Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:

KumaRoma 5:3-5, kungani umphostoli uPawulu abeka ithemba ekugcineni kwezinto ayezibala?

UPawulu wabala izinto eziningana amaKristu abhekana nazo—usizi, ukukhuthazela, isimo sokwamukelwa nethemba. Leli “themba” akulona ithemba umuntu alithola eBhayibhelini ekuqaleni, kodwa yithemba elimlawulayo, eliqinisiwe futhi lajuliswa, umKristu angaba nalo ngokuhamba kwesikhathi.—12/15, amakhasi 22-3.

Kungani umKristu namuhla engase abe nesithakazelo emidlalweni yabasubathi eyayiba seGrisi lasendulo?

Ukuqonda isimo nezinqubo zakuleyo midlalo kungacacisa amavesi amaningana eBhayibheli. Amanye awo akhuluma ‘ngokuncintisana ngokuvumelana nemithetho,’ ‘ukulahla konke okusindayo nokubheka isibonelo sikaJesu,’ ‘ukugijima ibanga uze uyoqeda’ nokuthola umqhele, noma umklomelo. (2 Thimothewu 2:5; 4:7, 8; Heberu 12:1, 2; 1 Korinte 9:24, 25; 1 Petru 5:4)—1/1, amakhasi 28-30.

Iyiphi indlela entsha yokumemezela izindaba ezinhle eyaqalwa ngo-January 1914?

Kwakhululwa i-“Photo-Drama of Creation” ngaleso sikhathi. Yayiwumbukiso onezingxenye ezine owawuhlanganisa izithombe ezinyakazayo namakhulu ama-slide anemibala, okuningi kwalokhu okwakuhambisana nezinkulumo ezichazayo eziqoshwe kuyigilamafoni. Kwenziwa amasethi angu-20 ale Drama futhi asetshenziswa kabanzi ekufundiseni abantu isigijimi seBhayibheli.—1/15, amakhasi 8-9.

INdikimba Ebusayo ihluke kanjani enhlanganweni engokomthetho?

Abaqondisi benhlangano engokomthetho babekwa ezikhundleni ngokuvotelwa amalungu ayo, kanti iNdikimba Ebusayo yona ayimiswa umuntu, imiswa nguJesu Kristu. Asikho isidingo sokuba abaqondisi bezinhlangano ezihlukahlukene ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova kube amalungu eNdikimba Ebusayo. Muva nje, emhlanganweni waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, amalungu eNdikimba Ebusayo abekade engabaqondisi nezikhulu zayo ahoxe ngokuzithandela ezikhundleni zawo. Izindawo zawo zithathwe abazalwane abavuthiwe ‘bezinye izimvu.’ (Johane 10:16) Ngakho iNdikimba Ebusayo izokwazi ukuba nesikhathi esiningana ilungiselela ukudla okungokomoya futhi inakekela izidingo ezingokomoya zabazalwane bomhlaba wonke nangezinye izindlela.—1/15, amakhasi 29, 31.

Yiziphi izibonelo zeBhayibheli ezimbili esingazihlola lapho sifunda indlela yokubhekana nokudumazeka?

Esinye sazo nguHana, unina kaSamuweli. Wayengase avumele ukudikibala lapho ahlulelwa kabi ngu-Eli, umpristi ophakeme wakwa-Israyeli. Kunalokho, wamtshela ngokungagwegwesi kodwa ngenhlonipho ukuthi isimo sasiyini ngempela. Ngaphezu kwalokho, uHana akazange ambambele igqubu u-Eli. Esesibili nguMarku, okumelwe ukuba wadumala lapho umphostoli uPawulu engafuni ukuba ahambe nabo ohambweni lwezithunywa zevangeli. Kunokuba adikibaliswe ukulahlekelwa yileli lungelo, waqhubeka ekhonza ngenkuthalo, wahamba noBarnabasi.—2/1, amakhasi 20-2.

Kungani amaKristu kufanele aqaphele lapho enika abanye, noma enikwa yibo, amakhophi ama-program e-computer?

Iningi lama-program ama-computer (kuhlanganise nemidlalo) linelayisense evumela umnikazi noma oyisebenzisayo ukuba afake (install) leyo program kuyi-computer eyodwa kuphela. Ngokuvamile kuwukwephula umthetho wamalungelo agodliwe ukwenzela abanye amakhophi, ngisho noma sibapha mahhala. AmaKristu afuna ukulalela umthetho, ‘abuyisele izinto zikaKesari kuKesari.’ (Marku 12:17)—2/15, amakhasi 28-9.

Babengobani oCyril noMethodius, futhi baba naliphi iqhaza ekutadishweni kweBhayibheli?

Babeyizelamani ezimbili ezazalelwa eThesalonika, eGrisi, ekhulwini le-9. Bakha izinhlamvu ezibhalwayo zezilimi zesiSlavic, bahumushela nengxenye enkulu yeBhayibheli olimini lwesiSlavonic.—3/1, amakhasi 28-9.

Isho ukuthini inkulumo ethi ‘ukunaka umoya’?—Roma 8:6.

Isho ukulawulwa, ukubuswa nokushukunyiswa amandla kaJehova asebenzayo. Umoya kaNkulunkulu singawuvumela ukuba usebenze kithi ngokufunda nokutadisha iBhayibheli, ngokulalela umthetho kaNkulunkulu ngenhliziyo yonke nangokuthandazela umoya kaNkulunkulu.—3/15, ikhasi 15.

Yini esingayenza uma sinomuzwa wokuthi siqondwa ngokungeyikho?

Kubalulekile ukuzama ukuxazulula indaba ngomoya wothando. Uma lokho kubonakala kungaphumeleli, ungadangali. Cela ukuqonda nosizo kuJehova, ‘olinganisa izinhliziyo.’ (IzAga 21:2; 1 Samuweli 16:7)—4/1, amakhasi 21-3.