Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sasibambisene

Sasibambisene

Indaba Yokuphila

Sasibambisene

NJENGOBA ILANDISWA NGUMELBA BARRY

Ngo-July 2, 1999, mina nomyeni wami sasisembuthanweni omkhulu woFakazi BakaJehova, njengoba nje sasike saya nasezinkulungwaneni zeminye eminyakeni yethu engu-57 sishadile. ULloyd wayebeka inkulumo yokuphetha emhlanganweni wesigodi eHawaii ngalolo Lwesihlanu. Kungalindelekile, wavele wawa. Naphezu kwayo yonke imizamo yokumphaphamisa, washona. *

YEKA ukuthi ngibazisa kanjani labo bafowethu nodadewethu abangamaKristu baseHawaii abangisekela bangisiza ukuba ngibhekane nalolu sizi! ULloyd wayethinte ukuphila kwabaningi babo nokwabanye abaningi emhlabeni wonke.

Kule minyaka esicishe ibe mibili ashona, ngiye ngacabanga ngeminyaka eyayiyigugu sindawonye—kweminingi yayo sisesabelweni sezithunywa zevangeli kwelinye izwe kanye nasendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Ngiye ngacabanga nangokuphila kwami ngisemusha eSydney, e-Australia, nangezinselele esabhekana nazo sinoLloyd ukuze sishade ngasekuqaleni kweMpi Yezwe II. Kodwa ake ngiqale ngikuxoxele ukuthi ngaba kanjani uFakazi nokuthi ngahlangana kanjani noLloyd kudala ngo-1939.

Indlela Engaba Ngayo UFakazi

UJames noHenrietta Jones kwakungabazali bami abanothando nabanakekelayo. Ngangineminyaka engu-14 nje kuphela lapho ngiqeda isikole ngo-1932. Ngaleso sikhathi umhlaba wawukhungethwe uKuwa Okukhulu Kwezomnotho. Ngaqala ukusebenza ukuze ngisize umkhaya wakithi, owawuhlanganisa nodadewethu ababili abancane. Ngemva kweminyaka embalwa, ngase nginomsebenzi okhokhelayo futhi ngingumphathi wezintokazi eziningana engangisebenza nazo.

Phakathi naleso sikhathi, ngo-1935, umama wathatha izincwadi zeBhayibheli komunye woFakazi BakaJehova futhi ngokushesha wayeseqiniseka ukuthi wayethole iqiniso. Thina abanye sasicabanga ukuthi kukhona okungasahambi kahle kuye. Kodwa ngelinye ilanga ngabona incwajana ethi Where Are The Dead? ngathathwa yisihloko sayo. Ngabe sengiyifunda ngasese le ncwajana. Kwaba kusukile lokho! Ngaqala ngaleso sikhathi ukuhamba nomama ukuya emhlanganweni waphakathi nesonto ewawubizwa ngokuthi iSifundo Esiyisibonelo. Incwajana ethi Model Study—kwagcina sekunezintathu—yayinemibuzo nezimpendulo nemibhalo esekela izimpendulo.

Cishe ngaleso sikhathi, ngo-April wango-1938, uJoseph F. Rutherford, ummeleli wasendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, wavakashela eSydney. Inkulumo yakhe yeningi kwakungeyokuqala engayilalela. Kwakufanele ibe seSydney Town Hall, kodwa abaphikisi baphumelela ukwenza singabe sisavunyelwa ukusebenzisa leyo ndawo. Kunalokho, le nkulumo yabekelwa eSydney Sports Ground enkulu nakakhulu. Ngenxa yokuba ngundaba-mlonyeni kwalo mhlangano ngenxa yokuphikiswa, kwaba khona abangaba ngu-10 000, okwakuyinani elimangalisayo uma ucabanga ukuthi kwakunoFakazi abangu-1 300 kuphela e-Australia ngaleso sikhathi.

Ngokushesha ngemva kwalokho, ngahlanganyela enkonzweni yasensimini ngokokuqala ngqá—ngingakaze ngikuqeqeshelwe. Lapho iqembu lethu lifika ensimini yethu, owayehola wathi kimi, “Wena uzokwenza lowaya muzi.” Ngangethuke kangangokuthi lapho umama wakhona evula umnyango, ngavele ngathi, “Ngicela ukubuza isikhathi.” Wangena endlini, wabheka isikhathi, wabuya wazongitshela. Kwaba ngiqedile njalo. Ngaphindela emotweni.

