Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ingozi Ecashile Empilweni Yomphakathi”

“Ingozi Ecashile Empilweni Yomphakathi”

“Ingozi Ecashile Empilweni Yomphakathi”

KUYAMANGALISA ukuthi ingxenye yesithathu yabantu abadala abasebenzisa i-Internet e-United States isike yavakashela uhlobo oluthile lwengosi yobulili, njengoba kuvezwa umbiko othile wamuva nje wokuhlola ngobulili kuyi-Internet. Inqwaba yabantu manje yanelisa izifiso zayo zobulili nge-Internet. “Lena yingozi ecashile empilweni yomphakathi, ngokwengxenye eyandiswa ukuthi bambalwa kakhulu abayibheka kanjalo noma abayithatha njengento engelona nje ize,” kusho uDkt. Al Cooper, isazi sokusebenza kwengqondo esenza lokho kuhlola.

Obani abasengozini kakhulu yalobo bulili obukuyi-Internet? “Yilabo izifiso zabo zobulili eziye zacindezelwa futhi zabekelwa imingcele kukho konke ukuphila kwabo” kodwa “asebethola uthelawayeka wamathuba obulili” kuyi-Internet, kusho uDkt. Cooper.

Nokho, iningi lalabo abavame ukuvakashela izingosi zobulili, liwubheka njengongalimazi lo mkhuba. Unjalo ngempela? Njengoba nje umlutha wezidakamizwa ugcina ungasasizwa kangako isidakamizwa oluthwe yiso, nemilutha eminingi yobulili obukuyi-Internet ifuna “isilinganiso” esikhudlwana sobulili kuyi-Internet ukuze yanelise izifiso zayo. Empeleni, ingafaka nomsebenzi wayo engozini kanye nobuhlobo bayo nomuntu eshade naye!

Nokho, labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu banesizathu esengeziwe sokugwema ukuvakashela izingosi zobulili kuyi-Internet. IZwi likaNkulunkulu liyayala: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokukhanuka, okuwukukhonza izithombe. Ulaka lukaNkulunkulu luyeza ngenxa yalezozinto.” (Kolose 3:5, 6) Ukuze umuntu ‘abulale amalungu omzimba wakhe’ ngokuqondene nesifiso esingahlanzekile sobulili, kudingeka ahlakulele uthando olunamandla ngoJehova uNkulunkulu. (IHubo 97:10) Uma ezithola ehuhwa ubulili obukuyi-Internet obuyingozi empilweni yomphakathi, kufanele aqinise uthando lwakhe ngoJehova ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ubuhlobo obuhlanzekile noFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso langakubo bungamsiza kakhulu umuntu ekuqiniseni ukuzimisela kwakhe ukujabulisa uNkulunkulu.