Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokuthola Injabulo Yangempela

Indlela Yokuthola Injabulo Yangempela

Indlela Yokuthola Injabulo Yangempela

UMHOLI wenkolo ongumBuddha, iDalai Lama, wathi: “Ngikholwa ukuthi injongo yokuphila kwethu iwukufuna injabulo.” Wabe esechaza ukuthi ukholelwa ukuthi injabulo ingatholakala ngokuqeqesha noma ngokuthiba ingqondo nenhliziyo. Wathi: “Ingqondo iwukuphela kwento eyisisekelo esiyidingayo ukuze sithole injabulo ephelele.” Ngokucabanga kwakhe, ukukholelwa kuNkulunkulu akudingekile. *

Ngokuphambene, cabanga ngoJesu, owayenokholo oluqinile kuNkulunkulu futhi ozimfundiso zakhe ziye zathonya izigidi zabantu emakhulwini eminyaka. UJesu wayenesithakazelo enjabulweni yabantu. Waqala iNtshumayelo yakhe edumile Yasentabeni ngezinjabulo ezingu-9—izinkulumo ezingu-9 eziqala ngokuthi: “Bayajabula aba- . . . ” (Mathewu 5:1-12) Kuleyo ntshumayelo, wafundisa izilaleli zakhe ukuba zihlole, zihlanze futhi ziqeqeshe izingqondo nezinhliziyo zazo—esikhundleni semicabango yobudlova, ukuziphatha okubi nobugovu zihlakulele imicabango yokuthula, ehlanzekile neyothando. (Mathewu 5:1-12, 21, 22, 27, 28; 6:19-21) Njengoba omunye wabafundi bakhe anxusa kamuva, kufanele ‘siqhubeke sicabanga’ ngezinto ‘eziyiqiniso, ezinokubaluleka okungathi sína, ezilungileyo, ezimsulwa, ezithandekayo, okukhulunywa kahle ngazo, ezinhle nezikufanelekelayo ukudunyiswa.’—Filipi 4:8.

UJesu wayazi ukuthi injabulo yangempela ihilela ubuhlobo nabanye. Ngokwemvelo, abantu bayakujabulela ukuba nabanye abantu, ngakho asinakujabula ngempela uma sizihlukanisa noma uma sihlala sihilana nabantu abaseduze nathi. Singajabula kuphela uma sizizwa sithandwa futhi sibathanda abanye. UJesu wafundisa ukuthi into ebalulekile othandweni olunjalo ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Imfundiso kaJesu ihluka ngokukhethekile lapha kweyeDalai Lama, ngoba uJesu wafundisa ukuthi abantu abanakujabula ngempela ngaphandle kukaNkulunkulu. Kungani kunjalo?—Mathewu 4:4; 22:37-39.

Cabanga Ngezidingo Zakho Ezingokomoya

Enye yezinjabulo ithi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Kungani uJesu asho lokhu? Yingoba ngokungafani nezilwane, sinezidingo ezingokomoya. Njengoba sadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, ngezinga elithile singahlakulela izimfanelo zaphezulu ezinjengothando, ubulungisa, isihe nokuhlakanipha. (Genesise 1:27; Mika 6:8; 1 Johane 4:8) Izidingo zethu ezingokomoya zihlanganisa nesidingo sokuba nenjongo ekuphileni kwethu.

Singazanelisa kanjani lezo zidingo ezingokomoya? Hhayi ngokuzindla kokuzelapha noma nje ngokuzihlolisisa. Kunalokho, uJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Phawula ukuthi uJesu wathi uNkulunkulu uwumthombo wawo “wonke amazwi” abalulekile ekuphileni kwethu. Kunemibuzo okunguNkulunkulu kuphela ongasisiza siyiphendule. Ukuqonda lokho kufaneleka kakhulu namuhla, njengoba zixhaphakile izinkolelo-mbono eziphathelene nenjongo yokuphila nendlela yokuthola injabulo. Izitolo zezincwadi zinezindawo zezincwadi ezithembisa abafundi impilo enhle, ingcebo nenjabulo. Kuye kwakhiwa izikhungo ze-Internet ezikhuluma ngenjabulo ngokukhethekile.

