Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuthola Ukulondeka Ezweni Eligcwele Izingozi

Ukuthola Ukulondeka Ezweni Eligcwele Izingozi

Ukuthola Ukulondeka Ezweni Eligcwele Izingozi

UKUHAMBA endaweni enamabhomu agqitshiwe kungabulala. Nokho, ngeke yini kusize ukuba nebalazwe elibonisa izindawo ezinalawo mabhomu? Ngaphezu kwalokho, ake sithi ukuqeqeshelwe ukubona la mabhomu ahlukahlukene. Ngokusobala, ulwazi olunjalo lungawanciphisa kakhulu amathuba okuba ugogeke noma ufe.

IBhayibheli lingafaniswa nalelo balazwe elihambisana nokuqeqeshelwa ukubona amabhomu. IBhayibheli linokuhlakanipha okungadlulwa yilutho ngokuqondene nokugwema izingozi nokusingatha izinkinga ezivelayo ekuphileni.

Phawula lesi sithembiso esiqinisekisayo esitholakala kuzAga 2:10, 11: “Ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine.” Ukuhlakanipha nokuqonda okushiwo lapha akusuki kubantu, kodwa kusuka kuNkulunkulu. “[Olalela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu] uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.” (IzAga 1:33) Ake sibone ukuthi iBhayibheli lingakwandisa kanjani ukulondeka kwethu futhi lisisize sigweme izinkinga eziningi.

Ukugwema Izingozi Ezibulalayo

Amanani ashicilelwe yi-World Health Organization (WHO) muva nje abonisa ukuthi inani labantu abafa minyaka yonke emhlabeni wonke ezingozini zasemgwaqweni lingaba ngu-1 171 000. Abanye abacishe babe yizigidi ezingu-40 bayalimala, futhi abangaphezudlwana kwezigidi ezingu-8 bakhubazeka isikhathi eside.

Nakuba kungenakwenzeka ukuba siphephe ngokuphelele lapho sishayela, silondeka kakhudlwana lapho silalela imithetho yomgwaqo. Likhuluma ngeziphathimandla zikahulumeni, ezishaya imithetho yomgwaqo futhi ziqiniseke ukuthi iyagcinwa, iBhayibheli lithi: “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme.” (Roma 13:1) Abashayeli bezimoto abasilalelayo lesi seluleko banciphisa amathuba nokuba nengozi, nemiphumela yayo evame ukwesabeka.

Esinye isisusa sokushayela ngokuphepha siwukuhlonipha ukuphila. IBhayibheli lithi ngoJehova uNkulunkulu: “Ukuwe umthombo wokuphila.” (IHubo 36:9) Ngakho ukuphila kuyisipho saphezulu. Ngenxa yalokho, asinalungelo lokuphuca noma ubani leso sipho noma lokubonisa ukungakuhloniphi ukuphila, yebo, kuhlanganise nokwethu.—Genesise 9:5, 6.

Njengoba kulindelekile, ukuhlonipha ukuphila komuntu kuhlanganisa ukuqiniseka ukuthi imoto nomuzi wethu kuphephe ngangokunokwenzeka. Kwa-Israyeli wasendulo, ukuphepha kwakuyinto ebaluleke kakhulu kuzo zonke izici zokuphila. Ngokwesibonelo, lapho kwakhiwa indlu, uMthetho kaNkulunkulu wawufuna ukuba uphahla lwayo—indawo eyayivamile ukusetshenziswa umkhaya—lube nothango. “Uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.” (Duteronomi 22:8) Uma othile ewa ngoba ungagcinwanga lo mthetho wokuphepha, uNkulunkulu wayebeka umninindlu icala. Ngokungangabazeki, ukusebenzisa isimiso sothando esikulo mthetho kunganciphisa izingozi emsebenzini ngisho nasekuzilibaziseni.

Ukunqoba Ukulutheka Okubulalayo

Ngokwe-WHO, abantu ababhemayo emhlabeni manje bangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane, futhi ukufa kwabangaba yizigidi ezine ngonyaka kuhlotshaniswa nogwayi. Leli nani kulindeleke ukuba likhuphuke lize lifike ezigidini eziyishumi phakathi neminyaka engu-20 kuya kwengu-30 ezayo. Izigidi zabanye ababhemayo nabasebenzisa izidakamizwa “zokuzilibazisa” ziyokonakalisa impilo yazo nesimo sokuphila kwazo ngenxa yokulutheka.

Nakuba iZwi likaNkulunkulu lingakhulumi ngokuqondile ngokubhema nokusebenzisa kabi izidakamizwa, izimiso zalo zingasivikela kule mikhuba. Ngokwesibonelo, eyesi-2 Korinte 7:1 iyaseluleka: “Masizihlanzeni kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.” Akukho kungabaza ngokuthi ugwayi nezidakamizwa kungcolisa inyama ngamakhemikhali amaningi alimazayo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu ufuna ukuba imizimba yethu ibe “ngcwele,” okusho ukuthi ihlanzeke. (Roma 12:1) Awuvumi yini ukuthi ukusebenzisa lezi zimiso kuyowanciphisa kakhulu amathuba okulimala kwempilo yomuntu?

