Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukulwa Nobumpofu—Ingabe Yimpi Engenakunqotshwa?

Ukulwa Nobumpofu—Ingabe Yimpi Engenakunqotshwa?

Ukulwa Nobumpofu—Ingabe Yimpi Engenakunqotshwa?

ABABUKI BAMAZWE abavakashela iZizwe Ezihlangene eNew York City babona iGumbi LoMkhandlu Wezomnotho Nezenhlalakahle, namapayipi alo ahlezi obala ophahleni lukavulandi kawonk’ uwonke. Obabukisa indawo uyachaza: “Lolu phahla ‘olungaqediwe’ ngokuvamile lubhekwa njengophawu oluyisikhumbuzo sokuthi umsebenzi wezomnotho nezenhlalakahle weZizwe Ezihlangene awupheli; kuhlale kunokuthile okwengeziwe okungase kwenziwe ukuze kuthuthukiswe izimo zokuphila zabantu emhlabeni.”

Nakuba lo Mkhandlu uzinikele enjongweni enhle yokugqugquzela izinga lokuphila elingconywana kubo bonke abantu, umsebenzi wawo ubonakala ungenasiphelo. Ngokuthakazelisayo, phakathi nenkonzo kaJesu Kristu emhlabeni ekhulwini lokuqala C.E., wathi: “Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobe ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu.” (Luka 4:18) Zazithini lezo “zindaba ezinhle” ayezimemezela? Kwakuwumyalezo ophathelene noMbuso ozomiswa nguJehova uNkulunkulu, oba “inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni,” inkosi yawo kube nguJesu Kristu. Uyofezani lowo Mbuso? U-Isaya waprofetha: “UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo . . . , idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo. Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:4-6, 8.

Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu ‘oyothuthukisa izimo zokuphila zabantu emhlabeni,’ kungabe kusaba khona ukuswela? Bheka ngezansi ukuze uthole ukuthi kungenzeka kanjani ukuba uvakashelwe umuntu okufanelekelayo ukufundisa, azokubonisa okwengeziwe mayelana nalokho iBhayibheli elikushoyo ngezinto ezinjalo.