Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Inkolo Iyokuletha Ukuthula Kwezwe?

Ingabe Inkolo Iyokuletha Ukuthula Kwezwe?

Ingabe Inkolo Iyokuletha Ukuthula Kwezwe?

KUSUKELA ngo-August 28 kuya ku-August 31, 2000, amanxusa angaphezu kuka-500 avela emazweni angu-73 abuthanela eNew York City. Ahlangana “eNgqungqutheleni Yokuthula Kwezwe Yenkulungwane Yeminyaka Yabaholi Benkolo Nabangokomoya” eyayenzelwe eZizweni Ezihlangene. Abaholi—abaningi babo ababeshuqule, befake izingubo eziphuzi, befake iminqwazo yezimpaphe noma befake imijiva emnyama—babemelele izinkolo eziningi. Phakathi kwazo kwakunobuBaha’i, ubuBuddha, ubuHindu, ubuJain, ubuJuda, ubuShinto, ubuSikh, ubuSulumane, ubuTao, ubuZoroaster nezinkolo zobuKristu.

Lezi zihambeli zahlangana eZizweni Ezihlangene ezinsukwini ezimbili zokuqala zengqungquthela yezinsuku ezine. Nokho, le ngqungquthela yayingahlelwanga futhi ingaxhaswanga yiZizwe Ezihlangene ngokwezimali, lokho kwakwenziwe yizinhlangano ezihlukahlukene. Nokho, i-UN nabaholi benkolo bakhuluma ngokubaluleka kokubambisana ukuze kuqedwe ubumpofu, ukucwasana ngokobuhlanga, izinkinga zendawo engokwemvelo, impi nezikhali zokuqothula uquqaba.

Izihambeli zasayina incwadi enesihloko esithi “Ukuzibophezela Ekwenzeni Ukuthula Komhlaba Wonke.” Nakuba ivuma ukuthi ubudlova nempi “ngezinye izikhathi kugqugquzelwa ngenxa yenkolo,” le ncwadi yayithi abayisayinayo “babezobambisana neZizwe Ezihlangene . . . ekufuneni ukuthula.” Nokho, akubanga nazinqumo ezicacile ezibonisa ukuthi kwakuyokwenziwa kanjani lokhu.

Ngosuku lwesibili, uBawa Jain, unobhala-jikelele wale ngqungquthela, waphetha inkulumo yakhe yokuvula ngokuchaza ukuthi eminyakeni ethile edlule wayephawule umdwebo othile eZizweni Ezihlangene. Lo mdwebo wawubonisa indoda ende edlula isakhiwo sikaNobhala WeZizwe Ezihlangene. Yayingqongqoza esakhiweni njengokungathi siwumnyango. Ngezansi komfanekiso kwakunamazwi athi: “INkosi Yokuthula.” UMnu. uJain wathi: “[Lowo mfanekiso] waba nethonya elijulile kimi kusukela nje lapho ngiwubona. Ngabuza abantu abahlukahlukene ukuthi usho ukuthini. Ngicabanga ukuthi sengiyitholile manje impendulo. Ukubuthana kwenu nonke lapha, nina baholi bezwe abangokomoya nabangokwenkolo, kungibonisa ukuthi [yilena] inkosi yokuthula engqongqoza emnyango weZizwe Ezihlangene.”

IBhayibheli linikeza umbono ohlukile. Libonisa ukuthi iNkosi Yokuthula nguJesu Kristu. Uzoletha ukuthula komhlaba wonke, hhayi ngemizamo yabaholi baleli zwe bezombangazwe noma benkolo, kodwa ngoMbuso kaNkulunkulu. Lo Mbuso—uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini—yiwona oyosihlanganisa ngokuphumelelayo isintu esilalelayo futhi wenze intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni.—Isaya 9:6; Mathewu 6:9, 10.