Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Naka Izimangaliso ZikaNkulunkulu

Naka Izimangaliso ZikaNkulunkulu

Naka Izimangaliso ZikaNkulunkulu

“Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe.”—IHUBO 40:5.

1, 2. Sinabuphi ubufakazi bezimangaliso zikaNkulunkulu, futhi lokhu kufanele kusishukumisele ukuba senzeni?

LAPHO ufunda iBhayibheli, kulula ukubona ukuthi uNkulunkulu wayebenzela izimangaliso abantu bakhe basendulo, u-Israyeli. (Joshuwa 3:5; IHubo 106:7, 21, 22) Nakuba uJehova engangeneli kanjalo namuhla ezindabeni zabantu, sizungezwe yinqwaba yobufakazi bezimangaliso zakhe. Ngakho sinesizathu sokusho kanye nomhubi: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.”—IHubo 104:24; 148:1-5.

2 Abaningi namuhla bayabushalazela noma babenqabe lobo bufakazi obucacile bemisebenzi yoMdali. (Roma 1:20) Nokho, senza kahle ngokucabanga ngayo bese sifinyelela iziphetho mayelana nesimo sethu phambi koMenzi wethu nesibopho sethu kuye. Izahluko 38 kuya ku-41 zencwadi kaJobe ziwusizo oluhle kakhulu ekwenzeni lokhu, ngoba lapho, uJehova waqaphelisa uJobe izici ezithile zezimangaliso zaKhe. Cabanga ngezinye zezinto ezinengqondo uNkulunkulu aziphawula.

Imisebenzi Yamandla Nemangalisayo

3. Njengoba kulotshwe kuJobe 38:22, 23, 25-29, yiziphi izinto uNkulunkulu abuza ngazo?

3 UNkulunkulu wabuza uJobe: “Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho, engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi, na?” Ezindaweni eziningi emhlabeni, iqhwa nesichotho kuyingxenye yokuphila. UNkulunkulu waqhubeka: “Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi umsele nonyazi lokuduma indlela, ukunisa imvula emhlabeni lapho kungekho muntu khona, nasehlane elingenamuntu, ukusuthisa ihlane kwahlongasibi, nokuhlumisa uhlaza, na? Kukhona uyise wemvula na? Ngubani owazala amathonsi amazolo na? Iqhwa lavela esiswini sikabani, nesithwathwa sazalwa ngubani, na?”—Jobe 38:22, 23, 25-29.

4-6. Ulwazi lomuntu ngeqhwa aluphelele ngamuphi umqondo?

4 Abanye abaphila emphakathini omatasatasa futhi okumelwe bahambe bangase balibheke njengenkinga iqhwa. Kodwa, kunabanye abaningi ababheka iqhwa njengento ejabulisayo, eyenza ubusika bube buhle, buveze namathuba okwenza izinto ezikhethekile. Njengoba ucabanga ngombuzo kaNkulunkulu, ingabe ulazi kahle-hle iqhwa, ngisho nanokuthi libukeka kanjani? Siyalazi ukuthi libukeka kanjani uma liliningi, mhlawumbe ngoba sake salibona ezithombeni noma salibona ngokoqobo iqhwa eliningi. Kodwa kuthiwani ngamakhekheba eqhwa (snowflakes)? Ingabe uyawazi ukuthi abukeka kanjani, mhlawumbe ngoba wake wawacwaninga lapho esuka khona?

5 Abanye abantu sebenamashumi eminyaka becwaninga futhi bethwebula amakhekheba eqhwa. Ikhekheba leqhwa lingase lakhiwe yizinhlayiyana zeqhwa eziyikhulu ezintekenteke ezinemiklamo eminingi emihle. Incwadi ethi Atmosphere ithi: “Izinhlobonhlobo eziningi zamakhekheba eqhwa ziyaphawuleka, futhi, nakuba izazi zesayensi ziphikelela ekutheni awukho umthetho ongokwemvelo owenqabela ukuphindaphindeka kwawo, akekho osewake wathola amakhekheba amabili afanayo. Okunye ukucwaninga okukhulu kwenziwa . . . uWilson A. Bentley, owachitha iminyaka engaphezu kwengu-40 ehlola futhi ethwebula izithombe zamakhekheba eqhwa esebenzisa isibonakhulu kodwa akakaze awathole amabili afana ncamashí.” Futhi noma kungase kwenzeke into eyivelakancane, kube namabili abonakala efana nsé, ingabe lokho kungawenza angabi yinto emangalisayo amakhekheba eqhwa amaningi ahlukahlukene?

