Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Naka Umoya, Uphile!

Naka Umoya, Uphile!

Naka Umoya, Uphile!

“Ukunakwa komoya kusho ukuphila.”—ROMA 8:6.

1, 2. IBhayibheli liveza kuphi ukungafani phakathi ‘kwenyama’ ‘nomoya’?

AKUYONA into elula ukulondoloza ukuziphatha okuhle phambi kukaNkulunkulu emphakathini okhohlakele nokhazimulisa ukwaneliswa kwezifiso zenyama. Nokho, imiBhalo iveza “inyama” njengephambene ‘nomoya,’ ibonise umehluko ocacile phakathi kwemiphumela emibi yokuvumela ukubuswa yinyama enesono nemiphumela ebusisekile yokuvumela ithonya lomoya ongcwele kaNkulunkulu.

2 Ngokwesibonelo, uJesu Kristu wathi: “Ngumoya onikeza ukuphila; inyama ayinalo nhlobo usizo. Amazwi engiwakhulume kini awumoya futhi awukuphila.” (Johane 6:63) Ebhalela amaKristu aseGalathiya, umphostoli uPawulu wathi: “Inyama imelene nomoya ekufiseni kwayo, nomoya umelene nenyama; ngoba lokhu kuyaphikisana.” (Galathiya 5:17) UPawulu wathi futhi: “Lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni yakhe, kodwa lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okumi phakade okuvela emoyeni.”—Galathiya 6:8.

3. Yini edingekayo ukuze sigqashule ezifisweni nasekuthambekeleni okungalungile?

3 Umoya ongcwele kaJehova—amandla akhe asebenzayo—ungazisusa “izifiso zenyama” nokubuswa yinyama yethu enesono, okulimazayo. (1 Petru 2:11) Ukuze sigqashule ebugqilini bokuthambekela kokungalungile, kubalulekile ukuba sithole usizo lomoya kaNkulunkulu, ngoba uPawulu wabhala: “Ukunakwa kwenyama kusho ukufa, kodwa ukunakwa komoya kusho ukuphila nokuthula.” (Roma 8:6) Kusho ukuthini ukunaka umoya?

“Ukunakwa Komoya”

4. Kusho ukuthini “ukunakwa komoya”?

4 Lapho uPawulu ebhala ‘ngokunakwa komoya,’ wasebenzisa igama lesiGreki elisho “indlela yokucabanga, i(-simo se-)ngqondo, . . . inhloso, isifiso, okuphishekelwayo.” Isenzo esihlobene nalokhu sisho “ukucabanga, ukuthambekela kokuthile.” Ngakho, ukunaka umoya kusho ukulawulwa, ukubuswa nokushukunyiswa amandla kaJehova asebenzayo. Kusho ukuthi ngokuzithandela sivumela ukucabanga, ukuthambekela nezifiso zethu kuthonywe ngokuphelele umoya ongcwele kaNkulunkulu.

5. Yiliphi izinga okufanele sizithobe ngalo ethonyeni lomoya ongcwele?

5 Izinga okufanele sizithobe ngalo ethonyeni lomoya ongcwele lagcizelelwa nguPawulu lapho ekhuluma ngokuba ‘yizigqila ngomoya.’ (Roma 7:6) Ngesisekelo sokholo lwawo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo, amaKristu aye akhululwa ekubusweni yisono futhi kanjalo aye “afa” esimweni sawo sangaphambili sokuba yizigqila zaso. (Roma 6:2, 11) Labo abafile ngalowo mqondo basaphila ngokwenyama futhi manje bakhululekile ukulandela uKristu “njengezigqila zokulunga.”—Roma 6:18-20.

Ushintsho Olukhulu

6. Yiluphi ushintsho olwenzeka kulabo ababa “yizigqila zokulunga”?

6 Ushintsho lokusuka ekubeni “yizigqila zesono” kuya ekukhonzeni uNkulunkulu “njengezigqila zokulunga” lukhulu ngempela. Mayelana nabathile olwenzeka kubo lolo shintsho, uPawulu wabhala: ‘Seniye nagezwa nahlanzeka, seniye nangcweliswa, sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.’—Roma 6:17, 18; 1 Korinte 6:11.

