Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Jabula NoNkulunkulu Ojabulayo

Jabula NoNkulunkulu Ojabulayo

Jabula NoNkulunkulu Ojabulayo

“Okokugcina, bafowethu, qhubekani nijabula, . . . futhi uNkulunkulu wothando nowokuthula uyoba nani.”—2 KORINTE 13:11.

1, 2. (a) Kungani abaningi bengajabuli ekuphileni? (b) Iyini injabulo, futhi singayihlakulela kanjani?

KULEZI zinsuku zosizi, abantu abaningi ababoni sizathu sokujabula. Lapho bona noma othile abamthandayo ehlelwa usizi, bangase bazizwe njengoJobe wasendulo, owathi: “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.” (Jobe 14:1) AmaKristu awagomekile ezingcindezini nasezinhluphekweni zakulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” futhi akumangalisi ukuthi izinceku zikaJehova ezithembekile ziyadikibala ngezinye izikhathi.—2 Thimothewu 3:1.

2 Noma kunjalo, amaKristu angajabula, ngisho nalapho ebhekene nokulingwa. (IzEnzo 5:40, 41) Ukuze siqonde ukuthi kungenzeka kanjani lokhu, ake siqale sibone ukuthi injabulo iyini. Injabulo ichazwa ngokuthi “umzwelo obangelwa ukuthola noma ukulindela okuthile okuhle.” * Ngenxa yalokho, uma sizinika isikhathi sokucabanga ngezibusiso esinazo manje, sizindle nangezinjabulo esiyozithola ezweni elisha likaNkulunkulu, singajabula.

3. Kungashiwo ngamuphi umqondo ukuthi wonke umuntu unezizathu ezithile zokujabula?

3 Wonke umuntu unezibusiso ezithile angabonga ngazo. Inhloko yomkhaya ingase iphelelwe umsebenzi. Kusobala ukuthi izokhathazeka. Ifuna ukondla abathandekayo bayo. Nokho, uma isenamandla ngokomzimba futhi inempilo enhle, ingabonga ngalokho. Uma iwuthola umsebenzi, iyokwazi ukusebenza kanzima. Ngakolunye uhlangothi, owesifazane ongumKristu kungenzeka uye wahlatshwa ukugula okuthena amandla. Nokho, angase abonge ngokusekelwa abangane abanothando namalungu omkhaya amsiza ukuba abhekane nokugula kwakhe ngomuzwa wokuzihlonipha nangesibindi. Futhi wonke amaKristu eqiniso, kungakhathaliseki ukuthi izimo zawo zinjani, angajabula ngelungelo lokwazi uJehova, ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ noJesu Kristu, “uMbusi Onamandla ojabulayo nowukuphela kwakhe.” (1 Thimothewu 1:11; 6:15) Yebo, uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bajabula kunawo wonke umuntu. Baye bahlala bejabule yize izimo emhlabeni zihluke kakhulu kulokho uJehova ayekuhlosile ekuqaleni. Isibonelo sabo singasifundisa okuningi mayelana nendlela yokulondoloza injabulo yethu.

Abakaze Baphelelwe Yinjabulo

4, 5. (a) UJehova wasabela kanjani lapho abantu bokuqala behlubuka? (b) UJehova wawulondoloza kanjani umbono oqondile ngesintu?

4 Ensimini yase-Edene, u-Adamu no-Eva babejabulela ukuba yimiqemane futhi benezingqondo eziphelele. Babenikwe umsebenzi ovuzayo nendawo ekahle ababewenzela kuyo. Ngaphezu kwakho konke, babenelungelo lokukhulumisana njalo noJehova. Kwakuyinjongo kaNkulunkulu ukuba babe nekusasa elijabulisayo. Kodwa abazali bethu bokuqala azibanelisanga zonke lezi zipho ezinhle; bantshontsha isithelo esenqatshelwe ‘emthini wokwazi okuhle nokubi.’ Lesi senzo sokungalaleli sabeka isisekelo sosizi esilutholayo namuhla thina nzalo yabo.—Genesise 2:15-17; 3:6; Roma 5:12.

