Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Bongani OFakazi BakaJehova Ngenkululeko Engokwenkolo’

‘Bongani OFakazi BakaJehova Ngenkululeko Engokwenkolo’

‘Bongani OFakazi BakaJehova Ngenkululeko Engokwenkolo’

“NGAPHAMBI kokuba uvalele omunye woFakazi BakaJehova emnyango,” kusho isihloko sephephandaba i-USA Today, “uboke ume ucabange ngokushushiswa okubangela amahloni abake babhekana nakho esikhathini esingekude esidlule, kanye neqhaza elikhulu abaye baba nalo ezinkululekweni zeSichibiyelo Sokuqala esizijabulelayo sonke.” Ngawo-1940 oFakazi BakaJehova bashusiswa e-United States, ngoba phakathi kwezinye izinto, benqaba ukushaya indesheni phambi kwefulege.—Eksodusi 20:4, 5.

ENkantolo Ephakeme yase-United States kwethulwa amacala angaba ngu-30 ahilela oFakazi BakaJehova phakathi neminyaka emihlanu esuka ku-1938 kuya ku-1943. Lesi sihloko sithi: “OFakazi baziveza kaningi izinkinga eziphathelene neSichibiyelo Sokuqala kangangokuthi uMahluleli uHarlan Fiske Stone wabhala, ‘OFakazi BakaJehova bekufanele bahlomuliswe ngenxa yosizo abaye balunikeza ekuxazululeni izinkinga zomthetho eziphathelene nenkululeko yezakhamuzi.’”

Ngakho, ngasekupheleni kwaso, lesi sihloko sithi: “Zonke izinkolo kufanele zibonge oFakazi BakaJehova ngokwanda kwenkululeko [engokwenkolo].”

[Imithombo Yezithombe ekhasini 32]

Background, building: Photo by Josh Mathes, Collection of the Supreme Court of the United States; lower left, justices: Collection of the Supreme Court of the United States