Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Nakekelani Izintandane Nabafelokazi Osizini Lwabo

Nakekelani Izintandane Nabafelokazi Osizini Lwabo

Nakekelani Izintandane Nabafelokazi Osizini Lwabo

Akunzima ukubona ukuthi siphila ezweni elingenalo uthando. Lapho ebhekisela ohlotsheni lwabantu abaphila phakathi ‘nezinsuku zokugcina,’ umphostoli uPawulu wabhala: “Kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayoba abazithandayo, . . . abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo.” (2 Thimothewu 3:1-3) Yeka ukuthi ayiqiniso kangakanani lawo mazwi!

INDLELA yokuziphatha ezikhathini zokuphila kwethu iye yabangela ukuphela kozwela ezinhliziyweni zabaningi. Abantu baya ngokuya bengayigqizi qakala inhlalakahle yabanye, ezimweni ezithile ngisho neyamalungu emikhaya yabo.

Lokhu kubathinta kabi abaningi abaswela ngenxa yezimo ezihlukahlukene. Landa njalo inani labafelokazi nezintandane ngenxa yezimpi, izinhlekelele ezingokwemvelo nababaleki abafuna izindawo zokukhosela. (UmShumayeli 3:19) Umbiko ovela kuyi-United Nations Children’s Fund, uthi “[izingane] ezingaphezu kwesigidi ziye zaba yizintandane noma zahlukaniswa nemikhaya yazo ngenxa yempi.” Nawe uyasazi isibalo esikhulu somama abangabodwa, abalahliwe noma abahlukanise nabayeni babo, ababhekana nomsebenzi onzima wokuziphilisa nokukhulisa imikhaya yabo bebodwa. Lesi simo siya siba sibi nakakhulu ngenxa yokuthi amanye amazwe abhekene nesimo sezomnotho esibucayi kakhulu esibangela izakhamuzi eziningi ukuba zidle imbuya ngothi.

Ngenxa yalokhu, likhona yini ithemba ngalabo ababhekene nosizi? Kungadambiswa kanjani ukuhlupheka kwabafelokazi nezintandane? Iyoke iqedwe yini le nkinga?

Ukunakekela Kothando Ngezikhathi ZeBhayibheli

Ukunakekela izidingo ezingokwenyama nezingokomoya zabafelokazi nezintandane bekulokhu kuyingxenye ebalulekile ekukhulekeleni uNkulunkulu. Lapho evuna okusanhlamvu noma izithelo, ama-Israyeli kwakungafanele abuthe nalokho okusala ensimini, ezikhothozela wona. Okokukhothozwa kwakufanele kushiyelwe ‘umfokazi, intandane nomfelokazi.’ (Duteronomi 24:19-21) UMthetho KaMose wakubeka ngokuqondile: “Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane.” (Eksodusi 22:22, 23) Abafelokazi nezintandane okukhulunywa ngabo eBhayibhelini babemelele ngokufanele abantu abampofu, njengoba nje lapho kufa umyeni noma bobabili abazali, amalungu omkhaya asele ayengase asale dengwane futhi angabi nakhaya. Inzalamizi enguJobe yathi: “Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo kanye nentandane engenamsizi.”—Jobe 29:12.

Phakathi nezinsuku zebandla lobuKristu lokuqala, ukunakekela labo abahluphekile nabadinga ngempela ngenxa yokulahlekelwa ngabazali noma ngumyeni kwakuyisici esibonakalisa ukukhulekela kweqiniso. Enesithakazelo esikhulu enhlalakahleni yabantu abanjalo, umfundi uJakobe wabhala: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenalo ibala elivela ezweni.”—Jakobe 1:27.

Ngaphandle kokukhuluma ngezintandane nangabafelokazi, uJakobe wabonisa ukubakhathalela ngokujulile abampofu nabahlupheka kakhulu. (Jakobe 2:5, 6, 15, 16) Umphostoli uPawulu wabonisa ukucabangela okufanayo. Lapho yena noBarnaba benikwa isabelo sabo sokuqala sokushumayela, ‘ukugcina abampofu engqondweni’ kwakungesinye seziqondiso abasithola. UPawulu wayengasho ngonembeza omsulwa ukuthi: “Yona kanye lento nayo ngiye ngazama ngenkuthalo ukuyenza.” (Galathiya 2:9, 10) Ukulandisa okuphathelene nemisebenzi yebandla lobuKristu ngemva nje kokumiswa kwalo kwathi: “Wayengekho oswele phakathi kwabo . . . Kwakube sekwabelwa lowo nalowo, kuye ngesidingo sakhe.” (IzEnzo 4:34, 35) Yebo, amalungiselelo enziwa kwa-Israyeli wasendulo okunakekela izintandane, abafelokazi nalabo abahluphekile áqhubekela nasebandleni lobuKristu.