5 Nokho, uJehova akavumanga ukuba isimo sengqondo sokungabongi sika-Adamu no-Eva simphuce injabulo. Wayeqiniseka ukuthi, okungenani, izinhliziyo zabanye benzalo yabo zaziyobashukumisela ukuba bamkhonze. Empeleni wayeqiniseka kangangokuthi ngisho nangaphambi kokuba u-Adamu no-Eva babe nomntwana wokuqala, wamemezela injongo yakhe yokuhlenga inzalo yabo elalelayo! (Genesise 1:31; 3:15) Emakhulwini eminyaka alandela, iningi lesintu lahamba ezinyathelweni zika-Adamu no-Eva, kodwa uJehova akawufulathelanga umkhaya wesintu ngenxa yokuthi abaningi babengalaleli. Kunalokho, wagxilisa ukunakekela kwakhe kwabesilisa nabesifazane ‘abathokozisa inhliziyo yakhe,’ labo abenza umzamo wangempela wokumjabulisa ngoba bemthanda.—IzAga 27:11; Heberu 6:10.

6, 7. Yiziphi izici ezasiza uJesu ukuba ahlale ejabule?

6 Kuthiwani ngoJesu—wayilondoloza kanjani yena injabulo yakhe? Njengesidalwa somoya esinamandla ezulwini, uJesu wayenawo wonke amathuba okubuka izinto ezenziwa abesilisa nabesifazane emhlabeni. Ukungapheleli kwabo kwakusobala, nokho uJesu wayebathanda. (IzAga 8:31) Kamuva, lapho eza emhlabeni futhi ‘ehlala phakathi’ kwabantu ngokoqobo, umbono wakhe ngesintu awushintshanga. (Johane 1:14) Yini eyenza iNdodana kaNkulunkulu ephelele yakwazi ukulondoloza lowo mbono omuhle ngomkhaya wesintu onesono?

7 Okokuqala, uJesu wayelinganisela kulokho ayekulindela kuye siqu nakwabanye. Wayazi ukuthi wayengeke aguqule lonke izwe. (Mathewu 10:32-39) Ngakho wayejabula lapho kusabela ngisho nomuntu oyedwa oqotho esigijimini soMbuso. Nakuba ukuziphatha nesimo sengqondo sabafundi bakhe kwakungathandeki ngezinye izikhathi, uJesu wayazi ukuthi ezinhliziyweni zabo babefuna ngempela ukwenza intando kaNkulunkulu, futhi wayebathandela lokho. (Luka 9:46; 22:24, 28-32, 60-62) Ngokuphawulekayo, lapho ethandaza kuYise wasezulwini, uJesu wafingqa inkambo enhle abafundi bakhe ababeyithathile kuze kube yileso sikhathi: “Baligcinile izwi lakho.”—Johane 17:6.

8. Yisho ezinye zezindlela esingalingisa ngazo uJehova noJesu endabeni yokulondoloza injabulo yethu.

8 Ngokungangabazeki, sonke singazuza ngokuzindla ngesibonelo esibekwa nguJehova uNkulunkulu noKristu Jesu kulokhu. Ingabe singamlingisa ngokugcwele kakhudlwana mhlawumbe uJehova ngokungakhathazeki ngokweqile lapho izinto zingahambi ngendlela ebesifisa ngayo? Singalandela yini eduze kakhudlwana ezinyathelweni zikaJesu ngokulondoloza umbono oqondile mayelana nezimo zethu zamanje nangokulinganisela kulokho esikulindela kithi ngokwethu nakwabanye? Ake sibone indlela ezinye zalezi zimiso ezingase zisetshenziswe ngayo ngokoqobo esicini esithandwa kakhulu amaKristu ashisekayo yonke indawo—inkonzo yasensimini.

Hlala Unombono Oqondile Ngenkonzo

9. Yavuseleleka kanjani injabulo kaJeremiya, futhi isibonelo sakhe singasisiza kanjani?

9 UJehova ufuna sijabule enkonzweni yakhe. Injabulo yethu akufanele incike emiphumeleni esiyitholayo. (Luka 10:17, 20) Umprofethi uJeremiya washumayela iminyaka eminingi ensimini engatheli. Lapho egxila ekungalalelini kwabantu, walahlekelwa yinjabulo. (Jeremiya 20:8) Kodwa lapho ezindla ngobuhle besigijimi ngokwaso, injabulo yakhe yavuseleleka. UJeremiya wathi kuJehova: “Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova.” (Jeremiya 15:16) Yebo, uJeremiya walijabulela ilungelo lakhe lokushumayela iZwi likaNkulunkulu. Nathi singalijabulela.

