Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ngokuhlakanipha Izinsuku Zethu Ziyakuba Ziningi’

‘Ngokuhlakanipha Izinsuku Zethu Ziyakuba Ziningi’

‘Ngokuhlakanipha Izinsuku Zethu Ziyakuba Ziningi’

UBANI nje ongaphika ukuthi ukuhlakanipha kusemqoka ekusingatheni izinkinga zokuphila? Ukuhlakanipha kweqiniso kuyikhono lokusebenzisa kahle ulwazi nokuqonda. Kuphambene nobuwula, ubuphukuphuku nobuhlanya. Ngakho imiBhalo isinxusa ukuba sizuze ukuhlakanipha. (IzAga 4:7) Eqinisweni, incwadi yeBhayibheli yezAga ngokuyinhloko yalotshelwa ukunikeza ukuhlakanipha neziyalo. Amazwi ayo okuvula athi: “Nazi izaga zikaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa.”—IzAga 1:1, 2.

Ake ubheke izimfundiso ezinokwethenjelwa zezahluko ezimbalwa zokuqala zezAga. Njengobaba onothando enxusa indodana yakhe, uSolomoni uncenga abafundi bencwadi yakhe ukuba bamukele ukuyalwa, banake ukuhlakanipha. (Izahluko 1 no-2) Usibonisa indlela yokusondelana noJehova nendlela yokulonda inhliziyo yethu. (Izahluko 3 no-4) Siyalwa ukuba sihlale simsulwa ngokuziphatha. (Izahluko 5 no-6) Yebo, kubaluleke kakhulu kithi ukudalulwa kwendlela umuntu oziphethe kabi asebenza ngayo. (Isahluko 7) Futhi yeka ukuthi kukhanga kangakanani kuwo wonke umuntu ukunxusa kokuhlakanipha okwenziwe samuntu! (Isahluko 8) Ngaphambi kokuqhubekela kuzaga ezifingqiwe ezimi ngazodwa ezisezahlukweni zakamuva, iNkosi uSolomoni ibukeza ngendlela ethakazelisayo lokho esaxoxe ngako okwamanje.—Isahluko 9.

‘Wozani Nizodla Isinkwa Sami, Niphuze Iwayini Lami’

Isiphetho sengxenye yokuqala yezAga asikona ukubukeza okuduma, okumane kuphinde iseluleko esishiwo ngaphambili. Kunalokho, sibekwe njengomfanekiso othakazelisayo, oshukumisela umfundi ukuba aphishekele ukuhlakanipha.

Isahluko 9 sencwadi yeBhayibheli yezAga siqala ngala mazwi: “Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.” (IzAga 9:1) Esinye isazi sisikisela ukuthi inkulumo ethi “izinsika eziyisikhombisa ibhekisela endlini enkulu eyakhiwe yaba negceke langaphakathi, ephaswe yizinsika ezintathu ohlangothini ngalunye neyodwa maphakathi ohlangothini olubhekene nendawo evulekile okwakungenwa kuyo.” Noma ngabe yikuphi, ukuhlakanipha kweqiniso kwakhé indlu eqinile yokwamukela izivakashi eziningi.

Konke sekulungele idili. Inyama ikhona, newayini likhona. Ukuhlakanipha kuye kwaqikelela mathupha ukuthi ukudla kulungisiwe, kwadekwa netafula. “Kuhlabile umhlatshelo, kuvubele iwayini lakho; futhi kulungisile itafula lakho.” (IzAga 9:2) Kusobala ukuthi ukudla okungokomoya okudinga ukucatshangisiswa kuyatholakala kuleli tafula elingokomfanekiso.—Isaya 55:1, 2.

Obani abamenyiwe edilini elenziwe ukuhlakanipha kweqiniso? “Kuthumile izintombi zakho, kuyamema emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi: ‘Ongenalwazi makaphambukele lapha;’ kongenangqondo [“oswele inhliziyo” NW] kuthi: ‘Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo. Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.’”IzAga 9:3-6.

Ukuhlakanipha kuthumé izintombi zako ukuba ziyomema. Ziyé ezindaweni zomphakathi lapho zingamemeza khona abantu abaningi ngangokunokwenzeka. Wonke umuntu uyamenywa—labo ‘abaswele inhliziyo,’ noma abangenako ukuqonda, kanye nalabo abangenalwazi. (IzAga 9:4) Bathenjiswa ukuphila. Ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu, kuhlanganise nasencwadini yezAga, kungatholwa cishe yiwo wonke umuntu ngempela. Namuhla, njengezithunywa zokuhlakanipha kweqiniso, oFakazi BakaJehova bamatasa bamema abantu, nomaphi lapho betholakala khona, ukuba batadishe iBhayibheli. Yebo, ukungenisa lolu lwazi kungaholela ekuphileni okuphakade.—Johane 17:3.

