Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Njengoba uJehova ezimisele ukuthethelela izono ngomhlatshelo wesihlengo, kungani amaKristu kudingeka avume izono emadodeni amadala ebandla?

Njengoba singabona endabeni kaDavide noBati Sheba, nakuba isono sakhe sasisibi kakhulu, uJehova wasithethelela isono sikaDavide ngenxa yokuphenduka kwakhe okuqotho. Lapho umprofethi uNathani ekhuluma naye, uDavide wasivuma obala isono sakhe: “Ngonile kuJehova.”—2 Samuweli 12:13.

Nokho, uJehova akagcini ngokwamukela ukuvunywa kwesono okuqotho futhi athethelele, kodwa futhi wenza namalungiselelo othando okusiza owonile ukuba athuthukele ekululameni ngokomoya. Endabeni kaDavide, usizo lweza ngomprofethi uNathani. Namuhla, ebandleni lobuKristu, kunamadoda akhulile ngokomoya, noma abadala. Umfundi uJakobe uyachaza: “Ingabe ukhona ogulayo [ngokomoya] phakathi kwenu? Makabizele kuye amadoda amadala ebandla, futhi mawamthandazele, emgcoba ngamafutha egameni likaJehova. Futhi umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.”—Jakobe 5:14, 15.

Abadala abanekhono bangenza lukhulu ekuthobeni ubuhlungu benhliziyo obuzwiwa yisoni esizisolayo. Bazama ukulingisa uJehova lapho besebenzelana nesoni. Abafuni neze ukuba nokhahlo, yize isiyalo esiqinile singase sifaneleke. Kunalokho, ngozwela bacabangela izidingo eziseduze zalowo muntu. Ngesineke bazama ukulungisa ukucabanga kowonile besebenzisa iZwi likaNkulunkulu. (Galathiya 6:1) Ngisho nalapho umuntu engasivumi ngokuzithandela isono, angase ashukumiseleke ukuba aphenduke lapho abadala bekhuluma naye, njengoba kwenza uDavide lapho uNathani ekhuluma naye. Ukusekela abadala abakunikeza ngale ndlela kusiza owonile ukuba agweme ingozi yokuphinda leso sono kanye nemiphumela engathi sína yokuba umenzi wesono ongasazweli.—Heberu 10:26-31.

Akulula neze ukuvuma kwabanye izenzo umuntu azenyezayo ngazo futhi afune intethelelo. Kudinga isibindi. Nokho, ake ucabange ngokunye okungenzeka. Indoda ethile engazange isiveze isono sayo esibi kubadala bebandla yathi: “Ngangizwa ubuhlungu obabungapheli enhliziyweni. Ngazikhandla kakhudlwana emsebenzini wokushumayela, kodwa lo muzwa wokuzisola wawulokhu ukhona.” Yayinomuzwa wokuthi ukuvuma isono sayo kuNkulunkulu ngomthandazo kwakwanele, kodwa kusobala ukuthi kwakunganele ngoba yayinemizwa eyayithi ayifane neyeNkosi uDavide. (IHu. 51:8, 11) Yeka ukuthi kungcono kanjani ukwamukela usizo lothando uJehova alunikeza ngabadala!