Ungabhekana Ngokuphumelelayo Nokudumazeka!
Ungabhekana Ngokuphumelelayo Nokudumazeka!
INDODA ehlakaniphile yake yabhala: “Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.” (IzAga 24:10) Uma wake wadumazeka, cishe uzovumelana nalawo mazwi.
Akekho umuntu ogomekile emiphumeleni yokudumazeka. Ukudumala okungatheni kungase kuhlale usuku noma ezimbili bese kudamba. Kodwa lapho kuhileleke imizwa elimele noma ukucasuka, inkinga ingase ihlale isikhathi eside kakhulu. Amanye amaKristu aseneminyaka ethembekile aye adangala kangangokuba ayeka ukuya emihlanganweni yebandla nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini.
Uma uzizwa udumazekile, qina idolo! Izinceku ezithembekile esikhathini esidlule zabhekana ngokuphumelelayo nokudumazeka, futhi ngosizo lukaNkulunkulu nawe ungaphumelela.
Lapho Abanye Bekuphatha Kabuhlungu
Awunakulindela ukuvikeleka kukho konke ukuphahluka nezenzo zokungacabangi. Nokho, ungenqaba ukuvumela ukungapheleli kwabanye ukuba kuphazamise inkonzo yakho kuJehova. Uma othile eye wakuphatha kabuhlungu, ungase ukuthole kuwusizo ukucabanga indlela uHana, unina kaSamuweli, asisingatha ngayo isimo esidumazayo.
UHana wayebafuna kakhulu abantwana, kodwa wayeyinyumba. Uzakwabo, uPenina, kakade wayesezalele umyeni wabo amadodana namadodakazi. Kunokuba amzwele uHana osizini lwakhe, uPenina wambheka njengembangi wabonisa nesimo sengqondo esasimenza ‘akhale, angadli lutho’ uHana.—1 Samuweli 1:2, 4-7.
Ngolunye usuku uHana waya etabernakele eyothandaza. U-Eli, umpristi ophakeme wakwa-Israyeli, wabona izindebe zakhe zinyakaza. Engaboni ukuthi uHana uyathandaza, u-Eli wazitshela ukuthi kumelwe ukuba udakiwe. Wambuza: “Uyakudakwa kuze kube nini na? Susa iwayini lakho kuwe.” (1 Samuweli 1:12-14) Ungayicabanga indlela okumelwe ukuba uHana wazizwa ngayo? Wayezele ukuzothola isikhuthazo etabernakele. Wayengalindele neze ukumangalelwa ngokungeyikho enye yamadoda anethonya kunawo wonke kwa-Israyeli!
Kalula lokhu kwakungenza uHana adumale kakhulu. Wayengavele ahambe ngaleso sikhathi etabernakele, efunga ukungaphinde alubhade uma nje u-Eli esakhonza njengompristi ophakeme lapho. Nokho, kusobala ukuthi uHana wayebazisa ubuhlobo bakhe noJehova. Wayazi ukuthi uJehova wayengeke ajabule uma ayenza kanjalo. Itabernakele laliyisikhungo sokukhulekela okuhlanzekile. UJehova wayebeke igama lakhe lapho. Futhi u-Eli wayengummeleli kaJehova okhethiwe, yize engaphelele enjalo.
Ukusabela kukaHana ngendlela enokuhlonipha uNkulunkulu ekumangaleleni kuka-Eli kusibekela isibonelo esihle kakhulu namuhla. Akavumanga ukumangalelwa ngokungeyikho, kodwa waphendula ngenhlonipho enkulu. Wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane omubi, ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje.”—1 Samuweli 1:15, 16.
Ingabe uHana wakusho ayefuna ukukusho? Ngokuqinisekile. Nokho, wakhuluma no-Eli ngendlela enesu, wangagabadela ngokumgxeka ngokummangalela ngokungeyikho. No-Eli wamphendula ngomusa, wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu wakwa-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.” Lapho indaba isisingathiwe, uHana ‘wahamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukumala.’—1 Samuweli 1:17, 18.
Sifundani kulokhu kulandisa? UHana wakulungisa ngokushesha ukungaqondi, kodwa wakwenza ngenhlonipho ejulile. Ngenxa yalokho, walondoloza ubuhlobo obuhle noJehova nano-Eli. Yeka ukuthi kuvame kangakanani ukuba ukukhulumisana kahle nangesu lokungacunuli kuvimbe izinkinga ezincane ekubeni zibe nkulu!
Kumelwe kuqashelwe ukuthi ukuxazulula ukungezwani nabanye kudinga ukuthobeka nokuvumelana nezimo nhlangothi zombili. Uma esikholwa naye engasabeli emizamweni yakho yokuxazulula ukungezwani okuthile, kungase kudingeke uyishiyele kuJehova leyo ndaba, wethembe ukuthi uyoyisingatha ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe.