Nokho, ukucabanga kwabantu kule mikhakha ngokuvamile akunaso isiqondiso esiyisonasona. Kuthambekele ekuvuneni izifiso zobugovu noma ukuzazisa. Kusekelwe olwazini nakokuhlangenwe nakho okulinganiselwe, futhi ngokuvamile kusekelwe emibonweni eyiphutha. Ngokwesibonelo, kunokuthambekela okwandayo kubalobi bezincwadi zokuzisiza kokuba basekele imibono yabo kuyinkolelo-mbono “yokusebenza kwengqondo eyaziphendukela,” ethi imizwelo yabantu inemisuka kulokho okuthiwa okhokho bethu abayizilwane. Iqiniso liwukuthi noma yimuphi umzamo wokuthola injabulo osekelwe kuyinkolelo-mbono engayinaki indima yoMdali wethu ayinakuphumelela, futhi iyogcina iholele ekudumazekeni. Umprofethi wasendulo wathi: “Abahlakaniphileyo bayakujabha, . . . bheka, balilahlile izwi likaJehova, banokuhlakanipha kuni na?”—Jeremiya 8:9.

UJehova uNkulunkulu uyayazi indlela esakhiwe ngayo nokuthi yini eyosenza sijabule ngempela. Uyazi ukuthi wambekelani umuntu emhlabeni nokuthi ikusasa liphetheni, futhi uyasinika lokho kwaziswa eBhayibhelini. Akwembulayo kuleyo ncwadi ephefumulelwe kwenza abantu abathambekele ngokufanele basabele, futhi kubangele injabulo. (Luka 10:21; Johane 8:32) Kwaba njalo kubafundi ababili bakaJesu. Babedumele ngemva kokufa kwakhe. Kodwa ngemva kokuzizwela mathupha kuJesu ovusiwe ngendima yakhe enjongweni kaNkulunkulu yokusindisa isintu, bathi: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi emgwaqweni, njengoba ebesivulela imiBhalo ngokugcwele?”—Luka 24:32.

Injabulo enjalo iyanda lapho sivumela iqiniso leBhayibheli ukuba liqondise ukuphila kwethu. Kulokhu, injabulo ingafaniswa nothingo. Luvela lapho izimo zizinhle, kodwa lugqama nakakhulu lapho izimo zizinhle kakhulu—luze luphindeke kabili. Manje ake sihlole izibonelo ezimbalwa ezibonisa indlela ukusebenzisa izimfundiso zeBhayibheli okungayandisa ngayo injabulo.

Gcina Ukuphila Kwakho Kulula

Ake uqale ngokubheka iseluleko sikaJesu endabeni yengcebo. Ngemva kokuxwayisa ngokwenza ukuphishekela ingcebo kube yiyona nto eyinhloko ekuphileni, wakhuluma amazwi aphawulekayo. Wathi: “Khona-ke, uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzokhanya.” (Mathewu 6:19-22) Ngokuyisisekelo, wathi uma sigwema ukuphishekela ngobugovu ingcebo, amandla, nanoma yikuphi emigomweni abantu abazibekela yona, siyolahlekelwa yizinto ezibaluleke ngokwengeziwe. Njengoba uJesu asho ngesinye isikhathi, “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Uma sibeka izinto ezibaluleke ngempela kuqala, njengobuhlobo bethu noNkulunkulu, izithakazelo zomkhaya, nezinye izinto ezinjalo, khona-ke “iso” lethu liyoba “lihle,” lingagcwali izinto eziningi.

