Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngisekelwa NguJehova Nsuku Zonke

Ngisekelwa NguJehova Nsuku Zonke

Indaba Yokuphila

Ngisekelwa NguJehova Nsuku Zonke

NJENGOBA ILANDISWA NGUFORREST LEE

Amaphoyisa ayesanda kusiphuca amagilamafoni nezincwadi zethu zeBhayibheli. IMpi Yezwe II yaba yizaba zabaphikisi zokuvumisa umbusi-jikelele omusha waseCanada ukuvimbela umsebenzi woFakazi BakaJehova ngokomthetho. Lokhu kwenzeka ngo-July 4, 1940.

SINGADIKIBALISIWE yilokho okwakwenzekile, salanda izincwadi ezengeziwe lapho zazigcinwa khona, saqhubeka nokushumayela. Ngiyohlale ngiwakhumbula amazwi kababa awasho ngaleso sikhathi: “Asiyeki kalula kanjalo nje. UJehova usiyale ukuba sishumayele.” Ngaleso sikhathi, ngangingumfanyana oneminyaka eyishumi ogcwele umdlandla. Kodwa ngisho nanamuhla, ukuzimisela kukababa nentshiseko yakhe ngenkonzo kusalokhu kungikhumbuza indlela uNkulunkulu wethu, uJehova, abasekela ngayo abathembekile bakhe.

Lapho amaphoyisa ephinda esimisa, awagcinanga ngokuthatha izincwadi zethu kuphela kodwa futhi abopha ubaba, ashiya umama eyedwa nezingane ezine. Lokho kwenzeka ngo-September 1940 eSaskatchewan. Ngokushesha ngemva kwalokho ngaxoshwa esikoleni ngenxa yokulalela unembeza wami oqeqeshwe yiBhayibheli ngokungalikhulekeli ifulege nokungaliculi iculo lesizwe. Ukuqhubeka ngifunda ngeposi kwangenza ngakwazi ukuhlela isikhathi ngokuthanda kwami, ngahlanganyela kakhudlwana emsebenzini wokushumayela.

Ngo-1948 kwacelwa amaphayona, izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova, ukuba athuthele ogwini olusempumalanga eCanada. Ngakho ngahamba ngayophayona eHalifax, eNova Scotia, naseCape Wolfe, esiQhingini sasePrince Edward. Ngonyaka olandelayo, ngamukela isimemo sokuyosebenza amasonto amabili ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eToronto. Lawo masonto amabili ajika aba yiminyaka engaphezu kweyisithupha evuzayo yenkonzo. Ngagcina ngihlangane noMyrna, owayethanda uJehova njengami, sashada ngo-December 1955. Sahlala eMilton, e-Ontario, kungakabiphi kwamiswa ibandla lapho. Indawo engaphansi emzini wethu yaba yiHholo LoMbuso.

Isifiso Sokwandisa Inkonzo Yethu

Eminyakeni eyalandela, saba nezingane eziyisithupha ezalandelana eduze. Sathola indodakazi kuqala, uMiriam. Kwabe sekulandela uCharmaine, uMark, u-Annette, uGrant, kwagcina uGlen. Ngangivame ukubuya emsebenzini ngifice izingane zihlezi phansi emlilweni, uMyrna ezifundela iBhayibheli, ezichazela izindaba zeBhayibheli futhi egxilisa uthando lwangempela ngoJehova ezinhliziyweni zazo. Ngenxa yokusekela kwakhe ngothando, zonke izingane zethu zathola ulwazi olukahle lweBhayibheli zisencane.

Intshiseko kababa ngenkonzo ayisulekanga engqondweni nasenhliziyweni yami. (IzAga 22:6) Ngakho, ngo-1968, lapho kumenywa imikhaya yoFakazi BakaJehova ukuba ithuthele eMelika Emaphakathi neseNingizimu iyosiza emsebenzini wokushumayela, umkhaya wethu wafisa ukusabela kulolu bizo. Ngaleso sikhathi izingane zethu zazineminyaka esukela kwengu-5 kuya kwengu-13, futhi akekho noyedwa kithi owayekwazi nokuthi vú ngeSipanishi. Ngilandela isiqondiso esasinikeziwe, ngaya emazweni ahlukahlukene ngiyohlola izimo zokuphila. Lapho sengibuyile, ngosizo lomthandazo sacabanga njengomkhaya ngalokho esasingakwenza sase sinquma ukuthuthela eNicaragua.