10. Singahlala kanjani sijabule enkonzweni yize insimu yethu ingatheli njengamanje?

10 Ngisho noma iningi lingasabeli ezindabeni ezinhle, sinesizathu esikhulu sokujabula lapho sisenkonzweni yasensimini. Khumbula ukuthi uJehova wayeqiniseka ngokugcwele ukuthi abanye abantu babeyoshukumiseleka ukumkhonza. NjengoJehova, akufanele nanini silahle ithemba lokuthi okungenani abanye abantu bayogcina bevuleke amehlo, basamukele isigijimi soMbuso. Akumelwe sikhohlwe ukuthi izimo zabantu ziyashintsha. Lapho elahlekelwa okuthile noma ehlelwa yinhlekelele engalindele, ngisho nomuntu owaneliseke kakhulu ngakwenzayo angase aqale ukucabanga ngokujulile ngenjongo yokuphila. Ingabe uyotholakala ukuze usize lapho umuntu onjalo ‘eqaphela isidingo sakhe esingokomoya’? (Mathewu 5:3) Abanye abantu ensimini yenu bangase bakulungele ukulalela izindaba ezinhle kusasa lokhu okusayo lapho ubavakashela!

11, 12. Kwenzekani kwelinye idolobhana, futhi singafundani kukho?

11 Uhlobo lwabantu olusensimini yethu nalo lungashintsha. Cabanga ngalesi sibonelo. Edolobhaneni elithile elincane, kwakuhlala umphakathi osondelene wemibhangqwana eshadile esemisha nezingane zayo. Lapho kufika oFakazi BakaJehova, kuyo yonke imizi babethola ukusabela okufanayo, “Siyabonga, ningadlula!” Uma eba khona obonisa isithakazelo esigijimini soMbuso, omakhelwane babemyekisa ngokushesha ukuxhumana noFakazi. Ngokusobala, kwakuyinselele ukushumayela lapho. Nokho, oFakazi abayekanga; baqhubeka beshumayela. Kwaba namuphi umphumela?

12 Ngokuhamba kwesikhathi, izingane eziningi zakulelo dolobhana zakhula, zashada zazinza khona lapho. Lapho ziqaphela ukuthi indlela yazo yokuphila yayingazinikanga injabulo yangempela, ezinye zalezi zingane ezase zingabantu abadala zaqala ukufuna iqiniso. Zalithola lapho zisabela kahle ezindabeni ezinhle ezimenyezelwa oFakazi. Kanjalo, ngemva kweminyaka eminingi, ibandla elincane laqala ukukhula. Cabanga injabulo yabamemezeli boMbuso abangazange bayeke! Kwangathi ukuphikelela ekumemezeleni isigijimi esikhazimulayo soMbuso kungasilethela injabulo nathi!

Okholwa Nabo Bayokusekela

13. Ubani esingaphendukela kuye lapho sidumele?

13 Lapho izingcindezi zanda, noma lapho wehlelwa yinhlekelele, ungabhekaphi ukuze uthole induduzo? Izigidi zezinceku zikaJehova ezizinikezele ziphendukela kuJehova ngomthandazo kuqala, bese ziya kubafowabo nodadewabo abangamaKristu. Lapho esemhlabeni, noJesu ngokwakhe wayekwazisa ukusekela kwabafundi bakhe. Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, wathi ngabo: “Ningabanamathele kimi ekulingweni kwami.” (Luka 22:28) Yiqiniso, labo bafundi babengaphelele, kodwa ukwethembeka kwabo kwakuyinduduzo eNdodaneni kaNkulunkulu. Nathi, abakhulekeli esikanye nabo bangasiqinisa idolo.

14, 15. Yini eyasiza omunye umbhangqwana ukuba ubhekane nokushonelwa yindodana yawo, futhi wena ufundani kulokho okwenzeka kuwo?

