Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Dumisa UJehova Ngezenzo Zakhe Ezinkulu!

Dumisa UJehova Ngezenzo Zakhe Ezinkulu!

Dumisa UJehova Ngezenzo Zakhe Ezinkulu!

“Umphefumulo wami uyambabaza uJehova . . . ngoba Lowo onamandla ungenzele izenzo ezinkulu.”—LUKA 1:46-49.

1. Yiziphi izenzo ezinkulu okufanelekayo ukuba sidumise uJehova ngenxa yazo?

UJEHOVA ufanelwe ukudunyiswa ngezenzo zakhe ezinkulu. Lapho umprofethi uMose elandisa ngokukhululwa kuka-Israyeli eGibithe, wathi: “Amehlo enu abonile zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzileyo.” (Duteronomi 11:1-7) Ngokufanayo, lapho ingelosi uGabriyeli itshela incasakazi uMariya ngokuzalwa kukaJesu okwakuseza, uMariya wathi: “Umphefumulo wami uyambabaza uJehova . . . ngoba Lowo onamandla ungenzele izenzo ezinkulu.” (Luka 1:46-49) NjengoFakazi BakaJehova, siyamdumisa ngezenzo ezinkulu ezinjengokukhulula u-Israyeli ebugqilini baseGibithe nokuzalwa ngokuyisimangaliso kweNdodana yakhe ethandekayo.

2. (a) ‘Injongo kaNkulunkulu engunaphakade’ ihilelani mayelana nesintu esilalelayo? (b) Kwenzekani kuJohane esiqhinganeni sasePhatmose?

2 Eziningi zezenzo ezinkulu zikaJehova ziye zahlobana ‘nenjongo yakhe engunaphakade’ yokubusisa isintu esilalelayo ngoMesiya nokubusa koMbuso wakhe. (Efesu 3:8-13) Leyo njongo yayisombuluka lapho umphostoli uJohane owayesegugile evunyelwa ukuba abone ezulwini ngomnyango ovulekile embonweni. Wezwa izwi elinjengecilongo lithi: “Khuphukela lapha, ngizokubonisa izinto okumelwe zenzeke.” (IsAmbulo 4:1) Ngesikhathi uhulumeni waseRoma umdingisele esiqhinganeni sasePhatmose “ngenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu nangenxa yokufakaza ngoJesu,” uJohane wathola “isambulo sikaJesu Kristu.” Lokho lo mphostoli akubona nakuzwa kwambula lukhulu ngenjongo kaNkulunkulu engunaphakade, kanjalo kwanikeza wonke amaKristu eqiniso ukukhanyiselwa okungokomoya nesikhuthazo esifike ngesikhathi.—IsAmbulo 1:1, 9, 10.

3. Abadala abangu-24 uJohane ababona embonweni bamelela obani?

3 Ngalowo mnyango wasezulwini ovulekile, uJohane wabona abadala abangu-24 behlezi ezihlalweni zobukhosi bethwele nemiqhele njengamakhosi. Bawa phansi phambi kukaNkulunkulu, bathi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo, Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona futhi zadalwa.” (IsAmbulo 4:11) Labo badala bamelela wonke amaKristu agcotshiwe avusiwe, esezikhundleni eziphakeme uNkulunkulu awathembise zona. Ashukumiseleka ukuba adumise uJehova ngenxa yezenzo zakhe ezinkulu eziphathelene nendalo. Nathi buyasimangalisa ubufakazi ‘bamandla kaJehova angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.’ (Roma 1:20) Futhi lapho sifunda okwengeziwe ngoJehova, siba nezizathu ezengeziwe zokumdumisa ngezenzo zakhe ezinkulu.

Memezela Izenzo ZikaJehova Ezitusekayo!

4, 5. Nikeza izibonelo zamazwi uDavide adumisa ngawo uJehova.

4 Umhubi uDavide wamdumisa uNkulunkulu ngezenzo zaKhe ezinkulu. Ngokwesibonelo, uDavide wahlabelela: “Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni; memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu. Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa, ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.” (IHubo 9:11, 13, 14) Ngemva kokunikeza indodana yakhe, uSolomoni, ipulani lokwakha ithempeli, uDavide watusa futhi wadumisa uNkulunkulu, ethi: “Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi . . . Ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. . . . Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo.”—1 IziKronike 29:10-13.

5 ImiBhalo isicela ngokuphindaphindiwe—yebo, iyasinxusa—ukuba sidumise uNkulunkulu, njengoba kwenza uDavide. Incwadi yamaHubo iqukethe izinkulumo eziningi zokudumisa uNkulunkulu, futhi cishe ingxenye yalezi zingoma zokudumisa yaqanjwa nguDavide. Wayemdumisa futhi embonga njalo uJehova. (IHubo 69:30) Ngaphezu kwalokho, izingoma zikaDavide nabanye eziphefumulelwe ngokwaphezulu ziye zasetshenziselwa ukudumisa uJehova kusukela endulo.

