Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila Nezingozi

Ukuphila Nezingozi

Ukuphila Nezingozi

“Akukho neyodwa into ongayenza ngosuku oluvamile—kuhlanganise nokulala—engenangozi kangangokuthi ingaba yinto yokugcina ngcí oyenzayo [usaphila].”—umagazini i-Discover.

UKUPHILA kuye kwafaniswa nokuhamba endaweni etshalwe amabhomu, ngoba ungalimala noma ufe noma nini, ngokuvamile ngaphandle kwesixwayiso. Izinga lokuba sengozini liyahlukahluka, kuye ngamazwe. Lithonywa yizingozi zasemgwaqweni, impi yombango, indlala, ingculaza, umdlavuza, isifo senhliziyo nenqwaba yezinye izinto. Ngokwesibonelo, e-Afrika eseningizimu yeSahara ingculaza isiyimbangela eyinhloko yokufa, njengoba ngonyaka othile muva nje “ibulale abantu abayizigidi ezingu-2,2, okuliphinda kayishumi inani labafa kuzo zonke izimpi zombango zase-Afrika,” kusho i-U.S.News & World Report.

Kusenjalo, izwe lichitha izinkulungwane zezigidi ekunwebeni ukuphila nasekunciphiseni amathuba okugula nokukhubazeka. Imiqondo eminingi ekhuthazwayo, njengokudla nokuphuza ngendlela enempilo nokuvivinya umzimba, ingaba nemiphumela ezuzisayo. Nokho, kunomthombo wokwaziswa okunokwethenjelwa mayelana nazo zonke izici ezibalulekile zokuphila ezingakusiza ukuba ujabulele ukuphila okuphephile nokulondeke kakhudlwana. Lowo mthombo yiBhayibheli. Lineziqondiso zokusingatha izinto eziningi ezithinta impilo nenhlalakahle yethu. Yebo, iBhayibheli alinikezi imininingwane ngenkinga ngayinye. Nokho, linikeza izimiso ezinhle kakhulu ezisiqondisayo ezintweni ezinjengemikhuba yokudla, ukuba sesimweni esikahle ngokomzimba, isimo sengqondo, ubulili, ukusebenzisa utshwala, ugwayi nalokho okuthiwa yizidakamizwa zokuzijabulisa, nezinye izinto eziningi.

Kwabaningi ukuphila kugcwele ukungaqiniseki ngokwezimali. Nalapha, iBhayibheli liyasisiza. Aligcini ngokukhuthaza umbono onokuhlakanipha wemali nokuphathwa kwayo kuphela kodwa futhi libonisa nendlela yokuba yisisebenzi noma umqashi ongcono. Kalula nje, iBhayibheli liyisiqondiso esihluzekile, hhayi nje sokulondeka ngokwezimali nempilo engokomzimba, kodwa nesokuphila uqobo. Ungathanda yini ukubona indlela iBhayibheli elingaba usizo ngayo namuhla? Khona-ke siza uqhubeke ufunda.