Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Hlala Ugxilile Njengokungathi Uyambona Lowo Ongabonakali!

Hlala Ugxilile Njengokungathi Uyambona Lowo Ongabonakali!

Hlala Ugxilile Njengokungathi Uyambona Lowo Ongabonakali!

“[UMose] waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.”—HEBERU 11:27.

1. Yimaphi amazwi aphawulekayo uJesu awasho ngoNkulunkulu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni?

UJEHOVA unguNkulunkulu ongabonakali. Lapho uMose ecela ukubona inkazimulo yakhe, uJehova wathi: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona, aphile.” (Eksodusi 33:20) Futhi umphostoli uJohane wabhala: “Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu nganoma isiphi isikhathi.” (Johane 1:18) Ngisho noJesu Kristu lapho esemhlabeni engumuntu, wayengenakumbona uNkulunkulu. Nokho, eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Bayajabula abahlanzekile enhliziyweni, ngoba bayobona uNkulunkulu.” (Mathewu 5:8) Wayesho ukuthini uJesu?

2. Kungani singenakumbona uNkulunkulu ngamehlo ethu enyama?

2 ImiBhalo iveza ukuthi uJehova uwuMoya ongabonakali. (Johane 4:24; Kolose 1:15; 1 Thimothewu 1:17) Ngakho, uJesu wayengasho ukuthi thina bantu singambona ngokoqobo uJehova ngamehlo ethu enyama. Yiqiniso, amaKristu agcotshiwe ayombona uJehova uNkulunkulu ezulwini ngemva kokuba evusiwe njengezidalwa zomoya. Kodwa nabantu “abahlanzekile enhliziyweni” futhi abanethemba lokuphila phakade emhlabeni bayakwazi ‘ukubona’ uNkulunkulu. Kanjani?

3. Abantu bangazibona kanjani ezinye zezimfanelo zikaNkulunkulu?

3 Lapho siqaphelisisa izinto uJehova azidalile sifunda okuthile ngaye. Kanjalo amandla akhe angase asihlabe umxhwele futhi sishukumiseleke ukuvuma ukuthi unguNkulunkulu onguMdali. (Heberu 11:3; IsAmbulo 4:11) Mayelana nalokhu, umphostoli uPawulu wabhala: “Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.” (Roma 1:20) Ngakho amazwi kaJesu mayelana nokubona uNkulunkulu ahlanganisa nekhono lokuqonda ezinye zezimfanelo zikaJehova. Ukubona okunjalo kusekelwe olwazini olunembile futhi kwenzeka ngokomoya ‘ngamehlo enhliziyo.’ (Efesu 1:18) Amazwi nezenzo zikaJesu nako kwembula okuningi ngoNkulunkulu. Yingakho uJesu athi: “Lowo ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Johane 14:9) UJesu wabubonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaJehova. Ngakho, ukwazi ukuphila nezimfundiso zikaJesu kungasisiza ukuba sibone, noma siqonde, ezinye zezimfanelo zikaNkulunkulu.

Ukuba Ongokomoya Kubalulekile

4. Abaningi bakubonisa kanjani ukuntula ingokomoya namuhla?

4 Namuhla, ukholo nengokomoya langempela kuyivelakancane kakhulu. UPawulu wathi: “Ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thesalonika 3:2) Abaningi bagxile ngokuphelele eminakweni yabo futhi abanalukholo kuNkulunkulu. Ukuziphatha kwabo kokona nokuntula kwabo ingokomoya kubenza bangamboni ngamehlo okuqonda, ngoba umphostoli uJohane wabhala: “Lowo owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.” (3 Johane 11) Ngenxa yokuthi labo bantu abamboni uNkulunkulu ngamehlo abo enyama, benza sengathi naye akakuboni abakwenzayo. (Hezekeli 9:9) Bazibukela phansi izinto ezingokomoya, ngakho abanakukuthola “ukumazi uNkulunkulu.” (IzAga 2:5) Khona-ke, ngokufanelekayo, uPawulu wabhala: “Umuntu wenyama akazamukeli izinto zomoya kaNkulunkulu, ngoba ziwubuwula kuye; futhi akanakuzazi, ngoba zihlolwa ngokomoya.”—1 Korinte 2:14.