Yiqiniso, usizo olwalunikezwa lwalulingene futhi luhambisana nalokho ibandla ngalinye elalinakho. Imali yayingasaphazwa, futhi labo ababesizwa babeswele ngempela. Akekho umKristu owayengasizakala ngokungeyikho ngaleli lungiselelo, futhi ibandla kwakungafanele lithweswe umthwalo ongadingekile. Lokhu kwabonakala ngokucacile eziqondisweni zikaPawulu ezibekwe kweyoku-1 Thimothewu 5:3-16. Siyabona lapho ukuthi uma izihlobo zohluphekile zikwazi ukumsiza, zazithwala lowo mthwalo. Abafelokazi abaswele kwakumelwe bahlangabezane nezimfuneko ezithile ukuze bafanelekele usizo. Konke lokhu kubonisa ilungiselelo elihlakaniphile uJehova alisebenzisayo ukuze anakekele abaswele. Nokho, kuyabonisa futhi ukuthi kufanele kusetshenziswe ukulinganisela ukuze kungabibikho osizakala kabi ngomusa oboniswayo.—2 Thesalonika 3:10-12.

Ukunakekela Izintandane Nabafelokazi Namuhla

Lapho kuziwa ekuboniseni ukukhathalela nokunikeza usizo kulabo abahlushwa usizi emabandleni oFakazi BakaJehova, kusasetshenziswa zona kanye izimiso ezazilandelwa izikhonzi zikaNkulunkulu zangaphambili. Uthando lobuzalwane yisici esisihlukanisayo, njengoba nje uJesu asho: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Uma abathile bentula noma beye baba yizisulu zenhlekelele noma imiphumela yempi noma izimpi zombango, inhlangano yobuzalwane bomhlaba wonke iba magange ukuthola izindlela zokubasiza ngokomoya nangezinto ezibonakalayo. Ake siphawule okunye kokuhlangenwe nakho okubonisa lokho okuye kwenziwa kulesi sici.

Akukuningi uPedro akukhumbulayo ngonina owashona lapho enonyaka owodwa nengxenye. Lapho uPedro eseneminyaka emihlanu, noyise washona. Ngakho-ke, uPedro wasala yedwa nabafowabo. OFakazi BakaJehova base bemvakashela kakade ubaba wabo, ngakho-ke, uPedro nabafowabo abadala baqala ukuthola isifundo seBhayibheli sasekhaya.

UPedro uyalandisa: “Ngesonto elilandelayo saqala ukuya emihlanganweni. Njengoba sasihlangana nabazalwane, sasiluzwa uthando ababesibonisa lona. Ibandla laba yindawo yami yokukhosela ngoba abafowethu nodadewethu bangibonisa uthando nozwela, njengokungathi bangabazali bami.” UPedro ukhumbula ukuthi omunye wabadala wayemmemela kwakhe. UPedro wayehlala nalo mkhaya baxoxe futhi aziphumulele. “Lezi yizinkumbulo engizazisayo,” kusho uPedro, owaqala ukushumayela ngokholo lwakhe eneminyaka engu-11 futhi wabhapathizwa eneminyaka engu-15. Besizwa abasebandleni, abafowabo abadala ngokufanayo bathuthuka kakhulu ngokomoya.

Kunendaba futhi kaDavid. Yena nodadewabo oyiwele naye bashiywa abazali babo lapho behlukana. Bakhuliswa ugogo wabo ozala unina nodadewabo kanina. “Lapho sikhula futhi sibona isimo esasikuso, sakhungathekiswa umuzwa wokungalondeki nokudumala. Sasidinga okuthile esasingancika kukho ukuze sithole ukusekelwa. Udadewabo kamama waba ngomunye woFakazi BakaJehova futhi ngenxa yalokho, safundiswa ngeqiniso leBhayibheli. Abazalwane basinika uthando basibonisa nobungane. Babesithanda kakhulu futhi basikhuthaza ukuba sifinyelele imigomo nokuba siqhubeke sisebenzela uJehova. Lapho sengineminyaka ecishe ibe yishumi ubudala, inceku ekhonzayo ethile yayingilanda ukuze sihlanganyele enkonzweni yasensimini. Omunye umzalwane wayengikhokhela izindleko lapho ngiya emihlanganweni. Omunye wangisiza ukuze ngikwazi ukunikela eHholo LoMbuso.”

