Sasingesodwa Lapho Ukholo Lwethu Luvivinywa
Sasingesodwa Lapho Ukholo Lwethu Luvivinywa
UVicky wayengumntwana wentombazane othandekayo—onempilo, omuhle futhi owumngqabavu. Yebo, lapho ezalwa entwasahlobo ka-1993, sajabula kakhulu. Sasihlala edolobhaneni elincane eningizimu yeSweden, ukuphila kumnandi.
NOKHO, lapho uVicky esenonyaka nengxenye ubudala, saficwa usizi. Wayesenesikhathi engaphilile kahle, ngakho samyisa esibhedlela. Asisoze sakhohlwa lapho udokotela esitshela ukuthi indodakazi yethu iphethwe yi-acute lymphoblastic leukemia, uhlobo oluthile lomdlavuza wezingane ohlasela amangqamuzana amhlophe egazi.
Kwakunzima ukukuqonda ukuthi intombazanyana yethu inalesi sifo esesabeka kangaka. Yayisanda kuqala nje ukuqaphela izinto ezenzekayo, kodwa manje yayilengela ekufeni. Ezama ukusiduduza, udokotela wathi kungase kusetshenziswe inqubo ethile yokwelapha enamathuba akahle okuphumelela, ehilela ukwelashwa ngamakhemikhali kanye nokumpontshelwa igazi kaningana. Saphinda sashaqeka.
Ukuvivinywa Kokholo Lwethu
Sasiyithanda ngempela indodakazi yethu futhi siyifunela ukwelashwa okungcono kakhulu. Noma kunjalo, ukumpompela igazi kwakuseceleni kakhulu. Silikholelwa ngokuqinile iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, elisho ngokucacile ukuthi amaKristu kumelwe ‘adede egazini.’ (IzEnzo 15:28, 29) Sasazi nokuthi ukumpontshelwa igazi ngokwako kuyingozi. Izinkulungwane zabantu ziye zathola izifo futhi zafa ngenxa yokumpontshelwa. Okuwukuphela kwento esasingayenza kwakuwukuthola ukwelashwa okusezingeni eliphezulu kodwa okungahileli ukumpompela igazi. Saqala-ke ukulwela ukholo ngokuphathelene nalokhu.
Yini esasingayenza? Sathintana noMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseSweden ukuze sicele usizo. * Ngokushesha, kwathunyelwa ama-fax ezibhedlela ezihlukahlukene eYurophu kufunwa isibhedlela nodokotela ozimisele ukwelapha ngamakhemikhali ngaphandle kokumpompela igazi. Intshiseko nothando olwaboniswa abafowethu abangamaKristu emizamweni yabo yokusisiza kwasiqinisa kakhulu. Asishiywanga sodwa ekulweleni kwethu ukholo.
Ngamahora ambalwa, satholakala isibhedlela nodokotela eHomburg/eSaar, eJalimane. Kwenziwa amalungiselelo okuba siye khona ngendiza ngakusasa ukuze uVicky ayohlolwa. Lapho sifika, abafowethu abangamaKristu basebandleni loFakazi BakaJehova laseHomburg, kanye nezinye zezihlobo zethu, base besilindile bezosamukela. Nommeleli weKomiti Yokubonisana Nezibhedlela yakuleli zwe wasamukela ngokufudumele. Wahamba nathi ukuya esibhedlela, wasisekela kakhulu. Kwasiduduza ukubona ukuthi ngisho nasezweni esiyizihambi kulo, sinabafowethu abangokomoya abasisekelayo.
Lapho sihlangana noDkt. Graf esibhedlela, saphinde saduduzeka. Wayesiqonda kahle isimo sethu futhi wasiqinisekisa ukuthi wayezokwenza konke angakwenza ukuze uVicky amelaphe ngaphandle kokummpompela igazi. Ngisho noma isilinganiso segazi lakhe sasingehla sifike ku-5 g/dl, wayeyobe esazimisele ukuqhubeka emelapha ngaphandle kokummpompela igazi. Wathi futhi amathuba okuba uVicky elapheke ngokuphumelelayo ayemakhudlwana ngoba isifo sakhe sasisheshe satholakala kanti nathi sasimlethe ngokushesha. Wavuma ukuthi wayezobe eqala ukwelapha ngamakhemikhali ngaphandle kokumpompela igazi kumuntu ogula njengoVicky. Sabonga kakhulu futhi samhlonipha uDkt. Graf ngesibindi sakhe nokuzimisela ukusiza.