Nokho, angiyekanga ukuzama, futhi kungakabiphi ngase ngixoxa njalo nabanye ngesigijimi soMbuso. (Mathewu 24:14) Ngo-March 1939, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngokubhapathizwa kubhavu kamakhelwane wethu, uDorothy Hutchings. Ngenxa yokuthi kwakungekho mzalwane, ngemva nje kokuba ngibhapathiziwe nganikwa imithwalo yemfanelo yebandla ngokuvamile enikwa amadoda angamaKristu kuphela.

Imihlangano yethu sasivame ukuyiqhubela emizini yabathile, kodwa ngezinye izikhathi sasiqasha ihholo uma sizoba nenkulumo yeningi. Kuleli bandla lethu elincane kwafika umzalwane osemusha obukekayo owayevela eBethel, ihhovisi legatsha lethu, ezobeka inkulumo. Ngingazi mina, kwakunokunye futhi ayekuzele—ukuzongibona. Yebo, ngahlangana kanjalo noLloyd.

Ukuhlangana Nabakubo KaLloyd

Ngokushesha ngaba nesifiso sokukhonza uJehova isikhathi esigcwele. Nokho, lapho ngifaka isicelo sokuphayona (ukwenza umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele), ngabuzwa ukuthi ngingathanda yini ukukhonza eBethel. Ngakho ngo-September 1939, inyanga okwaqala ngayo iMpi Yezwe II, ngaba yilungu lomkhaya waseBethel yaseStrathfield, emaphethelweni eSydney.

Ngo-December 1939, ngaya emhlanganweni eNew Zealand. Njengoba uLloyd ayengowakhona eNew Zealand, naye wayeya khona. Sahamba ngomkhumbi owodwa, sazana kangcono. ULloyd waqikelela ukuthi ngiyabonana nomama nobaba wakhe nawodadewabo emhlanganweni eWellington kanye nakubo eChristchurch kamuva.

Ukuvinjelwa Komsebenzi Wethu

NgoMgqibelo, ngo-January 18, 1941, iziphathimandla zikahulumeni zafika ehhovisi legatsha ngezimoto ezimnyama eziwuhuntshu (limousines) ezingaba yisithupha zizodla izakhiwo. Njengoba kwakuyimi owayesebenza endlwaneni yokuqapha lapho kungenwa khona eBethel, ngababona kuqala. Emahoreni angaba ngu-18 ngaphambili, sasazisiwe ngalokho kuvinjelwa, ngakho cishe zonke izincwadi namafayili kwakususiwe egatsheni. Ngesonto elilandelayo, kwaboshwa amalungu amahlanu omkhaya waseBethel, kuhlanganise noLloyd.

Ngangazi ukuthi ababekudinga kakhulu abazalwane abasejele kwakuwukudla okungokomoya. Ukuze ngimkhuthaze uLloyd, nganquma ukumbhalela “izincwadi zothando.” Ngangiqala ngamazwi ongase uwalindele encwadini enjalo, kodwa bese ngikopisha sonke isihloko se-Nqabayokulinda, ngiphethe njengesithandwa sakhe. Ngemva kwezinyanga ezine nengxenye, uLloyd wadedelwa.

Ukushada Nokuqhubeka Nenkonzo

Ngo-1940, umama kaLloyd wavakashela e-Australia, uLloyd wayesemtshela ukuthi sicabanga ukushada. Umama wakhe wameluleka ukuba angakwenzi lokho ngoba ukuphela kwesimiso sezinto kwakubonakala kuseduze kakhulu. (Mathewu 24:3-14) ULloyd watshela futhi nabangane bakhe ngalokho ayekuhlosile, kodwa njalo babemcebisa ukuba angashadi. Ekugcineni, ngolunye usuku ngo-February 1942, uLloyd wangithatha isinyenyela—sahamba noFakazi abane ababethembise ukungayithi vú le ndaba—saya ehhovisi lokubhalisa, safike sashada. Ngaleso sikhathi e-Australia kwakungekho lungiselelo lokuba oFakazi BakaJehova bashadise.

