Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UbuKristu Beqiniso Buyanqoba!

UbuKristu Beqiniso Buyanqoba!

UbuKristu Beqiniso Buyanqoba!

“Ngendlela enamandla izwi likaJehova laqhubeka likhula futhi linqoba.”—IZENZO 19:20.

1. Chaza ukwanda kobuKristu ekhulwini lokuqala.

EGCWELE amandla omoya ongcwele, amaKristu okuqala amemezela izwi likaJehova ngentshiseko eyayingenakudanjiswa. Isazi-mlando esithile sabhala: “UbuKristu babusakazeke ezweni lamaRoma ngokushesha okumangalisayo. Ngonyaka ka-100 cishe kuzo zonke izifundazwe ezazigudle iMedithera kwase kunomphakathi othile wamaKristu.”

2. USathane wazama kanjani ukuphikisana nezindaba ezinhle, futhi lokhu kwakubikezelwe kanjani?

2 USathane uDeveli wayengenakuwathulisa amaKristu okuqala. Kunalokho, walwa nethonya lezindaba ezinhle ngenye indlela—ukuhlubuka. UJesu wayekubikezele lokhu emzekelisweni wakhe kakolweni nokhula. (Mathewu 13:24-30, 36-43) Nomphostoli uPetru wayexwayise ngokuthi kwakuyovela abafundisi bamanga ebandleni, balethe amahlelo abhubhisayo. (2 Petru 2:1-3) Ngokufanayo, umphostoli uPawulu wayexwayise ngokuqondile ngokuthi usuku lukaJehova lwaluyokwandulelwa ukuhlubuka.—2 Thesalonika 2:1-3.

3. Kwenzekani ngemva kokufa kwabaphostoli?

3 Ngemva kokufa kwabaphostoli, izindaba ezinhle zagubuzelwa yizimfundiso namafilosofi obuqaba. Njengoba kwakubikezelwe, abafundisi bamanga bahlanekezela futhi bonakalisa isigijimi esihlanzekile seqiniso. Kancane kancane, ubuKristu beqiniso basithwa obamanga obubizwa ngeLobukholwa. Kwavela isigaba sabefundisi esazama ukwenza abantu abavamile bangalitholi iBhayibheli. Nakuba inani lalabo ababezibiza ngamaKristu landa, ukukhulekela kwabo kwakungahlanzekile. ELobukholwa landa emazweni amaningi, laba namandla nethonya elikhulu endleleni yokuphila yaseNtshonalanga, kodwa lalingenaso isibusiso sikaNkulunkulu lingenawo nomoya wakhe.

4. Kungani lingaphumelelanga icebo likaSathane lokubhuntshisa injongo kaNkulunkulu?

4 Nokho, icebo likaSathane lokubhuntshisa injongo kaNkulunkulu lalizofekela nakanjani. Ngisho nasezinsukwini ezimbi kakhulu zokuhlubuka, ubuKristu beqiniso babusaphila phakathi kwabathile. Amadoda ayekopisha iBhayibheli aqikelela ukuthi alikopisha ngokunembile. Kanjalo, iBhayibheli ngokwalo lahlala lingonakele, yize abaningi ababethi banegunya lokufundisa ngalo babehlanekezela isigijimi salo. Phakathi namakhulu eminyaka izazi ezinjengoJerome noTyndale zalihumusha futhi zalisakaza ngesibindi iZwi likaNkulunkulu. Izigidi zabantu zakwazi ukuba neBhayibheli nohlobo oluthile lobuKristu, yize babungobamanga.

5. Yini eyabikezelwa ngumprofethi uDaniyeli mayelana ‘nolwazi lweqiniso’?

5 Ekugcineni, njengoba kubikezelwe encwadini kaDaniyeli, ‘ulwazi lweqiniso lwaba luningi.’ Lokhu kuye kwenzeka ‘esikhathini sokuphela’—isikhathi esiphila kuso manje. (Daniyeli 12:4, NW) Emhlabeni wonke, umoya ongcwele uye waholela abathandi beqiniso olwazini olunembile lukaNkulunkulu weqiniso nezinjongo zakhe. Ngisho nangemva kwamakhulu eminyaka ezimfundiso zokuhlubuka, izwi likaNkulunkulu lisanqoba! Namuhla, izindaba ezinhle zimenyezelwa kuyo yonke indawo, ziqondisa abantu ethembeni lezwe elisha elijabulisayo. (IHubo 37:11) Manje ake sihlole ukwanda kwanamuhla kwezwi likaNkulunkulu.

