Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukusebenzelana Nemimoya Nokufuna Ingokomoya Langempela

Ukusebenzelana Nemimoya Nokufuna Ingokomoya Langempela

Ukusebenzelana Nemimoya Nokufuna Ingokomoya Langempela

SONKE sinezidingo ezingokomoya nezingokwenyama. Yingakho abaningi kangaka bebuza imibuzo enjengokuthi, Iyini injongo yokuphila, kungani abantu behlupheka futhi kwenzekani kithi lapho sifa? Abantu abaningi abaqotho bafuna izimpendulo zale mibuzo nezeminye efanayo emihlahlweni (séances), lapho bebonana khona nabantu bemimoya, benethemba lokuxhunyaniswa nemimoya yabafileyo. Lo mkhuba ubizwa ngokuthi ukusebenzelana nemimoya.

Labo abasebenzelana nemimoya batholakala emazweni amaningi, futhi bayabuthana bakhe amabandla namasonto. Ngokwesibonelo, eBrazil, abantu abasebenzelana nemimoya abalinganiselwa ku-4 000 000 balandela izimfundiso ezahlelwa nguHyppolyte Léon Denizard Rivail, uthisha nesazi sefilosofi esingumFulentshi sekhulu le-19 esasibhala sizibiza ngo-Allan Kardec. UKardec waqala ukuba nesithakazelo ekusebenzelaneni nemimoya ngo-1854. Kamuva wabuza abantu bemimoya imibuzo eminingi, wayesebhala izimpendulo encwadini ethi The Book of Spirits, eyanyatheliswa ngo-1857. Ezinye izincwadi ezimbili azibhala zithi The Mediums’ Book, enye ithi, The Gospel According to Spiritism.

Ukusebenzelana nemimoya kuye kwahlotshaniswa nemikhuba engokwenkolo enjenge-voodoo, ubuthakathi, umlingo nokukhulekela uSathane. Nokho, labo abalandela izimfundiso zika-Allan Kardec bathi ezabo izinkolelo zihlukile. Izincwadi zabo zivamile ukucaphuna iBhayibheli, futhi zithi uJesu “ungumqondisi nesibonelo kuso sonke isintu.” Zithi izimfundiso zikaJesu “ziwukubonakaliswa okumsulwa kunakho konke komthetho waphezulu.” U-Allan Kardec wayebheka izincwadi zokusebenzelana nemimoya njengeziyisambulo sesithathu somthetho kaNkulunkulu esintwini, ezimbili zokuqala kuyizimfundiso zikaMose nezikaJesu.

Ukusebenzelana nemimoya kukhanga abaningi ngoba kugcizelela uthando ngomakhelwane nokusiza abaswele. Enye inkolelo yabasebenzelana nemimoya ithi: “Ngaphandle kokusiza abaswele akukho nsindiso.” Abaningi abasebenzelana nemimoya bamatasa emsebenzini wezenhlala-kahle, besekela izibhedlela, izikole nezinye izikhungo. Imizamo enjalo iyatuseka. Nokho, izinkolelo zabasebenzelana nemimoya zinjani uma ziqhathaniswa nezimfundiso zikaJesu ezilotshwe eBhayibhelini? Ake sithathe izibonelo ezimbili: ithemba ngabafileyo nesizathu sokuhlupheka.

Liyini Ithemba Ngabafileyo?

Abaningi abasebenzelana nemimoya bakholelwa emfundisweni yokuphindukuzalwa. Enye incwadi yemimoya ithi: “Ukuphindukuzalwa kuwukuphela kwemfundiso evumelana nomqondo wethu wobulungisa baphezulu; kuwukuphela kwemfundiso engachaza ikusasa, iqinise namathemba ethu.” Abasebenzelana nemimoya bathi ekufeni, umphefumulo, noma “umoya osuphinde wazalwa,” uyaphuma emzimbeni—njengovemvane luphuma omfeceni. Bakholelwa ukuthi le mimoya kamuva izalwa kabusha isingabantu ukuze ihlanjululwe izono eyazenza ekuphileni kwangaphambili. Kodwa lezo zono zangaphambili azikhunjulwa. I-Gospel According to Spiritism ithi: “UNkulunkulu wakubona kungcono ukuba osekudlulile kwembozwe.”

“Ukuphika ukuphindukuzalwa kuwukuphika namazwi kaKristu,” kubhala u-Allan Kardec. Nokho, uJesu akazange aliphathe nokuliphatha igama elithi “ukuphindukuzalwa,” engazange asho ngisho nomqondo onjalo. (Bheka isihloko esithi “Ingabe IBhayibheli Liyakufundisa Ukuphindukuzalwa?” ekhasini 22.) Kunalokho, uJesu wafundisa ngovuko lwabafileyo. Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, wavusa abantu abathathu—indodana yomfelokazi waseNayini, indodakazi yesikhulu esengamele esinagogeni nomngane wakhe omkhulu uLazaru. (Marku 5:22-24, 35-43; Luka 7:11-15; Johane 11:1-44) Ake sihlole esinye salezo zenzakalo ezimangalisayo, sibone ukuthi uJesu wayesho ukuthini ngelithi “uvuko.”

