Ukuhlinza Ngaphandle Kwegazi—“Ukuthambekela Okunamandla Kwezokwelapha”
Ukuhlinza Ngaphandle Kwegazi—“Ukuthambekela Okunamandla Kwezokwelapha”
NGAPHANSI kwesihloko esithi “Ukuhlinza ‘Ngaphandle Kwegazi,’” umagazini i-Maclean’s wabika ukuthi kulo lonke elaseCanada odokotela bebelokhu “bethuthukisa izinqubo ezintsha okuthe phakathi neminyaka emihlanu edlule, zaguqula lokho okuthiwa ukuhlinza ngaphandle kwegazi kwaba ukuthambekela okunamandla kwezokwelapha.” UBrian Muirhead, ongudokotela obulala izinzwa e-Health Sciences Centre yaseWinnipeg, ungomunye wabo. Yini eyamshukumisela ukuba afune ukwelapha okungasebenzisi gazi?
Ngo-1986, uDkt. Muirhead wamukela inselele yokuhlinza ikhehla elineminyaka engu-70 ubudala elalinesilonda esophayo ngaphakathi, elalicele ukwelashwa ngaphandle kwegazi ngenxa yezinkolelo zalo ezisekelwe eBhayibhelini njengomunye woFakazi BakaJehova. (IzEnzo 15:28, 29) UDkt. Muirhead “wasebenzisa inqubo engavamile ukusetshenziswa yokumpompela esigulini amanzi anosawoti ukuze agcine umfutho wegazi laso uphakeme,” kubika i-Maclean’s. “Le nqubo yaphumelela, futhi yaqinisekisa inkolelo kaMuirhead eyayilokhu iba namandla yokuthi ‘sasimpompela kaningi ngokweqile. Ngangicabanga ukuthi kwase kudingeka sisebenzise izinqubo ezihlukile.’”
Ukufuna ukuhlinza ngaphandle kwegazi “kwashukunyiswa ukukhathazeka ngokutholakala kwegazi elithelekisiwe esikhathini esizayo—nokwesaba kweziguli eziningi ukuthola igciwane lesifo esithile ngokumpontshelwa.” Ngosizo lokucwaninga kodokotela ababefuna izinqubo ezintsha, akuzuzanga oFakazi BakaJehova kuphela, kodwa kuye kwazuza nabanye abaningi. “Ngaphezu kokwenza ukumpompela kungadingeki ezimweni eziningi, ukuhlinza ngaphandle kwegazi kunciphisa amathuba—kungakhathaliseki ukuthi mancane kangakanani—okuthola amagciwane egazini elingahlanzekile,” kusho i-Maclean’s. Kodwa ngisho negazi “elihlanzekile” lingabangela ingozi yokungenwa yizifo ngokucindezela isimiso sokuzivikela sesiguli okwesikhashana.
Yini eshukumisa inkolelo enamandla yoFakazi BakaJehova mayelana nezinye izindlela zokwelapha ezingasebenzisi gazi? Ungase uthande ukufunda incwajana ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukunika yona.