Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inhlangano Yomhlaba Wonke Enakekelanayo

Inhlangano Yomhlaba Wonke Enakekelanayo

Inhlangano Yomhlaba Wonke Enakekelanayo

KUGCWELE abantu kuze kuyoshona ngalé. Abaningi bagugile, abanye babo bakhubazeke kangangokuthi abakwazi nokuhamba. Kunabesifazane abakhulelwe nemibhangqwana esemisha ehamba nezingane ezincane. Bonke bangababaleki—abesilisa, abesifazane nezingane—abaye baphoqwa yimpi yombango, inhlekelele engokwemvelo, noma ezinye izimo ukuba babaleke emizini yabo bayofuna indawo yokukhosela ezweni elingumakhelwane. Abanye sekukaningi bephoqeleka ukuba bashiye imizi yabo. Lapho kuvela izimpawu zokuqala zempi noma inhlekelele engokwemvelo, bathatha izinto ezimbalwa zasendlini, baqoqe izingane zabo bayofuna indawo ephephile. Kuyothi uma izimo sezingcono, ababaleki abaningi babuye bazokwakha kabusha imizi yabo, baqale konke kabusha.

Phakathi neminyaka edlule, iCentral African Republic iye yakhoselisa ababaleki abavela emazweni amaningana. Muva nje, izinkulungwane zabantu, kuhlanganise nabaningi abangoFakazi BakaJehova, ziye zaphoqeleka ukuba zibaleke eDemocratic Republic of Congo ekhungethwe yimpi ziye eCentral African Republic ephephe kakhudlwana.

Abazalwane Bayasiza

OFakazi baseCentral African Republic bakubheka njengelungelo ukuhlela ukusiza. Batholela abafowabo abangamaKristu abafikayo izindawo zokuhlala. Ekuqaleni, babebatholela indawo emizini yabazalwane, kodwa njengoba inani lababaleki landa, kwaba sobala ukuthi kwakuzodingeka kwenziwe amalungiselelo engeziwe. Kwashintshwa amanye amaHholo OMbuso enziwa izindawo zokulala. OFakazi bendawo basebenza ngokuzimisela bafaka izibani ezengeziwe, baxhuma amapayipi amanzi bakhonka naphansi ukuze ababezohlala lapho bahlaliseke kahle. Ababaleki basebenza kanye nabazalwane bendawo bakha lezi zindawo zokulala zesikhashana. Kwahlelwa isimiso esiphelele semihlangano yobuKristu ngolimi lwesiLingala ukuze abafikayo bathole ukudla okungokomoya okusekela ukuphila. Ukubambisana eduze koFakazi bendawo nezivakashi zabo kwabonisa ukuthi buyasebenza ngempela ubuzalwane bomhlaba wonke.

Imikhaya yababaleki yayingafiki indawonye njalo. Kokunye, amalungu omkhaya ayehlukanisiwe ayehlangana sekufikiwe phambili. EHholo LoMbuso ngalinye kwakugcinwa uhlu lwalabo ababefike ngokuphepha. Kwenziwa amalungiselelo okuthola ababengakafiki. Ihhovisi legatsha eliqondisa umsebenzi woFakazi BakaJehova kulelo zwe lalithumela izimoto ezintathu ngosuku ukuyosiza oFakazi ababesesendleleni nokuyofuna okungenzeka balahlekile. Lezi zimoto zazinophawu olukhulu, oluthi “WATCH TOWER—OFakazi BakaJehova.”

Cabanga injabulo eyaba khona lapho iqembu lezingane ezingu-7 ezingababaleki ezazihlukaniswe nabazali bazo zibona iveni yoFakazi BakaJehova. Zagijima ngokushesha zaya kule moto zafike zaziveza ukuthi zingoFakazi BakaJehova. Abazalwane bazigibelisa evenini, baziyisa eHholo LoMbuso, lapho zagcina zihlangene khona nemikhaya yakubo.

Yini eye yenza la maKristu aqotho akwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezimo ezinjena, hhayi kanye nje kuphela, kodwa ngokuphindaphindiwe? Aqiniseka ngokugcwele ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina ezibikezelwa yimiBhalo Engcwele.—2 Thimothewu 3:1-5; IsAmbulo 6:3-8.

Ngakho, ayazi ukuthi maduze uJehova uNkulunkulu uzoziqeda izimpi, inzondo, ubudlova nemibango. Inkinga yababaleki iyoba yinto engasaphushwa. Okwamanje, ngokuvumelana nesiyalo somphostoli uPawulu esikweyoku-1 Korinte 12:14-26, oFakazi BakaJehova bazama ukunakekelana. Nakuba behlukaniswe yimifula, imingcele, izilimi namabanga amade, bayakhathalelana, ngakho bathatha isinyathelo ngokushesha lapho othile eswela.—Jakobe 1:22-27.

[Ibalazwe ekhasini 30]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

I-AFRIKA

ICentral African Republic

IDemocratic Republic of Congo

[Umthombo]

Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.

[Izithombe ekhasini 30]

AmaHholo OMbuso amathathu ashintshwa aba yizikhungo zokwamukela ababaleki

[Isithombe ekhasini 31]

Kwakhiwa amakhishi ngokushesha

[Isithombe ekhasini 31]

Ababaleki babelokhu bethelekile

[Izithombe ekhasini 31]

Zisanda kuzalwa kodwa sezingababaleki