Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Liyini Ipharadesi Elingokomoya?

Liyini Ipharadesi Elingokomoya?

Liyini Ipharadesi Elingokomoya?

UGUSTAVO wakhuliselwa edolobheni elincane eBrazil. * Kusukela esemncane wayefundiswe ukuthi abantu abalungile baya ezulwini lapho befa. Wayengazi lutho ngenjongo kaNkulunkulu yokuthi abantu abalungile bayojabulela ukuphila okuphelele epharadesi elisemhlabeni. (IsAmbulo 21:3, 4) Kunokunye futhi ayengakwazi. Wayengazi ukuthi angaba sepharadesi elingokomoya kwamanje.

Ingabe wake wezwa ngalelo pharadesi elingokomoya? Uyazi yini ukuthi liyini nokuthi kudingekani ukuze ube yingxenye yalo? Noma ubani ofuna ukujabula ngempela kudingeka azi ngalelo pharadesi.

Ukuthola Ipharadesi Elingokomoya

Kungase kuzwakale kungakholeki ukuthi umuntu angaphila epharadesi kwamanje. Leli zwe alilona neze ipharadesi. Kunabantu abaningi kakhulu ababhekana nalokho okwachazwa yinkosi yasendulo engumHeberu: “Bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.” (UmShumayeli 4:1) Amakhulu ezigidi ayahlupheka ezimisweni ezonakele zezombangazwe, zenkolo nezomnotho, futhi awatholi mpumuzo, ‘awanamduduzi.’ Abanye abaningi bayashikashikeka bezama ukukhokha izikweletu zabo, bakhulise izingane zabo futhi benze inqwaba yezinye izinto ezidingekayo ukuze baphile. Nalaba cishe bangakujabulela ukuthola umduduzi, umuntu ongabenzela umthwalo uthi ukuba lula. Kubo bonke laba, ukuphila akulona neze ipharadesi.

Pho, likuphi-ke ipharadesi elingokomoya? Igama lesiNgisi elisho “ipharadesi” lihlobene namagama esiGreki, isiPheresiya nesiHeberu anomqondo wepaki noma ingadi, indawo enokuthula neqabulayo. IBhayibheli lithembisa ukuthi ngelinye ilanga umhlaba uyoba yipharadesi elingokoqobo, ikhaya elinjengengadi lohlanga lwesintu esingenasono. (IHubo 37:10, 11) Sinalokhu engqondweni, singabona ukuthi ipharadesi elingokomoya liyindawo ethandekayo emehlweni futhi ezolisa imizwa, yenze umuntu akwazi ukujabulela ukuthula nabanye abantu nanoNkulunkulu. Namuhla, njengoba uGustavo akuthola, likhona ipharadesi elinjalo, futhi lihlanganisa inani elandayo labantu.

Lapho eneminyaka engu-12 ubudala, uGustavo wanquma ukuthi wayefuna ukuba ngumpristi wamaRoma Katolika. Abazali bakhe bamvumela ukuba angene esikoleni sokufundela ubufundisi. Wafika khona wangena emculweni, imidlalo yaseshashalazini nakwezombangazwe, izinto ezazigqugquzelwa yisonto ukuze lidonse intsha. Wayazi ukuthi umpristi kufanele azinikele kubantu futhi akanakushada. Nokho, abanye babapristi nabafundi bakulesi sikole uGustavo ayebazi babehileleka emikhubeni yokuziphatha okubi. Ekulesi simo, ngokushesha uGustavo waqala ukuphuza kakhulu. Kusobala ukuthi wayengakalitholi ipharadesi elingokomoya.

Ngolunye usuku, uGustavo wafunda ipheshana leBhayibheli elalikhuluma ngepharadesi lasemhlabeni. Lamenza wacabanga ngenjongo yokuphila. Uthi: “Ngaqala ukufunda iBhayibheli njalo, kodwa ngangingaliqondi. Ngangingaboni nokuthi uNkulunkulu unegama.” Washiya esikoleni sobufundisi wakhuluma noFakazi BakaJehova, efuna usizo lokuqonda iBhayibheli. Ngemva kwalokho, wathuthuka ngokushesha futhi kungakabiphi wanikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu. UGustavo wayefunda ngepharadesi elingokomoya.