5. Yiliphi iqiniso abantu abanomqondo ongokomoya abaliqaphelayo?

5 Nokho, uma sinomqondo ongokomoya siyohlale siqaphela ukuthi nakuba uJehova engeyena uNkulunkulu ofunana namaphutha, uyazi lapho senza ngokuvumelana nemicabango nezifiso ezingalungile. Ngempela, “izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova, ubhekisisa yonke imikhondo yakhe.” (IzAga 5:21, NW) Uma kwenzeka sinqotshwa yisono, sishukumiseleka ukuba siphenduke futhi sifune intethelelo kaJehova ngoba siyamthanda, asifuni ukumzwisa ubuhlungu.—IHubo 78:41; 130:3.

Yini Esenza Sigxile?

6. Kusho ukuthini ukuba abagxilile?

6 Nakuba uJehova engabonakali emehlweni ethu, masikhumbule njalo ukuthi thina siyabonakala kuye. Ukuqaphela ukuthi ukhona nokukholiseka ukuthi useduze nabo bonke abambizayo kuyosisiza sibe abagxilile—sethembeke kuye ngokungenakunyakaziswa. (IHubo 145:18) Singaba njengoMose, uPawulu athi ngaye: “Ngokholo washiya iGibithe, kodwa engayesabi intukuthelo yenkosi, ngoba waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.”—Heberu 11:27.

7, 8. Sasibangelwa yini isibindi sikaMose phambi kukaFaro?

7 Lapho efeza umsebenzi ayewunikwe nguNkulunkulu wokuhola ama-Israyeli awakhiphe ebugqilini baseGibithe, uMose wavela kaningi phambi kukamashiqela onguFaro esigodlweni esasigcwele izikhulu zenkolo nezempi. Kungenzeka ukuthi ezindongeni zesigodlo kwakuklele izithixo. Kodwa uJehova, nakuba engabonakali, wayengokoqobo kuMose, ngokungafani nazo zonke izithombe ezazimelele onkulunkulu baseGibithe abangaphili. Shono nje uMose engamesabanga uFaro!

8 Yini eyanika uMose isibindi sokuvela phambi kukaFaro ngokuphindaphindiwe? ImiBhalo isitshela ukuthi “lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” (Numeri 12:3) Kusobala ukuthi ingokomoya eliqinile nokuqiniseka kwakhe ukuthi uNkulunkulu wayenaye kwanika uMose amandla ayewadinga ukuze amelele ‘Lowo ongabonakali’ phambi kwenkosi yaseGibithe enonya. Yiziphi ezinye zezindlela labo ‘ababona’ uNkulunkulu ongabonakali ababonisa ngazo ukholo lwabo kuye namuhla?

9. Iyiphi enye yezindlela esingaqhubeka ngayo sigxilile?

9 Enye yezindlela zokubonisa ukholo futhi siqhubeke sigxilile sengathi siyambona Lowo ongabonakali iwukushumayela ngesibindi naphezu koshushiso. UJesu waxwayisa abafundi bakhe: “Niyoba izinto zokuzondwa abantu bonke ngenxa yegama lami.” (Luka 21:17) Wathi futhi kubo: “Isigqila asisikhulu kunenkosi yaso. Uma beye bangishushisa mina, bayonishushisa nani.” (Johane 15:20) Ngokuvumelana namazwi kaJesu, ngemva nje kokufa kwakhe, abalandeli bakhe bashushiswa ngokusongelwa, ukuboshwa nokushaywa. (IzEnzo 4:1-3, 18-21; 5:17, 18, 40) Nakuba kwaba negagasi loshushiso, abaphostoli bakaJesu nabanye abafundi baqhubeka beshumayela izindaba ezinhle ngesibindi.—IzEnzo 4:29-31.

10. Ukwethembela kwethu ekunakekeleni kukaJehova okuyisivikelo kusisiza kanjani enkonzweni?

10 NjengoMose, abalandeli bakaJesu bokuqala abazesabanga izitha zabo ezibonakalayo ezaziziningi. Abafundi bakaJesu babenokholo kuNkulunkulu, futhi ngenxa yalokho, bakwazi ukukhuthazelela ushushiso olunzima ababhekana nalo. Yebo, baqhubeka begxilile njengokungathi bayambona Lowo ongabonakali. Namuhla, ukuhlala sikuqaphela ukunakekela kukaJehova okuyisivikelo kusinika isibindi, kusenze singesabi emsebenzini wethu wokushumayela ngoMbuso. IZwi likaNkulunkulu lithi “ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.” (IzAga 29:25) Ngenxa yalokho, asihlehleli emuva sesabe ushushiso; futhi asinamahloni ngenkonzo yethu. Ukholo lwethu lusishukumisela ukuba sishumayele ngesibindi komakhelwane, kwesisebenza nabo, kwesifunda nabo nakwabanye.—Roma 1:14-16.

