Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“UJehova Ungiphathe Kahle Kakhulu!”

“UJehova Ungiphathe Kahle Kakhulu!”

“UJehova Ungiphathe Kahle Kakhulu!”

NGOBUSUKU obucwathile bango-March 1985, amadoda nabesifazane boMnyango Wokubhala endlunkulu yoFakazi BakaJehova eNew York, e-U.S.A., bagubha ingqopha-mlando. Ngaleso sikhathi uKarl F. Klein wayesekhonze iminyaka engu-60 enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngomdlandla, uMfoweth’ uKlein wathi: “UJehova ungiphathe kahle kakhulu!” Waphawula ukuthi iHubo 37:4 laliwumbhalo wakhe awuthanda kakhulu eBhayibhelini. Kamuva, wajabulisa bonke ngokudlala i-cello yakhe.

Phakathi neminyaka engu-15 eyalandela, uMfoweth’ uKlein waqhubeka esebenza njengelungu leqembu lababhali, ekhonza nakuyiNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Kwabe sekuthi ngo-January 3, 2001, eneminyaka engu-95 ubudala, uKarl Klein wayiphetha ngokwethembeka inkambo yakhe yasemhlabeni.

UKarl wazalelwa eJalimane. Umkhaya wakubo wathuthela e-United States, uKarl wakhulela emaphethelweni eChicago, e-Illinois. Besebancane, uKarl nomfowabo omncane uTed baba nesithakazelo esijulile eBhayibhelini. UKarl wabhapathizwa ngo-1918, futhi izinto ezivusa amadlingozi azizwa emhlanganweni wabaFundi BeBhayibheli ngo-1922 zokhela kuye uthando ngenkonzo yasensimini olwaqhubeka ukuphila kwakhe konke. Wayengafuni kuphele isonto engawenzanga umsebenzi wokushumayela, wenza kanjalo ngisho nasemasontweni okugcina okuphila kwakhe.

UKarl waba yilungu lasendlunkulu ngo-1925, waqale wasebenza endaweni yokunyathelisa. Wayewukhonze ngempela umculo, futhi okweminyaka ethile wayedlala i-cello kuyi-orchestra eyayidlala esiteshini somsakazo sobuKristu. Ngemva kwalokho, wasebenza eMnyangweni Wenkonzo, wakujabulela kakhulu ukuba kanye nomqondisi wawo, uT. J. Sullivan. Phakathi naleso sikhathi, uTed washada, wathatha inkonzo yezithunywa zevangeli nomkakhe uDoris ePuerto Rico.

Kwaphela isigamu sekhulu leminyaka uKarl Klein esebenza eMnyangweni Wokubhala, lapho aba neqhaza elikhulu khona ngenxa yokuthi wayekuthanda ukucwaninga futhi enolwazi olujulile lweBhayibheli. Ngo-1963, uKarl washada noMargareta, isithunywa sevangeli esingumJalimane esasikhonza eBolivia. Ngokusekela kothando kukaMargareta, ikakhulu lapho uKarl esenezinkinga zempilo, wakwazi ukuqhubeka eneqhaza elibonakalayo esedlule kudala eminyakeni yobudala abaningi abathatha kuyo umhlalaphansi. Ukungagwegwesi kukaKarl ngokwemvelo, kuhlangene nentshiseko yomdlali womculo, kwaba nomthelela ezinkulumweni ezingalibaleki ayezinikeza emabandleni nasemihlanganweni emikhulu. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, wengamela ingxoxo yetekisi ekuseni emkhayeni omkhulu waseBethel yaseNew York, kwajabula futhi kwazuza wonke umuntu.

Abaningi abavame ukufunda INqabayokulinda bazoyikhumbula indaba yokuphila kukaMfoweth’ uKlein, ewukulandisa okumnandi kokuhlangenwe nakho kwakhe okwanyatheliswa kumagazini (wesiNgisi) ka-October 1, 1984. Uzokujabulela ukuyifunda noma ukuphinda uyifunde leyo ndaba, ukhumbula ukuthi umlobi wayo waba neminye futhi iminyaka engu-15 engumKristu othembekile nozinikele.

Njengomunye wabagcotshiwe beNkosi, uMfoweth’ uKlein wayefisa ngenhliziyo yakhe yonke ukubusa noKristu ezulwini. Sinezizathu eziqinile zokukholelwa ukuthi uJehova usesigcwalisile leso sifiso.—Luka 22:28-30.

[Isithombe ekhasini 31]

UKarl ngo-1943 enoT. J. Sullivan noTed benoDoris

[Isithombe ekhasini 31]

UKarl noMargareta, ngo-October 2000