7. Kungani kubalulekile ukuba nombono kaJehova ngezinto?

7 Ukuze lwenzeke kithi lolu shintsho oluphawulekayo, kudingeka siqale sifunde ngombono kaJehova wezinto. Emakhulwini eminyaka adlule, umhubi uDavide wanxusa uNkulunkulu ngobuqotho: “Ngazise imendo yakho, Jehova . . . Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise.” (IHubo 25:4, 5) UJehova wamlalela uDavide, futhi angawuphendula umthandazo onjalo wezinceku zakhe zanamuhla. Njengoba izindlela zikaNkulunkulu neqiniso lakhe kuhlanzekile futhi kungcwele, ukuzindla ngako kuyoba usizo uma silingelwa ukwanelisa izifiso ezingahlanzekile zenyama.

Indima Ebalulekile YeZwi LikaNkulunkulu

8. Kungani kubalulekile ukuba sitadishe iBhayibheli?

8 IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liwumkhiqizo womoya wakhe. Ngakho, enye indlela ebalulekile yokuvumela lowo moya usebenze kithi iwukufunda nokutadisha iBhayibheli—nsuku zonke uma kungenzeka. (1 Korinte 2:10, 11; Efesu 5:18) Ukugcwalisa izingqondo nezinhliziyo zethu ngamaqiniso nezimiso zeBhayibheli kuyosisiza ukuba simelane nokuhlaselwa kwengokomoya lethu. Yebo, lapho kuvela izilingo zokuziphatha kabi, umoya kaNkulunkulu ungasikhumbuza imiBhalo nezimiso eziqondisayo okungaqinisa ukuzimisela kwethu ukwenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. (IHubo 119:1, 2, 99; Johane 14:26) Ngakho-ke, asikhohliseki bese silandela inkambo engalungile.—2 Korinte 11:3.

9. Ukutadisha iBhayibheli kukuqinisa kanjani ukuzimisela kwethu ukulondoloza ubuhlobo bethu noJehova?

9 Njengoba siqhubeka siyitadisha ngobuqotho nangenkuthalo imiBhalo ngosizo lwezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, umoya kaNkulunkulu uthonya izingqondo nezinhliziyo zethu, usenze sizihloniphe ngokujule nakakhulu izindinganiso zikaJehova. Ubuhlobo bethu noNkulunkulu buba yiyona nto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwethu. Lapho sibhekana nesilingo, asivumeli imicabango yokuthi kungase kube mnandi kangakanani ukwenza okungalungile. Kunalokho, esikukhathalela ngokushesha ukulondoloza ubuqotho bethu kuJehova. Ukubazisa kakhulu ubuhlobo bethu naye kusishukumisela ukuba silwe nanoma yikuphi ukuthambekela okungase kubulimaze noma kubuqede.

“Ngiyawuthanda Umthetho Wakho Kangaka”!

10. Kungani kudingeka silalele umthetho kaJehova ukuze sinake umoya?

10 Ulwazi lweZwi likaNkulunkulu alwanele ukusisiza sinake umoya. INkosi uSolomoni yayiziqonda kahle kakhulu izindinganiso zikaJehova, kodwa yahluleka ukuphila ngokuvumelana nazo ngasekupheleni kokuphila kwayo. (1 AmaKhosi 4:29, 30; 11:1-6) Uma sithambekele ezintweni ezingokomoya, siyobona isidingo sokungagcini ngokwazi lokho iBhayibheli elikushoyo kodwa futhi nesokulalela umthetho kaNkulunkulu ngenhliziyo yonke. Lokho kusho ukuhlola izindinganiso zikaJehova ngobuqotho nokuzama ngenkuthalo ukuzigcina. Umhubi wayenesimo sengqondo esinjalo. Wahlabelela: “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” (IHubo 119:97) Lapho sikukhathalela ngempela ukugcina umthetho kaNkulunkulu, sishukumiseleka ukubonisa izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu. (Efesu 5:1, 2) Kunokuba sikhangwe ukona, sibonisa izithelo zomoya, futhi isifiso sokujabulisa uJehova siyasidedisa ‘emisebenzini emibi yenyama.’—Galathiya 5:16, 19-23; IHubo 15:1, 2.