Lowo Ongabonakali Uqondisa Abantu Bakhe

11. NgokukaPetru noJude, abathile ababehlanganyela nebandla lobuKristu bakubonisa kanjani ukuntula ingokomoya?

11 Ukholo lusisiza ukuba sibone uJehova njengalowo oqondisa inhlangano yakhe yasemhlabeni. Kanjalo siyasigwema isimo sengqondo sokugxeka labo abanomthwalo wemfanelo ebandleni. Umphostoli uPetru noJude, umfowabo kaJesu ngamzali munye, baxwayisa ngabathile ababentula ingokomoya kangangokuthi babekhuluma ngokuchapha ngamadoda aholayo phakathi kwamaKristu. (2 Petru 2:9-12; Jude 8) Ingabe labo bagxeki babeyokhuluma ngaleyo ndlela phambi kukaJehova ukube babembona ngokwenyama? Lutho neze! Kodwa ngenxa yokuthi uNkulunkulu akabonakali, lawo madoda anomqondo ongokwenyama awacabanganga ukuthi ayolandisa kuye.

12. Yisiphi isimo sengqondo okufanele sisibonise kulabo abaholayo ebandleni?

12 Yiqiniso, ibandla lobuKristu lakhiwa abantu abangaphelele. Ngezinye izikhathi labo abakhonza njengabadala benza amaphutha angase asithinte ngokuqondile. Nokho, uJehova usebenzisa lawo madoda njengabelusi bomhlambi wakhe. (1 Petru 5:1, 2) Abesilisa nabesifazane abanomqondo ongokomoya bayaqaphela ukuthi lena ngenye yezindlela uJehova aqondisa ngazo abantu bakhe. Ngakho-ke, njengamaKristu, siyawugwema umoya wokugxeka nokukhononda, kunalokho sibonisa inhlonipho ngamalungiselelo kaNkulunkulu angokwasezulwini. Ngokulalela labo abaholayo phakathi kwethu, sibonisa ukuthi siyambona Lowo ongabonakali.—Heberu 13:17.

Ukubona UNkulunkulu NjengoMfundisi Wethu Omkhulu

13, 14. Ukubona uJehova njengoMfundisi Omkhulu kusho ukuthini kuwe?

13 Kunesinye isici esidinga ukuqonda okungokomoya. U-Isaya waprofetha: “Amehlo akho ayoba ngamehlo ambonayo uMfundisi wakho Omkhulu.” (Isaya 30:20, NW) Kudinga ukholo ukuqaphela ukuthi nguJehova osifundisa ngenhlangano yakhe yasemhlabeni. (Mathewu 24:45-47) Ukubona uNkulunkulu njengoMfundisi wethu Omkhulu kusho okungaphezu kokulondoloza imikhuba emihle yokutadisha iBhayibheli nokuya njalo emihlanganweni yobuKristu. Kusho ukuwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo kaNkulunkulu angokomoya. Ngokwesibonelo, kudingeka sisinake ngaphezu kokujwayelekile isiqondiso uJehova asinikeza ngoJesu ukuze singakhukhuleki ngokomoya.—Heberu 2:1.

14 Ngezinye izikhathi kudingeka umzamo okhethekile ukuze sizuze ngokugcwele ekudleni okungokomoya. Ngokwesibonelo, singase sithambekele ekukheni phezulu ekulandiseni okuthile kweBhayibheli esingakuqondi kalula. Lapho sifunda omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, mhlawumbe siyazeqa nokuzeqa izihloko ezithile ngoba indaba ezikhuluma ngayo ingasithakazelisi kangako. Noma singase sivumele izingqondo zethu zizule emihlanganweni yobuKristu. Nokho, singahlala siphapheme uma sicabangisisa ngamaphuzu okuxoxwa ngawo. Ukuyazisa kwethu ngokujulile imfundo engokomoya esiyitholayo kubonisa ukuthi siqaphela uJehova njengoMfundisi wethu Omkhulu.