Uvuko LukaLazaru

UJesu wezwa ukuthi umngane wakhe uLazaru wayegula. Ngemva kwezinsuku ezimbili, watshela abafundi bakhe: “ULazaru umngane wethu uye kophumula, kodwa ngiya lapho ukuze ngimvuse ebuthongweni.” Abafundi abakuqondanga lokho uJesu ayekusho, ngakho washo ngokucacile: “ULazaru ufile.” Lapho ekugcineni uJesu efika ethuneni likaLazaru, le ndoda yayisinezinsuku ezine ifile. Noma kunjalo, uJesu wayala ukuba kususwe itshe elalivale umlomo wethuna. Wabe esekhamuluka: “Lazaru, phuma!” Kwenzeka into emangalisayo. “Lomuntu owayefile waphuma izinyawo nezandla zakhe ziboshwe ngokokusonga, futhi ubuso bakhe babuboshwe bonke ngendwangu. UJesu wathi kubo: ‘Mthukululeni nimyeke ahambe.’”—Johane 11:5, 6, 11-14, 43, 44.

Kusobala ukuthi lokhu kwakungekhona ukuphindukuzalwa. UJesu wathi uLazaru owayefile wayelele, engezwa lutho. Njengoba iBhayibheli likubeka, ‘amacebo akhe ayephelile.’ ‘Wayengazi lutho.’ (IHubo 146:4; UmShumayeli 9:5) ULazaru ovusiwe wayengeyena omunye umuntu onomoya osuphinde wazalwa. Wayenobuntu obufanayo, ubudala obufanayo nezinkumbulo ezifanayo. Waqhubeka nokuphila kwakhe lapho ayekushiye khona kungakabi yisikhathi, wabuyela kubantu ababemthanda ababekade belilela ukufa kwakhe.—Johane 12:1, 2.

Kamuva, uLazaru waphinde wafa. Pho, kwafezani ukuvuswa kwakhe? Ukuvuswa kwakhe, nokwabanye okwenziwa nguJesu, kuqinisekisa ukwethembela kwethu esithembisweni sikaNkulunkulu sokuthi izinceku zaKhe ezithembekile ziyovuswa kwabafileyo ngesikhathi saKhe esifanele. Lezo zimangaliso zikaJesu ziwenza abaluleke nakakhulu amazwi kaJesu: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.”—Johane 11:25.

Mayelana nalolo vuko lwesikhathi esizayo, uJesu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [lami] futhi baphume, labo ababenze izinto ezinhle baphumele ovukweni lokuphila, labo ababezenze umkhuba izinto ezimbi ovukweni lokwahlulelwa.” (Johane 5:28, 29) Njengoba kwakunjalo kuLazaru, lolo kuyoba uvuko lwabantu abafileyo. Ngeke kube ukuhlanganiswa kabusha kwemimoya ephilayo nezidumbu ezivusiwe esezabola okungenzeka sezaze zaba yingxenye yezinye izinto eziphilayo. UMdali wezulu nomhlaba, onokuhlakanipha namandla angenamkhawulo, angabavusa kahle kakhulu nje abafileyo.

Ingabe imfundiso yovuko, eyafundiswa nguJesu Kristu, ayembuli uthando lukaNkulunkulu olujulile ngabantu ngabanye? Kodwa kuthiwani ngombuzo wesibili obuzwe ngaphambili?

Kungani Kukhona Ukuhlupheka?

Ukuhlupheka kwabantu okuningi kubangelwa yizinto ezenziwa abantu abangahlakaniphile, abangenalwazi, noma ngisho ababi nje. Nokho, kuthiwani ngezenzekalo ezidabukisayo okungenakushiwo ukuthi zibangelwa abantu ngokuqondile? Ngokwesibonelo, kungani kunezingozi nezinhlekelele ezingokwemvelo? Kungani abanye abantwana bezalwa bekhubazekile? U-Allan Kardec wayebheka izinto ezinjalo njengezijeziso. Wabhala: “Uma sijeziswa kumelwe ukuba kukhona okuthile okungalungile okwenziwe. Uma lokho kungalungi kungenziwanga kulokhu kuphila kumelwe ukuba kwenziwa ekuphileni okudlule.” Abasebenzelana nemimoya bafundiswa ukuthandaza bathi: “Nkosi, Wena unobulungisa obuphelele. Ukugula okhethe ukukuthumela kumelwe ukuba kusifanele . . . Ngikwamukela njengenhlawulo yokuphila kwami okudlule nanjengovivinyo lokholo nokuzithoba kwami entandweni yaKho ebusisekile.”—The Gospel According to Spiritism.