Nakuba singavunyelwanga ukuqhubeka sisenkonzweni yaseBethel njengombhangqwana, sabuzwa ukuthi singathanda yini ukungenela umsebenzi wamaphayona akhethekile. Sasamukela ngenjabulo isabelo sasedolobhaneni lasemaphandleni okuthiwa yiWagga Wagga. Umsebenzi wethu wokushumayela wawusavinjelwe, futhi sasingalutholi usizo lwezimali, ngakho kwadingeka siwuphonse ngempela umthwalo wethu kuJehova.—IHubo 55:22.

Sasigibela ibhayisekili labantu ababili siye emaphandleni, sihlangane nabantu abakahle futhi sixoxe isikhathi eside nabo. Babengebaningi ababesamukela isifundo seBhayibheli. Kodwa omunye umnikazi wesitolo wayewazisa kakhulu umsebenzi esasiwenza kangangokuthi wayesipha izithelo nemifino isonto ngalinye. Ngemva kokuba kuphele izinyanga eziyisithupha siseWagga Wagga, sabizwa ukuba siphindele eBethel.

Umkhaya waseBethel wawuphumile ehhovisi laseStrathfield ngo-May 1942, waqala ukuhlala emizini yabazalwane. Njalo ngemva kwamasonto athile umkhaya wawuthutha usuke komunye umuzi uye komunye ukuze ungabanjwa. Lapho sibuyela eBethel sinoLloyd ngo-August, sawufica kwenye yalezi zindawo. Emini isabelo sethu kwakuwukusebenza kwenye yezindawo zokunyathelisa zomshoshaphansi ezazakhiwe. Ekugcineni, ngo-June 1943, umsebenzi wethu waphinde wavunyelwa.

Ukulungiselela Ukukhonza Kwelinye Izwe

Ngo-April 1947 sanikwa izicelo zokuqala zokuya e-Watchtower Bible School of Gilead, eyayiseNingizimu Lansing, eNew York, e-U.S.A. Phakathi naleso sikhathi, sabelwa ukuhambela amabandla ase-Australia siwaqinise ngokomoya. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, sabizelwa ekilasini le-11 laseGileyadi. Sasinamasonto amathathu okulungisa izinto zethu siqoqe nezimpahla zethu. Sashiya umndeni nabangane ngo-December 1947 saya eNew York nabanye abangu-15 ababesuka e-Australia ababemenywe kulelo kilasi.

Izinyanga ezimbalwa esazichitha eSikoleni SaseGileyadi zadlula ngokushesha, sathola isabelo sokuba yizithunywa zevangeli eJapane. Njengoba kwakuthatha isikhathi ukulungisa izincwadi zethu zokungena eJapane, uLloyd waphinda wabelwa ukuba ngumbonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova. Amabandla esabelwa ukuwavakashela ayesuka edolobheni laseLos Angeles ehle ayofika emngceleni waseMexico. Sasingenayo imoto, ngakho isonto ngalinye oFakazi babesihambisa ngothando basiyise ebandleni elilandelayo. Indawo eyayakha leso sifunda esikhulukazi manje seyakha izigodi ezintathu zesiNgisi nezintathu zeSpanishi, isigodi ngasinye sinezifunda ezingaba yishumi!

Singalindele, kwase kungu-October 1949, sabhekisa amabombo eJapane sihamba ngomkhumbi owawukade uthwala amasosha. Ngakolunye uhlangothi lomkhumbi kwakuhlala amadoda, kolunye kuhlala abesifazane nezingane. Lapho sekusele usuku olulodwa nje sifike eYokohama, kwaba nesiphepho esikhulu. Kubonakala sengathi salenza laphenya izulu, ngoba lapho kuphuma ilanga ngakusasa, ngo-October 31, sakwazi ukubona iNtaba iFuji iyinhle idelile. Yeka ukuthi kwakuwukwamukelwa okuhle kanjani esabelweni sethu esisha!