6 Khumbula umbuzo kaNkulunkulu: “Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa?” Abaningi babheka amafu njengezinqolobane zeqhwa. Ingabe ungazicabanga ungena kulezi zinqolobane uyobala amakhekheba eqhwa ngezinhlobo zawo, ucwaninge nokuthi akheka kanjani? Enye i-encyclopedia yesayensi ithi: “Akukaqondakali ukuthi uhlobo olunjani lwezakhi zeqhwa nomsuka wazo oludingekayo ukuze amaconsi amanzi asuka emafwini aqine ezingeni lokubanda elingu-40°C. ngaphansi kwezinga-qhwa.”—IHubo 147:16, 17; Isaya 55:9, 10.

7. Lusabalele kangakanani ulwazi lwabantu ngemvula?

7 Kuthiwani ngemvula? UNkulunkulu wabuza uJobe: “Kukhona uyise wemvula na? Ngubani owazala amathonsi amazolo na?” Leyo encyclopedia yesayensi ithi: “Ngenxa yezimo zezulu eziyinkimbinkimbi nokushintshashintsha komhwamuko nezinhlayiyana zomoya, kubonakala kungenakwenzeka ukunikeza umbono oningiliziwe, wokuthi akheka kanjani amafu namathonsi emvula.” Ngenkulumo elula nje, ososayensi baye baveza izinkolelo-mbono ezinemidanti eminingi, kodwa abakwazi ngempela ukuyichaza ngokugcwele imvula. Noma kunjalo, wena uyazi ukuthi imvula ebalulekile iyana, inisele umhlaba, igcine izitshalo ziphila, yenze ukuphila kuqhubeke futhi kujabulise.

8. Kungani amazwi kaPawulu akuzEnzo 14:17 efaneleka?

8 Awuvumelani yini nesiphetho umphostoli uPawulu asifinyelela? Wanxusa abanye ukuba babone kulezi zimangaliso ubufakazi ngaLowo ozenzayo. UPawulu wathi ngoJehova uNkulunkulu: “[Akazishiyanga] engenabufakazi ngoba wenza okuhle, eninika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa kakhulu izinhliziyo zenu ngokudla nangokwenama okukhulu.”—IzEnzo 14:17; IHubo 147:8.

9. Izimangaliso zikaNkulunkulu ziwabonisa kanjani amandla akhe amakhulu?

9 Akungabazeki ukuthi uMenzi wemisebenzi enjalo emangalisayo nezuzisayo unokuhlakanipha okungenamingcele namandla amakhulu. Mayelana namandla akhe, cabanga ngalokhu: Kuthiwa kuba nezimvula ezihambisana nokuduma izikhathi ezingu-45 000 usuku ngalunye, okungaphezu kwezigidi ezingu-16 ngonyaka. Lokhu kusho ukuthi kunezimvula ezinjalo ezingaba ngu-2 000 ezinayo njengamanje. Amafu ayinkimbinkimbi emvula enjalo aphenduphenduka ngamandla alingana namandla amabhomu enuzi aphindwe kayishumi noma ngaphezulu kunalawo aqhunyiswa ngeMpi Yezwe II. Amanye alawo mandla uwabona eziveza njengombani. Ngaphezu nje kokuthi uyamangalisa, umbani usiza ekukhiqizeni izinhlobo ezithile ze-nitrogen engena enhlabathini, bese izitshalo ziyimunca njengomquba ongokwemvelo. Ngakho umbani ungamandla awumbukiso, kodwa futhi uletha izinzuzo ezingokoqobo.—IHubo 104:14, 15.

Kukuthonya Kanjani Wena?

