Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Hlala Ujabule Enkonzweni KaJehova

Hlala Ujabule Enkonzweni KaJehova

Hlala Ujabule Enkonzweni KaJehova

“Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani!”—FILIPI 4:4.

1, 2. Umzalwane othile nomkhaya wakhe bakwazi kanjani ukuhlala bejabule naphezu kokulahlekelwa yikho konke ababenako?

UJAMES, umKristu oneminyaka engu-70 ubudala ohlala eSierra Leone, wayesebenze kanzima kukho konke ukuphila kwakhe. Cabanga indlela ajabula ngayo lapho ekugcineni eseqongelele imali eyanele ukuba athenge indlu ekahle, enamakamelo amane! Nokho, ngemva kokuba uJames nomkhaya wakhe bengenile kuyo, kwaqubuka impi yombango kulelo zwe, umuzi wabo washa wangqongqa. Balahlekelwa umuzi, kodwa hhayi injabulo. Ngani?

2 UJames nomkhaya wakhe bagcina izingqondo zabo zigxile kulokho okwakusele, hhayi kulokho okwakubalahlekele. UJames uyachaza: “Ngisho nangesikhathi sokwesaba, sasiqhuba imihlangano, sifunda iBhayibheli, sithandaza ndawonye futhi sabelana nabanye nganoma yiluphi ubadlana esasinalo. Sakwazi ukuhlala sijabule ngoba sasigxile ebuhlotsheni obuhle kakhulu esinabo noJehova.” Ngokucabanga ngezibusiso ayenazo, esikhulu sazo esasiwubuhlobo bomuntu siqu noJehova, la maKristu athembekile akwazi ‘ukuqhubeka ejabula.’ (2 Korinte 13:11) Yiqiniso, kwakungelula ukukhuthazelela izimo zawo ezilusizi. Kodwa awayekanga ukujabula kuJehova.

3. Amanye amaKristu okuqala akwazi kanjani ukuqhubeka ejabule?

3 AmaKristu okuqala abhekana nokulingwa okufanayo nalokho uJames nomkhaya wakhe ababhekana nako. Nokho, umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu angamaHeberu la mazwi: “Namukela ngenjabulo ukuphangwa kokungokwenu.” UPawulu wabe esechaza imbangela yenjabulo yawo: “Nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nehlalayo.” (Heberu 10:34) Yebo, lawo maKristu ekhulu lokuqala ayenethemba elinamandla. Ayebheke phambili ngokuqiniseka ekutholeni okuthile okwakungenakuphangwa—“umqhele wokuphila” ongenakubuna eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. (IsAmbulo 2:10) Namuhla, ithemba lethu lobuKristu—kungaba elasezulwini noma elasemhlabeni—lingasisiza ukuba sihlale sijabule ngisho nalapho sibhekene nokuhlupheka.

“Jabulani Ethembeni”

4, 5. (a) Kungani iseluleko sikaPawulu ‘sokujabula ethembeni’ sasifike ngesikhathi kwabaseRoma? (b) Yini engase ibangele umKristu ukuba alahlekelwe umbono wethemba lakhe?

4 Umphostoli uPawulu wakhuthaza abaseRoma ayekholwa nabo ukuba ‘bajabule ethembeni’ lokuphila okuphakade. (Roma 12:12) Leso seluleko sasifike ngesikhathi kwabaseRoma. Kungakapheli neminyaka eyishumi uPawulu ebabhalele, babhekana noshushiso olunzima, futhi abanye bahlukunyezwa baze bafa ngomyalo woMbusi uNero. Ngokungangabazeki ukholo lwabo lokuthi uNkulunkulu wayeyobanika umqhele wokuphila ayewuthembisile lwabasekela ekuhluphekeni kwabo. Kuthiwani ngathi namuhla?

5 NjengamaKristu, nathi singalindela ukushushiswa. (2 Thimothewu 3:12) Ngaphezu kwalokho, siyaqaphela ukuthi sonke ‘sihlangabezana nesikhathi nethuba.’ (UmShumayeli 9:11) Umuntu esimthandayo angase afe engozini. Umzali noma umngane oseduze angase ahlatshwe ukugula okugcina kumbulele. Uma singaligcini licacile ithemba lethu loMbuso, singase sibe sengozini ngokomoya lapho kuvela ukulingwa okunjalo. Ngakho-ke, kuhle sizibuze, ‘Ingabe ‘ngiyajabula ethembeni’? Ngivame kangakanani ukuba nesikhathi sokuzindla ngalo? Ingabe iPharadesi elizayo lingokoqobo kimi? Ingabe ngiyazibona ngikulo? Ingabe ukuphela kwalesi simiso sezinto ngikulangazelela njengalapho ngiqala ukufunda iqiniso?’ Lo mbuzo wokugcina udinga ukucatshangisiswa. Ngani? Ngoba uma sinempilo enhle, simi kahle ngokwezimali futhi sihlala engxenyeni yomhlaba engathintwa kangako yizimpi, ukusweleka kokudla, noma izinhlekelele ezingokwemvelo, kungenzeka—okungenani okwamanje—singabe sisasibona isidingo esiphuthumayo sokuba izwe elisha likaNkulunkulu lifike.