Ingabe Uye Walahlekelwa Yilungelo Lenkonzo?
Abanye baye bacindezeleka ngoba kuye kwadingeka bahlukane nelungelo abebelazisa enkonzweni kaJehova. Babekujabulela ukukhonza abafowabo, futhi lapho belahlekelwa yileli lungelo, baba nomuzwa wokuthi babengasenalusizo kuJehova noma enhlanganweni yakhe. Uma uzizwa kanjalo, ungase uthole ukuqonda ngokucabanga ngesibonelo somlobi weBhayibheli, uMarku, obizwa nangokuthi uJohane Marku.—IzEnzo 12:12.
UMarku wahamba noPawulu noBarnaba ohambweni lwabo lokuqala lwezithunywa zevangeli, kodwa phakathi nohambo, wabashiya waphindela eJerusalema. (IzEnzo 13:13) Kamuva, uBarnaba wafuna bahambe noMarku kolunye uhambo. Nokho, iBhayibhel lithi: “UPawulu akakucabangelanga njengokufanelekile ukumthatha bahambe naye, njengoba amuka kubo ePhamfiliya futhi engayanga nabo emsebenzini.” UBarnaba akavumanga. Ukulandisa kuqhubeka kuthi: “Khona-ke kwaqhuma intukuthelo enkulu, kangangokuthi [uPawulu noBarnaba] bahlukana; futhi uBarnaba wathatha uMarku wahamba olwandle waya eKhupro. UPawulu wakhetha uSila futhi wahamba.”—IzEnzo 15:36-40.
Kumelwe ukuba uMarku waphatheka kabi impela lapho ezwa ukuthi umphostoli uPawulu ohlonishwayo wayengafuni ukusebenza naye nokuthi ukuphikisana ngokufaneleka kwakhe kwakubangele ukwahlukana phakathi kukaPawulu noBarnaba. Kodwa kunokwengeziwe kule ndaba.
UPawulu noSila babesamdinga umuntu ababezohamba naye. Lapho befika eListra, bamthola umuntu owayezothatha isikhundla sikaMarku, insizwa okuthiwa uThimothewu. Manje, lapho uThimothewu ekhethwa kungenzeka wayeseneminyaka emibili noma emithathu kuphela ebhapathiziwe. Kanti uMarku yena wayehlanganyele nebandla lobuKristu kusukela liqala ukuba khona—empeleni isikhathi eside ukudlula ngisho noPawulu uqobo. Nokho, kwaba nguThimothewu owathola lesi sabelo esiyilungelo.—IzEnzo 16:1-3.
Wenze njani uMarku lapho ethola ukuthi esikhundleni sakhe kwakuthathwe insizwa esencane futhi engeyena umakad’ ebona njengaye? IBhayibheli alisho. Nokho, libonisa ukuthi uMarku waqhubeka ekhuthele enkonzweni kaJehova. Wawasebenzisa amalungelo ayesengawathola. Nakuba engakwazanga ukukhonza noPawulu noSila, wakwazi ukuhamba noBarnaba ukuya eKhupro, okwakuyindawo yangakubo kaBarnaba. UMarku futhi wakhonza noPetru eBabiloni. Ekugcineni, walithola ithuba lokusebenza noPawulu—nanoThimothewu—eRoma. (Kolose 1:1; 4:10; 1 Petru 5:13) Kamuva uMarku waphefumulelwa ngisho nokuba abhale elinye lamaVangeli amane!
Kunesifundo esibalulekile kulokhu. UMarku akazange akhathazeke kakhulu ngelungelo elalimlahlekele kangangokuba aze angabe esawazisa namalungelo ayesengawafinyelela. UMarku waqhubeka ematasa enkonzweni kaJehova, futhi uJehova wambusisa.
Ngakho uma ulahlekelwe yilungelo, ungadumali. Uma ulondoloza isimo sengqondo esiqondile futhi uzigcina umatasa, ungase uthole amanye amalungelo. Kuningi okudinga ukwenziwa emsebenzini weNkosi.—1 Korinte 15:58.
Inceku Ethembekile Iyadumala
Akulula ukululwela kanzima ukholo. Ngezinye izikhathi ungase udangale. Khona-ke
ungase uzizwe unecala ngoba udangele, uzitshele ukuthi inceku kaNkulunkulu ethembekile akufanele neze izizwe kanjalo. Cabanga ngo-Eliya, omunye wabaprofethi bakwa-Israyeli abavelele.Lapho indlovukazi yakwa-Israyeli uJezebeli, umgqugquzeli oshiseka ngokweqile wokukhulekelwa kukaBali, izwa ukuthi u-Eliya wayebulele abaprofethi bakaBali, yafunga ukuthi izombulala. U-Eliya wayeke wabhekana nezitha ezinkulu kunoJezebeli, kodwa ngokushesha wadangala kangangokuba wafuna nokufa. (1 AmaKhosi 19:1-4) Kwakungenzeka kanjani lokho? Kukhona ayesekukhohliwe.
