Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bheka UMenzi Wezimangaliso!

Bheka UMenzi Wezimangaliso!

Bheka UMenzi Wezimangaliso!

“Yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.”—JOBE 37:14.

1, 2. Ngo-1922, kwatholakalani emangalisayo, futhi basabela kanjani abakuthola?

UMVUBUKULI othile nesikhulu saseNgilandi base beneminyaka befuna umcebo ndawonye. Ekugcineni, ngo-November 26, 1922, emathuneni oFaro baseGibithe aseSigodini Samakhosi esidumile, umvubukuli uHoward Carter noLord Carnarvon bawuthola lowo mcebo—ithuna likaFaro Tutankhamen. Lapho befika esicabheni esivaliwe, babhola imbobo. UCarter wafaka ikhandlela walunguza ngaphakathi.

2 Kamuva uCarter walandisa: “Lapho uLord Carvarnon ebuza enelukuluku, kungasavumi aqhubeke ezibambile, ethi: ‘Kukhona okubonayo?’ aphuma kanzima kimi amazwi athi, ‘Yebo, izimangaliso.’” Phakathi kwezinkulungwane zezinto eziwumcebo kuleli thuna kwakunebhokisi lokungcwaba legolide. Kungenzeka wake wazibona ezinye zalezo “zimangaliso” ezithombeni noma emnyuziyamu othile. Nokho, yize zimangalisa zinjalo lezo zinto zasemnyuziyamu, cishe azikuthinti ukuphila kwakho. Ngakho ake sikhulume ngezimangaliso ezikuthintayo ngempela neziwusizo kuwe.

3. Sikutholaphi ukwaziswa okuphathelene nezimangaliso ezingaba usizo kithi?

3 Ngokwesibonelo, cabanga ngendoda eyaphila emakhulwini amaningi eminyaka adlule, indoda eyayivelele ngaphezu kwanoma yimuphi usaziwayo wamabhayisikobho, wezemidlalo noma womkhaya wasebukhosini. Yayibizwa ngomuntu omkhulu kunabo bonke abaseMpumalanga. Uzolikhumbula igama layo—uJobe. Kunencwadi yeBhayibheli yonke ekhuluma ngaye. Nokho, umuntu othile owayephila ngesikhathi sikaJobe, insizwa okuthiwa ngu-Elihu, wazizwa ebophekile ukuba amqondise. Ngokuyisisekelo, u-Elihu wathi uJobe wayezinaka ngokwedlulele yena nalabo ababemzungezile. KuJobe isahluko 37, sithola nezinye izeluleko ezingagwegwesi nezihlakaniphile ezingaba usizo ngempela komunye nomunye wethu.—Jobe 1:1-3; 32:1–33:12.

4. Yini eyaholela ekunxuseni kuka-Elihu okulotshwe kuJobe 37:14?

4 Abangane-mbumbulu bakaJobe abathathu baphawula izici ababekholelwa ukuthi uJobe wayonile kuzo ngomcabango noma ngesenzo. (Jobe 15:1-6, 16; 22:5-10) U-Elihu walinda ngesineke yaze yaphela leyo ngxoxo. Wabe esekhuluma ngokuqonda nangokuhlakanipha. Waveza amaphuzu amaningi abalulekile, kodwa phawula lo mqondo oyisihluthulelo: “Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.”—Jobe 37:14.

Lowo Owenza Izimangaliso

5. Zihlanganisani “izimangaliso zikaNkulunkulu” u-Elihu akhuluma ngazo?

5 Phawula ukuthi u-Elihu akasikiselanga ukuba uJobe azinake yena, noma anake u-Elihu noma abanye abantu. Ngokuhlakanipha, u-Elihu wanxusa uJobe—kanye nathi—ukuba anake izimangaliso zikaJehova uNkulunkulu. Ucabanga ukuthi ihlanganisani inkulumo ethi “izimangaliso zikaNkulunkulu”? Ngaphezu kwalokho, uma ucabanga ngokukhathazeka okungenzeka unakho ngempilo, izimali, ikusasa, umkhaya wakho, osebenza nabo nomakhelwane, kungani kufanele unake izimangaliso zikaNkulunkulu? Ngokungangabazeki, izimangaliso zikaJehova uNkulunkulu zihilela ukuhlakanipha negunya analo phezu kwendalo esizungezile. (Nehemiya 9:6; IHubo 24:1; 104:24; 136:5, 6) Ukuze ukubone kahle lokhu, phawula iphuzu elisencwadini kaJoshuwa.

