Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ningabi Abezwayo Abayizikhohlwa

Ningabi Abezwayo Abayizikhohlwa

Ningabi Abezwayo Abayizikhohlwa

“Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga.”—JAKOBE 1:22.

1. Yiziphi izimangaliso abantu bakwa-Israyeli wasendulo ababa nelungelo lokuzibona?

ELITHI “zazingenakulibaleka” lizichaza kahle izimangaliso ezenziwa nguJehova eGibithe lasendulo. Akunakuphikwa ukuthi ngayinye yeziNhlupho Eziyishumi yayesabeka. Lezo zishayo zalandelwa ukusindiswa okumangalisayo kwabantu bakwa-Israyeli bedabula emanzini ahlukanisiwe oLwandle Olubomvu. (Duteronomi 34:10-12) Ukube wawuzibone ngawakho lezo zenzakalo, cishe wawungeke umkhohlwe Lowo owayezenzile. Nokho, umhubi wahlabelela: “[Abakwa-Israyeli] bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe, izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.”—IHubo 106:21, 22.

2. Yini ebonisa ukuthi ukwazisa kuka-Israyeli izenzo zamandla zikaJehova kwaba yinto yesikhashana?

2 Ngemva kokuwela uLwandle Olubomvu, abakwa-Israyeli “base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova.” (Eksodusi 14:31) Amadoda akwa-Israyeli ahlanganyela noMose ekuhlabeleleleni uJehova ingoma yokunqoba, uMiriyamu nabanye besifazane bashaya izigubhu basina. (Eksodusi 15:1, 20) Yebo, izenzo zamandla zikaJehova zabahlaba umxhwele abantu bakaNkulunkulu. Kodwa ukwazisa kwabo Lowo owayenze lezo zenzo zamandla kwaba ngokwesikhashana. Ngokushesha ngemva kwalokho, abaningi babo baziphatha njengokungathi babelahlekelwe yinkumbulo. Babubula futhi bakhononda kuJehova. Abanye bakhonza izithombe futhi baziphatha kabi ngokobulili.—Numeri 14:27; 25:1-9.

Yini Engasenza Sikhohlwe?

3. Ngenxa yokungapheleli kwethu, yini esingase siyikhohlwe?

3 Ukuntula kuka-Israyeli ukwazisa kuyaxaka ngempela. Kodwa nakithi kungenzeka okufanayo. Yiqiniso, asizange sizibone lezo zimangaliso zaphezulu. Nokho, ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu ngokuqinisekile zikhona izikhathi ezingenakulibaleka. Abanye bethu bangase bakhumbule lapho bamukela iqiniso leBhayibheli. Ezinye izikhathi ezijabulisayo zingase zihlanganise umthandazo wethu wokuzinikezela kuJehova nokubhapathizwa kwethu emanzini njengamaKristu eqiniso. Abaningi bethu baye babona isandla sikaJehova sosizo kwezinye izimo ekuphileni kwethu. (IHubo 118:15) Ngaphezu kwakho konke, ngokufa okuwumhlatshelo kweNdodana kaNkulunkulu ngokwayo, uJesu Kristu, siye saba nethemba lensindiso. (Johane 3:16) Nokho, ngenxa yokungapheleli kwethu, lapho sibhekene nezifiso ezingafanele nezinkathazo zokuphila, singase sizikhohlwe kalula nje izinto ezinhle uJehova asenzele zona.

4, 5. (a) UJakobe uxwayisa kanjani ngengozi yokuba abezwayo abayizikhohlwa? (b) Singawusebenzisa kanjani umfanekiso kaJakobe womuntu nesibuko?

4 Encwadini ayeyibhalele amaKristu ayekanye nawo, uJakobe, umfowabo kaJesu ngamzali munye, waxwayisa ngengozi yokuba abezwayo abayizikhohlwa. Wabhala: “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga. Ngoba uma noma ubani engumuzwi wezwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni. Ngoba uyazibuka, abese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani.” (Jakobe 1:22-24) UJakobe wayesho ukuthini ngalawo mazwi?