Ukwanda Kwezwi Namuhla

6. Yimaphi amaqiniso abaFundi BeBhayibheli ababewaqonda ngonyaka ka-1914?

6 Ngasekupheleni kwekhulu le-19, iqiniso leBhayibheli lashukumisa iqenjana labaFundi BeBhayibheli, namuhla elaziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova. Ngo-1914, iBhayibheli lase liphila kubo. Babeqonda amaqiniso amangalisayo aphathelene nenjongo kaNkulunkulu. Lwabathinta ngokujulile uthando lukaJehova lapho ethumela iNdodana yakhe emhlabeni, kanjalo evula indlela eya ekuphileni okuphakade. Base belazi futhi belazisa negama likaNkulunkulu nobuntu bakhe. Ngaphezu kwalokho, baqaphela ukuthi “izikhathi zabezizwe” zase ziphelile kakade, okwakubonisa ukuthi sase sisondele isikhathi sokuba uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu ulethe izibusiso esintwini. (Luka 21:24, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Yeka izindaba ezinhle ngokumangalisayo! La maqiniso anamandla kwakufanele atshelwe wonke umuntu, yonke indawo. Ayehilela ukuphila kwabantu!

7. Iqiniso leBhayibheli liye lanqoba kanjani ezikhathini zanamuhla?

7 UJehova walibusisa lelo dlanzana lamaKristu agcotshwe ngomoya. Namuhla, inani labamukela ubuKristu beqiniso selingaphezu kwezigidi eziyisithupha. Aye anda namazwe afinyelelwa yizwi likaNkulunkulu, ngoba oFakazi BakaJehova batholakala emazweni angu-235. Ngaphezu kwalokho, iqiniso leBhayibhlei liye laba namandla, lanqoba zonke izithiyo, ezenkolo nezinye. Lo msebenzi wokushumayela emhlabeni wonke unezela ubufakazi obungenakuphikwa bokuthi uJesu ukhona, uphethe uMbuso.—Mathewu 24:3, 14.

8. Baye bathini abanye ngokwanda koFakazi BakaJehova?

8 Njengoba nje izazi zomlando zaphawula ngokwanda okumangalisayo kobuKristu ekhulwini lokuqala, ziningi izazi eziye zaphawula ngokwanda kwabantu bakaJehova ezikhathini zanamuhla. E-United States, izazi ezimbili zabhala zathi: “Kule minyaka engu-75 edlule, oFakazi BakaJehova baye baqhubeka banda ngezinga elingavamile . . . futhi baye benza kanjalo emhlabeni wonke.” Umagazini waseMpumalanga Afrika ubiza oFakazi ngokuthi “enye yezinkolo ezikhula ngokushesha nezihlonishwa kakhulu kunazo zonke ezaziwa emhlabeni wonke ngenxa yokunamathela kwayo ngokuphelele ezimfundisweni zeBhayibheli.” Futhi umagazini wamaKatolika onamathela ezindleleni zakudala, oshicilelwa eYurophu, ukhuluma ‘ngokwanda okukhulu koFakazi BakaJehova.’ Yini eye yabangela lokhu kwanda?

Ukusebenza Komoya Ongcwele Namuhla

9. (a) Yisiphi isizathu esiyinhloko esenza izwi likaNkulunkulu linqobe namuhla? (b) UJehova ubadonsela kanjani abantu kuye?

9 Isizathu esiyinhloko esenza izwi likaNkulunkulu linqobe namuhla ukuthi umoya kaJehova usebenza ngamandla, njengoba kwakunjalo ekhulwini lokuqala. UJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa.” (Johane 6:44) La mazwi asikisela ukuthi ngesineke uNkulunkulu udonsa labo abanokuthambekela okufanele, enxusa izinhliziyo zabo. Ngomsebenzi wokushumayela woFakazi bakhe, uJehova udonsela “okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe” enkonzweni yakhe—abantu bomhlaba abathobekile nabanjengezimvu.—Hagayi 2:6, 7.