Kumelwe Silandise

15. Abanye baye baziphatha kanjani njengokungathi uJehova akababoni?

15 Ukuba nokholo kuLowo ongabonakali kubalulekile, ikakhulu ngenxa yokuthi ububi budlangile kulesi ‘sikhathi sokugcina.’ (Daniyeli 12:4) Ukungathembeki nokuziphatha okubi kobulili kuxhaphakile. Yebo, kuwukuhlakanipha ukukhumbula ukuthi uJehova uyakubona esikwenzayo ngisho nalapho abantu bengasiboni. Abanye baye bakukhohlwa lokhu. Lapho bengabonwa abanye, bangase baziphathe ngendlela engqubuzana nemiBhalo. Ngokwesibonelo, abanye abazange bamelane nesilingo sokubuka ukuzijabulisa okulimazayo nezithombe ezingcolile zobulili kuyi-Internet, kuyithelevishini nakwezinye izinto zobuchwepheshe besimanje. Njengoba umuntu engahileleka kulezi zinto esekusithekeni, abanye baye benza njengokungathi uNkulunkulu akakuboni ukuziphatha kwabo.

16. Yini okufanele isisize sinamathele ezindinganisweni zikaJehova eziphakeme?

16 Kuhle ukukhumbula amazwi omphostoli uPawulu: “Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.” (Roma 14:12) Kudingeka siqaphele ukuthi isikhathi ngasinye lapho sona, sona kuJehova. Ukwazi lokhu kufanele kusisize sinamathele ezindinganisweni zakhe eziphakeme, sigweme ukuziphatha okungahlanzekile. IBhayibheli liyasikhumbuza: “Akukho ndalo engabonakali emehlweni akhe, kodwa zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.” (Heberu 4:13) Yiqiniso, kumelwe silandise kuNkulunkulu, kodwa ngokuqinisekile uthando lwethu olujulile ngoJehova yisona sizathu esiyinhloko esisenza senze intando yakhe futhi sinamathele ezindinganisweni zakhe ezilungile. Ngakho-ke, masibonise ukuqonda ezintweni ezinjengokuzijabulisa esikukhethayo nokuziphatha kwethu lapho sikanye nabobulili obuhlukile.

17. Luhlobo luni lwesithakazelo uJehova asibuka ngaso?

17 UJehova unesithakazelo esijulile kithi, kodwa lokho akusho ukuthi ulindele ukuba senze amaphutha ukuze asijezise. Kunalokho, usibuka ngokukhathalela kothando, njengobaba ofuna ukuvuza izingane zakhe ezilalelayo. Yeka ukuthi kududuza kangakanani ukwazi ukuthi ukholo lwethu luyamjabulisa uBaba wethu osezulwini nokuthi ‘ungumvuzi walabo abamfuna ngobuqotho’! (Heberu 11:6) Kwangathi singaba nokholo olugcwele kuJehova, ‘simkhonze ngenhliziyo epheleleyo.’—1 IziKronike 28:9.

18. Ngenxa yokuthi uJehova uyasibona futhi uyakuphawula ukwethembeka kwethu, yisiphi isiqinisekiso esisithola emiBhalweni?

18 IzAga 15:3 zithi: “Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.” Yebo, uNkulunkulu uyabaqaphela abantu ababi futhi abaphathe ngokokuziphatha kwabo. Nokho, uma siphakathi ‘kwabahle,’ singaqiniseka ukuthi uJehova uyaziphawula izenzo zethu zokwethembeka. Yeka ukuthi kuluqinisa kanjani ukholo ukwazi ukuthi ‘umshikashika wethu awulona ize eNkosini’ nokuthi lowo ongabonakali ngeke ‘akhohlwe umsebenzi wethu nothando esiye salubonisa kulo igama lakhe’!—1 Korinte 15:58; Heberu 6:10.