10. Ungayiphendula kanjani imibuzo ekuJobe 38:33-38?

10 Ake uzicabange unguJobe, ubuzwa nguNkulunkulu uMninimandla onke. Cishe uzovuma ukuthi iningi labantu alizinaki izimangaliso zikaNkulunkulu. UJehova usibuza imibuzo esiyifunda kuJobe 38:33-38. “Uyazazi izimiso zasezulwini, umise ukumisa kwazo emhlabeni, na? Ungaphakamisela izwi lakho emafwini, ukuze amanzi amaningi akusibekele, na? Ungathuma imibani ukuba ihambe, isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’? Ngubani obeke ukuhlakanipha [“ezingqimbeni zamafu,” NW], ngubani onika ukuqonda [“isenzakalo sasesibhakabhakeni,” NW] na? Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini, lapho uthuli luphenduka isigaxa, namagabade anamathelane, na?”

11, 12. Yiziphi ezinye zezinto ezifakazela ukuthi uNkulunkulu unguMenzi wezimangaliso?

11 Sithinté amaphuzu ambalwa kuphela u-Elihu awadingida noJobe, saphawula neminye yemibuzo uJehova ayefuna ukuba uJobe ayiphendule “njengendoda.” (Jobe 38:3) Sithi “eminye” ngoba kuJobe izahluko 38 no-39, uNkulunkulu wagxilisa ukunakekela kwezinye izici zendalo eziphawulekayo. Ngokwesibonelo, izinkanyezi zezulu. Ubani oyazi yonke imithetho noma izimiso zazo? (Jobe 38:31-33) UJehova wabonisa uJobe ezinye zezilwane—ibhubesi negwababa, imbuzi yasendle nedube, inkunzi yasendle nentshe, kanye nehhashi elinamandla nokhozi. Empeleni, uNkulunkulu wabuza uJobe ukuthi nguye yini owayenze lezi zilwane zahlukahluka ngezindlela zazo, wazenza zaphila futhi zanda. Ungase ukujabulele ukutadisha lezi zahluko, ikakhulukazi uma uwathanda amahhashi noma ezinye izilwane.—IHubo 50:10, 11.

12 Ungahlola noJobe izahluko 40 no-41, lapho uJehova aphinde acela khona uJobe ukuba aphendule imibuzo emayelana nezilwane ezimbili ngokukhethekile. Siyaqonda ukuthi lezi zilwane yimvubu (uBehemoti), enomzimba omkhulu futhi onamandla, nengwenya yaseNayile enamandla (uLeviyathani). Ngasinye siyisimangaliso sendalo okufanele sisinake. Manje ake sibheke ukuthi yiziphi iziphetho okufanele sizifinyelele?

13. Imibuzo kaNkulunkulu yamthonya kanjani uJobe, futhi lezi zinto kufanele zisithonye kanjani thina?

13 UJobe isahluko 42 usibonisa ukuthi imibuzo kaNkulunkulu yamthinta kanjani uJobe. Ekuqaleni uJobe wayegxile kakhulu kuye siqu nakwabanye. Kodwa, ngokwamukela ukuqondiswa yimibuzo kaNkulunkulu, uJobe wakushintsha ukucabanga kwakhe. Wavuma: “Ngiyazi ukuthi [wena Jehova] ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho. Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na? Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.” (Jobe 42:2, 3) Yebo, ngemva kokunaka imisebenzi kaNkulunkulu, uJobe wathi lezi zinto zazimangalisa kakhulu kuye. Ngemva kokubukeza lezi zimangaliso zendalo, kufanele nathi kusihlabe umxhwele ukuhlakanipha namandla kaNkulunkulu. Ngayiphi injongo? Ingabe injongo imane iwukuhlatshwa umxhwele amandla kaJehova amakhulu nekhono lakhe kuphela? Noma ingabe kufanele sishukumiseleke ukuba senze okungaphezu kwalokho?

14. UDavide wasabela kanjani ezimangalisweni zikaNkulunkulu?

14 KumaHubo 86, sithola amazwi afuze lawa, ashiwo nguDavide, owathi ehubweni langaphambili: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe. Usuku luyalandisa usuku inkulumo, nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.” (IHubo 19:1, 2) Kodwa uDavide waqhubeka. KumaHubo 86:10, 11 siyafunda: “Umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa. Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.” Ukwesaba kukaDavide uMdali ngenxa yazo zonke izimangaliso zaKhe kwakuhlanganisa isilinganiso esifanele sokwesaba okunenhlonipho. Ungaqonda ukuthi kungani. UDavide wayengafuni ukudumaza Lowo okwazi ukwenza lezi zimangaliso. Kufanele kube njalo nangathi.

