Ukusiza Abafelokazi Ovivinyweni Lwabo
Ukusiza Abafelokazi Ovivinyweni Lwabo
ENYE yezindaba zabafelokazi ezaziwa kakhulu yindaba eseBhayibhelini kaRuthe noninazala, uNawomi. Bobabili babengabafelokazi. Kodwa uNawomi wayeshonelwe umyeni namadodana akhe amabili, enye yawo eyayikade ingumyeni kaRuthe. Ngenxa yokuthi babehlala emphakathini olimayo owawuncike kakhulu kwabesilisa, isimo sabo sasidabukisa ngempela.—Ruthe 1:1-5, 20, 21.
Nokho, uNawomi wayenomngane nomduduzi omuhle kakhulu, uRuthe, umalokazana wakhe, owenqaba ukuhamba amshiye. Ngokuhamba kwesikhathi, uRuthe waba ‘ngcono kuNawomi kunamadodana ayisikhombisa’—hhayi nje ngenxa yothando lwakhe olujulile ngoNawomi kodwa nangenxa yothando lwakhe ngoNkulunkulu. (Ruthe 4:15) Lapho uNawomi ecebisa uRuthe ukuba abuyele emkhayeni wakubo nakubangane bakhe kwaMowabi, uRuthe waphendula ngamazwi aphakathi kwathinta inhliziyo kunawo wonke ake alotshwa: “Lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.”—Ruthe 1:16, 17.
UJehova uNkulunkulu wasiphawula isimo sengqondo sikaRuthe. Wabusisa umkhaya omncane kaNawomi noRuthe, futhi uRuthe wagcina eshade nomIsrayeli onguBowazi. Ingane yabo, eyaba ukhokho kaJesu Kristu, yanakekelwa nguNawomi njengokungathi ngeyakhe. Lo mlando uyisibonelo sendlela uJehova abazisa ngayo abafelokazi abasondela kuye bamethembe. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lisitshela ukuthi uyabazisa labo abasiza abafelokazi ngothando ovivinyweni lwabo. Ngakho thina namuhla singabasekela kanjani abafelokazi abaphakathi kwethu?—Ruthe 4:13, 16-22; IHubo 68:5.
Cacisa Kodwa Ungabi Yingqongqo
Lapho ucela ukusiza umfelokazi, kungcono kakhulu ukucacisa okushoyo kodwa ungabi yingqongqo. Gwema amazwi angacacile anjengokuthi, “Uma kukhona noma yini oyidingayo ungazise.” Lokho kungafana nokutshela umuntu ogodolayo nolambile ukuthi, “Ufudumale futhi usuthe” bese ungenzi lutho ukuze usize. (Jakobe 2:16) Abantu abaningi abaluceli usizo lapho kukhona abakudingayo; bafela ngaphakathi. Kudingeka ukuqonda ukuze usize abanjalo, ukwazi ukubona ukuthi yini abayidingayo. Ngakolunye uhlangothi, ukumhambela phambili ngokweqile umfelokazi—empeleni ulawule ukuphila kwakhe—kungase kubangele ukuphatheka kabi noma ukungezwani. Ngakho, iBhayibheli ligcizelela isidingo sokulinganisela lapho sisebenzelana nabanye. Nakuba lisikhuthaza ukuba sibe nesithakazelo somuntu siqu nesingenabugovu kubantu, liyasikhumbuza ukuba singabi ngogaxekile.—Filipi 2:4; 1 Petru 4:15.
URuthe wabonisa leso simo sengqondo sokulinganisela kuNawomi. Nakuba anamathela ngokwethembeka kuninazala, uRuthe akazange amphoqe noma abe yingqongqo kuye. Wayenza izinto ezinengqondo, njengokubatholela ukudla yena noNawomi, kodwa futhi wayezilalela neziyalezo zikaNawomi.—Ruthe 2:2, 22, 23; 3:1-6.
Yiqiniso, okudingekayo kungase kuhluke kumuntu ngamunye. USandra, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi: “Nganginakho engangikudinga osizini lwami—abangane engibathanda kakhulu nabangithandayo, ababebuthanela kimi.” Ngakolunye uhlangothi, u-Elaine, okukhulunywe ngaye ngaphambili, wayedinga isikhathi sokuba yedwa. Ngakho-ke, ukuba usizo kuhilela ukusebenzisa ukuqonda nokulinganisela phakathi kokuhlonipha umuntu ezintweni zakhe siqu nokuba khona lapho udingeka.