10. Yiziphi izinhlobo zabantu eziye zasabela ezwini likaNkulunkulu?

10 Umoya ongcwele awugcini ngokunika abantu bakaNkulunkulu amandla okuyisa izwi likaNkulunkulu ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba; uye washukumisa abantu bazo zonke izinhlobo ukuba basabele ezindabeni ezinhle. Ngempela, labo abaye balamukela iZwi likaNkulunkulu bavela “kuzo zonke izizwana nezilimi nabantu nezizwe.” (IsAmbulo 5:9; 7:9, 10) Baphakathi kwabacebile nabampofu, abafunde bagogoda nabangakwazi kufunda nakubhala. Abanye baye bamukela leli zwi phakathi nempi noshushiso olunonya, kanti abanye baye balamukela kukhona ukuthula nokuchuma. Kuzo zonke izinhlobo zohulumeni, kuwo wonke amasiko, emakamu okuhlushwa nasezigodlweni zamakhosi, abesilisa nabesifazane baye basabela kahle ezindabeni ezinhle.

11. Umoya ongcwele usebenza kanjani ekuphileni kwabantu bakaNkulunkulu, futhi yimuphi umahluko obonakalayo?

11 Naphezu kokuhlukahluka kwabo okumangalisayo, abantu bakaNkulunkulu bahlalisana ngobunye. (IHubo 133:1-3) Lokhu kunezela ubufakazi bokuthi umoya ongcwele uyasebenza ekuphileni kwalabo abakhonza uNkulunkulu. Umoya wakhe uyithonya elihle elinamandla, elenza izinceku zakhe zikwazi ukubonisa uthando, injabulo, ukuthula, umusa nezinye izimfanelo ezithandekayo. (Galathiya 5:22, 23) Namuhla, sikubona ngokucacile lokho umprofethi uMalaki akubikezela kudala: “[Niyowubona] umahluko phakathi kolungileyo nomubi, phakathi kwalowo okhonza uNkulunkulu nalowo ongamkhonzanga.”—Malaki 3:18NW.

Izwi LikaNkulunkulu Liyanqoba Ezisebenzini Ezishisekayo

12. OFakazi BakaJehova bazizwa kanjani ngomsebenzi wokushumayela ivangeli, futhi yikuphi ukusabela abakulindele emsebenzini wabo wokushumayela?

12 OFakazi BakaJehova namuhla abayi nje esontweni bese bezithela ngabandayo. Bahlanganyela ngokuzimisela emsebenzini wokushumayela ivangeli. NjengamaKristu okuqala, bazinikela ngokuzithandela ukuba benze intando kaNkulunkulu, bafune ukusiza abanye ukuba bazi izithembiso zoMbuso kaJehova. Bayizisebenzi ezikanye noNkulunkulu, eziqoqela abanye ekukhonzeni uJehova, ngokuvumelana nomoya wakhe ongcwele. Ngokwenza kanjalo, babonisa isihe nothando lukaJehova esintwini esingakholwa. Futhi lokho bakwenza naphezu kokuba benganakwa, behlekwa usulu futhi beshushiswa. UJesu wahlomisela abalandeli bakhe ukusabela okuhlukahlukene ezindabeni ezinhle. Wathi: “Isigqila asisikhulu kunenkosi yaso. Uma beye bangishushisa mina, bayonishushisa nani; uma beye baligcina izwi lami, bayoligcina nelenu.”—Johane 15:20.

13. Yiziphi izici ezintulekayo kweLobukholwa kodwa ezixhaphakile koFakazi BakaJehova?

13 Ukufana koFakazi BakaJehova namuhla nalabo abamukela ubuKristu beqiniso ekhulwini lokuqala kusihlaba umxhwele. Okunye okuphawuleka ngokufanayo umahluko okhona phakathi koFakazi BakaJehova neLobukholwa namuhla. Ngemva kokubhala ngokushisekela ivangeli kwamaKristu okuqala, esinye isazi sathi: “Uma kungabi noshintsho ekuphileni kwabantu besonto namuhla ukuze umsebenzi wokushumayela ivangeli uphinde ubhekwe njengento eyisibopho kuwo wonke umKristu obhapathiziwe, futhi usekelwe yizinga lokuphila elidlula ngisho nelingcono kakhulu elingafinyelelwa abangakholwa, cishe asizukuya ndawo.” Zona kanye izici eLobukholwa elizintulayo zixhaphakile koFakazi BakaJehova! Olwabo ukholo luyaphila, luwukholo lwangempela, ukholo olusekelwe eqinisweni leBhayibheli abazizwa beshukumiseleka ukuba balihlanganyele nabo bonke abalalelayo.—1 Thimothewu 2:3, 4.