5 Lapho sivuka ekuseni, ngokuvamile sizibuka esibukweni ukuze sibone ukuthi yini edinga ukulungiswa endleleni esibukeka ngayo. Njengoba senza izinto ezihlukahlukene, futhi ingqondo igxila kwezinye izinto, asibe sisacabanga ngalokho esikubone esibukweni. Lokhu kungenzeka nangomqondo ongokomoya. Njengoba sibheka eZwini likaNkulunkulu, singaqhathanisa lokho esiyiko nalokho uJehova alindele ukuba sibe yiko. Ngakho, sibhekana ngqó nobuthakathaka bethu. Ukwazi lokhu kufanele kusishukumisele ukuba silungise ubuntu bethu. Kodwa njengoba senza izinto ezihlukahlukene phakathi nosuku futhi sishikashikana nezinkinga zethu, singayeka kalula ukucabanga ngezinto ezingokomoya. (Mathewu 5:3; Luka 21:34) Kuba njengokungathi siyazikhohlwa izenzo zothando uNkulunkulu asenzele zona. Uma kwenzeka lokhu, sichayeka ekuthambekeleni kwesono.

6. Iyiphi indima yomBhalo engasisiza ukuba singalikhohlwa izwi likaJehova?

6 Encwadini yakhe yokuqala ephefumulelwe eya kwabaseKorinte, umphostoli uPawulu ukhuluma ngama-Israyeli ayeyizikhohlwa ehlane. Njengoba nje amaKristu ekhulu lokuqala azuza emazwini kaPawulu, ukubukeza lokho akubhala kungasisiza nathi singalikhohlwa izwi likaJehova. Ngakho-ke, ake sihlole eyoku-1 Korinte 10:1-12.

Lahla Izifiso Zezwe

7. Ama-Israyeli athola buphi ubufakazi obungenakuphikwa bokuthi uJehova wayewathanda?

7 Lokho uPawulu akushoyo ngama-Israyeli kuyisixwayiso kumaKristu. Ngokwengxenye, uPawulu uyabhala: “Angifuni nibe abangenalwazi, bafowethu, ngokuthi okhokho bethu bonke babengaphansi kwefu futhi bonke badabula olwandle futhi bonke babhapathizelwa kuMose ngefu nangolwandle.” (1 Korinte 10:1-4) Osukwini lukaMose, abantu bakwa-Israyeli babebone ukubonakaliswa okukhulu kwamandla kaNkulunkulu, kuhlanganise nensika yefu eyisimangaliso sikaNkulunkulu eyayibahola emini futhi eyabasiza ukuba basinde ngokuwela uLwandle Olubomvu. (Eksodusi 13:21; 14:21, 22) Yebo, lawo ma-Israyeli athola ubufakazi obungenakuphikwa bokuthi uJehova wayewathanda.

8. Yaba yini imiphumela yokukhohlwa okungokomoya kuka-Israyeli?

8 “Noma kunjalo,” kuqhubeka uPawulu, “kwabaningi babo uNkulunkulu akazange azwakalise ukubamukela kwakhe, ngoba bacekwa ehlane.” (1 Korinte 10:5) Yeka ukuthi kudabukisa kanjani! Iningi lama-Israyeli aphuma eGibithe lazenza langakufanelekela ukungena eZweni Lesithembiso. Njengoba uNkulunkulu ayengasawamukeli ngenxa yokuntula kwawo ukholo, afela ehlane. (Heberu 3:16-19) Yini esingayifunda kulokhu? UPawulu uthi: “Lezizinto zaba izibonelo zethu, ukuze singabi abantu abafisa izinto ezilimazayo, njengoba nje nabo bazifisa.”—1 Korinte 10:6.

9. Yimaphi amalungiselelo uJehova ayewenzele abantu bakhe, futhi u-Israyeli wasabela kanjani?

9 Ama-Israyeli ayenokuningi okwakungawagcina egxile ezintweni ezingokomoya ehlane. Ayenze isivumelwano noJehova, aba yisizwe esizinikezele kuye. Ngaphezu kwalokho, anikwa abapristi, itabernakele eliyisikhungo sokukhulekela nelungiselelo lokunikela imihlatshelo kuJehova. Nokho, kunokuba ajabulele lezi zipho ezingokomoya, avuma ukunganeliseki ngamalungiselelo kaJehova angokwenyama.—Numeri 11:4-6.