6, 7. (a) Yiziphi izimangaliso uJehova azenza osukwini lukaMose noJoshuwa? (b) Ukube wabona esinye salezo zimangaliso ngosuku lukaMose nolukaJoshuwa, wawuyosabela kanjani?

6 UJehova waletha izinhlupho eGibithe lasendulo wabe esehlukanisa uLwandle Olubomvu ukuze uMose akwazi ukuholela ama-Israyeli asendulo enkululekweni. (Eksodusi 7:1–14:31; IHubo 106:7, 21, 22) Kunesenzakalo esifanayo esilandiswa kuJoshuwa isahluko 3. UJoshuwa, owalandela esikhundleni sikaMose, kwakufanele ahole abantu bakaNkulunkulu abawelise kwamanye amanzi, bangene eZweni Lesithembiso. UJoshuwa wathi: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.” (Joshuwa 3:5) Zimangaliso zini?

7 Ukulandisa kubonisa ukuthi uJehova wahlukanisa amanzi oMfula iJordani ayevimbile, ukuze izinkulungwane zabesilisa, abesifazane nezingane zikwazi ukuwela emhlabathini owomile. (Joshuwa 3:7-17) Ukube sasilapho sibukela umfula uvuleka futhi bonke labo bantu bewela ngokuphepha, sasiyokhexa ngenxa yalesi senzo esimangalisayo! Sabonisa amandla uNkulunkulu anawo phezu kwendalo. Nokho, kwamanje—esikhathini esiphila kuso—kunezinto ezimangalisa ngokufanayo. Ukuze ubone ukuthi ziyini ezinye zazo nokuthi kungani kufanele sizinake, bheka uJobe 37:5-7.

8, 9. Yiziphi izimangaliso uJobe 37:5-7 akhuluma ngazo, kodwa kungani kufanele sicabange ngazo?

8 U-Elihu wathi: “UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.” Wayecabangani u-Elihu lapho ekhuluma ngoNkulunkulu owenza izinto “ngokumangalisayo”? Ukhuluma ngeqhwa elikhithikayo nezihlambi zemvula. Lezi zinto zaziyowumisa umsebenzi womlimi emasimini akhe, kumnike isikhathi nesizathu sokucabanga ngemisebenzi kaNkulunkulu. Mhlawumbe thina asibona abalimi, kodwa imvula neqhwa kungase kusithinte. Kuye ngokuthi sihlalaphi, iqhwa nemvula kungase kuphazamise nezinto esizenzayo. Ingabe sike sime sizindle ngokuthi ubani owenza lezo zimangaliso nokuthi lokhu kusho ukuthini? Ingabe wake wakwenza lokho?

9 Ngokuphawulekayo, njengoba sifunda kuJobe isahluko 38, uJehova uNkulunkulu uqobo wasebenzisa indlela yokucabanga efanayo lapho ebuza uJobe imibuzo enengqondo. Nakuba uMdali wethu ayeyibhekise kuJobe le mibuzo, kusobala ukuthi iyasithinta isimo sethu sengqondo, ukuphila kwethu nekusasa lethu. Ngakho ake sibone ukuthi yini uNkulunkulu ayibuza, sicabange ukuthi lokho kusho ukuthini, yebo, senze lokho uJobe 37:14 asinxusa ukuba sikwenze.

10. UJobe isahluko 38 kufanele asithinte kanjani, futhi yimiphi imibuzo ayiphakamisayo?

10 Isahluko 38 siqala ngokuthi: “UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi: ‘Ngubani lo owenza mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise.’” (Jobe 38:1-3) Lokhu kwaba yisendlalelo. Kwasiza uJobe ukuba alungiselele ingqondo yakhe ukubhekana neqiniso lokuthi umi phambi koMdali wendawo yonke nelokuthi uzolandisa kuye. Nathi nabantu abaphila manje kungakuhle senze njalo. UNkulunkulu wabe esethinta izinto ezifana nalezo u-Elihu ayekhulume ngazo. “Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda. Ngubani owanquma izilinganiso zawo, ngokuba uyakwazi phela! Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na? Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na? Ngubani owabeka itshe lawo legumbi?”—Jobe 38:4-6.