11. Ungakuchaza kanjani ukuthi umthetho kaJehova owenqabela ubufebe uyisivikelo kithi?

11 Singayihlakulela kanjani inhlonipho ejulile nothando ngomthetho kaJehova? Enye indlela iwukuhlolisisa ukubaluleka kwawo. Cabanga ngoMthetho kaNkulunkulu othi ubuhlobo bobulili mabugcine phakathi kwabashadile futhi wenqabele ubufebe nokuphinga. (Heberu 13:4) Ingabe ukulalela lo mthetho kusincisha okuthile okuhle? Ingabe uBaba osezulwini onothando ubengawenza umthetho osenqabela into ezuzisayo? Lutho neze! Bheka okwenzeka ekuphileni kwabaningi abangaphili ngokuvumelana nezindinganiso zikaJehova zokuziphatha. Ukukhulelwa okungafunwa ngokuvamile kubenza bakhiphe izisu noma mhlawumbe bashade kungakabi yisikhathi futhi bangajabuli. Abaningi kumelwe bakhulise umntwana bengenamyeni noma inkosikazi. Ngaphezu kwalokho, labo abafebayo bazichaya ezifweni ezidluliselwa ngobulili. (1 Korinte 6:18) Futhi uma inceku kaJehova yenza ubufebe, imiphumela engokomzwelo ingakhungathekisa. Ukuzama ukucindezela ukuqhukuluzwa unembeza onecala kungabangela ukuqwasha nobuhlungu engqondweni. (IHubo 32:3, 4; 51:3) Khona-ke, akucacile yini ukuthi umthetho kaJehova owenqabela ubufebe wenzelwe ukusivikela? Yebo, kunenzuzo enkulu ngempela ukulondoloza ukuhlanzeka kokuziphatha!

Thandazela Usizo LukaJehova

12, 13. Kungani kufaneleka ukuthandaza lapho sihlaselwa yizifiso zesono?

12 Ngokuqinisekile ukunaka umoya kudinga umthandazo osuka enhliziyweni. Kuyafaneleka ukucela usizo lomoya kaNkulunkulu, ngoba uJesu wathi: “Uma nina . . . nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uBaba osezulwini uyonika umoya ongcwele kulabo abacela kuye!” (Luka 11:13) Emthandazweni, singase sisho ukuthi sinciké emoyeni ukuze sithole usizo mayelana nobuthakathaka bethu. (Roma 8:26, 27) Uma siqaphela ukuthi izifiso noma izimo zengqondo zesono ziyasithonya, noma uma esikholwa naye onothando esiqaphelisa lokhu, kungaba ukuhlakanipha ukukhuluma ngokuqondile ngale nkinga emithandazweni yethu, sicele usizo lukaNkulunkulu ekunqobeni lokhu kuthambekela.

13 UJehova angasisiza sigxile ezintweni ezilungileyo, ezimsulwa, ezinhle nezikufanelekelayo ukudunyiswa. Futhi yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukumnxusa ngobuqotho ukuze “ukuthula kukaNkulunkulu” kuqaphe izinhliziyo namandla ethu engqondo! (Filipi 4:6-8) Ngakho-ke masithandazele usizo lukaJehova ukuze ‘siphishekele ukulunga, ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukukhuthazela, ubumnene bomoya.’ (1 Thimothewu 6:11-14) Ngosizo lukaBaba wethu osezulwini, ukukhathazeka nezilingo ngeke kukhule kuze kungabe kusalawuleka. Kunalokho, ukuphila kwethu kuyoba nokuthula okunikezwa nguNkulunkulu.

Ungawudabukisi Umoya

14. Kungani umoya kaNkulunkulu ungamandla okuhlanzeka?

14 Izinceku zikaJehova ezivuthiwe zisisebenzisa kuzo iseluleko sikaPawulu: “Ningawucimi umlilo womoya.” (1 Thesalonika 5:19) Njengoba umoya kaNkulunkulu ‘ungumoya wobungcwele,’ uhlanzekile, umsulwa, ungcwele. (Roma 1:4) Ngakho, lapho usebenza kithi, lowo moya ungamandla obungcwele, noma ukuhlanzeka. Usisiza ukuba sihlale sisendleleni yokuphila ehlanzekile, yokulalela uNkulunkulu. (1 Petru 1:2) Noma yimuphi umkhuba ongcolile uwukungahlonishwa kwalowo moya, futhi lokho kungaba nemiphumela eyinhlekelele. Kanjani?