AmaKristu kumelwe asamukele ngokuthobeka isiyalo sokuhlakanipha. Lokhu kunjalo ngokukhethekile kwabasebasha nakulabo abasanda kuqala ukufunda ngoJehova. Ngenxa yokuthi basebasha ezindleleni zikaNkulunkulu, bangase ‘baswele inhliziyo.’ Akukhona ukuthi zonke izisusa zabo zimbi, kodwa kuthatha isikhathi nomzamo ukwenza inhliziyo ibe sesimweni esimjabulisa ngempela uJehova uNkulunkulu. Kudinga senze imicabango, izifiso, esikuthandayo nemigomo yethu kuvumelane nalokho uNkulunkulu akuvumelayo. Yeka indlela okubaluleke ngayo ‘ukwakha ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi.’—1 Petru 2:2.

Eqinisweni, akufanele yini sonke sidlulele ngale ‘kwemfundiso yokuqala’? Kuyadingeka ngempela ukuba sihlakulele isithakazelo “ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu” futhi sizondle ngokudla okuqinile kwabantu abavuthiwe. (Heberu 5:12–6:1; 1 Korinte 2:10) “Isigqila esikholekile nesiqondayo,” uJesu Kristu asengamele ngokuqondile, sikulungiselela ngenkuthalo ukudla okungokomoya kwawo wonke umuntu okufika ngesikhathi. (Mathewu 24:45-47) Kwangathi singasina sizibethele etafuleni lokuhlakanipha ngokulitadisha ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezilungiselelwa yisigaba sesigqila.

“Ungamsoli Umhleki Wosulu”

Izimfundiso zokuhlakanipha zihlanganisa ukulungisa nokusola. Akuwona wonke umuntu osamukelayo lesi sici sokuhlakanipha. Ngakho, isiphetho sengxenye yokuqala yencwadi yezAga sinesixwayiso: “Oqondisa umhleki wosulu uzithathela ihlazo, naye osola omubi—isici ukuba sibe kuye. Ungamsoli umhleki wosulu, ukuze angakuzondi.”IzAga 9:7, 8aNW.

Umhleki wosulu uyamcasukela futhi amzonde lowo ozama ukuqondisa indlela yakhe. Umuntu omubi akakwazisi ukubaluleka kokusolwa. Yeka ukuthi kuwubuwula kangakanani ukuzama ukufundisa iqiniso elihle leZwi likaNkulunkulu kumuntu olizondayo iqiniso noma omane afune ukulihleka usulu! Lapho umphostoli uPawulu eshumayela e-Antiyokiya, wahlangana neqembu lamaJuda ayengalithandi iqiniso. Azama ukumhila ngenkulumo ngokumphikisa ngendlela ehlambalazayo, kodwa uPawulu wavele wathi: “Njengoba nilikhaphezela kude nani futhi ningazahluleli njengabakufanelekelayo ukuphila okumi phakade, bhekani! siphendukela ezizweni.”—IzEnzo 13:45, 46.

Njengoba sizama ukufinyelela abanhliziyo ziqotho ngezindaba ezinhle zoMbuso, kwangathi singaqaphela ukuba singangeni ezimpikiswaneni nabahleki bosulu. UKristu Jesu wayala abafundi bakhe: “Lapho ningena endlini, yibingeleleni leyondlu; futhi uma indlu ifanele, ukuthula eniyifisela khona makwehlele kuyo; kodwa uma ingafanele, ukuthula okuvela kini makubuyele kini. Nomaphi lapho umuntu enganamukeli khona noma angawalaleli amazwi enu, lapho niphuma kuleyondlu noma kulowomuzi nithuntuthe uthuli ezinyaweni zenu.”—Mathewu 10:12-14.

Umuntu ohlakaniphile usabela ngendlela ehlukile kweyomhleki wosulu lapho esolwa. USolomoni uthi: “Sola umuntu ohlakaniphile, uyokuthanda. Nika umuntu ohlakaniphile, uyohlakanipha ngokwengeziwe.” (IzAga 9:8, 9, NW) Umuntu ohlakaniphile uyazi ukuthi “asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi; nokho kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo esinokuthula, okuwukuthi, ukulunga.” (Heberu 12:11) Nakuba iseluleko singase sizwakale sibuhlungu, singaziphindiselelani noma sizivikele uma kanti ukusamukela kuzosenza sihlakaniphe nakakhulu?

Inkosi ehlakaniphile iyaqhubeka: “Fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni.” (IzAga 9:9b) Akekho umuntu ohlakaniphe kakhulu noma osemdala kakhulu ukuba angaqhubeka efunda. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukubona ngisho nasebegugile bamukela iqiniso futhi bezinikezela kuJehova! Kwangathi nathi singazama ukuhlala sizimisele ukufunda, sigcine ingqondo ikhaliphile.

‘Iminyaka Yokuphila Iyakwenezelwa Kuwe’

Egcizelela iphuzu eliyinhloko lale ndaba akhuluma ngayo, uSolomoni uhlanganisa nemfuneko ebalulekile ukuze umuntu azuze ukuhlakanipha. Uyabhala: “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda.” (IzAga 9:10) Ngaphandle kokwesaba uNkulunkulu weqiniso ngokujulile nangenhlonipho, umuntu akanakuba nokuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu. Umuntu angase abe nengqondo egcwele ulwazi, kodwa uma engamesabi uJehova, ngeke akwazi ukusebenzisa lolo lwazi ngendlela edumisa uMdali. Angase asebenzise namaqiniso aziwayo ukuze afinyelele iziphetho ezinganembile, azenze abonakale eyisiwula. Ngaphezu kwalokho, ulwazi ngoJehova, oNgcwele, kubalulekile ukuze sithole ukuqonda, isici esiphawulekayo sokuhlakanipha.