6. (a) Lapho uPawulu noSila bebhekene nosizi, bayigxilisa kukuphi imicabango yabo? (b) Isibonelo sikaPawulu noSila singasikhuthaza kanjani namuhla?

6 UPawulu waqhubeka eluleka abaseRoma ukuba ‘bakhuthazele osizini.’ (Roma 12:12) UPawulu wayelwazi kahle usizi. Wake wabona embonweni indoda eyamcela ukuba ‘awelele eMakedoniya’ ayosiza abantu balapho ukuba bafunde ngoJehova. (IzEnzo 16:9) Ngemva kwalokho, uPawulu, ekanye noLuka, uSila noThimothewu, baya eYurophu. Zazilindelwe yini lezo zithunywa zevangeli ezishisekayo? Usizi! Ngemva kokuba beshumayele emzini waseFilipi eseMakedoniya, uPawulu noSila babhaxabulwa base befakwa ejele. Kusobala ukuthi ezinye izakhamuzi zaseFilipi zazingagcini nje ngokungabi nandaba nesigijimi soMbuso—zaziphikisana kakhulu naso. Ingabe lezi zenzakalo zabangela ukuba izithunywa zevangeli ezishisekayo ziphelelwe yinjabulo? Cha. Ngemva kokuba beshayiwe base befakwa ejele, “cishe phakathi kobusuku oPawulu noSila babethandaza futhi bedumisa uNkulunkulu ngengoma.” (IzEnzo 16:25, 26) Yiqiniso, ubuhlungu bokushaywa abubajabulisanga oPawulu noSila, kodwa lezi zithunywa zevangeli ezimbili azigxilanga kulokho. Imicabango yazo yayigxile kuJehova nasezindleleni ayezibusisa ngazo. ‘Ngokukhuthazela’ ngenjabulo “osizini,” uPawulu noSila baba yizibonelo ezinhle kubafowabo eFilipi nakwezinye izindawo.

7. Kungani kufanele imithandazo yethu ihlanganise nokubonga?

7 UPawulu wabhala: “Phikelelani emthandazweni.” (Roma 12:12) Ingabe uyathandaza lapho ufikelwa ukukhathazeka? Yini oyithandazelayo? Cishe uye usho inkinga yakho ngokuqondile bese ucela uJehova akusize. Kodwa ungahlanganisa namazwi okubonga ngezibusiso onazo. Lapho kuphakama izinkinga, ukuzindla ngobuhle bukaJehova ekusebenzelaneni kwakhe nathi kusisiza ukuba ‘sijabule ethembeni.’ UDavide, okuphila kwakhe kwakugcwele izinkinga, wabhala: “Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.” (IHubo 40:5) Uma, njengoDavide, sizindla njalo ngezibusiso esizithola kuJehova siyojabula nakanjani.

Hlala Unombono Oqondile

8. Yini esiza umKristu ukuba aqhubeke ejabule lapho eshushiswa?

8 UJesu ukhuthaza abalandeli bakhe ukuba bahlale benombono oqondile lapho behlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene. Uthi: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi ngokuqamba amanga besho yonke inhlobo yento embi ngani ngenxa yami.” (Mathewu 5:11) Sinasiphi isizathu sokujabula ezimweni ezinjalo? Ukukwazi kwethu ukumelana nokuphikiswa kuwubufakazi bokuthi umoya kaJehova uphezu kwethu. Umphostoli uPetru watshela amaKristu ayekanye nawo osukwini lwakhe: “Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, niyajabula, ngoba umoya wenkazimulo, yebo, umoya kaNkulunkulu, uhlezi phezu kwenu.” (1 Petru 4:13, 14) Ngomoya wakhe, uJehova uyosisiza nathi ukuba sikhuthazele, futhi, ngenxa yalokho, siqhubeke sijabula.