14 Umbhangqwana ongamaKristu okuthiwa uMichel noDiane wafunda indlela okungaba usizo ngayo ukusekela kwabafowabo nodadewabo. Indodana yabo eneminyaka engu-20 ubudala, uJonathan, umKristu owayengumqemane futhi enamathuba amahle ekuphileni, yatholakala inesimila ebuchosheni. Odokotela balwa kanzima bezama ukumsiza, kodwa uJonathan wawohloka kwaze kwathi ngolunye usuku ntambama, washona. UMichel noDiane bashaqeka. Babazi ukuthi uMhlangano Wenkonzo wangalobo busuku wawusuzophela. Noma kunjalo, njengoba babeyidinga kakhulu induduzo, bacela umdala owayenabo ukuba abaphelezele baye eHholo LoMbuso. Bafika lapho nje ibandla laziswa ngokushona kukaJonathan. Ngemva komhlangano, laba bazali ababegcwele izinyembezi bangungwa abafowabo nodadewabo, bebasingatha futhi bebaduduza. UDiane uyakhumbula: “Safika sikhungathekile ehholo, kodwa yeka indlela abasiduduza ngayo abafowethu—indlela abasisekela ngayo! Nakuba babengenakubususa ubuhlungu esasibuzwa, basisiza sakwazi ukubhekana nalolo sizi!”—Roma 1:11, 12; 1 Korinte 12:21-26.

15 Ukuhlupheka kwenza uMichel noDiane basondelana eduze nakakhulu nabafowabo. Kwabenza basondelana eduze kwabona bobabili. UMichel uthi: “Ngiye ngafunda ukumazisa nakakhulu umkami othandekayo. Lapho sidumele, sixoxa ngeqiniso leBhayibheli nendlela uJehova asisekela ngayo.” UDiane uyanezela: “Ithemba loMbuso liyigugu ngisho nakakhulu kithi manje.”

16. Kungani kubalulekile ukuthatha isinyathelo sokwazisa abafowethu ngezidingo zethu?

16 Yebo, abafowethu nodadewethu abangamaKristu bangaba “usizo oluqinisayo” kithi ezikhathini ezinzima ekuphileni, kanjalo basisize siqhubeke sijabula. (Kolose 4:11) Yebo, abakwazi ukwazi okusezingqondweni zethu. Ngakho-ke, lapho sidinga ukusekelwa, kuhle sibazise. Khona-ke siyokwazi ukubonisa ukwazisa okuqotho nganoma iyiphi induduzo abafowethu abayosinika yona, siyibheke njengevela kuJehova.—IzAga 12:25; 17:17.

Bheka Ibandla Lakini

17. Yiziphi izinselele omunye umama ongayedwa abhekana nazo, futhi sibabheka kanjani abantu abanjengaye?

17 Lapho ubabhekisisa okholwa nabo, uyofunda ukubazisa nokujabulela ubudlelwane babo kakhudlwana. Bheka ibandla lakini. Ubonani? Ingabe kunomzali ongayedwa ozama kanzima ukukhulisa izingane zakhe endleleni yeqiniso? Ingabe uye wacabangisisa ngesibonelo esihle asibekayo? Zama ukucabanga ngezinye zezinkinga okungenzeka ubhekana nazo. Umama ongayedwa okuthiwa uJeanine ubala ezinye zazo: isizungu, ukweshelwa engafuni emsebenzini, izimali ezilinganiselwe kakhulu. Kodwa uthi inkinga enkulu kunazo zonke eyokunakekela izidingo ezingokomzwelo zezingane zakhe, njengoba ingane ngayinye ihlukile. UJeanine uveza enye inkinga: “Kungaba yinselele ngempela ukugwema ukuthambekela ekwenzeni indodana yakho inhloko yekhaya ukuze uvale isikhala somyeni. Nginendodakazi, futhi kunzima ukukhumbula ukuba ngingayithwesi ngokweqile ngokuthululela kuyo sonke isifuba sami.” Njengezinkulungwane zabazali abangabodwa abesaba uNkulunkulu, uJeanine usebenza isikhathi esigcwele futhi anakekele umkhaya wakhe. Ubuye atadishe iBhayibheli nezingane zakhe, aziqeqeshe enkonzweni futhi ahambe nazo ukuya emihlanganweni yebandla. (Efesu 6:4) Yeka indlela okumelwe ukuba uJehova ujabula ngayo lapho nsuku zonke ebuka imizamo yalo mkhaya yokugcina ubuqotho! Ingabe akusenzi sijabule ukuba nabanjalo phakathi kwethu? Impela, kuyasijabulisa.