Ingabe uJesu wayifundisa into enjalo? Cha. UJesu wayewazi kahle la mazwi eBhayibheli: “Bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” (UmShumayeli 9:11) Wayazi ukuthi ngezinye izikhathi izinto ezimbi zivele zenzeke nje. Azisona ngempela isijeziso sezono.

Cabanga ngalesi senzakalo ekuphileni kukaJesu: “Njengoba [uJesu] ayedlula wabona umuntu owayeyimpumputhe kusukela azalwa. Futhi abafundi bakhe bambuza: ‘Rabi, ubani owona, yilomuntu noma abazali bakhe, ukuze azalwe eyimpumputhe?’” Impendulo kaJesu yafundisa okuningi: “Akonanga lomuntu noma abazali bakhe, kodwa kwenzeka ukuze imisebenzi kaNkulunkulu ibonakaliswe ngokuqondene naye. Ngemva kokuba esho lezizinto, wakhafulela emhlabathini wenza ubumba ngamathe, futhi wabeka ubumba lwakhe phezu kwamehlo alomuntu wathi kuye: ‘Hamba uyogeza echibini laseSilowama.‘ . . . Ngakho wahamba futhi wageza, wabuya esebona.”—Johane 9:1-3, 6, 7.

Amazwi kaJesu abonisa ukuthi kwakungeyena lo muntu noma abazali bakhe ababenecala ngokuzalwa kwakhe eyimpumputhe. Ngakho uJesu akawusekelanga umbono wokuthi le ndoda yayijeziselwa izono eyayizenze ekuphileni kwangaphambili. Yiqiniso, uJesu wayazi ukuthi bonke abantu bazuza isono njengefa. Kodwa isono abasizuzayo esika-Adamu, hhayi izono abazenza ngaphambi kokuba bazalwe. Ngenxa yesono sika-Adamu, bonke abantu bazalwa bengaphelele ngokomzimba, begula futhi befa. (Jobe 14:4; IHubo 51:5; Roma 5:12; 9:11) Eqinisweni, yileso simo uJesu ayethunyelwe ukuzosilungisa. UJohane uMbhapathizi wathi uJesu ‘wayeyiWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!’—Johane 1:29. *

Phawula nokuthi uJesu akashongo ukuthi uNkulunkulu wayemenze ngamabomu lowo muntu ukuba azalwe eyimpumputhe ukuze ngelinye ilanga kufike uJesu amphulukise. Yeka ukuthi lokho kwakuyoba yisenzo esinesihluku kanjani! Ingabe kwakuyomlethela udumo uNkulunkulu? Cha. Kunalokho, ukuphulukiswa kwale ndoda eyimpumputhe ngokuyisimangaliso ‘kwabonakalisa imisebenzi kaNkulunkulu.’ Njengokunye ukuphulukisa okuningi uJesu akwenza, kwabonisa uthando oluqotho lukaNkulunkulu ngesintu esihluphekayo, kwaqinisekisa nokwethenjelwa kwesithembiso saKhe sokuqeda konke ukugula nokuhlupheka kwesintu ngesikhathi saKhe esifanele.—Isaya 33:24.

Akududuzi yini ukuthola ukuthi esikhundleni sokubangela ukuhlupheka, uBaba wethu osezulwini ubanika “izinto ezinhle labo abamcelayo”? (Mathewu 7:11) Yeka inkazimulo okuyoyiletha koPhezukonke lapho kuvulwa amehlo ezimpumputhe nezindlebe zezithulu, abakhubazekile bahambe, bagxume, bagijime!—Isaya 35:5, 6.

Ukwanelisa Izidingo Zethu Ezingokomoya

UJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Yebo, izidingo zethu ezingokomoya ziyaneliseka lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, bese siphila ngokuvumelana nalo. Ukuxhumana nabantu bemimoya akuzanelisi ngempela izidingo zethu ezingokomoya. Empeleni, lowo mkhuba ulahlwa ngokucacile kulokho u-Allan Kardec akubiza ngesambulo sokuqala somthetho kaNkulunkulu.—Duteronomi 18:10-13.