Ukusekela Komndeni
Umkhaya ofudumele nonothando, uma ukhona, ungenza lukhulu ekuqinisekiseni umfelokazi ukuthi uzokwazi ukubhekana nesimo. Nakuba amanye amalungu omkhaya engase akwazi ukusiza kakhudlwana kunamanye, wonke angaba nesandla. “Uma noma imuphi umfelokazi enabantwana noma abazukulu, mabafunde ukuqhuba ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu endlini yakwabo siqu kuqala nokuqhubeka bekhokha imbuyiselo abayikweletayo kubazali babo nakubazali babazali babo, ngoba lokhu kuyamukeleka emehlweni kaNkulunkulu.”—1 Thimothewu 5:4.
Ezimweni eziningi, ukusekela ngokwezimali, noma “imbuyiselo,” kungase kungadingeki. Abanye abafelokazi banezimali ezanele zokunakekela izidingo zabo, kanti abanye bayakwazi ukuthola usizo lukahulumeni, olutholakalayo kwamanye amazwe. Kodwa lapho abafelokazi beswele, amalungu omndeni kufanele abasize. Uma umfelokazi engenazihlobo eziseduze Jakobe 1:27.
ezingamsekela noma lezo zihlobo zingenawo amandla okusiza, imiBhalo ikhuthaza abakholwa naye ukuba bamsize: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo.”—Labo abazisebenzisayo lezi zimiso zeBhayibheli ‘bayabadumisa ngempela abafelokazi.’ (1 Thimothewu 5:3) Ukudumisa umuntu empeleni kusho ukumbonisa inhlonipho. Abantu ababoniswa udumo bazizwa bebalulekile, baziswa, benikwa nesithunzi esibafanele. Ababi nomuzwa wokuthi abanye babasiza nje ngoba bezizwa bebophekile ukusiza. URuthe, nakuba naye ngokwakhe ayengumfelokazi okwesikhathi esithile, wamazisa ngempela uNawomi ngokuqikelela ngokuzithandela nangothando ukuthi izidingo zikaNawomi ezingokomzimba nezingokomzwelo ziyanakekelwa. Empeleni, isimo sengqondo sikaRuthe samenzela idumela elihle ngokushesha, owayezoba ngumyeni wakhe wathi kuye: “Wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.” (Ruthe 3:11) Ngesikhathi esifanayo, uthando lukaNawomi ngoNkulunkulu, ukungafuni kwakhe izinto eziningi ngokweqile nokwazisa kwakhe ngokujulile imizamo uRuthe ayemenzela yona akungabazeki ukuthi kwamenza wakujabulela uRuthe ukumsiza. Yeka isibonelo esihle uNawomi ayiso kubafelokazi namuhla!
Sondela KuNkulunkulu
Yiqiniso, amalungu omkhaya nabangane abanakulivala igebe elishiywa ukushona komngane womshado. Ngenxa yalokhu, kubalulekile ukuba oshonelwe asondele eduze ngokukhethekile ‘kuYise wesihe sesisa noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.’ (2 Korinte 1:3, 4) Cabanga ngesibonelo sika-Ana, umfelokazi ozinikele kuNkulunkulu, owayeneminyaka engu-84 ubudala lapho kuzalwa uJesu.
Lapho umyeni ka-Ana eshona beseneminyaka eyisikhombisa kuphela beshadile, waphendukela kuJehova ukuze athole induduzo. “Wayengakaze aphuthe ethempelini, enikela inkonzo engcwele ubusuku nemini ngokuzila ukudla nangokunxusa.” (Luka 2:36, 37) Ingabe uJehova wasabela ekuzinikeleni kuka-Ana kokumhlonipha? Yebo! UJehova wabonisa uthando lwakhe ngaye ngendlela ekhetheke kakhulu ngokumvumela ukuba abone umntwana owayeyokhula abe nguMsindisi wezwe. Yeka indlela okwamjabulisa futhi kwamduduza ngayo u-Ana! Kusobala ukuthi wazibonela ukuba yiqiniso kweHubo 37:4: “Zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.”