15, 16. (a) Singase siwudabukise kanjani umoya kaNkulunkulu? (b) Singakugwema kanjani ukudabukisa umoya kaJehova?

15 UPawulu wabhala: “Ningawenzi lusizi umoya kaNkulunkulu ongcwele, okungawo niye naphawulelwa usuku lokukhululwa ngesihlengo.” (Efesu 4:30) ImiBhalo iveza umoya kaJehova njengesibonakaliso, noma ‘uphawu lwalokho okwakuzokuza,’ kumaKristu agcotshiwe athembekile. Lokho kungukuphila kwasezulwini okungenakufa. (2 Korinte 1:22; 1 Korinte 15:50-57; IsAmbulo 2:10) Umoya kaNkulunkulu ungaqondisa abagcotshiwe nabangane babo abanethemba lasemhlabeni ekuphileni kokwethembeka futhi ungabasiza ukuba bagweme imisebenzi yesono.

16 Umphostoli waxwayisa ngokuthambekela emangeni, ukweba, ukuziphatha okuyihlazo, njalonjalo. Uma singazivumela ukuba sikhangwe yizinto ezinjalo, siyobe senza ngokuphambene neseluleko seZwi likaNkulunkulu esiphefumelwe umoya. (Efesu 4:17-29; 5:1-5) Kanjalo, ngezinga elithile siyobe sidabukisa umoya kaNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile sifuna ukukugwema lokho. Empeleni, uma noma ubani kithi eqala ukungasinaki iseluleko seZwi likaJehova, singase siqale ukuba nezimo zengqondo noma izici ezingaphumela esonweni samabomu nasekulahlekelweni ngokuphelele umusa waphezulu. (Heberu 6:4-6) Nakuba kungenzeka asisenzi isono njengamanje, kungenzeka sibheké kuleyo ndlela. Ngokuqhubeka senza okuphambene nokuhola komoya, siyobe siyawudabukisa. Siyobe simelana futhi sidabukisa noJehova, uMthombo womoya ongcwele. Njengabathanda uNkulunkulu, asifuni ukwenza lokho. Kunalokho, masithandazele usizo lukaJehova ukuze singawudabukisi umoya wakhe kodwa sikwazi ukuletha udumo egameni lakhe elingcwele ngokuqhubeka sinaka umoya.

Qhubeka Unaka Umoya

17. Yimiphi eminye yemigomo engokomoya esingase sizibekele yona, futhi kungani kungaba ukuhlakanipha ukuzama ukuyifinyelela?

17 Indlela ephawulekayo yokuba sinake umoya iwukubeka imigomo engokomoya futhi sisebenzele ekuyifinyeleleni. Kuye ngokwezidingo nezimo zethu, imigomo yethu ingase ihlanganise ukuthuthukisa imikhuba yethu yokutadisha, ukwandisa ingxenye yethu emsebenzini wokushumayela, noma ukufinyelela ilungelo lenkonzo elithile, njengenkonzo yokuphayona yesikhathi esigcwele, inkonzo yaseBethel, noma umsebenzi wezithunywa zevangeli. Lokhu kuyogcina ingqondo yethu imatasa ezithakazelweni ezingokomoya futhi kusisize singanqotshwa ubuthakathaka bethu bobuntu noma silawulwe yimigomo yokuthanda izinto ezibonakalayo nezifiso ezingqubuzana nemiBhalo ezivamile kulesi simiso sezinto. Ngokuqinisekile, lokhu kuyinkambo yokuhlakanipha, ngoba uJesu wanxusa: “Yekani ukuzibekelela imicebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala kudla khona, nalapho amasela egqekeza khona ebe. Kunalokho, zibekeleleni imicebo ezulwini, lapho kungoni nundu nakugqwala khona, nalapho amasela engagqekezi ebe khona. Ngoba lapho umcebo wakho ukhona, yilapho nenhliziyo yakho iyoba khona futhi.”—Mathewu 6:19-21.