Isizwe Segama LikaNkulunkulu

UGustavo wafunda ukuthi igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, aliyona nje into ethakazelisayo kodwa eseceleni kumfundi weBhayibheli. (Eksodusi 6:3) Liyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso. UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze bathi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Ekhuluma ngabeZizwe ababa ngamaKristu, umfundi uJakobe wathi: ‘UNkulunkulu waphendulela ukunaka kwakhe ezizweni ukuba athathe kuzo isizwe segama lakhe.’ (IzEnzo 15:14) Ekhulwini lokuqala, “isizwe segama lakhe” kwakuyibandla lobuKristu. Sikhona yini namuhla isizwe segama likaNkulunkulu? Yebo, futhi uGustavo waqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova bayileso sizwe.

OFakazi BakaJehova bakhuthele emazweni nasemasimini angu-235. Bayizikhonzi ezingaphezu kwezigidi eziyisithupha, futhi ezinye izigidi eziyisishiyagalombili zabathakazelayo ziye zaba khona emihlanganweni yabo. Njengoba baziwa kakhulu ngenkonzo yabo yasobala, bagcwalisa amazwi kaJesu: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Nokho, kungani uGustavo ayenomuzwa wokuthi wayethole ipharadesi elingokomoya ngokuzihlanganisa noFakazi BakaJehova? Uthi: “Ngaqhathanisa engangikubone ezweni futhi ikakhulukazi esikoleni sobufundisi nalokho engakuthola koFakazi BakaJehova. Umehluko omkhulu uthando oluphakathi koFakazi.”

Abanye baye basho okufanayo ngoFakazi BakaJehova. UMiriam, owesifazane osemusha waseBrazil, wathi: “Ngangingazi ukuthi kusho ukuthini ukujabula, ngisho nasemkhayeni wakithi. Lapho ngiqala ukubona uthando luboniswa ngokoqobo kwakuphakathi koFakazi BakaJehova.” Indoda okuthiwa uChristian yathi: “Ngangisebenzelana nemimoya ngezinye izikhathi, kodwa inkolo yayingabalulekile kimi. Ngangisazisa kakhulu isimo sami emphakathini nomsebenzi wami wobunjiniyela. Nokho, lapho umkami eqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngabona umehluko kuye. Yangihlaba umxhwele futhi injabulo nentshiseko yabesifazane abangamaKristu ababemvakashela.” Kungani abantu bekhuluma izinto ezinjena ngoFakazi BakaJehova?

Liyini Ipharadesi Elingokomoya?

Into eyenza oFakazi BakaJehova bahluke iwukwazisa kwabo ulwazi lweBhayibheli. Bakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiqiniso nokuthi liyiZwi likaNkulunkulu. Ngakho, abaneliswa nje ukwazi izinto eziyisisekelo zenkolo yabo. Banesimiso esiqhubekayo sokutadisha nokufunda iBhayibheli. Lapho umuntu ezihlanganisa ngokwengeziwe noFakazi BakaJehova, ufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu nentando yaKhe njengoba yambulwe eBhayibhelini.

Ulwazi olunjalo luyabakhulula oFakazi BakaJehova ezintweni eziphuca abantu injabulo, njengezinkolelo-ze nemibono elimazayo. UJesu wathi: “Iqiniso liyonikhulula,” futhi oFakazi BakaJehova baye bakuthola kuyiqiniso lokhu. (Johane 8:32) UFernando, owake wasebenzelana nemimoya, uthi: “Ukufunda ngokuphila okuphakade kwaba yimpumuzo enkulu. Ngangesaba ukuthi mina noma abazali babengase bafe.” Iqiniso lakhulula uFernando ekwesabeni izwe lemimoya nalokho okuthiwa ukuphila kwangemva kokufa.

EBhayibhelini, ulwazi ngoNkulunkulu luhlobene eduze nepharadesi. Umprofethi u-Isaya wathi: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.

