Ukulalela—Ingabe Kuyisifundo Esibalulekile Sasebuntwaneni?
Ukulalela—Ingabe Kuyisifundo Esibalulekile Sasebuntwaneni?
“ABAZALI Bafuna Abantu Abakwazi Ukuzinqumela, Hhayi Izingane Ezilalelayo.” Sasho kanjalo isihloko esikhulu sephephandaba. Lo mbiko wawusekelwe emiphumeleni yokuhlola okwakwenziwe eNew Zealand, okwambula ukuthi “bangamaphesenti angu-22 [kuphela] abasabela ababenomuzwa wokuthi izingane kufanele zifundiswe ukulalela ekhaya.” Lokhu kuhlola kwembula nokuthi namuhla abazali bakholelwa ukuthi kubaluleke kakhulu ukufundisa izingane izinto ezinjengemikhuba emihle, ukuzimela nokuba nokwethenjelwa kunokulalela.
Kule nkathi yokufuna ukuhluka kwabanye neyokuzikhathalela wena siqu, akumangalisi ukuthi iningi labantu linombono ofiphele mayelana nokulalela nokukufundisa izingane. Kodwa ingabe ukulalela kwezingane kufanele kuvele kubhekwe njengento eyisidala nengasasebenzi? Noma ingabe kungesinye sezifundo ezibalulekile izingane ezingasifunda futhi zizuze kuso? Okubaluleke nakakhulu, uJehova uNkulunkulu, uMsunguli welungiselelo lomkhaya, ukubheka kanjani ukulalela abazali, futhi yiziphi ezinye zezinzuzo ezilethwa yilokho kulalela?—IzEnzo 17:28; Efesu 3:14, 15.
“Lokhu Kulungile”
Lapho ebhalela ibandla lamaKristu ekhulu lokuqala lase-Efesu, umphostoli uPawulu wathi: “Bantwana, lalelani abazali benu ebunyeni neNkosi, ngoba lokhu kulungile.” (Efesu 6:1) Ngakho, isizathu esiyinhloko salokho kulalela siwukuthi kuhambisana nendinganiso yaphezulu yalokho okulungile. Njengoba uPawulu asho, “lokhu kulungile.”
Ngokuvumelana nalokhu, siphawula ukuthi iZwi likaNkulunkulu lichaza ukuqeqesha okunothando komzali njengento enhle, “umqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho,” nanjengokuthile ‘okujabulisa kakhulu eNkosini.’ (IzAga 1:8, 9; Kolose 3:20) Ngokuphambene kakhulu, ukungabalaleli abazali kubangela ukungamukelwa ngokwaphezulu.—Roma 1:30, 32.
“Ukuze Kukuhambele Kahle”
UPawulu waphawula enye inzuzo yokulalela lapho ebhala: “‘Dumisa uyihlo nonyoko’; okuwumyalo wokuqala onesithembiso: ‘Ukuze kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.’” (Efesu 6:2, 3; Eksodusi 20:12) Ukulalela abazali kungaphumela kanjani enhlalakahleni yomuntu?
Okokuqala, akulona yini iqiniso ukuthi abazali basesimweni esingcono ngoba badala futhi banokuhlangenwe nakho? Nakuba bengase bangabonakali bazi konke ngama-computer noma ezinye izifundo ezifundiswa esikoleni, kuningi abakwaziyo ngokuphila nokubhekana nezinkinga zokuphila. Ngakolunye uhlangothi, intsha ayinakho ukucabanga okulinganiselayo okulethwa ukuvuthwa. Ngakho, ithambekele ekuxhamazeleni lapho yenza izinqumo, ngokuvamile ivumele ukucindezela okubi kontanga, bese ilimala. Libhekana namaqiniso, iBhayibheli lithi: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.” Liyini ikhambi? “Induku yokulaya iyabudedisela kude naye.”—IzAga 22:15.
Izinzuzo zokulalela zidlulela ngale kwasebuhlotsheni bomzali nengane. Ukuze umphakathi wabantu Roma 13:1-7; Efesu 5:21-25; 6:5-8.
usebenze ngokushelela futhi ufeze okuthile, kumelwe kube nokubambisana, nakho okudinga isilinganiso esithile sokulalela. Ngokwesibonelo, emshadweni, ukuzimisela ukudedela omunye yikona okubangela ukuthula, ukuvumelana nenjabulo, hhayi ukufuna ngenkani nokungawacabangeli amalungelo nemizwa yomunye. Emsebenzini, ukuzithoba kwezisebenzi kuyimfuneko ukuze noma yiliphi ibhizinisi liphumelele. Ngokuphathelene nemithetho kahulumeni, ukulalela akugcini ngokwenza umuntu angajeziswa kodwa futhi kubangela okungenani isilinganiso esithile sokuphepha nokulondeka.—Intsha engalilaleli igunya ivame ukuhluleka ukuhambisana kahle nomphakathi. Ngokuphambene, isifundo sokulalela esifundwe ebuntwaneni singaba nemivuzo kukho konke ukuphila komuntu. Yeka ukuthi kusiza kangakanani ukukufunda ebuntwaneni lokhu!
Umvuzo Omkhulu Wokulalela
Ukulalela akugcini ngokubangela ubuhlobo bomkhaya obujabulisayo nezinye izinzuzo zokuphila konke, kodwa futhi kubeka isisekelo okungakhelwa kuso ubuhlobo obubaluleke kunabo bonke—obomuntu noMdali wakhe. ‘NjengoMdali’ ‘onomthombo wokuphila,’ uJehova uNkulunkulu uyakufanelekela ukuba simlalele ngokuphelele.—UmShumayeli 12:1; IHubo 36:9.
Igama elithi “lalela [obey]” livela izikhathi ezingaphezu kuka-160 eBhayibhelini lisezimweni ezihlukahlukene. Ngaphezu kwalokho, kunamakhulu ezindawo ezikhuluma ngemithetho, imiyalo, izahlulelo nezimiso zikaNkulunkulu, konke okudingeka kuthotshelwe. Kusobala ukuthi uNkulunkulu ubheka ukulalela njengokuyimfuneko ekwamukelweni nguye. Yebo, ukulalela kuyisakhi esisemqoka ekwakheni ubuhlobo noJehova. (1 Samuweli 15:22) Ngokudabukisayo, ukuthambekela komuntu okungokwemvelo akukhona ukulalela, kuwukungalaleli. IBhayibheli lithi: “Imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” (Genesise 8:21) Ngakho-ke, isifundo sokulalela kudingeka sifundwe hhayi nje ebuntwaneni kuphela, kodwa kukho konke ukuphila. Ukwenza kanjalo kuletha umvuzo omkhulu.
Khumbula ukuthi, njengoba umphostoli uPawulu akubeka, umyalo wokulalela abazali unezithembiso ezimbili, eziwukuba “kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.” KuzAga 3:1, 2 lesi sithembiso siyaqinisekiswa: “Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.” Umvuzo omkhulu walabo abalalelayo uwubuhlobo bomuntu siqu noJehova manje nokuphila okuphakade ezweni elisha elinokuthula.—IsAmbulo 21:3, 4.
[Izithombe ekhasini 30, 31]
Ukulalela kubangela ubuhlobo obunenjabulo emkhayeni, emsebenzini naphakathi komuntu noJehova