Ukukhonza ENicaragua

Ngo-October 1970 sase sisekhaya lethu elisha, kwathi kungakapheli namasonto amathathu ngabelwa ingxenye encane esimisweni somhlangano webandla. Ngabhidilisha ingxenye yami ngeSipanishi esingekho ngaphetha ngokumemela lonke ibandla kuyi-cerveza emzini wami ngoMgqibelo ngo-9:30 ekuseni. Ngangiqonde ukuthi servicio, okuyigama elisho inkonzo yasensimini, kodwa empeleni ngangimemela wonke umuntu ukuzophuza ubhiya. Ukufunda ulimi kwaba yinselele ngempela!

Ekuqaleni, ngangibhala intshumayelo esandleni ngiyiprakthize endleleni lapho ngiyongqongqoza endlini. Ngangiye ngithi: “Le ncwadi ihambisana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.” Omunye umuntu owasamukela isifundo wathi kamuva wayeze emihlanganweni yethu ukuze athole ukuthi bengizama ukuthini kuye. Le ndoda yaba ngomunye woFakazi BakaJehova. Yeka indlela okusobala ngayo ukuthi nguNkulunkulu owenza imbewu yeqiniso ikhule ezinhliziyweni ezithobekile, njengoba nje umphostoli uPawulu avuma!—1 Korinte 3:7.

Ngemva kweminyaka engaba mibili sisenhloko-dolobha iManagua, sacelwa ukuba sithuthele eningizimu yeNicaragua. Lapho, sasebenza nebandla elaliseRivas namaqembu angawodwa abantu abathakazelayo ayengomakhelwane. Lapho sivakashela la maqembu, ngangihamba noPedro Peña, uFakazi othembekile owayesekhulile. Elinye lawo lalisesiqhingini esinentaba-mlilo eLake Nicaragua, lapho kwakunomkhaya owodwa kuphela woFakazi BakaJehova.

Nakuba lo mkhaya wawuswele ngokwezinto ezibonakalayo, wenza umzamo omkhulu ukuze ubonise ukwazisa ngokuvakasha kwethu. Ngobusuku esafika ngabo, sasihlinzekwe ngesidlo. Sahlala isonto, futhi abantu abaningi abathandekayo balapho ababelithanda iBhayibheli basipha okunye kokudla kwabo. Sajabula kakhulu lapho kuba nabangu-101 enkulumweni yeBhayibheli ngeSonto.

Nginomuzwa wokuthi amandla kaJehova asekelayo abonakala lapho, ngesinye isikhathi, kwakufanele sivakashele iqembu labantu abathakazelayo ezintabeni ezingasemngceleni weCosta Rica. Ngosuku okwakufanele sihambe ngalo, uPedro wafika ezongilanda, kodwa ngangisembhedeni ngibanjwe umalaleveva. Ngathi: “Ngeke ngikwazi ukuhamba Pedro.” Wabeka isandla sakhe esiphongweni sami, waphendula: “Uyashisa impela, kodwa kumelwe uhambe! Abazalwane balindile.” Wabe esenza omunye wemithandazo esuka enhliziyweni kunayo yonke engake ngayizwa.

Kamuva, ngathi: “Hamba uyothatha i-fresco (isiphuzo sezithelo). Ngizobe sengilungile emizuzwini engaba yishumi.” Kule ndawo esasiya kuyo kwakunemikhaya emibili yoFakazi, futhi yasinakekela kahle kakhulu. Ngakusasa sahamba sayoshumayela nayo, yize ngangisebuthakathaka ngenxa yokugula. Yeka indlela okwangiqinisa ngayo ukubona abantu abangaphezu kwekhulu beze emhlanganweni wethu wangeSonto!

Saphinde Sathutha

Ngo-1975, kwazalwa umntwana wethu wesikhombisa, uVaugn. Ngonyaka olandelayo, kwadingeka siphindele eCanada ngenxa yezizathu zezimali. Kwakungelula ukushiya iNicaragua ngoba sasiwezwe ngempela amandla kaJehova asekelayo ngesikhathi sisahlala khona. Lapho sihamba, kwase kunabangaphezu kuka-500 ensimini yebandla lethu ababeza emihlanganweni.

Ngaphambili, lapho mina nendodakazi yethu uMiriam simiswa njengamaphayona akhethekile eNicaragua, uMiriam wangibuza: “Baba, uma kungase kudingeke uphindele eCanada, ungangivumela ngisale lapha?” Ngangingahlosile neze ukuhamba, ngakho ngathi: “Nakanjani, akubuzwa!” Ngakho lapho sihamba, uMiriam wasala waqhubeka nenkonzo yakhe yesikhathi esigcwele. Kamuva, washada no-Andrew Reed. Ngo-1984 baya ekilasini lama-77 laseGileyadi, isikole sezithunywa zevangeli ezingoFakazi BakaJehova, ngaleso sikhathi esasiseBrooklyn, eNew York. Manje uMiriam ukhonza nomyeni wakhe eDominican Republic, anelisa isifiso esagxiliswa kuye yizithunywa zevangeli ezikahle kakhulu zaseNicaragua.