Abaningi, kuhlanganise nabasebenzelana nemimoya, bayaqaphela ukuthi uNkulunkulu ungoPhezukonke, uphila phakade, uphelele, unomusa, muhle futhi unobulungisa. Kodwa iBhayibheli lembula okuningi okwengeziwe. Lembula ukuthi unegama lakhe, elithi Jehova, okumelwe silihloniphe njengoba noJesu alihlonipha. (Mathewu 6:9; Johane 17:6) Liveza uNkulunkulu njengomuntu wangempela, abantu abangajabulela ubuhlobo obuseduze naye. (Roma 8:38, 39) Ngokufunda iBhayibheli, sithola ukuthi uNkulunkulu unesihe nokuthi “akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.” (IHubo 103:10) NgeZwi lakhe elilotshiwe, uJehova iNkosi EnguMbusi wembula uthando, ukuphakama nokucabangela kwakhe. NguYe oqondisa futhi avikele abantu abalalelayo. Ukwazi uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu, “kusho ukuphila okumi phakade.”—Johane 17:3.

IBhayibheli linikeza konke ukwaziswa esikudingayo mayelana nezinjongo zikaNkulunkulu, futhi lisitshela okumelwe sikwenze uma sifisa ukumjabulisa. Ukuhlolisisa iBhayibheli kusinika izimpendulo zangempela nezanelisayo zemibuzo yethu. IBhayibheli lisinika nesiqondiso mayelana nokulungile nokungalungile, futhi linikeza ithemba eliqinisekile. Liyasiqinisekisa ukuthi maduze nje, uNkulunkulu ‘uzosula zonke izinyembezi emehlweni esintu, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zizobe zidlulile.’ (IsAmbulo 21:3, 4) NgoJesu Kristu, uJehova uyokhulula isintu esonweni nasekungaphelelini esikuzuze njengefa, abantu abalalelayo bathole ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Ngaleso sikhathi, izidingo zabo ezingokwenyama nezingokomoya ziyokwaneliswa ngokugcwele.—IHubo 37:10, 11, 29; IzAga 2:21, 22; Mathewu 5:5.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 19 Ukuze uthole ingxoxo emayelana nendlela isono nokufa okwaqala ngayo, bheka isahluko 6 sencwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi ekhasini 22]

INGABE IBHAYIBHELI LIYAKUFUNDISA UKUPHINDUKUZALWA?

Ikhona yini imibhalo yeBhayibheli esekela imfundiso yokuphindukuzalwa? Ake uhlole eminye yemibhalo eye yasetshenziswa abakholelwa kule mfundiso:

“Ngoba konke, abaProfethi noMthetho, kwaprofetha kwaze kwafika uJohane . . . Yena ngokwakhe unguye ‘u-Eliya omiselwe ukuza.’”—Mathewu 11:13, 14.

Ingabe uJohane uMbhapathizi wayengu-Eliya owayesephinde wazalwa? Lapho ebuzwa ukuthi: “Ingabe ungu-Eliya?” uJohane waphendula ngokucacile wathi: “Angiyena.” (Johane 1:21) Nokho, kwakubikezelwe ukuthi uJohane wayeyokwandulela uMesiya “ngomoya nangamandla ka-Eliya.” (Luka 1:17; Malaki 4:5, 6) Ngamanye amazwi, uJohane uMbhapathizi wayengu-Eliya ngomqondo wokuthi wayenza umsebenzi ofana noka-Eliya.

“Ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, akakwazi ukuwubona umbuso kaNkulunkulu. Ungamangali ngoba ngikutshele ukuthi, kumelwe niphinde nizalwe.”—Johane 3:3, 7.

Kamuva omunye wabaphostoli wabhala: “Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.” (1 Petru 1:3, 4, iBhayibheli lesiZulu elivamile; Johane 1:12, 13) Kusobala ukuthi ukuzalwa kabusha uJesu ayekhuluma ngako kwakuyinto engokomoya eyayiyokwenzeka kubalandeli bakhe besaphila, hhayi ukuphindukuzalwa kwesikhathi esizayo.

“Lapho umuntu esefile, uphila phakade: lapho izinsuku zokuphila kwami eMhlabeni seziphelile, ngiyolinda, kwazise ngiyophinda ngibuye.”—“Indlela yesiGreki yokuhumusha” uJobe 14:14 ecashunwe kuyi-Gospel According to Spiritism.

IBhayibheli lesiZulu elivamile lilihumusha kanje leli vesi: “Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami.” Funda umongo walelo vesi. Uzobona ukuthi abafileyo bakulindela ethuneni “ukumuka” kwabo. (Job 14 Ivesi 13) Lapho besalindile, abaphili. “Umuntu ofile uhambe ngokuphelele; futhi lapho umuntu ofayo esefile, akasekho.”—Jobe 14:10, inguqulo i-Septuagint kaBagster.

[Isithombe ekhasini 21]

Ithemba lovuko lembula isithakazelo sikaNkulunkulu esijulile kithi njengabantu ngabanye

[Izithombe ekhasini 23]

UNkulunkulu uyoqeda konke ukuhlupheka kwabantu