10. Kungani kufanele sihlale simkhumbula uNkulunkulu?

10 Ngokungafani nama-Israyeli ehlane, abantu bakaJehova namuhla bajabulela ukwamukelwa nguNkulunkulu. Nokho, ngamunye wethu, kubalulekile ukuba ahlale emkhumbula uNkulunkulu. Ukwenza kanjalo kuyosisiza silahle izifiso zobugovu ezingafiphaza umbono wethu ongokomoya. Kumelwe sizimisele ‘ukulahla ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesisimiso samanje sezinto.’ (Thithu 2:12) Labo phakathi kwethu abebelokhu behlanganyela nebandla lobuKristu kusukela besebancane akufanele neze bacabange ukuthi kukhona okuthile okuhle okubaphuthelayo. Uma kungenzeka imicabango enjalo ifike ezingqondweni zethu, kungakuhle sikhumbule uJehova nezibusiso ezimangalisayo asigcinele zona.—Heberu 12:2, 3.

Ukulalela UJehova Ngokuphelele

11, 12. Umuntu angaba kanjani necala lokukhonza izithombe ebe engazikhulekeli ngokuqondile?

11 UPawulu usinika esinye isixwayiso lapho ebhala: “Futhi ningabi abakhonza izithombe, njengoba abanye kubo benza; njengoba nje kulotshiwe ukuthi: ‘Abantu bahlala phansi ukuba badle baphuze, futhi basukuma ukuba bazijabulise.’” (1 Korinte 10:7) UPawulu ukhuluma ngesikhathi lapho ama-Israyeli ecindezela u-Aroni ukuba enze ithole legolide. (Eksodusi 32:1-4) Nakuba cishe singeke siphendukele ekukhulekeleni izithombe ngokuqondile, singaba abakhonza izithombe ngokuvumela izifiso zethu zobugovu ukuba zisiphazamise ekukhulekeleni uJehova ngomphefumulo wonke.—Kolose 3:5.

12 Kwesinye isenzakalo, uPawulu wabhala ngabathile ababekhathalela ngokuyinhloko izinto ezibonakalayo kunezinto ezingokomoya. Mayelana nalabo “abahamba njengezitha zesigxobo sokuhlushwa sikaKristu,” wabhala: “Isiphetho sabo ukubhujiswa, unkulunkulu wabo isisu sabo.” (Filipi 3:18, 19) Ukukhonza kwabo izithombe kwakungaqondisiwe esithombeni esibaziwe. Kwakuqondiswe esifisweni sabo sezinto zenyama. Yiqiniso, akuzona zonke izifiso ezingalungile. UJehova wasidala saba nezidingo zobuntu futhi sakwazi ukujabulela izinto ezimnandi ezihlukahlukene. Kodwa labo abenza ukuphishekela injabulo kuze kuqala kunobuhlobo babo noNkulunkulu baba abakhonzi bezithombe ngempela.—2 Thimothewu 3:1-5.

13. Yini esingayifunda endabeni yethole legolide?

13 Ngemva kokuba ephume eGibithe, ama-Israyeli enza ithole legolide ukuze alikhulekele. Ngaphezu kwesixwayiso sokukhonza izithombe, kunesinye isifundo esibalulekile kulokhu kulandisa. Ama-Israyeli aphula umyalo oqondile ovela kuJehova. (Eksodusi 20:4-6) Nokho, ayengahlose kumlahla uJehova njengoNkulunkulu wawo. Enzela ithole elibunjiwe imihlatshelo ayesebiza lo mkhosi ngokuthi “umkhosi kaJehova.” Ngandlela-thile, azikhohlisa azitshela ukuthi uNkulunkulu wayengeke akunake ukungalaleli kwawo. Lokhu kwakuwukumedelela uJehova, futhi kwamthukuthelisa kakhulu.—Eksodusi 32:5, 7-10; IHubo 106:19, 20.

14, 15. (a) Kungani ama-Israyeli ayengenazaba zokuba abezwayo abayizikhohlwa? (b) Uma sizimisele ukungabi abezwayo abayizikhohlwa, siyokwenzani ngemiyalo kaJehova?

14 Kungaba yinto engavamile impela ukuba omunye woFakazi BakaJehova angene enkolweni yamanga. Nokho, abanye bangase bathi belokhu beyingxenye yebandla, balahle isiqondiso sikaJehova ngezinye izindlela. Abantu bakwa-Israyeli babengenazaba zokuba abezwayo abayizikhohlwa. Babeyizwile iMiyalo Eyishumi futhi babekhona lapho uMose ebanika lo myalo kaNkulunkulu: “Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.” (Eksodusi 20:18, 19, 22, 23) Noma kunjalo, ama-Israyeli akhulekela ithole legolide.