Ukunqoba Imikhuba Eyingozi

Abantu abaningi bathambekele ekweqiseni ekudleni nasekuphuzeni. Imiphumela yokuminza ingahlanganisa isifo sikashukela, umdlavuza nesifo senhliziyo. Ukusebenzisa kabi utshwala kuholela ezinkingeni ezengeziwe, njengokuba umlutha wotshwala, ukuqina kwesibindi, ukuchitheka kwemizi nezingozi zasemgwaqweni. Ngakolunye uhlangothi, ukuzincisha ukudla ngokweqile nakho kungalimaza futhi kungaholela ekuphazamisekeni kwemikhuba yokudla okusongela ukuphila njenge-anorexia nervosa.

Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi efundisa ngezokwelapha, linikeza iseluleko esingagwegwesi ngesidingo sokulinganisela ekudleni nasekuphuzeni. “Yizwa wena ndodana yami, uhlakaniphe, uhole inhliziyo yakho ngendlela. Ungabi phakathi kwezinseli zewayini nabayiziminzi zenyama. Ngokuba inseli noyisiminzi bayakuba mpofu.” (IzAga 23:19-21) Nokho, iBhayibheli lithi ukudla nokuphuza kufanele kujabulise. “Ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu.”—UmShumayeli 3:13.

IBhayibheli likhuthaza nesimo sengqondo esilinganiselayo mayelana nokuvivinya umzimba, liyavuma ukuthi “ukuqeqesha umzimba [kunayo] inzuzo encane.” Kodwa liyanezela: “Ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunenzuzo ezintweni zonke, njengoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:8) Ungase ubuze, ‘Ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kuzuzisa kanjani ngisho namanje?’ Ngezindlela eziningi. Ngaphezu kokunezela isici esingokomoya ekuphileni komuntu, ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kukhulisa izimfanelo ezizuzisayo ezinjengothando, injabulo, ukuthula nokuzithiba—zonke eziwumthelela ekubeni nombono oqondile nempilo enhle.—Galathiya 5:22, 23.

Imiphumela Ebuhlungu Yokuziphatha Okubi

Namuhla, izigidi azizithibi nakancane ekuziphatheni. Ubhadane lwengculaza lungomunye wemiphumela. Ngokwe-WHO, sekufe izigidi ezingaphezu kwezingu-16 kusukela lwaqala ubhadane lwengculaza, futhi njengamanje, abayizigidi ezingaba ngu-34 bane-HIV, igciwane elibangela ingculaza. Abaningi abanengculaza bathola lesi sifo ngokuziphatha kabi kobulili, ngezinaliti ezingcolile ezisetshenziswa yimilutha yezidakamizwa, noma ngokumpontshelwa igazi elinegciwane.

Eminye imiphumela yesimilo esixegayo ihlanganisa i-herpes, isipatsholo, i-hepatitis B no-C (ukusha kwesibindi) nogcunsula. Nakuba amagama anjalo ayengasetshenziswa ezikhathini zeBhayibheli, zazaziwa izitho ezihlaselwa yizifo ezithile ezidluliselwa ngobulili ezazivamile ngaleso sikhathi. Ngokwesibonelo, izAga 7:23 zichaza umphumela owesabekayo wobufebe ngokuthi ‘umcibisholo ohlaba isibindi.’ Ngokuvamile ugcunsula luhlasela isibindi, njengoba kwenza i-hepatitis. Yebo, yeka ukuthi sifaneleka kanjani futhi sinothando kangakanani iseluleko seBhayibheli sokuba amaKristu ‘adede egazini nasebufebeni’!—IzEnzo 15:28, 29.

Ugibe Lokuthanda Imali

Abantu abaningi bafaka izimali zabo ezingozini ezinkulu, bezama ukuceba ngokushesha. Ngokudabukisayo, izingozi ezinjalo zivame ukuholela ekulahlekelweni yileyo mali. Nokho, iBhayibheli lithi encekwini kaNkulunkulu: “Makenze umsebenzi onzima, enze lokho okuwumsebenzi omuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokuthile kokwabela othile oswele.” (Efesu 4:28) Yiqiniso, umuntu osebenza kanzima angase angacebi njalo. Nokho, unokuthula kwengqondo, ukuzihlonipha ngisho mhlawumbe nezimali angazinikelela injongo enhle.

IBhayibheli liyaxwayisa: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela loluthando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Akunakuphikwa ukuthi abaningi “abazimisele ngokuceba” bayaceba. Kodwa sebelahlekelwe yini? Akulona yini iqiniso ukuthi impilo yabo, imikhaya, ingokomoya ngisho nobuthongo kuyathinteka?—UmShumayeli 5:12.