Kuveza ziphi izithelo ukuhlakanipha? (IzAga 8:12-21, 35) Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.” (IzAga 9:11) Ubude bezinsuku neminyaka yokuphila kuwumphumela wokuzihlanganisa nokuhlakanipha. Yebo, “ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.”—UmShumayeli 7:12.

Ukwenza umzamo wokuzuza ukuhlakanipha kuwumthwalo wethu ngabanye. Egcizelela leli qiniso, uSolomoni uthi: “Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela [“uhleka usulu,” NW], uyakukuthwala wena wedwa.” (IzAga 9:12) Ukuhlakanipha komuntu ohlakaniphile kuzuzisa yena, kanti umhleki wosulu uzibangela yena ngokwakhe ukuhlupheka. Ngempela, sivuna lokho esikutshalayo. Ngakho, kwangathi ‘singabeka indlebe ekuhlakanipheni.’—IzAga 2:2.

“Owesifazane Oyisiphukuphuku Unomsindo”

USolomoni ube esekhuluma ngento ephambene nokuhlakanipha, ethi: “Owesifazane oyisiphukuphuku unomsindo. Uwukungabi nangqondo ngokwakho futhi akazi lutho nhlobo. Uhlezi emnyango wendlu yakhe, esihlalweni, ezindaweni eziphakeme zomzana, ukuze amemeze labo abadlula ngendlela, labo abahamba baqonde phambili ezindleleni zabo, athi: ‘Noma ubani ongenalwazi, makaphambukele ngapha.’”—IzAga 9:13-16aNW.

Ubuwula bufanekiswa ngowesifazane onomsindo, onganqandeki noyisiphukuphuku. Naye uzakhele indlu. Uzimemezela mathupha noma ubani ongenalwazi. Ngakho abadlulayo bangazikhethela. Ingabe bazokwamukela isimemo sokuhlakanipha noma esobuwula?

“Amanzi Ebiweyo Amnandi”

Kokubili ukuhlakanipha nobuwula kumema abalalele ukuba ‘baphambukele ngapha.’ Nokho, lezi zimemo azifani. Ukuhlakanipha kumemela abantu edilini lewayini, inyama nesinkwa. Ubuwula bona buthembisa into esikhumbuza izindlela zowesifazane ongenasimilo. USolomoni uthi: “Kongenangqondo uthi: ‘Amanzi ebiweyo amnandi, nesinkwa sentukuso singesenamisayo.’”IzAga 9:16b, 17.

Esikhundleni sewayini elixutshiwe, ‘ubuwula obungowesifazane’ buthembisa amanzi ebiwe. (IzAga 9:13) EmiBhalweni, ukujabulela ubuhlobo bobulili nomkakho omthandayo kufaniswa nokuphuza amanzi aqabulayo. (IzAga 5:15-17) Ngakho, amanzi ebiwe amelela ubuhlobo bobulili bokuziphatha okubi obenziwa ngasese. Amanzi anjalo enziwa abonakale emnandi—engcono kunewayini—ngenxa yokuthi ebiwe futhi ahambisana nomuzwa wokuphumelela ekwenzeni okuthile ungabanjwa. Isinkwa esifihlwayo senziwa sibonakale simnandi kunesinkwa nenyama yokuhlakanipha ngenxa nje yokuthi sitholakalé ngokungathembeki. Ukubheka into eyenqatshelwe nefihlwayo njengekhangayo kuwuphawu lobuwula.

Isimemo sokuhlakanipha sihlanganisa nesithembiso sokuphila, kodwa owesifazane owubuwula yena akayiphathi imiphumela yokulandela izindlela zakhe. Kodwa uSolomoni uyaxwayisa: “Kepha [omenyiwe] akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho nokuthi izimenywa [zalona wesifazane] zisezigodini zendawo yabafileyo.” (IzAga 9:18) “Indlu yowesifazane owubuwula ayilona ikhaya kodwa iyindawo yamangcwaba,” kubhala esinye isazi. “Uma uke wangena kuyo ngeke uphume uphila.” Ukuphila ukuphila okuxekethile akuhlakaniphile; kuyabulala.

UJesu Kristu wathi: “Ngenani ngesango eliwumngcingo; ngoba ubanzi futhi uvulekile umgwaqo oholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngawo; kanti liwumngcingo isango futhi unyinyekile umgwaqo oholela ekuphileni, futhi bambalwa abawutholayo.” (Mathewu 7:13, 14) Kwangathi singazondla njalo etafuleni lokuhlakanipha futhi sibe phakathi kwalabo abasendleleni eholela ekuphileni.

[Isithombe ekhasini 31]

Umuntu ohlakaniphile uyakwamukela ukulungiswa

[Isithombe ekhasini 31]

Ukuthola ukuhlakanipha kuwumthwalo womuntu ngamunye