6. AmaHubo aphefumulelwe awusizo kanjani kithi?

6 Yeka indlela amaHubo awusizo ngayo kubakhulekeli bakaJehova! Lapho sifuna ukubonga uNkulunkulu ngazo zonke izenzo ezinkulu asenzela zona, singase sikhumbule amazwi amahle akumaHubo. Ngokwesibonelo, lapho sivuka ekuqaleni kosuku singase sishukumiseleke ukusho amazwi athi awafane nalawa: “Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke; ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku, . . . ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho; ngiyakumemeza ngokujabula.” (IHubo 92:1-4) Lapho sinqoba isithiyo entuthukweni yethu engokomoya, singase sifune ukuveza injabulo nokubonga ngomthandazo, njengoba kwenza umhubi lapho ehlabelela: “Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu. Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, sihlabelele kuye ngamahubo.”—IHubo 95:1, 2.

7. (a) Yini ephawulekayo ngezingoma eziningi ezihlatshelelwa amaKristu? (b) Yisiphi esinye sezizathu zokufika kusenesikhathi emihlanganweni nokuhlala ize iphele?

7 Sivamile ukukhipha amaphimbo ethu sihlabelele izingoma zokudumisa uJehova emihlanganweni yebandla, yesifunda neyesigodi. Kuyaphawuleka ukuthi eziningi zalezi zingoma zisekelwe emazwini aphefumulelwe asencwadini yamaHubo. Yeka indlela esijabula ngayo ngokuba neqoqo lesimanje lezingoma ezimnandi zokudumisa uJehova! Ukuhlabelelela uNkulunkulu izindumiso kuyisizathu esihle kakhulu sokufika kusenesikhathi emihlanganweni yethu futhi sihlale ize iphele, kanjalo sihlanganyele nabakhulekeli esikanye nabo ekudumiseni uJehova ngezingoma nangomthandazo.

“Dumisani UJah!”

8. Lisho ukuthini igama elithi “Haleluya,” futhi livame ukuhunyushwa kanjani?

8 Ukudumisa uJehova kuyincazelo yegama elithi “Haleluya,” elisuselwa enkulumweni yesiHeberu ehunyushwa cishe ngazo zonke izikhathi ngokuthi “Dumisani uJah” kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha. Ngokwesibonelo, kumaHubo 135:1-3, sithola lesi simemo sothando esigcizelelayo: “Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu. Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.”

9. Yini esishukumisela ukuba sidumise uJehova?

9 Njengoba sicabangisisa ngezimangaliso zikaNkulunkulu zendalo nangazo zonke izenzo asenzela zona, ukwazisa okusuka enhliziyweni kusishukumisela ukuba simdumise. Lapho sizindla ngezinto ezimangalisayo uJehova azenzela abantu bakhe esikhathini esidlule, izinhliziyo zethu zisishukumisela ukuba simtuse. Futhi njengoba sizindla ngezithembiso zezinto ezinkulu uJehova asazozenza, sifuna izindlela esingamdumisa simbonge ngazo.

10, 11. Ukuba khona kwethu kukodwa kusinika kanjani isizathu sokudumisa uNkulunkulu?

10 Ukuba khona kwethu ngokwako kusinika isizathu esanele sokudumisa uJah. UDavide wahlabelela: “Ngiyakukubonga [Jehova], ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.” (IHubo 139:14) Yebo, ‘senziwa ngokumangalisayo,’ futhi sinezipho eziyigugu ezinjengekhono lokubona, ukuzwa nokucabanga. Ngakho-ke, akufanele yini siphile ukuphila kwethu ngendlela edumisa uMenzi wethu? UPawulu washo okufanayo lapho ebhala: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”—1 Korinte 10:31.

11 Zonke izinto siyozenzela ukukhazimulisa uJehova uma simthanda ngempela. UJesu wathi umyalo wokuqala uthi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke nangezikhwepha zakho zonke.” (Marku 12:30; Duteronomi 6:5) Ngokuqinisekile, kufanele simthande uJehova futhi simdumise njengoMenzi wethu noMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (Jakobe 1:17; Isaya 51:13; IzEnzo 17:28) Phela, amakhono ethu okucabanga, ingokomoya lethu namandla ethu angokomzimba—izimfanelo namakhono esinawo—konke kuvela kuJehova. NjengoMdali wethu, uyakufanelekela ukuba simthande futhi simdumise.