Phawula ukuthi uJesu wayengatusi ukuzincisha okweqisayo. Kwayena uJesu wayengazincishi ngokweqisayo. (Mathewu 11:19; Johane 2:1-11) Kunalokho, wafundisa ukuthi labo ababheka ukuphila njengokuyithuba nje lokuzibuthela ingcebo ngokuyisisekelo bayaphuthelwa ukuphila.

Ekhuluma ngabathile abaceba kakhulu besebancane, udokotela wezifo zengqondo eSan Francisco, e-U.S.A., wathi imali “iyimbangela yokucindezeleka nokudideka” kubona. Wanezela ukuthi laba bantu “bathenga imizi emibili noma emithathu, imoto, bachithe imali ezintweni. Lapho lokhu kungabenzi bajabule, bayacindezeleka, bazizwe bengenanjongo futhi bengaqiniseki ukuthi kumelwe benzeni ngokuphila kwabo.” Ngokuphambene, labo abalalela iseluleko sikaJesu sokuphila ukuphila okulula mayelana nezinto ezibonakalayo nesokuba nesikhala sezinto ezingokomoya banamathuba amaningi kakhulu okuthola injabulo yangempela.

UTom, ongumakhi ohlala eHawaii, wavolontiya ukusiza ekwakheni izindawo zokukhulekela eziqhingini zasePacific lapho abantu bengenalutho olutheni ngokwezinto ezibonakalayo. UTom waqaphela okuthile kulaba bantu abaphansi. Wathi: “Abafowethu nodadewethu abangamaKristu kulezi ziqhingi babejabula ngempela. Bangisiza ngabona ngokucace kakhudlwana ukuthi imali nezimpahla akuyona imfihlo yenjabulo.” Wabhekisisa nezisebenzi zokuzithandela ezazisebenza naye eziqhingini waphawula indlela ezaneliseke ngayo. “Babengenza imali enkulu,” kusho uTom. “Kodwa bakhetha ukugcina izinto ezingokomoya ziza kuqala futhi baphile ngendlela engenabunkimbinkimbi.” Eshukunyiswe yilezi zibonelo, uTom wenza nokwakhe ukuphila kwaba lula ukuze akwazi ukuba nesikhathi esengeziwe sokuba nomkhaya wakhe nesezinto ezingokomoya—okuyisinyathelo angakaze azisole ngaso.

Injabulo Nomuzwa Wokuzihlonipha

Umuzwa wokuzihlonipha ubalulekile ekubeni nenjabulo. Ngenxa yokungapheleli kwabantu nobuthakathaka obuwumphumela, abanye bazibheka njengabangelutho, futhi kwabaningi imizwa enjalo isukela ebuntwaneni. Kungase kube nzima ukunqoba imizwa egxilile, kodwa kungenzeka. Ikhambi liwukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu.

IBhayibheli lichaza indlela uMdali azizwa ngayo ngathi. Ingabe umbono wakhe awubalulekile ngaphezu kowanoma yimuphi umuntu—ngisho nowethu? Njengoba eyisibonelo esiphelele sothando, uNkulunkulu akasibheki asicabangele noma asifisele okubi. Ubheka lokho esiyikho, nalokho esingaba yikho. (1 Samuweli 16:7; 1 Johane 4:8) Eqinisweni, labo abafuna ukumjabulisa ubabheka njengabayigugu, yebo, abanxanelekayo, kungakhathaliseki ukushiyeka kwabo.—Daniyeli 9:23; Hagayi 2:7.

Yiqiniso, uJehova akabushalazeli ubuthakathaka bethu nanoma yiziphi izono esizenzayo. Ulindele ukuba sizame kanzima ukwenza okulungile, futhi uyasisekela lapho sizama. (Luka 13:24) Noma kunjalo, iBhayibheli lithi: “Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.” Lithi futhi: “Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.”—IHubo 103:13; 130:3, 4.