Ukucela UJehova Ukuba Asihlole

19. Yiziphi ezinye zezinzuzo eziwumphumela wokuba nokholo oluqinile kuJehova?

19 Njengezinceku zikaJehova ezithembekile, siyigugu kuye. (Mathewu 10:29-31) Nakuba engabonakali, angaba ngokoqobo kithi, futhi singabazisa ubuhlobo bethu obuyigugu naye. Ukuba nesimo sengqondo esinjalo ngoBaba wethu osezulwini kusilethela izinzuzo eziningi. Ukholo lwethu oluqinile lusisiza ukuba sibe nenhliziyo ehlanzekile nonembeza omuhle phambi kukaJehova. Ukholo olungenabo ubuzenzisi luyasivikela ukuba singaphili ukuphila okumbaxa-mbili. (1 Thimothewu 1:5, 18, 19) Ukholo olungantengi esinalo kuNkulunkulu lubeka isibonelo esihle futhi lungaba nethonya elihle kulabo abasizungezile. (1 Thimothewu 4:12) Ngaphezu kwalokho, ukholo olunjalo luthuthukisa ukuziphatha okuvunyelwa nguNkulunkulu, luthokozise inhliziyo kaJehova.—IzAga 27:11.

20, 21. (a) Kungani kufiseleka ukuba uJehova asiqaphe ngeso lakhe? (b) Singawasebenzisa kanjani amaHubo 139:23, 24 kithi?

20 Uma sihlakaniphe ngempela, siyakujabulela ukuthi uJehova uyasiqapha. Asifuni ukuba asibone nje kuphela kodwa futhi sifisa ukuba ahlolisise imicabango nezenzo zethu. Lapho sithandaza, senza kahle ukumcela uJehova ukuba asihlole futhi abone ukuthi kukhona yini ukuthambekela okungafanele esinako. Ngokuqinisekile, angasisiza ukuba sibhekane nezinkinga zethu futhi senze noma yikuphi ukulungisa okudingekayo. Ngokufanelekayo, umhubi uDavide wahlabelela: “[Ngihlole], Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge [“ngihlole,” NW], wazi imicabango yami, ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.”—IHubo 139:23, 24.

21 UDavide wanxusa uJehova ukuba amhlole ukuze abone ukuthi ikhona yini “indlela yosizi” ethile kuye. Njengomhubi, asilangazeleli yini ukuba uNkulunkulu ahlole izinhliziyo zethu, abone ukuthi zikhona yini izisusa ezingafanele esinazo? Khona-ke, masimcele ngokholo uJehova ukuba asihlole. Kodwa kuthiwani uma sihlushwa ukukhathazeka ngephutha elithile noma uma kukhona okuthile okulimazayo kithi? Uma kunjalo masiqhubeke sithandaza ngobuqotho kuNkulunkulu wethu onothando, uJehova, sizithobe ekuqondiseni komoya wakhe ongcwele naseselulekweni seZwi lakhe. Singaqiniseka ukuthi uyosilekelela, asisize siphishekele inkambo eyoholela ekuphileni okuphakade.—IHubo 40:11-13.

22. Yini okufanele sizimisele ukuyenza mayelana naLowo ongabonakali?

22 Yebo, uJehova uyosibusisa ngokuphila okuphakade uma sihlangabezana nezimfuneko zakhe. Yebo, kumelwe siwavume amandla negunya lakhe, njengoba kwenza umphostoli uPawulu lapho ebhala: “Udumo nenkazimulo makube seNkosini engunaphakade, engenakonakala, engabonakali, uNkulunkulu owukuphela kwakhe, kuze kube phakade naphakade. Amen.” (1 Thimothewu 1:17) Kwangathi ngaso sonke isikhathi singabonisa inhlonipho enjalo esuka enhliziyweni ngoJehova. Futhi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, masingalokothi sintengantenge ekuzimiseleni kwethu ukuqhubeka sigxilile njengokungathi siyambona Lowo ongabonakali.

Ungaphendula Kanjani?

• Abantu bangambona kanjani uNkulunkulu?

• Uma uJehova engokoqobo kithi, siyokwenze njani lapho sishushiswa?

• Kusho ukuthini ukubona uJehova njengoMfundisi wethu Omkhulu?

• Kungani kufanele sifise ukuba uJehova asihlole?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 18]

UMose wenza njengokungathi uyambona uJehova, uNkulunkulu ongabonakali, wangamesaba uFaro

[Isithombe ekhasini 21]

Masingalokothi siziphathe njengokungathi uJehova akakuboni esikwenzayo

[Isithombe ekhasini 23]

Silufuna ngobuqotho ulwazi ngoNkulunkulu ngoba simbona njengoMfundisi wethu Omkhulu