Yiqiniso, ulwazi lulodwa alwanele ukuletha ukuthula okwabikezelwa ngu-Isaya. Umuntu kudingeka akwenze lokho akufundayo. UFernando wathi: “Lapho umuntu ehlakulela izithelo zomoya, uyanikela epharadesi elingokomoya.” UFernando wayebhekisele emazwini omphostoli uPawulu, owabiza izimfanelo ezinhle umKristu okufanele azihlakulele ngokuthi “izithelo zomoya.” Wathi “ziwuthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.”—Galathiya 5:22, 23.

Uyabona yini ukuthi kungani ukuzihlanganisa nabantu abazama ukuhlakulela izimfanelo ezinjalo kungaba njengokuba sepharadesi ngempela? Ipharadesi elingokomoya elabikezelwa umprofethi uZefaniya laliyoba phakathi kwabantu abanjalo. Wathi: ‘Abayikwenza okubi, bangakhulumi amanga, kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.’—Zefaniya 3:13.

Indima Ebalulekile Yothando

Kungenzeka uye waphawula ukuthi isithelo somoya sokuqala uPawulu asibalayo uthando. Lena imfanelo iBhayibheli elikhuluma kakhulu ngayo. UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Yiqiniso, oFakazi BakaJehova abaphelele. Ngezinye izikhathi bayaba nezinkinga zokungezwani njengoba kwakunjalo ngabaphostoli bakaJesu. Kodwa bayathandana ngempela, futhi bathandazela ukusekela komoya ongcwele njengoba behlakulela le mfanelo.

Ngenxa yalokho, ubudlelwane babo buhlukile. Akukho phakathi kwabo ukubandlululana ngezizwe noma ubuzwe obuhlukanisayo. Eqinisweni, oFakazi abaningi abazithola bephakathi kokuhlanzwa noma ukuqothulwa kohlanga phakathi neminyaka yokugcina yekhulu lama-20 babevikelana ngisho nalapho kwakusho ukubeka ukuphila kwabo engozini. Nakuba bephuma kuzo “zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi,” bajabulela ubunye okunzima ukubuqonda uma ungakabuzwa.—IsAmbulo 7:9.

Ipharadesi Phakathi Kwalabo Abenza Intando KaNkulunkulu

Epharadesi elingokomoya ukuhaha, ukuziphatha okubi nobugovu akunandawo. AmaKristu ayatshelwa: “Niyeke ukulolongwa nifane nalesisimiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Lapho siphila ukuphila okuhlanzekile, kokuziphatha okuhle futhi senza intando kaNkulunkulu nangezinye izindlela, siyasiza ekwakheni ipharadesi elingokomoya futhi siba nengxenye ekwandiseni injabulo yethu. UCarla wakuthola kuyiqiniso lokhu. Uthi: “Ubaba wangifundisa ukusebenza kanzima ukuze ngizimele ngokwezimali. Kodwa nakuba izifundo zami zaseyunivesithi zangenza ngaba nomuzwa wokulondeka, ngangingenabo ubunye bomkhaya nokulondeka esingakunikwa ulwazi oluseZwini likaNkulunkulu kuphela.”

Yiqiniso, ukujabulela ipharadesi elingokomoya akuzisusi izinkinga zenyama zokuphila. AmaKristu asagula. Izwe ahlala kulo lingase libe nezimpi zombango. Amaningi akhuthazelela ubumpofu. Noma kunjalo, ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu—okuyingxenye ebaluleke kakhulu yepharadesi elingokomoya—kusho ukuthi singalindela ukuba asisekele. Empeleni usimema ukuba ‘siphonse phezu kwakhe imithwalo yethu,’ futhi abaningi bangakufakazela ukuthi uye wabasekela ngendlela emangalisayo ezimweni ezinzima kakhulu. (IHubo 55:22; 86:16, 17) UNkulunkulu uthembisa ukuba nabakhulekeli bakhe ngisho ‘nasesigodini sethunzi lokufa.’ (IHubo 23:4) Ukuqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzimisele ukusisekela kusisiza silondoloze “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga,” okuyisihluthulelo sepharadesi elingokomoya.—Filipi 4:7.

