Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izindaba Ezinhle ZoMbuso—Ziyini?

Izindaba Ezinhle ZoMbuso—Ziyini?

Izindaba Ezinhle ZoMbuso—Ziyini?

Ngonyaka odlule, emazweni angu-235 emhlabeni wonke, abantu abangu-6 035 564, abadala nabancane, basebenza amahora angu-1 171 270 425 bexoxa nabanye ngazo. Ngaphezu kokuzixoxa ngomlomo, banika umphakathi izinto ezibhaliwe ezingaphezu kwezigidi ezingu-700 ezikhangisa ngazo nezizichazayo. Basakaza nezinkulungwane zamakhasethi aqhubekisela zona phambili. Yizini zona lezi?

YIZINDABA ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngempela “izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu” azikaze nanini emlandweni wesintu zishunyayelwe ngezinga esilibona namuhla.—Mathewu 24:14.

Bonke labo abenza lo msebenzi womhlaba wonke wokushumayela nokufundisa bayizisebenzi zokuzithandela. Ngokombono wezwe, bangase babonakale bengawufanelekeli lo msebenzi. Pho, yini ebangela isibindi nempumelelo yabo? Amandla azo izindaba ezinhle zoMbuso ayisici esiyinhloko, ngoba ziyizindaba zezibusiso ezizotholwa yisintu. Lezi yizibusiso ezilangazelelwa yibo bonke abantu—injabulo, ukukhululeka ezinkingeni zezomnotho, uhulumeni okahle, ukuthula nokulondeka nokunye iningi elingakucabangi nakukucabanga—ukuphila okuphakade! Lezi yizindaba ezinhle ngempela kubantu abafuna injongo yokuphila. Yebo, ungazithola zonke lezi zibusiso kanye nezinye uma usabela kahle ekumenyezelweni kwezindaba ezinhle zoMbuso.

Uyini Lo Mbuso?

Nokho, uyini lo Mbuso omenyezelwa njengezindaba ezinhle? Lona nguMbuso izigidi eziye zafundiswa ukuwuthandazela ngala mazwi ajwayelekile: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.

UnguMbuso umprofethi ongumHeberu uDaniyeli akhuluma ngawo emakhulwini eminyaka angaphezu kwangu-25 adlule lapho ebhala ethi: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.

Ngakho, izindaba ezinhle zimayelana noMbuso kaNkulunkulu, noma uhulumeni wakhe, oyosusa bonke ububi bese ubusa wonke umhlaba ngokuthula. Uyofeza injongo yokuqala yoMdali ephathelene nesintu nomhlaba.—Genesise 1:28.

“UMbuso Wamazulu Ususondele”

Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, izindaba ezinhle zoMbuso zamenyezelwa okokuqala yindoda ezinikele eyayinesimo nendlela yokwenza eyayidonsa abantu abaningi. Leyo ndoda kwakunguJohane uMbhapathizi, indodana yompristi ongumJuda uZakariya nomkakhe, u-Elisabethe. UJohane wayegqoka isambatho soboya bekamela nebhande lesikhumba okhalweni, njengomprofethi u-Eliya, owayefanekisela yena. Kodwa umyalezo wakhe yiwona owawudonsa abaningi. Wayememezela ukuthi: “Phendukani, ngoba umbuso wamazulu ususondele.”—Mathewu 3:1-6.

Izilaleli zikaJohane zazingamaJuda, ayethi angabakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso, uJehova. Njengesizwe, ayamukele isivumelwano soMthetho ngoMose eminyakeni engaba ngu-1 500 ngaphambili. EJerusalema lalisekhona ithempeli elihle ngokumangalisayo, okwakunikelwa kulo imihlatshelo ngokuvumelana noMthetho. AmaJuda ayeqiniseka ngokuthi ukukhulekela kwawo kwakulungile emehlweni kaNkulunkulu.

Nokho, lapho belalele uJohane, abanye abantu baqala ukubona ukuthi inkolo yabo yayingekona lokho ababecabanga ukuthi iyiko. Amasiko namafilosofi amaGreki ayengene isinyenyela ezimfundisweni zenkolo zamaJuda. Umthetho owawutholakale kuNkulunkulu ngoMose manje wawusuwonakaliswe yizinkolelo namasiko enziwe ngabantu, awenza waba yize imbala. (Mathewu 15:6) Bedukiswe abaholi babo abanezinhliziyo ezilukhuni nabangenasihe, abaningi babengasamkhulekeli ngokwamukelekayo uNkulunkulu. (Jakobe 1:27) Kwakudingeka baphenduke ezonweni ababezenze kuNkulunkulu nasesivumelwaneni soMthetho.

Ngaleso sikhathi, amaJuda amaningi ayelindele ukubonakala kukaMesiya, noma uKristu othenjisiwe, futhi amanye ayezibuza ngoJohane: “Kungenzeka yini mhlawumbe ukuthi unguKristu?” Nokho, uJohane waphika ukuthi wayenguye futhi kunalokho wabaqondisa komunye umuntu, athi ngaye: ‘Umchilo wezimbadada zakhe angikufanelekele ukuba ngiwuthukulule.’ (Luka 3:15, 16) Ethula uJesu kubafundi bakhe, uJohane wathi: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!”—Johane 1:29.

Lezi kwakuyizindaba ezinhle ngempela, ngoba empeleni uJohane wayebonisa bonke abantu indlela eya ekuphileni—uJesu, lowo ‘osusa isono sezwe.’ Njengenzalo ka-Adamu no-Eva, bonke abantu bazalwa bengaphansi kobugqila besono nokufa. AmaRoma 5:19 ayachaza: “Ngoba njengoba nje ngokungalaleli komuntu oyedwa [u-Adamu] abaningi baba izoni, ngokufanayo futhi ngokulalela komuntu oyedwa [uJesu] abaningi bayoba abalungileyo.” UJesu, njengewundlu lomhlatshelo, ‘wayezosusa isono’ alungise isimo esidabukisayo abantu abakuso. IBhayibheli liyachaza: “Inkokhelo isono esiyikhokhayo iwukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo siwukuphila okumi phakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 6:23.

Njengomuntu ophelele—empeleni, umuntu omkhulu kunabo bonke abake baphila—uJesu waqala ukushumayela izindaba ezinhle. Ukulandisa kweBhayibheli kuMarku 1:14, 15 kuyasitshela: “Manje ngemva kokuba uJohane eboshiwe uJesu wangena eGalile, eshumayela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ethi: ‘Isikhathi esimisiwe sesigcwalisekile, futhi umbuso kaNkulunkulu ususondele. Bonisani ukuphenduka, futhi nibe nokholo ezindabeni ezinhle.’”—Marku 1:14, 15.

Labo abasabela emyalezweni kaJesu futhi babonisa ukholo ezindabeni ezinhle babusiswa kakhulu. UJohane 1:12 uthi: “Bonke abamamukela [uJesu], wabanika igunya lokuba abantwana bakaNkulunkulu, ngoba babebonisa ukholo egameni lakhe.” Njengoba babengabantwana, noma amadodana kaNkulunkulu, babesethubeni lokuthola umvuzo wokuphila okuphakade.—1 Johane 2:25.

Kodwa ilungelo lokuthola izibusiso zoMbuso aligcinanga kubantu bekhulu lokuqala kuphela. Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zimenyezelwa futhi kufundiswe ngazo kuwo wonke umhlaba owakhiwe namuhla. Ngakho izibusiso zoMbuso zisatholakala. Yini okumelwe uyenze ukuze uthole lezo zibusiso? Isihloko esilandelayo sizochaza.