9. Yini eyasiza abanye abazalwane ukuba bathole izizathu zokujabula lapho besejele ngenxa yokholo lwabo?

9 Ngisho nalapho sisezimweni ezimbi kakhulu, singazithola izizathu zokujabula. UmKristu okuthiwa ngu-Adolf wakuthola kuyiqiniso lokho. Uhlala ezweni lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe khona iminyaka eminingi. U-Adolf nedlanzana labangane bakhe baboshwa, banikwa izigwebo zasejele ezinde ngenxa yokwenqaba ukulahla izinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini. Ukuphila kwasejele kwakunzima, kodwa njengoPawulu noSila, u-Adolf nabangane bakhe bathola izizathu zokubonga uNkulunkulu. Baphawula ukuthi ukuba sejele kwabasiza ukuba baqinise ukholo lwabo, bahlakulele nezimfanelo ezibalulekile zobuKristu, ezinjengokupha, uzwela nothando lobuzalwane. Ngokwesibonelo, lapho isiboshwa sithola iphasela elivela ekhaya, sasabelana nesikholwa nabo ngalokho okungaphakathi, ababebheka la malungiselelo anezelwe njengavela kuJehova, uMuphi omkhulu wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” Izenzo zomusa ezinjalo zaziletha injabulo kumuphi nakwabaphiwayo. Ngakho, yona kanye into eyayihloselwe ukwephula ukholo lwabo empeleni yabenza baqina nakakhulu ngokomoya!—Jakobe 1:17; IzEnzo 20:35.

10, 11. Udade othile wakusingatha kanjani ukuphenywa okungapheli okwalandelwa yisigwebo eside sasejele?

10 U-Ella, naye ohlala ezweni lapho umsebenzi woMbuso wawusunesikhathi eside uvinjelwe, waboshelwa ukuxoxa nabanye ngethemba lakhe lobuKristu. Kwaphela izinyanga ezingu-8 ephenywa ngemibuzo kungaqedwa. Lapho ekugcineni kuqulwa icala lakhe, wanikwa isigwebo seminyaka eyishumi esejele elalingenabo abanye abakhulekeli bakaJehova. U-Ella wayeneminyaka engu-24 kuphela ubudala ngaleso sikhathi.

11 Yiqiniso, u-Ella wayengakulangazeleli ukuchitha ingxenye enkulu yobusha bakhe ejele. Kodwa njengoba ayengenakusishintsha isimo ayekuso, wanquma ukushintsha umbono wakhe. Ngakho, waqala ukubheka ijele njengensimu yakhe yokushumayela. Uthi: “Umsebenzi wokushumayela wawumningi kangangokuthi leyo minyaka yadlula ngokushesha okukhulu.” Ngemva kweminyaka engaphezu kwemihlanu, u-Ella waphinda waphenywa ngemibuzo. Lapho beqaphela ukuthi ukumvalela ejele kwakungaluwohlozanga ukholo lwakhe, ababemphenya bathi kuye: “Ngeke sikudedele; awukashintshi.” “Cha-bo, ngishintshile!” kuphendula u-Ella ngokuzimisela. Sengenamé kakhulu manje kunangesikhathi ngifika ejele, futhi ukholo lwami seluqine kakhulu kunakuqala!” Wanezela: “Uma ningafuni ukungidedela, ngizohlala kuze kube yilapho uJehova ebona kufaneleka ukungikhulula.” Ukuvalelwa iminyaka emihlanu nengxenye kwakungamenzanga u-Ella waphelelwa yinjabulo! Wafunda ukwaneliseka kunoma yiziphi izimo akuzo. Kukhona yini ongakufunda esibonelweni sakhe?—Heberu 13:5.

12. Yini engalethela umKristu ukuthula kwengqondo lapho esezimweni ezinzima?

12 Ungaphethi ngokuthi u-Ella unesiphiwo esithile esingavamile esimenza akwazi ukubhekana nezinselele ezinjalo. Ekhuluma ngenkathi yokuphenywa kwakhe izinyanga ezithile engakagwetshwa, u-Ella uyavuma: “Ngikhumbula kushayana amazinyo, ngizizwa njengephuphu elithukile.” Nokho, u-Ella unokholo oluqinile kuJehova. Uye wafunda ukwethembela kuye. (IzAga 3:5-7) Ngenxa yalokho, uNkulunkulu ungokoqobo kakhulu kuye kunakuqala. Uyachaza: “Njalo lapho ngingena egunjini lokuphenywa, ngangizwa ngifikelwa ukuthula. . . . Lapho isimo sesabeka kakhulu, ukuthula kwakuba kukhulu nakakhulu.” Lokho kuthula kwakuvela kuJehova. Umphostoli uPawulu uyachaza: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