U-Eliya wayesekhohlwe ukubheka kuJehova njengoMthombo wamandla akhe. Ubani owayenikeze u-Eliya amandla okuvusa abafileyo nawokubhekana nabaprofethi bakaBali? NguJehova. Ngokuqinisekile, uJehova wayengamnika amandla okubhekana nolaka lweNdlovukazi uJezebeli.—1 AmaKhosi 17:17-24; 18:21-40; 2 Korinte 4:7.
Noma ubani angantengantenga okwesikhashana ekwethembeleni kuJehova. Njengo-Eliya, ngezinye izikhathi ungase ube nombono wobuntu mayelana nenkinga ethile kunokuba usebenzise “ukuhlakanipha okuvela phezulu” ukuze uyisingathe. (Jakobe 3:17) Nokho, uJehova akamshiyanga u-Eliya ngenxa yaleli phutha lesikhashana.
U-Eliya wayebalekele eBeri Sheba wadlulela ehlane, lapho ayecabanga ukuthi wayengeke atholwe muntu khona. Kodwa uJehova wamthola. Wathumela ingelosi ukuba iyomduduza. Ingelosi yaqikelela ukuthi u-Eliya uthola isinkwa esisanda kubhakwa ukuze adle kanye namanzi okuphuza aqabulayo. Ngemva kokuba u-Eliya ephumule, ingelosi yamyala ukuba ahambe cishe amakhilomitha angu-300 aye eNtabeni YaseHorebe, lapho uJehova ayezomqinisa khona ngokwengeziwe.—1 AmaKhosi 19:5-8.
ENtabeni YaseHorebe, u-Eliya wabona ukubonakaliswa kwamandla kaJehova okuqinisa ukholo. UJehova wabe esemqinisekisa ngezwi elizothile neliphansi ukuthi wayengeyedwa. UJehova wayenaye, futhi nabafowabo abangu-7 000 babekanye naye, yize yena u-Eliya ayengazi. Ekugcineni, uJehova wamnika umsebenzi okwakudingeka awenze. Wayengamlahlanga u-Eliya njengomprofethi wakhe!—1 AmaKhosi 19:11-18.
Luyatholakala Usizo
Uma uye uphathwe ukudumala okungatheni ngezinye izikhathi, ungase uthole ukuthi uyozizwa kangcono uma uphumula kakhudlwana noma uma uthola ukudla okunomsoco. UNathan H. Knorr, owakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova waze washona ngo-1977, wake wathi izinkinga ezinkulu zivame ukubonakala zizincane kakhulu ngemva kokulala ngokwanele ebusuku. Nokho, lapho inkinga iphikelela, ikhambi elinjalo lingase linganeli—uyodinga usizo ukuze ulwe nokudumala.
UJehova wathumela ingelosi ukuze iyoqinisa u-Eliya. Namuhla, uNkulunkulu unikeza isikhuthazo ngabadala nangamanye amaKristu avuthiwe. Abadala bangaba ngempela “yindawo yokucashela umoya.” (Isaya 32:1, 2) Kodwa ukuze uthole isikhuthazo kubo, kungase kudingeke uthathe isinyathelo kuqala. Edangele enjalo u-Eliya, wahamba waya eNtabeni YaseHorebe ukuze ayothola iziyalezo kuJehova. Thina sithola iziyalezo eziqinisayo ngebandla lobuKristu.
Lapho samukela usizo futhi sibhekana ngesibindi nokuvivinywa, okunjengokuphathwa kabi ngokomzwelo noma ukulahlekelwa amalungelo, sisekela uhlangothi lukaJehova lwempikiswano ebalulekile. Yiphi impikiswano? USathane waphikisa ngokuthi abantu bakhonza uJehova ngoba nje kuzuzisa bona. USathane akaphiki ukuthi siyomkhonza uNkulunkulu lapho konke kuhamba kahle ekuphileni kwethu, kodwa uma ngelokuthi siyoyeka ukumkhonza uNkulunkulu lapho siba nezinkinga. (Jobe, izahluko 1 no-2) Ngokuqhubeka ngokungantengi enkonzweni kaJehova naphezu kokudumazeka, singasiza ekunikezeni impendulo ekumangaleleni kukaSathane okunyundelayo.—IzAga 27:11.
UHana, uMarku no-Eliya bonke babenezinkinga
ezabaphuca injabulo yabo okwesikhashana. Nokho, babhekana ngokuphumelayo nezinkinga zabo futhi baphila ukuphila okunenjongo. Ngosizo lukaJehova, nawe ungabhekana ngokuphumelelayo nokudumazeka!