18. Kungani kubaluleke kangaka ukuqhubeka sinaka umoya kulezi zinsuku zokugcina?

18 Ngokuqinisekile ukunaka umoya futhi ucindezele izifiso zezwe kuyinkambo yokuhlakanipha kulezi ‘zinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Kakade, “izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:15-17) Ngokwesibonelo, uma umKristu osemusha ephishekela umgomo wenkonzo yesikhathi esigcwele, lokhu kungase kube yisiqondiso kuye phakathi neminyaka eyinselele yobusha. Lapho ecindezelwa ukuba ahlehle, umuntu onjalo uyoba nombono ocacile walokho afuna ukukufeza enkonzweni kaJehova. Umuntu ongokomoya onjalo uyokubona kungahlakaniphile, empeleni kuwubuwula, ukuyeka ukufinyelela imigomo engokomoya ngenxa yeminako yezinto ezibonakalayo noma injabulo isono esithembisa ukuyiletha. Khumbula ukuthi uMose owayethambekele ezintweni ezingokomoya ‘wakhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu kunenjabulo yesikhashana esonweni.’ (Heberu 11:24, 25) Noma ngabe sibadala noma sibancane, sikhetha okufanayo lapho siqhubeka sinaka umoya kunenyama enesono.

19. Yiziphi izinzuzo esiyozijabulela uma siqhubeka sinaka umoya?

19 “Ukunakwa kwenyama kusho ubutha noNkulunkulu,” kanti “ukunakwa komoya kusho ukuphila nokuthula.” (Roma 8:6, 7) Uma siqhubeka sinaka umoya, siyoba nokuthula okuyigugu. Izinhliziyo namandla ethu engqondo kuyovikeleka ngokugcwele kakhudlwana ethonyeni lesimo sethu esinesono. Siyokwazi kangcono ukumelana nezilingo zokwenza okungalungile. Futhi siyoba nosizo lwaphezulu lokubhekana nokulwa okuqhubekayo kwenyama nomoya.

20. Kungani singaqiniseka ukuthi kungenzeka ukuba sinqobe empini phakathi kwenyama nomoya?

20 Ngokuqhubeka sinaka umoya, silondoloza ubuhlobo obubalulekile noJehova, uMthombo wakho kokubili ukuphila nomoya ongcwele. (IHubo 36:9; 51:11) USathane uDeveli namanxusa akhe benza konke abangakwenza ukuze bonakalise ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu. Bazama ukulawula izingqondo zethu, bazi ukuthi uma sibavumela, lokhu kuyogcina kubangele ubutha noNkulunkulu kanye nokufa. Kodwa singayinqoba le mpi phakathi kwenyama nomoya. Yilokho okwenzeka kuPawulu, ngoba lapho ebhala ngempi yakhe, waqale wabuza: “Ubani oyongophula kulomzimba othola lokhukufa?” Wabe esebonisa ukuthi kwakungenzeka ukuba ophulwe, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:21-25) Nathi singambonga uNkulunkulu ngoKristu ngokusenzela indlela yokubhekana nobuthakathaka bobuntu futhi siqhubeke sinaka umoya sinethemba elimangalisayo lokuphila okuphakade.—Roma 6:23.

Uyakhumbula?

• Kusho ukuthini ukunaka umoya?

• Singawuvumela kanjani umoya kaJehova ukuba usebenze kithi?

• Chaza ukuthi kungani kubalulekile ukutadisha iBhayibheli, ukulalela umthetho kaJehova nokuthandaza kuye njengoba silwa nesono.

• Ukuzibekela imigomo engokomoya kungasisiza kanjani ukuba sihlale enkambweni yokuphila?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 16]

Ukutadisha iBhayibheli kusisiza simelane nokuhlaselwa kwengokomoya lethu

[Isithombe ekhasini 17]

Kuyafaneleka ukuthandazela usizo lukaJehova ekunqobeni izifiso zesono

[Izithombe ekhasini 18]

Imigomo engokomoya ingasisiza ukuba siqhubeke sinaka umoya