11. Yini okufanele uJobe 38:4-6 asenze siyiqaphele?

11 Wayekuphi uJobe—sasikuphi nathi—lapho kudalwa umhlaba? Ingabe yithi esasingabaklami abaklama umhlaba wethu, sanquma nezilinganiso zawo njengokungathi ngomucu wokulinganisa? Lutho neze! Abantu babengekho nokuba khona. Njengokungathi umhlaba wethu uyisakhiwo, uNkulunkulu wabuza: “Ngubani owabeka itshe lawo legumbi?” Siyazi ukuthi umhlaba uqhelelene nelanga ngebanga elifanele ukuze siphile futhi siphatheke kahle. Futhi mkhulu ngokufanele. Ukube ubumkhulu kakhulu kunalokho oyiko, isisi i-hydrogen besingeke sikwazi ukuphuma emkhathini wethu futhi bekungeke kuphile lutho kuyiplanethi yethu. Kusobala ukuthi othile “wabeka itshe lawo legumbi” endaweni efanele. Ingabe nguJobe okwakufanele atuswe ngalokho? Noma yithi? Noma ingabe nguJehova uNkulunkulu?—IzAga 3:19; Jeremiya 10:12.

Yimuphi Umuntu Onezimpendulo?

12. Umbuzo okuJobe 38:6 usenza sicabange ngani?

12 UNkulunkulu wabuza futhi: “Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na?” Akuwona yini umbuzo omuhle lowo? Cishe siyijwayele le nkulumo uJobe ayengayazi—amandla adonsela phansi (gravity). Iningi lethu liyaqonda ukuthi amandla adonsela phansi abangelwa yisisindo esikhulu selanga agcina umhlaba wethu usendaweni efanele, njengokungathi izisekelo zawo zibekwe phezu kokuthile. Noma kunjalo, ubani owaqonda ngokugcwele amandla adonsela phansi?

13, 14. (a) Yini okumelwe ivunywe ngamandla adonsela phansi? (b) Kufanele sisabele kanjani esimweni esiqokonyiswa uJobe 38:6?

13 Incwadi esanda kunyatheliswa enesihloko esithi The Universe Explained iyavuma ukuthi ‘amandla adonsela phansi angamandla emvelo ajwayeleke kunawo wonke, nokho kuncane kakhulu esikuqondayo ngawo.’ Iyanezela: “Amandla adonsela phansi kubonakala sengathi ahamba ngokuphazima kweso endaweni engenalutho, ingekho into esobala ahamba ngayo. Nokho, eminyakeni yamuva, izazi zesayensi ziye zaqala ukucabangela ukuthi kungenzeka amandla adonsela phansi ahamba ngamaza akhiwa yizinhlayiyana okuthiwa ama-graviton . . . Kodwa akekho oqiniseka ngempela ukuthi zikhona.” Cabanga ukuthi kusikiselani lokho.

14 Isayensi seyithuthuke iminyaka engu-3 000 kusukela uJehova abuza uJobe leyo mibuzo. Kodwa namanje, akekho kithi noma kochwepheshe abayizazi zesayensi ongawachaza ngokugcwele amandla adonsela phansi, agcina umhlaba wethu uzungeza emzileni ofanele, endaweni efanele ukuze sikwazi ukujabulela ukuphila lapha. (Jobe 26:7; Isaya 45:18) Lokhu akusho ukuthi sonke kudingeka sizikhandle sicwaninge ngokujulile ngezimfihlakalo zamandla adonsela phansi. Kunalokho, ukunaka lesi sici esisodwa nje sezimangaliso zikaNkulunkulu kufanele kuthonye indlela esimbheka ngayo. Ingabe kukwenza ukwesabe ukuhlakanipha nolwazi lwakhe, futhi uyaqaphela yini ukuthi kungani kudingeka sifunde okwengeziwe ngentando yakhe?

15-17. (a) Yini uJobe 38:8-11 agxila kuyo, okuholela kumiphi imibuzo? (b) Yini okumelwe ivunywe mayelana nolwazi lwezilwandle nokusakazeka kwazo emhlabeni?

15 UMdali waqhubeka nokubuza: “Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha, lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini, lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo, nesigayegaye saba yimbeleko yalo, nalapho ngalumisela umncele wami, ngamisa imigoqo nezicabha, ngathi: ‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli; lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?”—Jobe 38:8-11.