Umuntu ohlakaniphile uyaqaphela ukuthi ‘ukuphila akuveli ezintweni anazo.’ (Luka 12:15) Imali nezimpahla ezithile kuyadingeka emiphakathini eminingi. Eqinisweni, iBhayibheli ithi ‘imali iwumthunzi,’ kodwa linezela nokuthi “inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.” (UmShumayeli 7:12) Ngokungafani nemali, ulwazi oluyilonalona nokuhlakanipha kungasisiza kuzo zonke izimo, kodwa ikakhulukazi ezindabeni ezithinta ukuphila kwethu.—IzAga 4:5-9.

Lapho Siyovikelwa Ukuhlakanipha Kuphela

Ngokushesha, ukuhlakanipha kweqiniso ‘kuzolondoloza ukuphila kwalabo abanakho’ ngendlela engakaze ibonwe—kubavikele ‘osizini olukhulu’ olusondela ngokushesha, lapho uNkulunkulu ebhubhisa ababi. (Mathewu 24:21) Ngaleso sikhathi abantu bayobe belahla imali yabo emigwaqweni ‘njengento engcolileyo,’ ngokweBhayibheli. Ngani? Ngoba bayobe befunde kabuhlungu ukuthi igolide nesiliva ngeke kubathengele ukuphila phakathi ‘nosuku lwentukuthelo kaJehova.’ (Hezekeli 7:19) Ngakolunye uhlangothi, ‘isixuku esikhulu,’ esiye ‘sazibekelela imicebo ezulwini’ ngokuhlakanipha ngokubeka izithakazelo ezingokomoya kuqala ekuphileni kwaso, siyozuza ngokuzibekelela kwazo futhi sithole ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.—IsAmbulo 7:9, 14; 21:3, 4; Mathewu 6:19, 20.

Singalithola kanjani leli kusasa eliqinisekile? UJesu uyaphendula: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Izigidi ziye zaluthola lolu lwazi eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Abanjalo abagcini ngokuba nethemba elimangalisayo lesikhathi esizayo kodwa futhi bathola ukuthula nokulondeka okuthile njengamanje. Kunjengoba nje umhubi asho: “Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.”—IHubo 4:8.

Ungacabanga yini nganoma yimuphi omunye umthombo wokwaziswa ongasiza ekunciphiseni izingozi empilweni nasekuphileni kwakho ngezinga iBhayibheli elikwenza ngalo? Ayikho enye incwadi enegunya elinjengeleBhayibheli, futhi ayikho enye incwadi engakusiza ukuba uthole ukulondeka kweqiniso ezweni lanamuhla eligcwele izingozi. Kungani ungaqhubeki ulihlola?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Impilo Engcono Nokulondeka Ngokusizwa YiBhayibheli

Ukuze abalekele izinkinga zokuphila, owesifazane osemusha okuthiwa uJane * wayeyisebenzisa njalo insangu, ugwayi, i-cocaine, ama-amphetamine, iLSD nezinye izidakamizwa. Wayebuye aphuze kakhulu. NgokukaJane, umyeni wakhe naye wayefana naye. Ikusasa labo lalibonakala lifiphele. UJane wabe esehlangana noFakazi BakaJehova. Waqala ukuya emihlanganweni yobuKristu nokufunda INqabayokulinda nomagazini ohambisana nayo, i-Phaphama!, wabonisa nomyeni wakhe. Bobabili baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi. Njengoba beya bezazisa nakakhulu izindinganiso zikaJehova eziphakeme, bayeka ukusebenzisa izidakamizwa. Waba yini umphumela? UJane wabhala ngemva kweminyaka ethile: “Ukuphila kwethu okusha kuye kwasilethela injabulo enkulu. Ngimbonga kakhulu uJehova ngamandla ahlanzayo eZwi lakhe nangokuphila okukhululekile nokunempilo esikwazi ukukuphila manje.”

Ukubaluleka kokuba yisisebenzi esithembekile kubonakala kahle endabeni kaKurt, owayenakekela izindaba zama-computer emsebenzini wakhe. Kwakudingeka imishini emisha, futhi umqashi kaKurt wathi makazame ukuyithola ngamanani akahle. UKurt wayithola inkampani ekahle, kwavunyelwana nangamanani. Nokho, umabhalane wakuleyo nkampani wenza iphutha lapho ebhala amanani, wehlisa inani lemishini cishe ngo-R290 000. Lapho ebona leli phutha, uKurt washayela leyo nkampani ucingo, futhi imeneja yathi selokhu yaqala ukusebenza eminyakeni engu-25 edlule ayikaze ikubone ukwethembeka okunjena. UKurt wachaza ukuthi unembeza wakhe ulolongwe yiBhayibheli. Kwaphumela ekubeni le meneja icele amakhophi angu-300 e-Phaphama! eyayikhuluma ngokwethembeka kwezebhizinisi ukuze iwanike esebenza nabo. UKurt yena wakhushulelwa isikhundla ngenxa yokwethembeka kwakhe.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 30 Amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 7]

“NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo.”—ISAYA 48:17