Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokubhekana Nemizwa Edikibalisayo

Indlela Yokubhekana Nemizwa Edikibalisayo

Indlela Yokubhekana Nemizwa Edikibalisayo

● U-Asafa wakhononda: “Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngahlamba izandla zami ngingenacala, ngokuba ngahlushwa usuku lonke; kwasa ngijeziswa.”—IHubo 73:13, 14.

● UBaruki wabubula: “Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.”—Jeremiya 45:3.

● UNawomi wathi: “USomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu. Ngahamba ngigcwele, uJehova ungibuyise ngize; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?”—Ruthe 1:20, 21.

IBHAYIBHELI linezibonelo eziningi zabakhulekeli bakaJehova abathembekile abakhungathekiswa yimizwa yokudumala ngesinye isikhathi. Empeleni njengabantu abangaphelele, sonke siyabhekana nemizwa enjalo ngezikhathi ezithile. Abanye bethu kungenzeka bathambekele kakhudlwana kunabanye ekudumaleni—mhlawumbe baze ngisho bazidabukele ngezinga elithile—ngenxa yezenzakalo ezibuhlungu abake babhekana nazo.

Nokho, uma ingalawuliwe, le mizwa ingonakalisa ubuhlobo bakho nabanye nanoJehova uNkulunkulu. Omunye owesifazane ongumKristu othambekele ekuzidabukeleni uyavuma: “Sekukaningi ngenqaba izimemo zemibuthano ngoba ngizizwa ngingafaneleki ukuzihlanganisa nalabo abasebandleni.” Yeka ukuthi imizwa enjalo ingaba nethonya elilimaza kanjani ekuphileni komuntu! Yini ongayenza ukuze ulwe nayo?

Sondela KuJehova

KumaHubo 73, u-Asafa wabhala ngokungagwegwesi ngokudideka kwakhe. Lapho eqhathanisa isimo sakhe nokuphila okuchumayo kwababi, waba nomona. Waqaphela ukuthi abangamhloniphi uNkulunkulu babeqhosha futhi benobudlova, kodwa babebonakala bengatholi sijeziso ngalokhu. U-Asafa wabe eseveza ukungaqiniseki ngokuthi kusiza ngani ukuphishekela kwakhe inkambo elungile ekuphileni.—IHubo 73:3-9, 13, 14.

Njengo-Asafa, ingabe uye wakubona lokho okubonakala kuyimpumelelo yababi ababukisa ngokona kwabo? U-Asafa wayinqoba kanjani imizwa yakhe edikibalisayo? Uyaqhubeka: “Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami, ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.” (IHubo 73:16, 17) U-Asafa wathatha izinyathelo eziqondile ngokuphendukela kuJehova ngomthandazo. Uma sisebenzisa ulimi olwasetshenziswa umphostoli uPawulu kamuva, u-Asafa wacindezela “umuntu wenyama” ngokuvusa “umuntu ongokomoya” ngaphakathi kuye. Enombono ovuselelwe ongokomoya, waqonda ukuthi uJehova uyabuzonda ububi nokuthi, ngesikhathi esifanele, ababi babeyojeziswa.—1 Korinte 2:14, 15.

Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuvumela iBhayibheli likusize ukuba ugxile emaqinisweni okuphila! UJehova usikhumbuza ukuthi uyakuqaphela lokho ababi abakwenzayo. IBhayibheli liyafundisa: “Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa insini. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi . . . Ngakho masingayeki ukwenza okuhle.” (Galathiya 6:7-9) UJehova uyobabeka “ezindaweni ezibushelelezi” ababi; uyobenza ‘bawe babe yincithakalo.’ (IHubo 73:18) Kuzo zonke izimo, ubulungisa baphezulu buyogcina bunqobile.

Isimiso sokuzondla njalo ngokomoya etafuleni likaJehova nobudlelwane obuhle nabantu bakaNkulunkulu kuyokusiza ukuba uqinise ukholo lwakho, unqobe ukudumazeka noma eminye imizwa edikibalisayo. (Heberu 10:25) Njengo-Asafa, ngokuhlala useduze noNkulunkulu, ungathola ukusekela kwakhe kothando. U-Asafa uyaqhubeka: “Mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.” (IHubo 73:23, 24) Omunye umKristu owaxhashazwa eseyingane wafunda ukuhlakanipha kwala mazwi. Uthi: “Ukuhlala ngizihlanganisé ngokuseduze nebandla kwangibonisa uhlangothi oluhlukile lokuphila. Ngabona ngokucacile ukuthi abadala abangamaKristu banothando, ukuthi abawona amaphoyisa kodwa bangabelusi.” Yebo, abadala abangamaKristu abanozwela bafeza indima ebalulekile ekususeni imizwelo elimazayo.—Isaya 32:1, 2; 1 Thesalonika 2:7, 8.