15 Nathi asinakuba nasizathu esizwakalayo uma singase sibe abezwayo abayizikhohlwa. EmiBhalweni, sineziqondiso ezivela kuNkulunkulu mayelana nezici eziningi zokuphila. Ngokwesibonelo, iZwi likaJehova liwulahla ngokuqondile umkhuba wokuboleka bese ungabuyisi. (IHubo 37:21) Izingane ziyalwa ukuba zilalele abazali bazo, futhi obaba kulindeleke ukuba bakhulise izingane zabo “ngokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:1-4) AmaKristu angashadile ayalwa ukuba ashade “kuphela eNkosini,” futhi izinceku zikaNkulunkulu ezishadile ziyatshelwa: “Umshado mawudunyiswe phakathi kwabo bonke, nombhede womshado ungabi nakungcola, ngoba uNkulunkulu uyokwahlulela izifebe neziphingi.” (1 Korinte 7:39; Heberu 13:4) Uma sizimisele ukungabi abezwayo abayizikhohlwa, siyozithatha ngokungathi sína lezi ziqondiso nezinye ezivela kuNkulunkulu futhi sivumelane nazo.

16. Yaba yini imiphumela yokukhulekela ithole legolide?

16 UJehova akayamukelanga imizamo yama-Israyeli yokumkhulekela ngendlela efunwa yiwo. Kunalokho, kwabhujiswa angu-3 000, cishe ngenxa yokuba nendima eyinhloko esenzweni sokuvukela sokukhulekela ithole legolide. Abanye ababonile bathola isishayo esivela kuJehova. (Eksodusi 32:28, 35) Yeka isifundo kunoma yibaphi abalifundayo iZwi likaNkulunkulu kodwa bazikhethele lokho bona abafuna ukukulalela!

“Balekelani Ubufebe”

17. Eyoku-1 Korinte 10:8 ibhekisele kusiphi isenzakalo?

17 Esinye sezici izifiso zenyama ezingabangela kuso ukuba yisikhohlwa esingokomoya sivezwa uPawulu lapho ethi: “Futhi masingabenzi umkhuba ubufebe, njengoba abanye kubo benza ubufebe, kwamane kwaphumela ekuweni kwabo, abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu kubo ngosuku olulodwa.” (1 Korinte 10:8) Lapha uPawulu ukhuluma ngesenzakalo saseThafeni LakwaMowabi ngasekupheleni kohambo lwama-Israyeli lweminyaka engu-40 ehlane. Ama-Israyeli ayesanda kusizwa nguJehova ekunqobeni amazwe asempumalanga yeJordani, kodwa amaningi aba yizikhohlwa futhi angaba nakwazisa. Esesemngceleni weZwe Lesithembiso, ayengelwa ekuziphatheni okubi kobulili nasekukhulekelweni okungcolile kukaBali Peyori. Kwabhujiswa angaba ngu-24 000, angu-1 000 awo ayengobhongoza.—Numeri 25:9.

18. Luhlobo luni lokuziphatha olungaholela ekuziphatheni okubi kobulili?

18 Abantu bakaJehova namuhla baziwa kakhulu ngezindinganiso zabo zokuziphatha eziphakeme. Kodwa lapho elingwa ngokuziphatha okubi kobulili, amanye amaKristu aye ayeka ukucabanga ngoNkulunkulu nezimiso zakhe. Aye aba abezwayo abayizikhohlwa. Kungenzeka ekuqaleni isilingo singahileli isenzo sobufebe. Singase sibe ukuthambekela kokubuka izithombe ezingcolile zobulili, ukwenza amahlaya angafaneleki noma ukudlala ngothando, noma ukuphishekela ubungane obuseduze nabantu abanesimilo esibuthakathaka. Zonke lezi zinto ziye zaholela amaKristu ekuziphatheni kokona.—1 Korinte 15:33; Jakobe 4:4.

