Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ungajabula Ngempela?

Ingabe Ungajabula Ngempela?

Ingabe Ungajabula Ngempela?

UGEORGE wayebingelela wonke umuntu ngokumamatheka. Kuye, ukuphila kwakuyisipho esiyigugu sokujatshulelwa. Wayephawuleka ngenjabulo yakhe nokuhlala enethemba lokuhle—waba njalo nakakhulu lapho eqala ukuhlushwa ukuguga. UGeorge waze washona aziwa njengomuntu ojabulayo. Ingabe wena uyajabula njengoGeorge? Ingabe usuku ngalunye ulubheka njengesipho sokujatshulelwa? Noma ingabe ukucabanga ngosuku olulandelayo kukwenza ungabi nandaba noma wesabe nokwesaba? Ingabe kunokuthile okukuphuca injabulo?

Injabulo iye yachazwa ngokuthi yisimo sokuzizwa kamnandi esihlala isikhathi eside. Ihambisana nemizwelo esuka ekwanelisekeni kuya enjabulweni enkulu nejulile kanye nesifiso esingokwemvelo sokuba lesi simo siqhubeke. Ingabe ikhona ngempela injabulo enjalo?

Namuhla, umphakathi ukhuthaza umbono wokuthi abantu ngabe bayajabula ukube nje bacebe ngokwanele. Izigidi zihlala zimatasa zizama kanzima ukuceba. Ngokwenza kanjalo, abaningi badela ubuhlobo babo nabanye kanye nezinye izinto ezibalulekile. Njengezintuthwane esidulini, bahlale bejahile, bengenasikhathi sokucabanga noma sabanye abantu. Ngokuqondakalayo, “inani labantu abatholakala becindezelekile lilokhu landa,” kusho umbiko we-Los Angeles Times, “futhi iminyaka yobudala abantu abaqala kuyo [ukucindezeleka] ilokhu yehla. . . . Imithi yokulwa nokucindezeleka iphakathi kwethengiswa kunayo yonke ezinkampanini ezenza imithi yokwelapha.” Izigidi zisebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni noma zizame ukucindezela izinkinga zazo ngokuphuza. Abanye bathenga bakhithize lapho bezizwa becindezelekile. Kokunye ukuhlola, “abesifazane babonakala bethambekele kakhulu ekuzelapheni ngokuthenga,” kusho iphephandaba laseBrithani i-Guardian. “Babethambekele ngokuphindwe kathathu ekuthengeni lapho becindezelekile, uma beqhathaniswa namadoda.”

Nokho, injabulo yangempela ayitholakali esitolo, ebhodleleni, ephilisini, emjovweni noma kuyi-akhawunti yasebhange. Injabulo ayidayisi; itholakala mahhala. Singasitholaphi isipho esiyigugu kanjalo? Sizoxoxa ngalokho esihlokweni esilandelayo.