12. Uzizwa kanjani ngezenzo ezinkulu zikaJehova nangamazwi eHubo 40:5?

12 Izenzo ezinkulu zikaJehova zisinika izizathu eziningi kakhulu zokumthanda nokumdumisa! UDavide wahlabelela: “Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.” (IHubo 40:5) UDavide wayengenakuzilanda zonke izimangaliso zikaJehova, nathi ngeke. Kodwa masimdumise uNkulunkulu njalo lapho siqaphela noma yiziphi izenzo zakhe ezinkulu.

Izenzo Ezihlobene Nenjongo KaNkulunkulu Engunaphakade

13. Ithemba lethu lihlobene kanjani nezenzo zikaNkulunkulu ezinkulu?

13 Ithemba lethu lekusasa lihlobene eduze nezenzo ezinkulu nezitusekayo ezihambisana nenjongo kaNkulunkulu engunaphakade. Ngemva kokuhlubuka kwase-Edene, uJehova wanikeza isiprofetho sokuqala esinikeza ithemba. Lapho egweba inyoka, uNkulunkulu wathi: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesise 3:15) Abantu abathembekile baqhubeka benethemba ngeNzalo ethenjisiwe yowesifazane ngemva kokuba uJehova enze isenzo esikhulu ngokulondoloza uNowa nomkhaya wakhe eSikhukhuleni sembulunga yonke esacoboshisa izwe elibi. (2 Petru 2:5) Izithembiso ezingokwesiprofetho ezenziwa emadodeni okholo anjengo-Abrahama noDavide zakukhanyisa ngokwengeziwe lokho uJehova ayeyokufeza ngaleyo Nzalo.—Genesise 22:15-18; 2 Samuweli 7:12.

14. Yisiphi isibonelo esivelele sezenzo zikaJehova ezinkulu azenzela isintu?

14 Isibonakaliso esivelele kunazo zonke sokuthi uJehova wenzela isintu izinto ezimangalisayo saba lapho enikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa—iNzalo ethenjisiwe, uJesu Kristu—ukuba ibe ngumhlatshelo wesihlengo. (Johane 3:16; IzEnzo 2:29-36) Isihlengo saba yisisekelo sokubuyisana noNkulunkulu. (Mathewu 20:28; Roma 5:11) UJehova waqoqa abokuqala ababebuyisene naye bakha ibandla lobuKristu, elamiswa ngePhentekoste lika-33 C.E. Ngosizo lomoya ongcwele, bashumayela izindaba ezinhle kuyo yonke indawo, bebonisa ukuthi ukufa nokuvuka kukaJesu kuvula indlela yokuba isintu esilalelayo sithole izibusiso ezingunaphakade ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.

15. Iyiphi into emangalisayo uJehova aye wayenza osukwini lwethu?

15 Osukwini lwethu, uJehova uye wenza into emangalisayo ngokuqoqa amaKristu okugcina agcotshiwe. Imimoya yembubhiso iye yabanjwa ukuze kubekwe uphawu abaseleyo babangu-144 000, abayobusa noKristu ezulwini. (IsAmbulo 7:1-4; 20:6) UNkulunkulu waqikelela ukuthi amaKristu agcotshiwe ayakhululwa ebugqilini obungokomoya ‘eBabiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAmbulo 17:1-5) Lokho kukhululwa kwango-1919 nesivikelo saphezulu insali egcotshiwe eyakuthola kusukela ngaleso sikhathi, kuye kwayivumela ukuba yenzeni? Ukuba ivelele ekunikezeni ubufakazi bokugcina ngaphambi kokuba uJehova aqede isimiso sezinto esibi sikaSathane ‘osizini olukhulu’ olusondela ngokushesha.—Mathewu 24:21; Daniyeli 12:3; IsAmbulo 7:14.

16. Yini eyenzekayo ngenxa yomsebenzi wanamuhla wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke?

16 OFakazi BakaJehova abagcotshiwe baye bahola ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke. Ngenxa yalokho, inani elandayo ‘lezinye izimvu’ liba ngabakhulekeli bakaJehova manje. (Johane 10:16) Siyajabula ngokuthi abathobekileyo bomhlaba basavulekelwe yithuba lokuzihlanganisa nathi ekudumiseni uJehova. Labo abasabelayo esimemweni esithi “woza” bayosindiswa osizini olukhulu, babe namathemba okudumisa uJehova kuze kube phakade.—IsAmbulo 22:17.

Izinkulungwane Zithuthelekela Ekukhulekeleni Kweqiniso

17. (a) UJehova uzenza kanjani izenzo ezinkulu ngokuphathelene nomsebenzi wethu wokushumayela? (b) UZakariya 8:23 ugcwaliseka kanjani?