13. Yini esiqinisekisa ngokuthi uma sifikelwa usizi siyoba nawo amandla okukhuthazela?

13 U-Ella, osewadedelwa, waqhubeka ejabule yize ayebhekene nezinkinga. Lokhu akakwenzanga ngawakhe amandla, kodwa wakwenza ngamandla awanikwa nguJehova. Kwakunjalo nakumphostoli uPawulu, owabhala: “Ngakho-ke, ngokuthokoza okukhulu ngingamane ngiziqhayise ngokuqondene nobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami njengetende. . . . Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.”—2 Korinte 12:9, 10.

14. Bonisa indlela umKristu angase ahlakulele ngayo umbono oqondile esimweni esinzima nokuthi umphumela ungase ube yini.

14 Izingcindezi obhekana nazo namuhla zingase zithande ukuhluka kulezi esixoxe ngazo lapha. Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi zinjani, kunzima ukukhuthazelela izingcindezi. Ngokwesibonelo, umqashi wakho angase abe ngumuntu owugxeka ngokweqile umsebenzi wakho—awugxeke kakhulu kunomsebenzi wezisebenzi zezinye izinkolo. Kungenzeka awunandlela yokuthola omunye umsebenzi. Ungayilondoloza kanjani injabulo yakho? Khumbula u-Adolf nabangane bakhe, abafunda ukuhlakulela izimfanelo ezibalulekile ngenxa yokuba sejele. Uma wenza umzamo oqotho wokwanelisa umqashi wakho—ngisho noma ‘kunzima ukumjabulisa’—uyoba nezimfanelo zobuKristu ezinjengokukhuthazela nokubhekakade. (1 Petru 2:18) Ngaphezu kwalokho, ungase ube yisisebenzi esiwusizo nakakhulu, okungase kwandise amathuba akho okuthola umsebenzi owanelisa kakhudlwana ngolunye usuku. Manje ake sixoxe ngezinye zezindlela esingalondoloza ngazo injabulo yethu enkonzweni kaJehova.

Ukwenza Ukuphila Kube Lula Kuholela Enjabulweni

15-17. Umbhangqwana othile wathola ukuthi yini eyayinganciphisa ukucindezeleka, yize wawungenakuyisusa ngokuphelele imbangela yako?

15 Ungase ungabi nandlela yokukhetha uhlobo lomsebenzi ozowenza noma ukuthi uzosebenzela bani, kodwa kungenzeka kunezinye izici zokuphila kwakho ongazilawula ngandlela-thile. Cabanga ngale ndaba elandelayo.

16 Umbhangqwana othile ongamaKristu wamemela umdala esidlweni emzini wawo. Lapho kuxoxwa, lo mzalwane nomkakhe baveza ukuthi muva nje bazizwa becindezelwe kakhulu yizingcindezi zokuphila. Nakuba bobabili benemisebenzi yesikhathi esigcwele efuna ukuzikhandla, babengeke bakwazi ukufuna omunye umsebenzi. Babezibuza ukuthi babezokwazi ukuqhubeka isikhathi esingakanani bebekezele.

17 Lapho bemcela icebiso, umdala waphendula wathi, “Yenzani izinto zibe lula.” Kanjani? Le ndoda nomkayo babechitha amahora angaba mathathu ngosuku beya futhi bebuya emsebenzini. Umdala, owayewazi kahle lo mbhangqwana, wasikisela ukuba ucabange ngokuthuthela eduze nasemsebenzini, ukuze ukwazi ukunciphisa isikhathi osichitha uya futhi ubuya emsebenzi nsuku zonke. Isikhathi esasiyokongeka sasingase sisetshenziselwe ukunakekela ezinye izinto ezibalulekile—noma ukuphumula nje. Uma izingcindezi zokuphila zikuphuca injabulo ngandlela-thile, kungani ungabheki ukuthi ungakuthola yini ukuphumula ngokulungisa izinto ezithile?