Izinkinga Zezimali
Manje umbuzo kwaba ukuthi, Sizokukhokhela kanjani ukwelashwa kukaVicky? Lapho sitshelwa ukuthi ukwelashwa okwakuzothatha iminyaka emibili kwakuzobiza ama-deutsche mark angaba ngu-150 000 (R520 000), savele sadinga ukuthi sizothathani sihlanganise nani. Imali esasinayo yayingasondeli nokusondela kuleso samba, kodwa kwakudingeka uVicky aqale ukwelashwa ngaleso sikhathi. Njengoba sasisuke eSweden seza eJalimane ukuze sitholele uVicky ukwelashwa, sasingenakuthola lusizo lukahulumeni lwezokwelashwa. Sahlala kanjalo-ke nentombazanyana yethu eyayigula ibangwa nezibi, udokotela esekulungele ukusiza, kodwa singenayo imali eyanele.
Isibhedlela sangenela, sasisiza ngokusitshela ukuthi ukwelapha kwakuzoqala ngaleso sikhathi uma sikhokha ama-deutsch mark angu-20 000 (R70 000), bese sisayina isiqinisekiso sokukhokha imali esele. Sasinemali ethile esasiyibekile, futhi ngokusizwa abangane nezihlobo ngothando, sakwazi ukukhokha lawo ma-deutsche mark angu-20 000 (R70 000)—kodwa lena enye yayizovelaphi?
Saphinde saqaphela ukuthi asisodwa ekulweleni ukholo. Umfowethu othile ongokomoya, esasingamazi ngaleso sikhathi, wayezimisele ukusikhokhela ingxenye esele. Nokho, akubange kusadingeka sisebenzise usizo lwakhe lomusa ngoba sakwazi ukwenza amanye amalungiselelo.
Ukusebenza Kochwepheshe Bezokwelapha
Ukwelapha ngamakhemikhali kwaqala. Kwaphela izinsuku namasonto. Ngezinye izikhathi kwakunzima kakhulu futhi kuyicindezela indodakazi yethu nathi ngokufanayo. Ngakolunye uhlangothi, sasijabula kakhulu futhi siba nomuzwa wokubonga njalo lapho ibonisa izimpawu zokuthuthuka. Ukwelashwa ngamakhemikhali kwaqhubeka izinyanga ezingu-8. Isilinganiso segazi esiphansi kunazo zonke uVicky ake aba naso kwakungu-6 g/dl, uDkt. Graf wasigcina isithembiso sakhe.
Sekudlule iminyaka engaphezu kweyisithupha, futhi ukuhlolwa kokugcina koketshezi olusemfunkulwini wakhe kubonisa ukuthi ayisabonwa i-leukemia. Manje useyintombazane ejabulayo
engenazimpawu zalokhuya kugula. Yebo, sengathi kuyisimangaliso ukuthi uVicky useluleme ngokuphelele ngale ndlela. Siyazi ukuthi izingane eziningi ezinalesi sifo ziyafa naphezu kokuba zelashwa ngamakhemikhali zimpontshelwa negazi.Siye sanqoba ekulweleni ukholo, kodwa sinqobé ngosizo lwezihlobo, abafowethu nodadewethu abangamaKristu kanye nochwepheshe bezokwelapha. UMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela wasisekela ngokugcwele ubusuku nemini. UDkt. Graf nozakwabo basebenzisa amakhono abo ukuze basize uVicky alulame. Siyabonga kakhulu ngakho konke lokhu.
Ukholo Lwethu Luye Lwaqina
Nokho, ngaphezu kwakho konke, sibonga uNkulunkulu wethu, uJehova, ngokunakekela kwakhe kothando namandla esawathola eZwini lakhe, iBhayibheli. Lapho sikhumbula esadlula kukho, siyaqaphela ukuthi kuningi kangakanani esiye sakufunda nokuthi lesi senzakalo esinzima ekuphileni siye saluqinisa kanjani ukholo lwethu.
Manje isifiso sethu esisuka enhliziyweni siwukuba silondoloze ubuhlobo bethu obuseduze noJehova uNkulunkulu futhi sifundise indodakazi yethu ukubaluleka kokuphila ngokuvumelana nezimfuneko zakhe. Yebo, sifuna ukuyinika ifa elihle elingokomoya lokuphila okuphakade ePharadesi elizayo lapha emhlabeni.—Inikelwe.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 7 UMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela wengamela amaKomiti Okubonisana Nezibhedlela emhlabeni wonke. Wona akhiwa yizisebenzi zokuzithandela ezingamaKristu eziqeqeshelwe ukukhuthaza ukubambisana phakathi kodokotela neziguli zabo ezingoFakazi. KunamaKomiti Okubonisana Nezibhedlela angaphezu kuka-1 400 asiza iziguli emazweni angaphezu kuka-200.