14. UJesu wayeyibheka kanjani inkonzo yakhe, futhi abafundi bakhe namuhla babonisa siphi isimo sengqondo?

14 UJesu wayeyibheka njengebaluleke kakhulu inkonzo yakhe, eyenza ibe yiyona nto ayikhathalela kakhulu. Wathi kuPilatu: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Abantu bakaNkulunkulu bazizwa ngendlela uJesu ayezizwa ngayo. Njengoba iqiniso leBhayibheli lisezinhliziyweni zabo, bazama ukuthola izindlela zokulihlanganyela nabantu abaningi ngangokunokwenzeka. Ezinye zalezi zindlela ziveza ukuba namasu ngendlela ephawulekayo.

15. Abanye baye bakubonisa kanjani ukuba namasu ekushumayeleni izindaba ezinhle?

15 Kwelinye izwe laseNingizimu Melika, oFakazi behla ngomfula owumthelela woMfula i-Amazon ukuze bafinyelele abantu ngeqiniso. Nokho, lapho kubheduka izimpi zombango ngo-1995, abantu abavamile benqatshelwa ukuhamba ngasemfuleni. Bezimisele ukuqhubeka belethela abathakazelayo izincwadi zeBhayibheli, oFakazi banquma ukwehlisa isigijimi nomfula. Bábhala izincwadi bazifaka nawomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! emabhodleleni epulasitiki angenalutho phakathi. Ngemva kwalokho babewaphonsa emfuleni la mabhodlela. Lokhu kwaqhubeka iminyaka emine nengxenye kwaze kwaba yilapho abantu bephinda bevunyelwa ukuhamba ngasemfuleni. Osebeni lomfula kwehle, abantu bababonga oFakazi ngezincwadi. Enye intokazi eyayikade ifundelwa iBhayibheli yabasingatha igcwele izinyembezi emehlweni, yathi: “Ngangithi ngeke ngiphinde nginibone. Kodwa kwathi uma ngiqala ukuthola izincwadi emabhodleleni, ngazi ukuthi aningikhohliwe!” Abanye ababehlala ngakulo mfula bathi babebafunde ngokuphindaphindiwe omagazini. Ezindaweni eziningi kwakukhona “iposi”—umsingana lapho kwakuqoqekela khona izinto ezintantayo okwesikhashana. Abathakazelayo babehlola njalo lapho, bebheka “iposi” elivela enhla nomfula.

16. Ukuzenza sitholakale kuyivula kanjani ngezinye izikhathi indlela yokwenza abafundi?

16 Ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kuqondiswa futhi kusekelwe nguJehova uNkulunkulu nezingelosi zakhe ezinamandla. (IsAmbulo 14:6) Ngokumane sizenze sitholakale, ngezinye izikhathi kuvela amathuba angalindelekile okwenza abafundi. ENairobi, eKenya, abesifazane ababili abangamaKristu ababesenkonzweni yasensimini base beqedile ukusebenza imizi ababeyabelwe. Kungazelelwe, kweza owesifazane osemusha kubo, wathi ngesasasa: “Kade ngithandazela ukuthi ngihlangane nabantu abanjengani.” Wanxusa lab’ oFakazi ukuba baye kwakhe ngaleso sikhathi bayoxoxa, kwaqalwa isifundo seBhayibheli ngalo lolo suku. Kungani lona wesifazane eza ephuthuma kula maKristu amabili? Emasontweni angaba mabili ngaphambili, wayeshonelwe umntwana wakhe. Ngakho lapho ebona ingane ethile iphethe ipheshana elithi “Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile?” walifuna ngabomvu, wacela lowo mfanyana ukuba amnike lona. Umfana wenqaba, kodwa wathi makaye koFakazi ababemnike lona. Kungakabiphi, lona wesifazane wayesethuthuka kahle ngokomoya futhi wakwazi ukubhekana kangcono nobuhlungu bokushonelwa umntwana wakhe.

Uthando LukaNkulunkulu Kumelwe Lunqobe

17-19. Yiluphi uthando uJehova aye walubonisa isintu ngesihlengo?