Ukusebenza NamaJapane

Lapho sisondela echwebeni, sabona amakhulu abantu abanezinwele ezimnyama. Njengoba sizwa umsindo omkhulu sacabanga ukuthi, ‘Baze banomsindo la bantu!’ Wonke umuntu wayegqoke izicathulo zokhuni ezazibanga umsindo emapulangweni asechwebeni. Ngemva kokulala ubusuku obubodwa eYokohama, sagibela isitimela saya esabelweni sethu eKobe. Lapho, uDon Haslett, umfundi esasinaye ekilasini eGileyadi futhi owayefike ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili eJapane, wayeqashe umuzi owawuzohlala izithunywa zevangeli. Kwakungumuzi omuhle, omkhulu, onezitezi ezimbili, wohlobo lwaseNtshonalanga—owawungenalutho lutho ngaphakathi!

Ukuze sithole okokulala, sasika utshani obude obabusegcekeni sabendlala phansi. Kwaqala kanjalo ukuphila kwethu njengezithunywa zevangeli, singenalutho ngaphandle kwalokho esasikuphethe ezikhwameni zethu. Sathola izitofu ezincane zamalahle, okuthiwa ama-hibachi, ukuze kufudumale futhi sipheke. Ngobunye ubusuku, uLloyd wathola izithunywa zevangeli ezimbili, uPercy no-Ilma Iszlaub, ziqulekile. Wakwazi ukuziphaphamisa ngokuvula amafasitela kungene umoya oncwaba nobandayo. Nami ngake ngaquleka ngipheka kulezo zitofu zamalahle. Kwasithatha isikhathi ukujwayelana nezinye izinto!

Ukufunda ulimi kwakusemqoka, futhi kwaphela isikhathi esiyinyanga sitadisha isiJapane amahora angu-11 ngosuku. Ngemva kwalokho, saphuma saya enkonzweni sibhalé phansi umusho owodwa noma emibili yokuqala ingxoxo. Ngosuku lokuqala ngqá ngiphumile, ngahlangana nentokazi ekahle, uMiyo Takagi, eyangamukela ngomusa. Ezimpindelweni kwakunzima, sasebenzisa izichazamazwi zesiJapane nesiNgisi saze saqala isifundo esikahle seBhayibheli. Ngo-1999, lapho kunikezelwa izakhiwo ezandisiwe zegatsha laseJapane, ngaphinda ngambona uMiyo, kanye nabanye abaningana abathandekayo engangibafundele. Sekudlule iminyaka engu-50, kodwa basengabamemezeli boMbuso abashisekayo, benza abangakwenza ekukhonzeni uJehova.

Ngo-April 1, 1950, eKobe saba nabangaba ngu-180 emkhosini wethu waminyaka yonke weSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Samangala lapho ngakusasa kufika abantu abangu-35 bezohlanganyela enkonzweni yasensimini. Isithunywa sevangeli ngasinye sahamba nabathathu noma abane balaba abasha enkonzweni. Abaninikhaya babengakhulumi nami—umuntu wakwelinye izwe ongasizwa kahle nesiJapane—kodwa babekhuluma nala maJapane angiphelezelayo ayeseSikhumbuzweni. Kwakuxoxwa undendende, kodwa ngangingazi nakancane ukuthi kukhulunywa ngani. Ngiyajabula ukusho ukuthi abanye balaba abasha bathuthuka olwazini futhi baye baqhubeka emsebenzini wokushumayela kuze kube yinamuhla.

Amalungelo Nezabelo Eziningi

Saqhubeka sisemsebenzini wethu wezithunywa zevangeli eKobe kwaze kwaba ngo-1952, sase sabelwa eTokyo, uLloyd wanikwa umthwalo wemfanelo wokwengamela ihhovisi legatsha. Ngokuhamba kwesikhathi, izabelo zomsebenzi wakhe zamhambisa kulo lonke elaseJapane nakwamanye amazwe. Kamuva, lapho evakashele eTokyo, uNathan H. Knorr wasendlunkulu yomhlaba wonke, wathi kimi: “Hawu, uyazi ukuthi umyeni wakho uzohambela maphi amagatsha ngokulandelayo? I-Australia neNew Zealand.” Wanezela: “Nawe ungahamba naye uma uzozikhokhela izindleko.” Ngangijabule ngifile! Phela sase sineminyaka engu-9 sagcina ekhaya.