16 Ukuvimba ulwandle kuhilela amazwekazi, izilwandle namagagasi. Sekuphele isikhathi esingakanani umuntu ebuka futhi ecwaninga lezi zinto? Izinkulungwane zeminyaka—futhi uye wakwenza ngokuzimisela okukhulu ekhulwini elidlule leminyaka. Ubungase ulindele ukuthi okuningi kwalokho esingase sikwazi ngalezi zinto sekuyaziwa manje. Nokho kulo nyaka ka-2001, uma ubungase ucwaninge ngalokhu emitatsheni emikhulu yolwazi noma usebenzise amandla amakhulukazi okucwaninga e-Internet ukuze uthole ukwaziswa kwamuva, ubungatholani?

17 Encwadini ethile eyamukelwa kabanzi, ubungathola kuvunywa lokhu: “Ukusakazeka kwamakhekheba okuhlezi kuwo amazwekazi nezindengezi zezilwandle phezu komhlaba nokusakazeka kwezinto eziyinhloko ezimisa izwe ngendlela elimi ngayo sekunesikhathi eside kungenye yezinkinga ezidida kunazo zonke ekucwaningeni nasekucabangeleni kwesayensi.” Ngemva kokusho lokhu, le encyclopedia esanda kucashunwa yanikeza izincazelo ezine ezingaba yiqiniso kodwa yathi “zingeminye yemibono eminingi ecatshangelwayo.” Njengoba wazi, umbono ocatshangelwayo “usikisela ukuntuleka kobufakazi obanele ukuba kunikezwe incazelo eqinisekile.”

18. Yiziphi iziphetho uJobe 38:8-11 akuholela kuzo?

18 Ingabe lokho akugcizeleli ukufaneleka kwemibuzo esiyifunda kuJobe 38:8-11? Ngokuqinisekile akuthina okufanele situswe ngokuhlela zonke lezi zici zeplanethi yethu. Akuthina esabeka inyanga ukuze amandla ayo adonsayo asize ekwakheni amagagasi, ngokuvamile angasilimazi thina noma ugu. Uyazi ukuthi kwenziwa ngubani, uMenzi wezimangaliso.—IHubo 33:7; 89:9; IzAga 8:29; IzEnzo 4:24; IsAmbulo 14:7.

Nika UJehova Udumo Olumfanele

19. Amazwi asankondlo akuJobe 38:12-14 asiqaphelisa maphi amaqiniso endalo?

19 Abantu abanakunconywa ngokujikeleza komhlaba, okusikiselwe kuJobe 38:12-14. Lokhu kuphenduka kubangela ukusa, okuvame ukuba kuhle ngokumangalisayo. Lapho kuphuma ilanga, uya ubonakala kahle umumo wembulunga yethu, njengobumba lushintshwa uphawu oluyisigxivizo. Lapho siqaphela ukuhamba komhlaba, kumelwe ukuba kuyasimangaza ukuthi awuphenduki ngesivinini esikhulu ngokweqile, obekungadala inhlekelele, njengoba singase sibone. Futhi awuphenduki kancane kakhulu kangangokuba imini nobusuku kube kude kakhulu, kubangele ukushisa nokubanda okweqile, obekungenza abantu bangakwazi ukuphila. Ngaphandle kokugwegwesa, kufanele ngabe siyajabula ngokuthi nguNkulunkukulu owanquma isivinini sokuphenduka komhlaba, hhayi iqembu elithile labantu.—IHubo 148:1-5.

20. Ungayiphendula kanjani imibuzo ebuzwe kuJobe 38:16, 18?

20 Manje, ake ucabange ukube uNkulunkulu ubeyibuza wena le mibuzo elandelayo: “Wake wangena emithonjeni yolwandle, wahamba phansi otweni, na?” Ngisho nesazi sezilwandle asinakuphendula ngoyebo ogcwele! “Uqondile ububanzi bomhlaba na? Yisho, uma ukwazi konke.” (Jobe 38:16, 18) Ingabe usuye wazivakashela futhi wazihlola zonke izindawo emhlabeni, noma-ke iningi lazo? Ukubukisisa izindawo ezinhle nezimangalisayo zomhlaba wethu kungathatha isikhathi sokuphila esingakanani? Futhi yeka ukuthi besingaba mnandi kanjani leso sikhathi!

21. (a) Imibuzo ekuJobe 38:19 ingase iphakamise miphi imibono yesayensi? (b) Amaqiniso aphathelene nokukhanya kufanele asishukumisele ukuba senzeni?