UDavid wabhapathizwa lapho eneminyaka engu-17 ubudala, futhi kamuva waqala ukukhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico. Ngisho namanje uyavuma: “Kunabadala abaningi abanengxenye ebalulekile emfundweni yami nabanginikeza iseluleko esiwusizo. Ngale ndlela ngibhekana ngokuphumelelayo nemizwa yokungalondeki nokuba nesizungu.”

U-Abel, ongumdala ebandleni elithile eMexico lapho kunabafelokazi abaningana abadinga usizo, uyalandisa: “Ngiyaqiniseka ukuthi isidingo esibaluleke kakhulu abafelokazi abanaso, ukusekelwa ngokomzwelo. Ngezinye izikhathi babhekana nokucindezeleka; babe nesizungu. Ngakho-ke, kubaluleke kakhulu ukubasekela, ubalalele. Thina [badala bebandla] sibavakashela njalo. Kubalulekile ukuzinika isikhathi ulalele izinkinga zabo. Lokhu kuyabasiza kubenze bazizwe beduduzekile ngokomoya.” Nokho, kuye kudingeke nosizo olungokwezimali ngezinye izikhathi. Esikhathini esingekude esidlule u-Abel wathi, “njengamanje sakhela udade ongumfelokazi indlu. Sisebenza emzini wakhe ngeMigqibelo ethile nangezikhathi ezithile zantambama phakathi nesonto.”

Ngokuphathelene nokuhlangenwe nakho kwakhe ekusizeni izintandane nabafelokazi, omunye umdala webandla uthi: “Ngicabanga ukuthi izintandane ziludinga ukudlula abafelokazi uthando lobuKristu. Ngiye ngaphawula ukuthi kulula ukuba zizizwe zinganakiwe kunezingane nentsha enabo bobabili abazali. Zidinga amazwi amaningi othando lobuzalwane. Kuhle ukuzibheka ngemva kwemihlangano futhi sithole ukuthi ziqhuba kanjani. Kunomzalwane oshadile owaba yintandane lapho esengumfanyana. Ngimbingelela ngokufudumele njalo emhlanganweni, futhi uyanganga lapho engibona. Lokhu kuqinisa isibopho sothando lobuzalwane.”

UJehova ‘Uyosindisa Abampofu’

Ukwethemba uJehova kuyisisekelo sokubhekana ngokuphumelelayo nesimo sabafelokazi nezintandane. Kuthiwa ngaye: “UJehova uyalondoloza abafokazi; uyaphasa intandane nomfelokazi.” (IHubo 146:9) Ikhambi eliphelele lezinkinga ezifana nalezi liyokuza ngoMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kokubusa kukaJesu Kristu. Lapho echaza ngokwesiprofetho lokho kubusa kukaMesiya, umhubi wabhala: “Iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.”—IHubo 72:12, 13.

Njengoba kusondela ukuphela kwalesi simiso sezinto, izingcindezi ngokuvamile amaKristu abhekana nazo ziyokhula nakanjani. (Mathewu 24:9-13) Nsuku zonke kunesidingo sokuba amaKristu abonise ukukhathalela okwengeziwe ngomunye nomunye nokuba “nothando olukhulu ngomunye nomunye.” (1 Petru 4:7-10) Amadoda angamaKristu, ikakhulukazi abadala, kudingeka abonise izintandane ukukhathalela nesihawu. Abesifazane abavuthiwe ebandleni nabo bangasekela abafelokazi futhi babe umthombo wenduduzo. (Thithu 2:3-5) Eqinisweni, wonke umuntu angaphonsa esivivaneni ngokukhathalela abanye ababhekene nosizi.

AmaKristu eqiniso ‘awawuvali umnyango wobubele’ lapho ‘ebona umfowabo eswele.’ Ayaqiniseka ukuthi alalela isiyalo somphostoli uJohane: “Bantwanyana, masibeni nothando, hhayi ngezwi noma ngolimi, kodwa ngesenzo nangeqiniso.” (1 Johane 3:17, 18) Ngakho-ke, ‘masinakekele izintandane nabafelokazi osizini lwabo.’—Jakobe 1:27.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

“Masibeni nothando, hhayi ngezwi noma ngolimi, kodwa ngesenzo nangeqiniso.”—1 Johane 3:18

[Izithombe ekhasini 10]

AmaKristu eqiniso anakekela izintandane nabafelokazi ngezinto ezibonakalayo, ngokomoya nangokomzwelo