15. Kungani kwakufaneleka ukuba uDavide abe nenhlonipho enokwesaba ngoNkulunkulu?

15 Kumelwe ukuba uDavide waqaphela ukuthi njengoba uNkulunkulu enamandla amakhulu, angawasebenzisa kunoma yibaphi abafanelwe ulaka lwakhe. Kubo, lokho kuyesabeka. UNkulunkulu wabuza uJobe: “Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho, engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi, na?” Iqhwa, isichotho, iziphepho, umoya nombani konke kuyizikhali zikaNkulunkulu. Futhi yeka ukuthi la mandla emvelo makhulu kangakanani!—Jobe 38:22, 23.

16, 17. Yini ebonisa amandla esabekayo uNkulunkulu anawo, futhi uye wawasebenzisa kanjani amandla anjalo esikhathini esidlule?

16 Mhlawumbe usayikhumbula inhlekelele ethile eyenzeka ngakini eyabangelwa okunye kwalokhu—isiphepho, isivunguvungu, isikhwishikhwishi, isichotho noma isikhukhula. Ngokwesibonelo, ekuqaleni konyaka ka-2000, isiphepho esikhulu sahlasela eningizimu-ntshonalanga yeYurophu. Samangaza ngisho nochwepheshe besimo sezulu. Imimoya enamandla yayihamba ngesivinini esingamakhilomitha angu-200 ngehora, iphephula uphahla ezinkulungwaneni zezindlu, iwisa izigxobo zikagesi futhi iketula amaloli. Zama ukukubona ngeso lengqondo lokhu: Leso sichotho sasiphula noma sephula izihlahla eziyizigidi ezingaba ngu-270—ezingu-10 000 epaki laseVersailles lilodwa, emaphethelweni eParis. Amakhaya ayizigidi ahanjelwa ugesi. Kwafa abantu abacela ekhulwini. Konke lokhu kwenzeka ngesikhashana nje. Yeka amandla!

17 Omunye angase athi iziphepho ziyizenzakalo ezithuka zenzeka, ezingaqondiswa muntu nezingalawuleki. Nokho, kungenzekani uma uMninimandla onke engenza izimangaliso ngokuqondisa nokulawula lawo mandla? Wenza into enjengaleyo ezinsukwini zika-Abrahama, owathola ukuthi uMahluleli wawo wonke umhlaba wayehlaziye ububi bemizi emibili, iSodoma neGomora. Yayonakele kangangokuthi izikhalo ngenxa yayo zenyukela kuNkulunkulu, owasiza bonke abalungile ukuba basinde kule mizi eyayizobhujiswa. Ukulandisa okungokomlando kuthi: “Khona uJehova wanisa [phezu kwaleyo mizi] isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.” Lowo kwakuwumsebenzi omangalisayo, owalondoloza abalungile futhi wabhubhisa ababi.—Genesise 19:24.

18. Yiziphi izimangaliso u-Isaya isahluko 25 abhekisele kuzo?

18 Kamuva, uNkulunkulu wakhipha isahlulelo phezu komuzi wasendulo iBabiloni, okungenzeka ukuthi kubhekiselwe kuwo ku-Isaya isahluko 25. UNkulunkulu wabikezela ukuthi umuzi othile wawuyoba amanxiwa encithakalo: “Wenzile umuzi waba yinqwaba, nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi, ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.” (Isaya 25:2) Abantu abavakashela esizeni seBabiloni lasendulo namuhla bangakufakazela ukuthi kwaba njalo ngempela. Ingabe ukubhujiswa kweBabiloni kwathuka kwenzeka nje? Cha. Kunalokho, singavumelana nesiphetho sika-Isaya: “Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso, namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.”—Isaya 25:1.

Izimangaliso Zesikhathi Esizayo

19, 20. Yikuphi ukugcwaliseka kuka-Isaya 25:6-8 esingakulindela?