18, 19. Bonisa indlela esingase sijulise ngayo izinga esiwazisa ngalo amalungu ebandla.

18 Phinda ubheke ibandla lakini. Ungase ubone abafelokazi nabafelwa ‘abangalokothi baphuthe’ emihlanganweni. (Luka 2:37) Ingabe bayaba nesizungu ngezinye izikhathi? Yebo. Babakhumbula kakhulu abangane babo bomshado! Kodwa bazigcina bematasa enkonzweni kaJehova, babonakalise isithakazelo abanaso kwabanye. Isimo sabo sengqondo esizinzile nesiqondile sandisa injabulo yebandla! UmKristu oseneminyaka engaphezu kwengu-30 esenkonzweni yesikhathi esigcwele wathi: “Enye yezinto ezingijabulisa kakhulu ukubona abafowethu nodadewethu asebekhulile abaye babhekana nokulingwa okuningi beqhubeka bekhonza uJehova ngokwethembeka!” Yebo, amaKristu asekhulile aphakathi kwethu ayisikhuthazo esikhulu kwasemasha.

19 Kuthiwani ngabasanda kuqala ukuhlanganyela nebandla? Ingabe asithinteki lapho bezwakalisa ukholo lwabo emihlanganweni? Cabanga ngentuthuko asebeyenzile kusukela baqala ukutadisha iBhayibheli. Kumelwe ukuba uJehova ujabula kakhulu ngabo. Ingabe thina siyajabula ngabo? Siyabonisa yini ukuthi siyabamukela, sibatuse ngemizamo yabo?

20. Kungani kungathiwa ilungu ngalinye lebandla lifeza indima ebalulekile ebandleni?

20 Ingabe ushadile, awushadile, noma ungumzali ongayedwa? Ingabe uyintandane, ungumfelokazi noma ungumfelwa? Ingabe usuneminyaka eminingi uhlanganyela kuleli bandla noma usanda kuqala? Qiniseka ukuthi isibonelo sakho sokwethembeka siyakhuthaza kithi sonke. Futhi lapho uhlanganyela ekuculeni ingoma yoMbuso, lapho uphendula noma ubeka inkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ingxenye oyifezayo yandisa injabulo yethu. Nangaphezu kwalokho, ijabulisa inhliziyo kaJehova.

21. Sinezizathu eziningi zokwenzani, kodwa yimiphi imibuzo ephakamayo?

21 Yebo, ngisho nakulezi zikhathi ezigcwele izinkinga, singajabula njengoba sikhulekela uNkulunkulu wethu ojabulayo. Sinezizathu eziningi zokusabela esikhuthazweni sikaPawulu: “Qhubekani nijabula, . . . futhi uNkulunkulu wothando nowokuthula uyoba nani.” (2 Korinte 13:11) Nokho, kuthiwani uma sibhekene nenhlekelele engokwemvelo, ushushiso, noma inkinga enkulu yezimali? Kungenzeka yini ukulondoloza injabulo nasezimweni ezinjalo? Zinqumele njengoba uhlola isihloko esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Bheka i-Insight on the Scriptures, Umqulu 2, ikhasi 119, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Ungaphendula?

• Ichazwa kanjani injabulo?

• Ukulondoloza isimo sengqondo esiqondile kungasisiza kanjani ukuba sihlale sijabule?

• Yini engasisiza ukuba sibe nombono oqondile ngensimu yebandla lethu?

• Yiziphi izindlela obazisa ngazo abafowenu nodadewenu ebandleni lakini?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 10]

Abantu abasensimini yethu bangashintsha

[Isithombe ekhasini 12]

Yiziphi izinselele ababhekana nazo labo abasebandleni lakini?