Phakathi naleso sikhathi, amazwi kababa athi, “asiyeki kalula kanjalo nje,” ayesavutha enhliziyweni yami. Ngakho, ngo-1981 lapho sesiqongelele imali eyanele ukuba siphindele eMelika Emaphakathi, saphinda sathutha, kulokhu sathuthela eCosta Rica. Lapho sikhonza lapho, sacelwa ukuyosiza ekwakhiweni kwezakhiwo ezintsha zegatsha. Nokho, ngo-1985, indodana yethu uGrant kwadingeka ithole ukwelashwa, ngakho saphindela eCanada. UGlen wasala eCosta Rica ukuze asebenze esakhiweni segatsha, u-Annette noCharmaine bona bakhonza njengamaphayona akhethekile. Labo abashiya iCosta Rica phakathi kwethu babengacabangi ukuthi babengeke baphindele khona.

Ukubhekana Nokuhlupheka

Ngo-September 17, 1993, kwasa libalele lilihle. Mina nendodana yethu endala, uMark, sasifulela uphahla. Sasisebenza ndawonye sizixoxela ngezinto ezingokomoya njengenjwayelo. Ngandlela-thile ngashibilika ngawa ngisuka ophahleni. Lapho ngiphaphama, ngabona izibani ezigqamile nabantu abagqoke okumhlophe. Ngangisegumbini labantu abasesimweni esibucayi esibhedlela.

Ngenxa yalokho iBhayibheli elikushoyo, into yokuqala engayisho kwaba ukuthi: “Angilifuni igazi, angilifuni igazi!” (IzEnzo 15:28, 29) Yeka indlela okwangiqinisekisa ngayo ukuzwa uCharmaine ethi: “Ungakhathazeki, baba. Sikhona sonke.” Kamuva ngathola ukuthi odokotela babelibonile ikhadi lami lokwelashwa (i-medical directive), futhi indaba yokungasetshenziswa kwegazi ayizange ibe yinkinga. Ngangiphuke intamo ngafa konke kusukela entanyeni kwehle, ngingakwazi ngisho nokuziphefumulela.

Njengoba ngangingakwazi ukunyakaza, ngakudinga ngaphezu kwanoma yinini ngaphambili ukusekelwa nguJehova. Ukuhlinzwa kuqhoqhoqho, okwakwenzelwa ukuba kufakwe ipayipi lokuphefumula, kwavalela umoya wangakwazi ukufika egilweni. Ngangingakwazi ukukhuluma. Abantu kwakudingeka babheke izindebe zami ukuze baqonde ukuthi ngizama ukuthini.

Ngokushesha izindleko zakhula kakhulu. Njengoba umkami nezingane zami eziningi babesenkonzweni yesikhathi esigcwele, ngazibuza ukuthi kwakuzodingeka bayeke le nkonzo yini ukuze babhekane nalezi zindleko zezimali. Nokho, uMark wakwazi ukuthola umsebenzi owasiza ukuba kukhokhwe ingxenye enkulu yalezi zindleko ngezinyanga ezintathu kuphela. Ngenxa yalokho, bonke abanye bakwazi ukuqhubeka besenkonzweni yesikhathi esigcwele ngaphandle kwami nomkami.

Izindonga zegumbi lami lasesibhedlela zagcwala amakhulukhulu amakhadi nezincwadi ezivela emazweni ayisithupha. UJehova wayengisekela ngempela. Ibandla lasiza nomkhaya wami ngokuwulungiselela ukudla ngezinye izikhathi phakathi nezinyanga ezinhlanu nengxenye ngisegunjini lababangwa nezibi. Nsuku zonke, kwakuba nomdala ongumKristu oba nami ntambama, angifundele iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli, angixoxele nokuhlangenwe nakho okukhuthazayo. Amalungu amabili omkhaya wami ayelungiselela nami umhlangano webandla ngamunye, ngakho kwakungangiphutheli ukudla okungokomoya okubalulekile.

Ngisesesibhedlela, kwenziwa ilungiselelo lokuba ngiye emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa. Abasesibhedlela bahlela ukuba ngibe nomhlengikazi oqeqeshiwe nochwepheshe wezokuphefumula usuku lonke. Yeka indlela engakujabulela ngayo ukuphinda ngibe nabafowethu nodadewethu abangamaKristu! Angisoze ngakhohlwa lapho ngibona amakhulu eklelile, elindele ithuba lokungibingelela.