Sabe sesibhalelana nabasekhaya. Umama wangisiza ukuba ngithole ithikithi. Thina sinoLloyd sasikade simatasa ezabelweni zethu, futhi sasingenazo izimali zokuvakashela abakithi. Ngakho lena kwakuyimpendulo yemithandazo yami. Njengoba ungase ucabange, umama wakujabulela kakhulu ukuphinda angibone. Wathi, “Uyabona, ngizokuqongelelela khona uzophinda uze ngemva kweminyaka emithathu.” Sahlukana sinalokho engqondweni, kodwa ngokudabukisayo washona ngo-July olandelayo. Ngithemba ukuthi kuyoba mnandi ngendlela emangalisayo ukuphinda ngihlangane naye ezweni elisha!

Ngaphambi kuka-1960 nganginesabelo somsebenzi wesithunywa sevangeli kuphela, kodwa ngabe sengithola incwadi eyayichaza: “Kusukela namuhla kuzoba nelungiselelo lokuba uwashele futhi u-ayinele wonke umkhaya waseBethel izingubo zawo.” Ngaleso sikhathi umkhaya wethu wawunabantu abangaba ngu-12 kuphela, ngakho ngakwazi ukwenza lo msebenzi ngibe ngenza isabelo sami njengesithunywa sevangeli.

Ngo-1962, ikhaya lethu lesiJapane ladilizwa, ngonyaka olandelayo kwaphothulwa iKhaya LaseBethel elisha elinezitezi eziyisithupha kuleyo ndawo. Ngabelwa ukusiza abazalwane baseBethel abasebasha, ababesanda kufika, ukuba bagcine izindlu zabo zinobunono futhi baziqoqele. Ngokuvamile, eJapane abafana babengafundiswanga kwenza lutho endlini. Kwakugcizelelwa imfundo yezwe, futhi onina babebenzela yonke into. Ngokushesha bafunda ukuthi angiyena umama wabo. Ngokuhamba kwesikhathi, abaningi bathuthuka baze bathola izabelo ezintsha ezidinga abantu abanokwethenjelwa enhlanganweni.

Ngolunye usuku ehlobo kushisa bhé, kwafika owayefundelwa iBhayibheli ezobuka izakhiwo zegatsha, wangibona ngikhuculula izindlu zokugezela. Wathi, “Ngicela utshele lowo ophethe ukuthi ngingathanda ukukhokhela ukuba kufike isisebenzi sizokwenzela lo msebenzi.” Ngamchazela ukuthi nakuba ngikwazisa ukungicabangela kwakhe ngomusa, ngizimisele kakhulu ukwenza noma yini engabelwa yona enhlanganweni kaJehova.

Cishe ngaleso sikhathi, sathola isimemo sinoLloyd sokuba siye ekilasini lama-39 laseGileyadi! Yeka ilungelo okwakuyilo lapho ngo-1964 siphindela esikoleni, sesineminyaka engu-46 ubudala! Izifundo zazilungiselelwe ngokukhethekile ukusiza labo abakhonza emahhovisi amagatsha ukuze banakekele imithwalo yabo yemfanelo. Ngemva kwalezi zifundo ezathatha izinyanga eziyishumi, sabelwa ukuphindela eJapane. Ngaleso sikhathi, sase sinabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-3 000 kulelo zwe.

Ukwanda kwashesha kangangokuthi ngo-1972 kwase kunoFakazi abangaphezu kuka-14 000, kwakhiwa nehhovisi elisha legatsha elinezitezi ezinhlanu eNumazu, eningizimu yeTokyo. Sasiyibona kahle iNtaba iFuji uma sisezakhiweni zethu. Kwaqalwa ukuba kunyatheliswe omagazini besiJapane abangaphezu kwesigidi ngenyanga emshinini omusha omkhulu wohlobo lwe-rotary. Kodwa thina sase sizobhekana noshintsho.

Ngasekupheleni kuka-1974, uLloyd wathola incwadi evela endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn eyayimmemela ukuba ayokhonza eNdikimbeni Ebusayo. Ngaqale ngacabanga ukuthi: ‘Nakho-ke, kuphelile-ke manje. Njengoba uLloyd enethemba lasezulwini mina nginelasemhlabeni, maduze nje kuzodingeka sihlukane vele. Kungcono uLloyd avele azihambele aye eBrooklyn, mina ngisale.’ Kodwa ngokushesha ngalungisa ukucabanga kwami futhi ngo-March 1975 ngahamba noLloyd ngokuzithandela.