Yamukela Iseluleko SikaJehova

UBaruki, unobhala womprofethi uJeremiya, wabubula ngenxa yokucindezeleka okungokomzwelo okwakubangelwa yisabelo sakhe. Nokho, ngomusa uJehova wenza uBaruki wagxila emaqinisweni. “Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, usho uJehova, ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.”—Jeremiya 45:2-5.

UJehova wachaza ngokungagwegwesi ukuthi ukukhungatheka kukaBaruki kwakubangelwa yiminako yakhe yobugovu. UBaruki wayengenakuthola injabulo esabelweni ayesinikwe nguNkulunkulu ebe ezifunela izinto ezinkulu ngesikhathi esifanayo. Nawe ungase uthole ukuthi isinyathelo esiwusizo ngempela ekunqobeni ukudumazeka siwukugwema iziphazamiso, uthole ukuthula kwengqondo okubangelwa ukwaneliseka kokuhlonipha uNkulunkulu.—Filipi 4:6, 7.

Umfelokazi uNawomi akaluvumelanga usizi ukuba lumkhinyabeze ekwenzeni noma yini kwaMowabi lapho eshonelwe ngumyeni namadodana akhe amabili. Nokho, kubonakala sengathi okwesikhathi esithile waba nayo imizwa yokuzidabukela yena nomalokazana bakhe ababili. Lapho ebahambisa, uNawomi wathi: “Kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.” Nalapho efika eBetlehema, wathi: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi [“Injabulo Yami”]; ngibizeni ngokuthi uMara [“Omunyu”], ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu.”—Ruthe 1:13, 20.

Nokho, uNawomi akazange ahlale yedwa ematendeni okulila—azihlukanise noJehova nabantu bakhe. KwaMowabi, wayezwile ukuthi “uJehova uhambele abantu bakhe ukuba abaphe ukudla.” (Ruthe 1:6) Waqonda ukuthi kwakungcono kakhulu ukuba abe phakathi kwabantu bakaJehova. Ngemva kwalokho, uNawomi, ekanye noRuthe umalokazana wakhe, wabuyela kwaJuda futhi ngokuhlakanipha wacebisa uRuthe ngalokho okwakufanele akwenze esihlotsheni sabo, uBowazi, umhlengi wakhe.

Ngokufanayo nanamuhla, abaqotho abaye bashonelwa abangane babo bomshado babhekana ngokuphumelelayo nokucindezeleka okungokomzwelo ngokuhlala bematasa ebandleni lobuKristu. NjengoNawomi, bayaqhubeka bezikhandla ezintweni ezingokomoya, befunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke.

Izinzuzo Zokusebenzisa Ukuhlakanipha Kokuhlonipha UNkulunkulu

Lokhu kulandisa kweBhayibheli kusenza siqonde indlela umuntu angabhekana ngayo ngokuphumelelayo nemiphumela yemizwa edikibalisayo. U-Asafa wafuna usizo endlini engcwele kaJehova futhi walindela uJehova ngesineke. UBaruki wasabela eselulekweni, wagwema iziphazamiso zokuthanda izinto ezibonakalayo. UNawomi wazigcina ematasa phakathi kwabantu bakaJehova, walungiselela owesifazane osemusha, uRuthe, amalungelo akhe ekukhulekeleni kukaNkulunkulu weqiniso.—1 Korinte 4:7; Galathiya 5:26; 6:4.

Ungakunqoba ukudumazeka neminye imizwa edikibalisayo ngokugxila ekunqobeni kwaphezulu uJehova aye wakunika abantu bakhe ngabanye nanjengeqembu. Ukuze wenze lokho, zindla ngesenzo sothando sikaJehova esiphakeme sokukulungiselela isihlengo. Lwazise uthando oluqotho lwabafowenu abangamaKristu. Gxila ekuphileni kwakho ezweni elisha likaNkulunkulu eseliseduze. Futhi kwangathi ungasabela njengo-Asafa: “Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.”—IHubo 73:28.