Ngakho funda ukuzibheka ngendlela uNkulunkulu akubheka ngayo. Ukwazi ukuthi labo abamthandayo ubabheka njengabanxanelekayo nokuthi uyabethemba—yize bengase bazibheke njengabangafaneleki—kungayandisa kakhulu injabulo yomuntu.—1 Johane 3:19, 20.

Ithemba—Libalulekile Ekubeni Nenjabulo

Umqondo othuthukiswayo muva nje obizwa ngokuthi yi-positive psychology uthi isimo sokulindela okuhle, esihlakulelwa ngokucabanga okuqondile nangokugxila ezicini zakho ezinhle, singaholela enjabulweni. Bambalwa abangaphika ukuthi isimo sokulindela okuhle ngokuphila nekusasa uyanezela enjabulweni yethu. Nokho, isimo esinjalo sokulindela okuhle kumelwe sisekelwe emaqinisweni, hhayi nje ezifisweni. Nangale kwalokho, noma ngabe singakanani isimo sokulindela okuhle noma ukucabanga okuqondile akusoze kwaziqeda izimpi, indlala, izifo, ukungcola, ukuguga, ukugula noma ukufa—izinto eziphuca abaningi injabulo. Noma kunjalo, umbono wokulindela okuhle unayo indima oyifezayo.

Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli aliyisebenzisi inkulumo ethi isimo sokulindela okuhle; lisebenzisa igama elinamandla ngokwengeziwe—ithemba. I-Vine’s Complete Expository Dictionary ichaza “ithemba” ngendlela elisetshenziswe ngayo eBhayibhelini ngokuthi “ukulindela [okuthile] okuhle ngokuqiniseka, . . . ukulindela okuhle ngenjabulo.” Lapho lisetshenziswa eBhayibhelini, elithi ithemba lingaphezu kokuba nesimo sokulindela okuhle esimweni esithile. Libhekisela nasentweni ithemba lomuntu eligxiliswe kuyo. (Efesu 4:4; 1 Petru 1:3) Ngokwesibonelo, ithemba lobuKristu liwukuthi zonke izinto ezingathandeki ezishiwo esigabeni esandulele zizoqedwa maduze nje. (IHubo 37:9-11, 29) Kodwa lihilela okwengeziwe.

AmaKristu abheka phambili esikhathini lapho abantu abathembekile beyofinyelela ukuphila okuphelele emhlabeni oyipharadesi. (Luka 23:42, 43) Lapho sinikeza iminingwane eyengeziwe ngalelo themba, isAmbulo 21:3, 4 sithi: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. . . . Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”

Noma ubani olindele ukuba nekusasa elinjalo unesizathu esizwakalayo sokujabula, yize noma izimo zamanje zingathandeki. (James 1:12) Ngakho kungani ungahloli iBhayibheli, uthole ukuthi kungani ungakukholelwa lokhu. Qinisa ithemba lakho ngokuba nesikhathi sokufunda iBhayibheli nsuku zonke. Ukwenza kanjalo kuyokucebisa ngokomoya, kukusize ugweme izinto ezincisha abantu injabulo futhi kujulise umuzwa wakho wokwaneliseka. Yebo, imfihlo enkulu yenjabulo yangempela iwukwenza intando kaNkulunkulu. (UmShumayeli 12:13) Ukuphila okugxile ekulaleleni imithetho yeBhayibheli kuwukuphila okujabulisayo, ngoba uJesu wathi: “Bayajabula labo abezwa izwi likaNkulunkulu nabaligcinayo!”—Luka 11:28.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 KumBuddha, ukukholelwa kuNkulunkulu akudingekile.

[Izithombe ekhasini 5]

Injabulo ayinakutholakala ngokubutha ingcebo, ukuzihlukanisa, noma ukuthembela olwazini lwabantu olulinganiselwe

[Isithombe ekhasini 6]

Ukuphila okusekelwe ekulaleleni iZwi likaNkulunkulu kuwukuphila okujabulisayo

[Isithombe ekhasini 7]

Ithemba lobuKristu lenza umuntu ajabule