Izibusiso Zasendlunkulu

Ngisho naseBrooklyn, inhliziyo kaLloyd yayisasele ensimini yaseJapane, futhi wayehlale exoxa ngokuhlangenwe nakho esasikuthole khona. Kodwa manje kwase kunamathuba okwanuleka. Eminyakeni engu-24 yangaphambi kokushona kwakhe, uLloyd wasetshenziswa kakhulu emsebenzini wokuhambela amagatsha, okwakuhlanganisa ukuhamba umhlaba wonke. Ngahamba naye kaningana emazweni ngamazwe.

Ukuvakashela abafowethu abangamaKristu kwamanye amazwe kwangisiza ukuba ngiqonde izimo abaningi babo abaphila futhi basebenze ngaphansi kwazo. Angisoze ngabukhohlwa ubuso buka-Entellia oneminyaka eyishumi ubudala, intombazanyana engahlangana nayo enyakatho ye-Africa. Wayelithanda igama likaNkulunkulu futhi ehamba ngezinyawo ihora nengxenye eya emihlanganweni yobuKristu nalapho esebuya. Naphezu kokushushiswa kakhulu emkhayeni wakubo, u-Entellia wayezinikezele kuJehova. Lapho sivakashela ibandla lakubo, kwakunesibani esisodwa kuphela esilufifi esasilenga phezu kohlaka lwesikhulumi—ngale kwalokho, umhlangano wawusebumnyameni. Kubo lobo bumnyama, kwakuthinta inhliziyo ukuzwa umculo omnandi wabazalwane nodade.

Isici esivelele ekuphileni kwethu saba ngo-December 1998 lapho mina noLloyd siphakathi kweqembu elaliya eMihlanganweni Yesigodi ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ eyayiseCuba. Yeka indlela owasihlaba ngayo umxhwele umoya wokubonga nenjabulo eyaboniswa abazalwane nodade balapho ngenxa yokuvakashelwa abathile basendlunkulu yaseBrooklyn! Nginezinkumbulo eziningi engizazisayo zalapho ngihlangana nabathandekayo abayisa udumo olukhulu kuJehova ngentshiseko.

Ngikhululekile Phakathi Kwabantu BakaNkulunkulu

Nakuba ngazalelwa e-Australia, ngithanda abantu bakunoma yikuphi lapho inhlangano kaJehova ingithumela khona. Kwakunjalo eJapane, futhi manje njengoba sengineminyaka engaphezu kuka-25 ngise-United States, ngithola into efanayo nalapha. Lapho ngishiywa ngumyeni wami, angicabanganga ukuphindela e-Australia, kodwa ngacabanga ukuhlala eBethel yaseBrooklyn, lapho uJehova engabele khona.

Manje sengevile eminyakeni engu-80 ubudala. Ngemva kweminyaka engu-61 yenkonzo yesikhathi esigcwele, ngisazimisele ukukhonza uJehova nomaphi lapho ebona kufaneleka khona. Uye wanginakekela kahle kakhulu ngempela. Ngiyayazisa le minyaka engaphezu kuka-57 engakwazi kuyo ukuhlanganyela ukuphila kwami nomngane othandekayo nowayemthanda uJehova. Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka esibusisa, futhi ngiyazi ukuthi ngeke awukhohlwe umsebenzi nothando esiye salubonisa kulo igama lakhe.—Heberu 6:10.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Bheka INqabayokulinda ka-October 1, 1999, amakhasi 16 no-17.

[Isithombe ekhasini 25]

Nginomama ngo-1956

[Isithombe ekhasini 26]

SinoLloyd neqembu labamemezeli baseJapane ngasekuqaleni kwawo-1950

[Izithombe ekhasini 26]

Nginesifundo sami seBhayibheli sokuqala eJapane, uMiyo Takagi, ngasekuqaleni kwawo-1950 nango-1999

[Isithombe ekhasini 28]

SinoLloyd emsebenzini kamagazini eJapane