Ukulondoloza Ingokomoya

Ngemva konyaka ngibe naleyo ngozi, ngakwazi ukuphindela ekhaya emkhayeni wami, nakuba ngangisadinga ukunakekelwa amahora angu-24 ngosuku. Ngenxa yemoto elungiswe ngokukhethekile ngiyakwazi ukuya emihlanganweni, futhi angivamile ukuphuthelwa yiyo. Nokho, kumelwe ngivume ukuthi kudingeka ukuzimisela ukuze ngiye. Selokhu ngabuyela ekhaya, ngiye ngakwazi ukuya kuyo yonke imihlangano yesigodi.

Ngo-February 1997, ngagcina sengikwazi futhi ukukhuluma ngezinga elilinganiselwe. Abanye babahlengikazi bami balalela ngokwazisa lapho ngibaxoxela ngethemba lami elisekelwe eBhayibhelini. Omunye uye wangifundela yonke incwadi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu nezinye izincwadi ze-Watch Tower Society. Ngibhalelana nabantu ngokuchofoza i-computer ngothi. Nakuba ukubhala ngale ndlela kuwumsebenzi oyisicefe, kuyavuza ukukwazi ukuqhubeka nginengxenye enkonzweni.

Nginezinhlungu ezinkulu. Kodwa lapho ngixoxa nabanye ngamaqiniso eBhayibheli noma ngiwezwa lapho ngiwafundelwa, kuba sengathi ngizwa ukudamba okuthile. Ngezinye izikhathi, ngifakaza emgwaqweni nomkami ongisekelayo, ongihumushelayo lapho ngidinga usizo. Ngiye ngakwazi ukukhonza kaningana njengephayona elisizayo. Ukukhonza njengomdala ongumKristu kunginika umuzwa wenjabulo, ikakhulu lapho abazalwane beza kimi emihlanganweni noma bengivakashela ekhaya ngikwazi ukubasiza nokubakhuthaza.

Kumelwe ngivume ukuthi kulula ukuzizwa ngicindezelekile. Ngakho noma nini lapho ngizizwa ngidangele, ngokushesha ngithandazela ukuba ngibe nenjabulo. Ubusuku nemini ngithandazela ukuba uJehova aqhubeke engisekela. Ukuthola incwadi noma ukuvakashelwa othile kungenza ngename njalo. Ukufunda umagazini INqabayokulinda noma i-Phaphama! nakho kugcwalisa ingqondo yami ngemicabango eyakhayo. Ngezinye izikhathi abahlengikazi abahlukahlukene bangifundela lab’ omagazini. Kusukela ngaba nale ngozi, sengililalele kasikhombisa lonke iBhayibheli lifundwa emakhasethini. Lezi ezinye zezindlela ezihlukahlukene uJehova aye wangisekela ngazo.—IHubo 41:3.

Ukushintsha kwezimo zami kuye kwanginika isikhathi esiningi sokuzindla ngendlela uMfundisi wethu Omuhle, uJehova, asifundisa ngayo ukuba siphile. Usinika ulwazi olunembile lwentando nenjongo yakhe, inkonzo enenjongo, iseluleko semfihlo yenjabulo yomkhaya nokuqonda ukuze sazi ukuthi kumelwe senze njani ekuhluphekeni. UJehova uye wangibusisa ngenkosikazi ethembekile nekahle kakhulu. Nezingane zami ziye zangisekela ngokwethembeka, futhi kuyangijabulisa ukuthi zonke ziye zahlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Eqinisweni, ngo-March 11, 2000, indodana yethu uMark nomkayo, u-Allyson, bathweswa iziqu ekilasini le-108 leSikole SaseGileyadi base babelwa eNicaragua. Mina nomkami sakwazi ukuyobabona bethweswa iziqu. Ngingasho ngobuqotho ukuthi ukuhlupheka kuye kwakushintsha ukuphila kwami kodwa hhayi inhliziyo yami.—IHubo 127:3, 4.

Ngiyambonga uJehova ngokuhlakanipha aye wakunikeza ukuze ngikwazi ukudlulisela emkhayeni wami ifa elingokomoya engalithola. Kuyangikhuthaza futhi kungiqinise ukubona izingane zami zikhonza uMdali wazo zinesimo sengqondo esifana nesikababa, owathi: “Asiyeki kalula kanjalo nje. UJehova usiyale ukuba sishumayele.” Ngempela, uJehova uye wangisekela nsuku zonke mina nomkhaya wami.

[Isithombe ekhasini 24]

Nginobaba, abafowethu nodadewethu eduze kukamahamba- nendlwana wakithi, esasiwusebenzisa lapho siphayona. Mina ngingakwesokudla

[Isithombe ekhasini 26]

Nginomkami, uMyrna

[Isithombe ekhasini 26]

Isithombe samuva somkhaya wethu

[Isithombe ekhasini 27]

Namanje ngisashumayela ngokubhala izincwadi