18. Kungani kubalulekile ukucabangisisa ngaphambi kokwenza izinqumo?

18 Enye indlela yokunciphisa izingcindezi iwukucabangisisa ngaphambi kokwenza izinqumo. Ngokwesibonelo, umKristu othile wanquma ukwakha indlu. Wakhetha ipulani eyinkimbinkimbi kakhulu, nakuba ayengakaze ayakhe indlu ngaphambili. Manje uyabona ukuthi wayeyogwema izinkinga ezingadingekile ukube ‘wayeqaphele izinyathelo zakhe’ ngaphambi ngokukhetha ipulani yomuzi wakhe. (IzAga 14:15) Omunye umKristu wavuma ukuba ngumbambeli lapho othile akholwa naye eboleka imali. Ngokwesivumelwano, uma lowo mboleki ayehluleka ukubuyisa imali ayeyibolekile, umbambeli wayeyoba nesibopho sokuyikhokha. Ekuqaleni, kwahamba kahle konke, kodwa ngokuhamba kwesikhathi umboleki waqala ukungakhokhi. Owayebolekisile wethuka wayesefuna ukuba umbambeli akhokhe yonke imali ebolekiwe. Lokho kwamcindezela kakhulu umbambeli. Ingabe wayengakugwema lokho ukube wayecabangisise ngazo zonke izici ngaphambi kokuba avume ukukhokha isikweletu?—IzAga 17:18.

19. Yiziphi ezinye zezindlela esinganciphisa ngazo ukucindezeleka ekuphileni kwethu?

19 Lapho sikhathala, masingalokothi siphethe ngokuthi singanciphisa ukucindezeleka esikuzwayo siphinde sithole injabulo ngokunciphisa isifundo seBhayibheli somuntu siqu, inkonzo yasensimini nokuya emihlanganweni. Phela, lezi yizindlela ezibaluleke kakhulu esingathola ngazo umoya ongcwele kaJehova, oveza isithelo esiyinjabulo. (Galathiya 5:22) Imisebenzi yobuKristu iyaqabula njalo futhi ngokuvamile ayikhathalisi ngokweqile. (Mathewu 11:28-30) Maningi kakhulu amathuba okuthi umsebenzi wokuziphilisa noma ukuzilibazisa yizona zinto ezinomthelela ekukhathaleni kwethu, hhayi izinto ezingokomoya. Ukufunda ukulala ngesikhathi esifanele kungasisiza sisimame. Ukuphumula kakhudlwana nje kungenza lukhulu. UN. H. Knorr, owakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova kwaze kwaba sekufeni kwakhe, wayevame ukuthi ezithunyweni zevangeli: “Lapho nidikibala, into yokuqala okufanele niyenze ukuphumula. Kuyonimangaza ukuthi inkinga ibonakala ingcono kangakanani ngemva kokuba ulale ngokwanele ebusuku!”

20. (a) Yisho ngamafuphi ezinye zezindlela esingahlala ngazo sijabule. (b) Yiziphi izizathu zokujabula ongazicabanga? (Bheka ibhokisi ekhasini 17.)

20 AmaKristu anelungelo lokukhonza ‘uNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) Njengoba sibonile, singahlala sijabule nalapho sibhekene nezinkinga ezinkulu. Masigcine ithemba loMbuso licacile kithi, silungise umbono wethu lapho kudingeka, sigcine nokuphila kwethu kulula. Khona-ke, kunoma yisiphi isimo esizithola sikuso, siyosabela emazwini omphostoli uPawulu: “Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani!”—Filipi 4:4.

Cabangisisa Ngale Mibuzo:

• Kungani amaKristu kufanele agcine ithemba loMbuso likhanya bhá?

• Yini engasisiza sihlale sijabule nasezimweni ezinzima?

• Kungani kufanele sizame ukwenza ukuphila kwethu kube lula?

• Yiziphi izici abanye abaye benza ukuphila kwabo kwaba lula kuzo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 17]

Izizathu Ezengeziwe Zokujabula:

NjengamaKristu, sinezizathu eziningi zokujabula. Cabanga ngalezi ezilandelayo:

1. Siyamazi uJehova.

2. Siye safunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu.

3. Singathethelelwa izono ngokholo lwethu emhlatshelweni kaJesu.

4. UMbuso kaNkulunkulu uyabusa—izwe elisha lizofika maduze!

5. UJehova uye wasiletha epharadesi elingokomoya.

6. Sijabulela ubudlelwane obuhle bobuKristu.

7. Sinelungelo lokwenza umsebenzi wokushumayela.

8. Siyaphila, futhi sinamandla angokomzimba ngesilinganiso esithile.

Zingaki ezinye izizathu zokujabula ongazibala?

[Isithombe ekhasini 13]

UPawulu noSila babejabula ngisho besejele

[Izithombe ekhasini 15]

Ingabe amehlo akho agxile ethembeni elijabulisayo lezwe elisha likaNkulunkulu?