Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izidingo Zakhe Ezingokomoya Zaneliswa

Izidingo Zakhe Ezingokomoya Zaneliswa

Abamemezeli BoMbuzo Bayabika

Izidingo Zakhe Ezingokomoya Zaneliswa

ICYPRUS iyisiqhingi esisenyakatho-mpumalanga yeMediterranean Sea. Ngezikhathi zeBhayibheli, iCyprus [iKhupro] yayidume ngethusi nezihlahla zekhethelo. UPawulu noBarnaba bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso lapha phakathi nohambo lwabo lokuqala lwezithunywa zevangeli. (IzEnzo 13:4-12) Namuhla, izindaba ezinhle zisaba nethonya elihle ekuphileni kwabantu abaningi baseCyprus. Kunjalo ngempela kuLucas, indoda eseminyakeni yawo-40. Uyalandisa:

“Ngazalelwa epulazini lezinkomo emkhayeni onezingane ezingu-7. Kusukela ngisemncane, ngangikuthanda ukufunda. Incwadi engangiyithanda kakhulu kwakuwuhlelo oluncane lwemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Lapho sengineminyaka eyishumi, sahlangana nabangane sakha iqenjana lokutadisha iBhayibheli. Nokho, alihlalanga isikhathi eside ngoba abanye abantu abadala endaweni básibiza ngezihlubuki.

“Kamuva, lapho ngisesikoleni e-United States, ngahlangana nabantu bezizinda eziningi zenkolo. Lokho kwavuselela isifiso sami sezinto ezingokomoya. Ngachitha izinsuku eziningi emtatsheni wezincwadi waseyunivesithi ngifunda ngezinkolo ezihlukahlukene. Ngavakashela namasonto amaningi, kodwa naphezu kwemizamo yami, anganelisekanga ngokomoya.

“Ngemva kokuqeda izifundo zami ngaphindela eCyprus futhi ngathola umsebenzi wokuba ngumqondisi endaweni yokucwaninga imithi yezokwelapha. Indoda ethile esikhulile okuthiwa u-Antonis, engomunye woFakazi BakaJehova, yayivame ukungivakashela emsebenzini. Nokho, ukuvakasha kwayo kwaphawulwa abeSonto LamaGreki Lobu-Orthodox.

“Ngokushesha, ngavakashelwa yisazi semfundiso yenkolo, sangikhuza ngokukhuluma noFakazi BakaJehova. Njengoba ngangifundiswe kusukela ebuntwaneni ukuthi iSonto LamaGreki Lobu-Orthodox liseqinisweni, ngalalela futhi ngayeka ukubonana no-Antonis ngase ngiqala ukuxoxa nalesi sazi semfundiso yenkolo ngeBhayibheli. Ngavakashela nemizi eminingi yezindela eCyprus. Ngaya ngisho nasenyakatho yeGreece, ngivakashele iMount Athos ebhekwa njengentaba engcwele kunazo zonke ekuphileni komKristu ongumOrthodox. Noma kunjalo, imibuzo yami yeBhayibheli ayiphendulekanga.

“Ngabe sengithandaza kuNkulunkulu ukuba angisize ngithole iqiniso. Ngokushesha ngemva kwalokho, u-Antonis waphinda weza ezongivakashela emsebenzini, ngaba nomuzwa wokuthi lena kwakuyimpendulo yomthandazo wami. Ngakho ngayeka ukubonana nesazi semfundiso yenkolo, ngaqala ukutadisha iBhayibheli no-Antonis. Ngaqhubeka ngithuthuka, kwathi ngo-October 1997 ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.

“Umkami namadodakazi ethu amabili amadala, ayeneminyaka engu-14 nengu-10 ngaleso sikhathi, baphikisa ekuqaleni. Kodwa ngenxa yokuziphatha kwami okuhle, umkami wanquma ukuya emhlanganweni eHholo LoMbuso. Wamhlaba umxhwele kakhulu umusa woFakazi nesithakazelo abambonisa sona. Okwamhlaba umxhwele ngokukhethekile kwakuwukusebenzisa kwabo iBhayibheli. Kwaphumela ekubeni umkami namadodakazi amabili amadala bavume ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Cabanga injabulo engaba nayo lapho bobathathu bebhapathizwa eMhlanganweni Wesigodi ‘Wezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ ngo-1999!

“Yebo, ukuthungatha kwami iqiniso kwavuzwa. Manje wonke umkhaya wethu, kuhlanganise nomkami nezingane zethu ezine, uhlangene ekukhulekeleni okumsulwa kukaJehova.”