19 UNkulunkulu wasigcwalisa isiprofetho esingenhla esikhathini esidlule, futhi uzokwenza izimangaliso nasesikhathini esizayo. Kulo mongo, lapho u-Isaya ekhuluma khona ‘ngezimangaliso’ zikaNkulunkulu, sithola isiprofetho esinokwethenjelwa esisazogcwaliseka, njengoba nje nokwahlulelwa kweBabiloni kwagcwaliseka. Yisiphi ‘isimangaliso’ esithenjiswayo? U-Isaya 25:6 uthi: “UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.”

20 Ngokuqinisekile leso siprofetho sizogcwaliseka ezweni elisha eseliseduze uNkulunkulu alithembisile. Ngaleso sikhathi, isintu siyokhululeka ezinkingeni ezicindezela abaningi kangaka namuhla. Eqinisweni, isiprofetho esiku-Isaya 25:7, 8 siqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uzosebenzisa amandla akhe okudala ukuze enze omunye wemisebenzi emangalisa kunayo yonke: “Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.” Kamuva umphostoli uPawulu wacaphuna ingxenye yaleyo ndima wayisebenzisa njengebhekisela ekubuyiseleni kukaNkulunkulu abafileyo ekuphileni, abavuse kwabafileyo. Yeka ukuthi kuyoba yisimangaliso esinjani leso!—1 Korinte 15:51-54.

21. Yiziphi izimangaliso uNkulunkulu azozenzela abafileyo?

21 Esinye isizathu sokuthi kungani izinyembezi zokudabuka ziyophela siwukuthi izifo ezingokomzimba isintu esinazo ziyosuswa. Lapho uJesu esemhlabeni, welapha abantu abaningi—evula amehlo ezimpumputhe, evula izindlebe zezithulu, ebuyisela amandla kwabakhubazekile. UJohane 5:5-9 ulandisa ukuthi welapha indoda eyayisineminyaka engu-38 ilunyonga. Ababebukele bakubona kuyisimangaliso lokhu. Kwakuyiso! Nokho, uJesu wabatshela ukuthi ukuvusa kwakhe abafileyo kwakuyomangalisa nakakhulu: “Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi layo futhi baphume, labo ababenze izinto ezinhle baphumele ovukweni lokuphila.”—Johane 5:28, 29.

22. Kungani abampofu nabahluphekayo bengabheka phambili ngethemba?

22 Lokho kuzokwenzeka nakanjani ngoba kuthenjiswa nguJehova. Ungaqiniseka ukuthi lapho esebenzisa amandla akhe amakhulu okuvuselela futhi ewaqondisa ngokucophelela, imiphumela iyoba yisimangaliso. IHubo 72 likhuluma ngalokho ayokwenza ngeNdodana yakhe eyiNkosi. Ngaleso sikhathi olungileyo uyakuqhakaza. Ukuthula kuyogcwala yonke indawo. UNkulunkulu uyokhulula abampofu nabahluphekayo. Uyathembisa: “Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni [lasendulo]; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.”—IHubo 72:16.

23. Izimangaliso zikaNkulunkulu kufanele zisishukumisele ukuba senzeni?

23 Kusobala ukuthi sinezizathu zokunaka zonke izimangaliso zikaJehova—lokho akwenza esikhathini esidlule, akwenzayo manje nazokwenza esikhathini esizayo esiseduze. “Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso. Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.” (IHubo 72:18, 19) Lokhu kufanele sixoxe njalo ngakho ngenjabulo nezihlobo zethu nabanye. Yebo, ‘masilande inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.’—IHubo 78:3, 4; 96:3, 4.

Ungaphendula Kanjani?

• Imibuzo eyabuzwa uJobe ibugcizelela kanjani ubufushane bolwazi lwabantu?

• Yiziphi izibonelo zezimangaliso zikaNkulunkulu eziqokonyiswe kuJobe izahluko 37-41 ezikuhlabe umxhwele?

• Kufanele sisabele kanjani ngemva kokuhlola ezinye zezimangaliso zikaNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 10]

Yisiphi isiphetho osifinyelelayo ngezinhlobo eziningi ngokumangalisayo zamakhekheba eqhwa nangamandla esabekayo ombani?

[Umthombo]

snowcrystals.net

[Izithombe ekhasini 13]

Xoxa njalo ngezimangaliso zikaNkulunkulu