17 Ukwanda kwezwi likaNkulunkulu emhlabeni wonke kuhlobene eduze nomhlatshelo kaKristu Jesu wesihlengo. Njengomhlatshelo, umsebenzi wokushumayela uwukubonakaliswa kothando lukaJehova ngabantu kuyo yonke indawo. Umphostoli uJohane waphefumulelwa ukuba abhale: “UNkulunkulu walithanda izwe [lesintu] kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.”—Johane 3:16.

18 Cabanga ngothando uJehova alubonisa ngokulungiselela isihlengo. UNkulunkulu wayeseneminyakanyaka ejabulela ubuhlobo obuseduze neNdodana yakhe ezelwe yodwa ayazisayo, “isiqalo sendalo kaNkulunkulu.” (IsAmbulo 3:14) UJesu umthanda ngokujulile uYise, futhi uJehova wayithanda “ngaphambi kokusungulwa kwezwe” iNdodana yakhe. (Johane 14:31; 17:24) UJehova wavumela le Ndodana yakhe ukuba ife ukuze abantu bakwazi ukuthola ukuphila okuphakade. Yeka ukubonakaliswa okukhulu kothando ngesintu!

19 UJohane 3:17 uthi: “UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezweni, kungekhona ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.” Ngakho, uJehova wathumela iNdodana yakhe esabelweni sothando sokusindisa, hhayi sokwahlulela kabi noma sokujezisa. Lokhu kuvumelana namazwi kaPetru: “[UJehova] akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.”—2 Petru 3:9.

20. Insindiso ihlobene kanjani nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle?

20 Njengoba alungiselela isisekelo esingokomthetho sensindiso yize kwamlahlekisela kakhulu, uJehova ufuna ukuba abaningi ngangokunokwenzeka bazuze kuso. Umphostoli uPawulu wabhala: “‘Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.’ Nokho, bayombiza kanjani lowo abangabekanga ukholo kuye? Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?”—Roma 10:13, 14.

21. Kufanele sizizwe kanjani ngethuba lokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela?

21 Yeka ukuthi kuyilungelo elihle kanjani ukuhlanganyela kulo msebenzi wokushumayela nokufundisa emhlabeni wonke! Awulula lo msebenzi, nokho yeka ukuthi uJehova ujabula kangakanani lapho ebona abantu bakhe bephila ngokuvumelana neqiniso ngokwethembeka, behlanganyela izindaba ezinhle nabanye! Ngakho kungakhathaliseki ukuthi zinjani izimo zakho, vumela umoya kaNkulunkulu nothando olusenhliziyweni yakho kukushukumisele ukuba uhlanganyele kulo msebenzi. Futhi khumbula ukuthi lokho esikubona kwenziwa emhlabeni wonke kunikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi maduze nje uJehova uNkulunkulu uzosifeza isithembiso sakhe sokuletha “amazulu amasha nomhlaba omusha” okhazimulayo ‘okuyohlala kukho ukulunga.’—2 Petru 3:13.

Uyakhumbula?

• Kungani ukuhlubuka kungabathulisanga abashumayeli bezindaba ezinhle?

• Izwi likaNkulunkulu liye lanqoba kanjani osukwini lwethu?

• Umoya kaNkulunkulu usebenza ngaziphi izindlela namuhla?

• Isihlengo sihlobene kanjani nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle?

[Imibuzo Yesifundo]

[I-graph/Isithombe ekhasini 16]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ukwanda kwenani labamemezeli boMbuso ekhulwini lama-20

Isilinganiso Sabamemezeli (ngezigidi)

6,0

5,5

5,0

4,5

4,0

3,5

3,0

2,5

2,0

1,5

1,0

0,5

1900 1910 1920 1930 1940 1950 1960 1970 1980 1990 2000

[Izithombe ekhasini 15]

UJEROME

UTYNDALE

UGUTTENBERG

UHUS

[Umthombo]

Gutenberg and Hus: From the book The Story of Liberty, 1878

[Isithombe ekhasini 15]

AbaFundi BeBhayibheli bememezela izindaba ezinhle ngawo-1920

[Izithombe ekhasini 16, 17]

Emhlabeni wonke abantu bayasabela ezindabeni ezinhle

[Isithombe ekhasini 18]

Njengomhlatshelo kaJesu Kristu wesihlengo, umsebenzi wokushumayela ukhazimulisa uthando lukaNkulunkulu