17 UJehova wenza izenzo ezinkulu nezitusekayo manje ngokuphathelene nomsebenzi wethu wokushumayela. (Marku 13:10) Eminyakeni yamuva, uye ‘wavula iminyango emikhulu eholela emsebenzini.’ (1 Korinte 16:9) Lokhu kuye kwenza izindaba ezinhle zashunyayelwa kuwo wonke amasimu amakhulu lapho izitha zeqiniso bezivimbe khona ngaphambili. Abaningi ababesebumnyameni obungokomoya sebeyasabela esimemweni sokukhulekela uJehova. Bagcwalisa la mazwi angokwesiprofetho: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: “Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.”’” (Zakariya 8:23) Labo la “madoda ayishumi” akhuluma nabo bangamaJuda angokomoya, insali yanamuhla yamaKristu agcotshiwe. Njengoba isibalo esiyishumi singamelela ukuphelela kwasemhlabeni, “amadoda ayishumi” amelela “isixuku esikhulu” esihlanganiswa ‘no-Israyeli kaNkulunkulu,’ sibe “mhlambi munye” naye. (IsAmbulo 7:9, 10; Galathiya 6:16) Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukubona abaningi kangaka manje benikela inkonzo engcwele ndawonye njengabakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu!

18, 19. Kunabuphi ubufakazi bokuthi uJehova uyawubusisa umsebenzi wokushumayela?

18 Siyajabula kakhulu ngokuthi amashumi ezinkulungwane—empeleni, amakhulu ezinkulungwane—amukela ukukhulekela kweqiniso emazweni ake alawulwa yinkolo yamanga kangangokuthi kwakubonakala sengathi abantu bakhona babengasoze bazamukele izindaba ezinhle. Bheka INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova yamuva, ubone amazwe manje abika abamemezeli boMbuso abangu-100 000 kuya kwabacishe babe ngu-1 000 000. Lokhu kuwubufakazi obunamandla bokuthi uJehova uyawubusisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso.—IzAga 10:22.

19 Njengabantu bakaJehova, siyambonga futhi simdumise uBaba wethu osezulwini ngokusinika injongo yangempela ekuphileni, umsebenzi ovuzayo enkonzweni yakhe nethemba lekusasa eliqhakazile. Siphila ngokulangazelela ukugcwaliseka kwazo zonke izithembiso zaphezulu futhi sizimisele ‘ukuzigcina othandweni lukaNkulunkulu, sinombono wokuphila okuphakade.’ (Jude 20, 21) Yeka indlela esijabula ngayo ukubona ukuthi isixuku esikhulu esidumisa uNkulunkulu manje sesingaba ngu-6 000 000! Ngesibusiso sikaJehova esisobala, insali egcotshiwe nabangane bayo bezinye izimvu bahlelwe baba amabandla angaba ngu-91 000 emazweni angu-235. Sonke sondliwa kahle ngokomoya ngenxa yemizamo yenkuthalo ‘yesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45) Inhlangano ethuthukayo engokwasezulwini eyengamela ngothando iqondisa umsebenzi woMbuso emahhovisi amagatsha angu-110 oFakazi BakaJehova. Siyabonga ngokuthi uJehova uye washukumisa izinhliziyo zabantu bakhe ukuze ‘bamdumise ngempahla yabo.’ (IzAga 3:9, 10) Ngenxa yalokho, umsebenzi wethu wokushumayela emhlabeni wonke uyaqhubeka, kwakhiwa izindawo zokunyathelisa, amakhaya aseBethel nawezithunywa zevangeli, amaHholo OMbuso namaHholo Omhlangano adingekayo.

20. Kufanele kusithonye kanjani ukuzindla ngezenzo zikaJehova ezinkulu nezitusekayo?

20 Asikwazi ukuzibala zonke izenzo ezinkulu nezitusekayo zikaBaba wethu osezulwini. Kodwa ukhona yini nje umuntu onenhliziyo eqotho ongazigodla ekuzihlanganiseni nesixuku sabadumisi bakaJehova? Lutho neze! Ngakho-ke, bonke abathandi bakaNkulunkulu mabakhamuluke ngenjabulo: “Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu. Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke . . . , nani zinsizwa nezintombi, nani maxhegu nabafana. Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.” (IHubo 148:1, 2, 12, 13) Yebo, masidumise uJehova ngezenzo zakhe ezinkulu manje kuze kube phakade!

Ungaphendula Kanjani?

• Yiziphi ezinye zezenzo zikaJehova ezitusekayo?

• Kungani uzizwa ushukumiseleka ukuba udumise uJehova?

• Ithemba lethu lihlobene kanjani nezenzo zikaNkulunkulu ezinkulu?

• UJehova uzenza kanjani izenzo ezitusekayo mayelana nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 10]

Ingabe uhlanganyela ngenhliziyo yonke ezingomeni zokudumisa uJehova?

[Izithombe ekhasini 13]

Siyajabula ngokuthi abathobekileyo lisabavulekele ithuba lokuzihlanganisa nathi ekudumiseni uJehova