Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Yagcotshwa nini ‘iNgcwelengcwele,’ njengoba kubikezelwe kuDaniyeli 9:24?

UDaniyeli 9:24-27 uyisiprofetho esiphathelene nokubonakala ‘koGcotshiweyo, uMbusi’—uKristu. Ngakho, ukugcotshwa ‘kweNgcwelengcwele’ okwabikezelwa akubhekisele ekugcotshweni kweNgcwelengcwele yethempeli laseJerusalema. Kunalokho, elithi ‘iNgcwelengcwele’ libhekisela endlini engcwele kaNkulunkulu esezulwini—iNgcwelengcwele yasezulwini—ethempelini elikhulu likaJehova elingokomoya. *Heberu 8:1-5; 9:2-10, 23.

Laqala nini ukusebenza ithempeli likaNkulunkulu elingokomoya? Cabanga ngalokho okwenzeka lapho uJesu eziletha ukuba azobhapathizwa ngo-29 C.E. Kusukela ngaleso sikhathi ekuphileni kwakhe, uJesu wagcwalisa amazwi eHubo 40:6-8. Kamuva umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi uJesu wayethandaze wathi kuNkulunkulu: “Umhlatshelo nomnikelo awukufunanga, kodwa ungilungiselele umzimba.” (Heberu 10:5) UJesu wayazi ukuthi uNkulunkulu ‘wayengafunanga’ ukuba kuqhutshekwe kunikelwa imihlatshelo yezilwane ethempelini laseJerusalema. Kunalokho, uJehova wayelungiselele uJesu umzimba ophelele wobuntu ukuze anikele ngawo njengomhlatshelo. Ebonisa isifiso sakhe esisuka enhliziyweni, uJesu waqhubeka wathi: “Bheka! Ngizile (emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami) ukuba ngenze intando yakho, O Nkulunkulu.” (Heberu 10:7) Wasabela kanjani uJehova? IVangeli likaMathewu lithi: “Ngemva kokubhapathizwa uJesu wakhuphuka masinyane emanzini; futhi, bheka! amazulu avuleka, wabona umoya kaNkulunkulu wehla njengejuba uza phezu kwakhe. Bheka! Futhi, kwaba khona izwi livela emazulwini elathi: ‘Lena iNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele.’”—Mathewu 3:16, 17.

Ukwamukela kukaJehova uNkulunkulu ukulethwa komzimba kaJesu njengomhlatshelo kwasho ukuthi kwase kune-altare elikhulu kune-altare elingokoqobo lasethempelini laseJerusalema. Leli kwakuyi-altare ‘lentando’ kaNkulunkulu, noma ilungiselelo lokwamukela ukuphila kukaJesu kobuntu njengomhlatshelo. (Heberu 10:10) Ukugcotshwa kukaJesu ngomoya ongcwele kwasho ukuthi manje uNkulunkulu wayeseliveze lonke ilungiselelo lethempeli lakhe elingokomoya. * Ngakho, lapho uJesu ebhapathizwa, indawo kaNkulunkulu yokuhlala yasezulwini yagcotshwa, noma yahlukaniselwa ukuba ‘yiNgcwelengcwele’ elungiselelweni lethempeli elikhulu elingokomoya.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Ukuze uthole ingxoxo yezici ezihlukahlukene zethempeli likaNkulunkulu elingokomoya, bheka amakhasi 14-19 e-Nqabayokulinda ka-July 1, 1996.

^ par. 5 Lokhu kwasikiselwa ekhasini 195 lencwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!

[Isithombe ekhasini 27]

‘INgcwelengcwele’ yagcotshwa lapho uJesu ebhapathizwa