19. Yisiphi iseluleko esingokomBhalo esisisiza ukuba ‘sibalekele ubufebe’?

19 Uma silingelwa ukuba siziphathe kabi, akumelwe siyeke ukucabanga ngoJehova. Kunalokho, kumelwe sigcine izikhumbuzo eziseZwini lakhe. (IHubo 119:1, 2) NjengamaKristu, abaningi bethu benza konke okusemandleni ukuze bahlale behlanzekile ngokuziphatha, kodwa ukwenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu kudinga umzamo oqhubekayo. (1 Korinte 9:27) Ebhalela amaKristu aseRoma, uPawulu wathi: “Ukulalela kwenu kuye kwaqashelwa yibo bonke. Ngakho-ke ngiyajabula ngani. Kodwa ngifuna ukuba nihlakaniphe ngokuqondene nokuhle, kodwa nibe msulwa ngokuqondene nokubi.” (Roma 16:19) Njengoba nje ama-Israyeli angu-24 000 abhujiswa ngenxa yezono zawo, maduze nje izifebe nabenzi bokungalungile bazothola isahlulelo sikaJehova esibi. (Efesu 5:3-6) Ngakho, kunokuba sibe abezwayo abayizikhohlwa, kumelwe siqhubeke ‘sibalekela ubufebe.’—1 Korinte 6:18.

Wazise Njalo Amalungiselelo KaJehova

20. Ama-Israyeli amvivinya kanjani uJehova, futhi umphumela waba yini?

20 Iningi lamaKristu aliweli ekuziphatheni okubi kobulili. Nokho, kudingeka siqaphele ukuba singavumi ukuphishekela inkambo eholela emkhubeni wokububula ongaholela ekulahlekelweni umusa waphezulu. UPawulu uyasiyala: “Futhi masingamfaki ovivinyweni uJehova, njengoba abanye [kuma-Israyeli] bamfaka ovivinyweni, kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo ngezinyoka. Futhi ningabi abantu ababubulayo, njengoba abanye kubo babubula, kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo umbhubhisi.” (1 Korinte 10:9, 10) Ama-Israyeli abubula ngoMose no-Aroni—yebo, nangoNkulunkulu uqobo—ekhononda ngemana elalilungiselelwe ngokuyisimangaliso. (Numeri 16:41; 21:5) Ingabe uJehova kwamthukuthelisa kakhulu ukufeba kwawo kunokububula kwawo? Ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi ababubuli abaningi babulawa yizinyoka. (Numeri 21:6) Ngaphambili, kwakubhujiswe ababubuli abangaphezu kuka-14 700 ababevukela. (Numeri 16:49) Ngakho masingakuvivinyi ukubekezela kukaJehova ngokwedelela amalungiselelo akhe.

21. (a) Yikuphi ukunxusa uPawulu aphefumulelwa ukuba akubhale? (b) NgokukaJakobe 1:25, singayithola kanjani injabulo yangempela?

21 Lapho ebhalela amaKristu ayekanye nawo, uPawulu uphetha uhlu lwezixwayiso ngalokhu kunxusa: “Manje lezizinto zaqhubeka zibehlela njengezibonelo, futhi zalotshelwa ukuba zibe isixwayiso kithi esesifikelwe ukuphela kwezimiso zezinto. Ngenxa yalokho lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele ukuba angawi.” (1 Korinte 10:11, 12) Njengama-Israyeli, siye sathola izibusiso eziningi kuJehova. Nokho, ngokungafani nawo, kwangathi singelokothe sikhohlwe bese singazazisi izinto ezinhle uNkulunkulu asenzela zona. Lapho izinkathazo zokuphila zisicindezela, masizindle ngezithembiso ezimangalisayo eziseZwini lakhe. Kwangathi singakhumbula ubuhlobo bethu noJehova obuyigugu, siqhubeke senza umsebenzi wokushumayela ngoMbuso esiwuphathisiwe. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Nakanjani inkambo enjalo iyosilethela injabulo yangempela, ngoba imiBhalo iyathembisa: “Lowo osinga umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lomuntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube umenzi womsebenzi, uyojabula ekuwenzeni kwakhe.”—Jakobe 1:25.

Ungaphendula Kanjani?

• Yini engasenza sibe abezwayo abayizikhohlwa?

• Kungani kubalulekile ukuzithoba ngokuphelele kuNkulunkulu?

• ‘Singabubalekela kanjani ubufebe’?

• Kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo ngamalungiselelo kaJehova?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Ama-Israyeli azikhohlwa izenzo zamandla uJehova ayewenzele zona

[Isithombe ekhasini 16]

Abantu bakaJehova bazimisele ukulondoloza izindinganiso eziphakeme zokuziphatha