UNkulunkulu Usebenzisa AmaKristu Esikanye Nawo
U-Elaine uthi: “Kwaphela isikhathi eside ngemva kokushona kukaDavid nginezinhlungu emzimbeni, njengokungathi kunommese ophendukayo ezimbanjeni zami.” Ngangicabanga ukuthi kwenziwa ukuqunjelwa. Ngolunye usuku kwaba kubi kangangokuthi ngacabanga ukuthi kuzodingeka ngiye kudokotela. Udade othile onokuqonda nongumngane wami wasikisela ukuthi kungenzeka nokudabuka kwami kuyimbangela, wangikhuthaza ukuba ngicele usizo nenduduzo kuJehova. Ngakwenza ngaso leso sikhathi ayengicebisa ngako, ngathandaza buthule ngokusuka enhliziyweni, ngicela uJehova ukuba angisekele osizini lwami. Wangisekela ngempela!” U-Elaine waqala ukuzizwa engcono, futhi ngokushesha ngemva kwalokho ngisho nezinhlungu ayenazo emzimbeni zanyamalala.
Abadala bebandla ngokukhethekile bangasiza ekwenzeni ubungane ngomusa kubafelokazi abasosizini. Ngokubasekela njalo ngokomoya nangokubaduduza ngendlela enesu nenokuqonda, abadala bangabasiza ukuba bahlale beseduze noJehova naphezu kokulingwa kwabo. Lapho kudingeka, abadala bangasiza nasekuhleleni ukusekela ngokwezinto ezibonakalayo. Abadala abanjalo abanesihawu nabanokuqonda bangaba ngempela “yindawo yokucashela umoya.”—Isaya 32:2; IzEnzo 6:1-3.
Induduzo Ehlala Njalo Evela ENkosini Entsha Yomhlaba
Lowo u-Ana owayesegugile ajabulela ukumbona eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule manje useyiNkosi enguMesiya yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. Maduze nje, lo hulumeni isAmbulo 21:3, 4 sithi: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” Uphawulile yini ukuthi le ndima ikhuluma ‘ngesintu’? Yebo, abantu bayokhululwa ekufeni nasekulileni nokukhala okukubangelayo.
uzosusa zonke izimbangela zokudabuka, kuhlanganise nokufa. Maqondana nalokhu,Kodwa kunezinye futhi izindaba ezinhle! IBhayibheli lithembisa novuko lwabafileyo. “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi layo [likaJesu] futhi baphume.” (Johane 5:28, 29) NjengoLazaru, uJesu amvusa kwabafileyo, bayophuma bengabantu, hhayi izidalwa zomoya. (Johane 11:43, 44) Ngemva kwalokho, labo ‘abenza izinto ezinhle’ bayolethwa ekupheleleni kobuntu futhi bazizwele mathupha ukunakekela kukaJehova okunjengokukababa lapho ‘evula isandla sakhe, esuthisa ukufisa kwakho konke okuphilayo.’—IHubo 145:16.
Labo abaye bashonelwa umuntu abamthandayo futhi abanokholo kuleli themba eliqinisekile balithola liduduza kakhulu. (1 Thesalonika 4:13) Ngakho uma ungumfelokazi, qiniseka ukuthi ‘uthandaza ngokungaphezi,’ ucele induduzo nosizo oludinga nsuku zonke ukuze uthwale imithwalo yakho ehlukahlukene. (1 Thesalonika 5:17; 1 Petru 5:7) Futhi usuku ngalunye zinike isikhathi sokufunda iZwi likaNkulunkulu ukuze imicabango kaNkulunkulu ikududuze. Uma uzenza lezi zinto, uyozibonela ngawakho indlela uJehova angakusiza ngayo ngempela ukuba uthole ukuthula, naphezu kwakho konke ukulingwa nezinselele obhekene nazo njengomfelokazi.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ukuba usizo kuhilela ukulinganisela phakathi kokuhlonipha umuntu ezintweni zakhe siqu nokuba khona lapho udingeka
[Isithombe ekhasini 7]
Umfelokazi owayesegugile, u-Ana, wabusiswa nguNkulunkulu