Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abagcini Bobuqotho Abanesibindi Banqoba Ushushiso LwamaNazi

Abagcini Bobuqotho Abanesibindi Banqoba Ushushiso LwamaNazi

Yimani Niphelele, Ninokuqiniseka Okugcwele

Abagcini Bobuqotho Abanesibindi Banqoba Ushushiso LwamaNazi

“NDODANA yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” (IzAga 27:11) Lokhu kunxusa okuthinta inhliziyo kubonisa ukuthi izidalwa ezihlakaniphile zikaNkulunkulu ziyakwazi ukwenza uJehova ajabule ngoba zithembekile futhi ziqotho kuye. (Zefaniya 3:17) Nokho, uSathane, omsolayo, uzimisele ukuphula ubuqotho balabo abakhonza uJehova.—Jobe 1:10, 11.

USathane uye wabonisa intukuthelo enkulu kubantu bakaJehova, ikakhulu kusukela ngasekuqaleni kwekhulu lama-20 lapho ephonswa emhlabeni ekhishwa ezulwini. (IsAmbulo 12:10, 12) Nokho, amaKristu eqiniso aye ama ‘ephelele futhi enokuqiniseka okuqinile,’ agcina ubuqotho bawo kuNkulunkulu. (Kolose 4:12) Ake sihlole kafushane esinye sezibonelo ezivelele zalokho kugcina ubuqotho—esoFakazi BakaJehova eJalimane ngaphambi kweMpi Yezwe II naphakathi nayo.

Umsebenzi Wentshiseko Uholela Ovivinyweni Lobuqotho

Ngawo-1920 nangasekuqaleni kwawo-1930, ama-Bibelforscher, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi eJalimane, asakaza izincwadi eziningi zeBhayibheli. Phakathi kuka-1919 no-1933, ahambisela umkhaya ngamunye eJalimane izincwadi, izincwajana noma omagazini abangu-8 ngokwesilinganiso.

Ngaleso sikhathi, iJalimane yayiphakathi kwamazwe anabalandeli bakaKristu abagcotshiwe abaningi kunawo wonke. Eqinisweni, kubantu abangu-83 941 emhlabeni wonke abadla eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa ngo-1933, abacishe babe ngamaphesenti angu-30 babehlala eJalimane. Kungakabiphi, lab’ oFakazi baseJalimane babhekana nokuvivinywa okunzima kobuqotho. (IsAmbulo 12:17; 14:12) Ukuxoshwa emisebenzini, ukuhlaselwa nokuseshwa kwemizi nokuxoshwa ezikoleni kwajika ngokushesha kwaba ukushaywa, ukuboshwa nokuvalelwa emajele. (Isithombe 1) Ngenxa yalokho, eminyakeni eyaholela eMpini Yezwe II, abantu abangamaphesenti angu-5 kuya ku-10 abo bonke ababevalelwe emakamu okuhlushwa ayengoFakazi BakaJehova.

Okwenza AmaNazi Ashushise OFakazi

Nokho, kungani oFakazi BakaJehova bazibangela ulaka lombuso wamaNazi? Encwadini yakhe ethi Hitler—1889-1936: Hubris, uprofesa wezomlando u-Ian Kershaw uphawula ukuthi oFakazi baba yizisulu zoshushiso ngoba benqaba “ukulawulwa ngokuphelele umbuso wamaNazi.”

Incwadi ethi Betrayal—German Churches and the Holocaust, ehlelwe nguprofesa wezomlando uRobert P. Ericksen noprofesa wezokufunda ngamaJuda uSusannah Heschel, yachaza ukuthi oFakazi “benqaba ukuba nesandla ebudloveni noma ekusebenziseni amandla empi. . . . OFakazi babekholelwa ekungathathini hlangothi kwezombangazwe, okwakusho ukuthi babengeke bamvotele uHitler noma bamshayele indesheni.” Le ncwadi inezela nokuthi lokhu kwabangela oFakazi ulaka lwamaNazi futhi kwabafaka engozini ngoba “iSimiso Sokusebenzela Uhulumeni Njengesizwe sasingeke sikubekezelele lokho kwenqaba.”

Izikhalo Zomhlaba Wonke Nokuhlasela Okunonya

Esebenzisa isithunywa esikhethekile, ngo-February 9, 1934, uJoseph F. Rutherford, owayehola emsebenzini ngaleso sikhathi, wathumela incwadi yesikhalo kuHitler ngenxa yesihluku samaNazi. (Isithombe 2) Ngo-October 7, 1934, incwadi kaRutherford yalandelwa yizincwadi nezingcingo ezingaba ngu-20 000 zezikhalo ezathunyelwa kuHitler oFakazi BakaJehova basemazweni angu-50, kuhlanganise neJalimane.

AmaNazi asabela ngokuqinisa ushushiso lwawo. Ngo-April 1, 1935, oFakazi bavinjelwa kulo lonke lelo zwe. Kwabe sekuthi ngo-August 28, 1936, amaGestapo aqala ukubahlasela ngonya olukhulu. Nokho, oFakazi “baqhubeka besakaza amapheshana futhi belondoloza ukholo lwabo nangezinye izindlela,” kuphawula i-Betrayal—German Churches and the Holocaust.

Ngokwesibonelo, ngo-December 12, 1936, phambi kwawo amaGestapo, oFakazi abangaba ngu-3 500 basakaza amashumi ezinkulungwane zamakhophi ezwi lesinqumo eliphathelene nokuhlukunyezwa ababekuthola. Mayelana nalo mkhankaso, INqabayokulinda yabika: “Kwaba ukunqoba okukhulu nokuhlaselwa okubuhlungu kwesitha, ngenxa yenjabulo engachazeki yezisebenzi ezithembekile.”—Roma 9:17.

Ushushiso Luyehluleka!

AmaNazi aqhubeka efuna oFakazi BakaJehova. Ngo-1939, kwase kuboshwe abayizinkulungwane eziyisithupha, ezinye izinkulungwane zathunyelwa emakamu okuhlushwa. (Isithombe 3) Sase sinjani isimo lapho kuphela iMpi Yezwe II? Kwakufe oFakazi abangaba ngu-2 000 ababeboshiwe, abangaphezu kuka-250 ngokubulawa ngokuqondile. Nokho, uProfesa Ericksen noHeschel babhala: “Ngokwengxenye enkulu oFakazi BakaJehova banamathela okholweni lapho yize babebhekene nosizi.” Ngenxa yalokho, lapho umbuso kaHitler uwa, kwaphuma oFakazi abangaphezu kwenkulungwane emakamu benqobile.—Isithombe 4; IzEnzo 5:38, 39; Roma 8:35-37.

Yini eyanika abantu bakaJehova amandla okukhuthazelela ushushiso? U-Adolphe Arnold, owasinda ekamu lokuhlushwa, wachaza: “Ngisho nalapho udangele kakhulu, uJehova uyakubona, uyakwazi obhekene nakho futhi uyokunika amandla owadingayo ukuze usinqobe leso simo, uqhubeke uthembekile. Isandla sakhe asifinyeziwe.”

Yeka ukuthi amazwi omprofethi uZefaniya asebenza kahle kanjani kulawo maKristu athembekile! Wathi: “UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.” (Zefaniya 3:17) Kwangathi bonke abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso namuhla bangalingisa ukholo lwalabo Fakazi abathembekile abagcina ubuqotho lapho bebhekene noshushiso lwamaNazi, nabo bathokozise inhliziyo kaJehova.—Filipi 1:12-14.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

Państwowe Muzeum Oświȩcim-Brzezinka, courtesy of the USHMM Photo Archives