Ukuba Nesandla Epharadesi Elingokomoya

Abantu abaningi bayakujabulela ukuvakashela ipaki noma ingadi. Bayathanda ukuhamba kuyo noma mhlawumbe ukuhlala ebhentshini bajabulele indawo. Ngokufanayo, abaningi bayakujabulela ukuzihlanganisa noFakazi BakaJehova. Bathola ubudlelwane babo buqabula, bunokuthula, bunika nomdlandla. Nokho, ingadi enhle idinga ukunakekelwa ukuze iqhubeke injengepharadesi. Ngokufanayo, ipharadesi elingokomoya likhona kuleli zwe elingelona neze ipharadesi ngenxa nje yokuthi oFakazi BakaJehova bayalihlakulela, futhi uNkulunkulu uyayibusisa imizamo yabo. Umuntu anganikela kanjani-ke ngendlela enenjongo kulelo pharadesi?

Okokuqala, kudingeka uzihlanganise nebandla loFakazi BakaJehova, utadishe iBhayibheli nabo futhi uthole ulwazi lweBhayibheli oluyisisekelo sepharadesi elingokomoya. UCarla wathi: “Alikho ipharadesi elingokomoya ngaphandle kokudla okungokomoya.” Lokhu kuhlanganisa ukufunda iZwi likaNkulunkulu njalo nokucabanga ngalokho okufundayo. Ulwazi olutholayo luyokusondeza eduze noJehova uNkulunkulu, futhi uyomthanda. Uyofunda nokukhuluma naye ngomthandazo, ucele isiqondiso nomoya wakhe ukuze kukusekele njengoba wenza intando yakhe. UJesu wathi siphikelele emthandazweni. (Luka 11:9-13) Umphostoli uPawulu wathi: “Thandazani ngokungaphezi.” (1 Thesalonika 5:17) Ilungelo lokukhuluma noNkulunkulu ngomthandazo ube uqiniseka ngokugcwele ukuthi uyakuzwa liyingxenye ebalulekile yepharadesi elingokomoya.

Njengoba isikhathi sihamba, okufundayo kuyokuthuthukisa ukuphila kwakho, futhi uyogcina ufuna ukukhuluma nabanye ngako. Uyobe usukwazi ukulalela umyalo kaJesu othi: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Mathewu 5:16) Ukwabelana nabanye ngolwazi lukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu nokudumisa uthando olukhulu abaye balubonisa esintwini kuletha injabulo enkulu.

Siyeza isikhathi lapho wonke umhlaba uyoba yipharadesi elingokoqobo—indawo enjengengadi engangcolile futhi eyikhaya elifanelekayo lesintu esithembekile. Ukuba khona kwepharadesi elingokomoya kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo” kuwubufakazi bamandla kaNkulunkulu nombono walokho angakwenza futhi azokwenza esikhathini esizayo.—2 Thimothewu 3:1.

Kwamanje, labo abajabulela ipharadesi elingokomoya babona ukugcwaliseka okungokomoya kuka-Isaya 49:10: “Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.” UJosé angakufakazela ukuba yiqiniso kwalokho. Wayefisa ukuba umculi odumile, kodwa wathola ukwaneliseka okwengeziwe ekukhonzeni uNkulunkulu kanye nebandla lobuKristu. Uthi: “Manje ngijabulela ukuphila okunenjongo. Ngizizwa ngilondekile phakathi kwabafowethu abangamaKristu, futhi uJehova ngimazi njengoBaba onothando esingamethemba.” Injabulo kaJosé—neyezigidi zabanye abanjengaye—ichazwe kahle kumaHubo 64:10: “Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye.” Yeka ukuthi lokho kulichaza kahle kanjani ipharadesi elingokomoya!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Abantu okukhulunywe ngabo lapha bangabantu bangempela, kodwa amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 10]

Njengoba ujabulela ipharadesi elingokomoya, yiba nesandla ekulandiseni!