21 Bheka nemibuzo ejulile ekuJobe 38:19: “Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya, nobumnyama-ke, iphi indawo yabo?” Kungenzeka uyazi ukuthi kwaba yisikhathi eside kunombono ovamile wokuthi ukukhanya kuhamba njengamaza, njengawamanzi esingawabona echibini. Kwabe sekuthi ngo-1905 u-Albert Einstein wachaza ukuthi ukukhanya kuhamba njengamaqoqo, noma izinhlayiyana, zamandla. Ingabe lokhu kwaphendula yonke imibuzo? I-encyclopedia yamuva nje iyabuza: “Ingabe ukukhanya kungamaza noma kuyizinhlayiyana?” Iyaphendula: “Kubonakala sengathi [ukukhanya] akukwazi ukuba yikho kokubili ngoba lezi zinto [amaza nezinhlayiyana] zihlukene kakhulu. Impendulo engcono kakhulu ukuthi ukukhanya akuwona amaza futhi akuzona izinhlayiyana.” Noma kunjalo, ukukhanya kwelanga kuyaqhubeka kusifudumeza (ngokuqondile noma ngezinye izindlela), yize kungakabikho muntu okwazi ukuyichaza ngokugcwele imisebenzi kaNkulunkulu emayelana nalokhu. Sijabulela ukudla nomoya-mpilo okwakheka ngenxa yokukhuliswa kwezitshalo ukukhanya. Siyakwazi ukufunda, sibone ubuso babantu esibathandayo, sibuke ukushona kwelanga nokunye okuningi. Lapho senza lokhu, akufanele yini sivume ukuthi zinkulu izimangaliso zikaNkulunkulu?—IHubo 104:1, 2; 145:5; Isaya 45:7; Jeremiya 31:35.

22. UDavide wasendulo wasabela kanjani ezimangalisweni zikaNkulunkulu?

22 Ingabe injongo yokuzindla kwethu ngezimangaliso zikaJehova imane iwukusihlaba umxhwele, ukuze sikubuke konke lokhu bese inkukhu inqunywa umlomo? Lutho neze. Umhubi wasendulo wavuma ukuthi akunakwenzeka ukuqonda nokukhuluma ngayo yonke imisebenzi kaNkulunkulu. UDavide wabhala: “Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, . . . uma ngiyilanda [imisebenzi yakho], ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.” (IHubo 40:5) Nokho, ngokuqinisekile wayengaqondile ukuthi wayezothula angasho lutho ngale misebenzi emikhulu. UDavide wakubonisa lokho ngalokho ayezimisele ukukwenza njengoba kuvezwe kumaHubo 9:1: “Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami; ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.”

23. Usabela kanjani wena ezimangalisweni zikaNkulunkulu, futhi ungabasiza kanjani abanye?

23 Akufanele yini nathi sishukumiseleke ngokufanayo? Akufanele yini ukumangazwa kwethu yimisebenzi emikhulu kaNkulunkulu kusishukumisele ukuba sikhulume ngaye, ngalokho akwenzile nalokho asazokwenza? Impendulo isobala—kufanele ‘silande inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.’ (IHubo 96:3-5) Yebo, ngokuthobeka singabonisa ukuthi siyazazisa izimangaliso zikaNkulunkulu ngokuhlanganyela nabanye lokho esesikufundile ngaye. Ngisho noma bakhulela emphakathini omphikayo uMdali, ukukhuluma kwethu ngokuqiniseka futhi sikwazi esikushoyo kungabaphaphamisa bamqaphele uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, kungabashukumisela ukuba bafune ukufunda ngaye nokumkhonza lowo ‘owadala zonke izinto,’ uMenzi wezimangaliso, uJehova.—IsAmbulo 4:11.

Ungaphendula Kanjani?

• Ukunxusa okukuJobe 37:14 kukwenza ucabange ngamiphi imisebenzi kaNkulunkulu?

• Yiziphi ezinye zezinto eziqokonyiswe kuJobe izahluko 37 no-38, isayensi engenakuzichaza ngokugcwele?

• Uzizwa kanjani ngezimangaliso zikaNkulunkulu, okukushukumisela ukuba wenzeni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 7]

Ubani owavimba ulwandle, walugcina lusendaweni yalo?

[Isithombe ekhasini 7]

Ubani osezivakashele zonke izindawo ezinhle ezisemhlabeni wethu, uNkulunkulu awudalile?