elinabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-120. Ngokwengxenye, lokhu kwanda kwabangelwa ukuthi udokotela wezibuko zamehlo eLviv wasebenzisa ithuba lokuhlwanyela imbewu!
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 6 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka i-Phaphama! ka-November 8, 1994, amakhasi 12-15.
^ par. 9 Ama-HLC amelela oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, esiza ngokuxoxisana phakathi kwesiguli nezisebenzi zasesibhedlela. Anikeza nokwaziswa mayelana nokwelashwa okuhlukile okusekelwe ocwaningweni lwamuva lwezokwelapha.
[Ibalazwe ekhasini 29]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
E-UKRAINE
KWA-ISRAEL
[Umthombo]
Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.
[Izithombe ekhasini 30]
U-Ella nendodakazi yakhe, u-Eina
[Isithombe ekhasini 31]
Iqembu elijabulayo loFakazi abakhuluma isiRashiya eHaifa. Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: uSasha, u-Ilana, uNatasha, uGalina, uFaina, u-Ella, u-Eina noKarl